Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Hlalani Nisanguluké Ngokuphelele”

“Hlalani Nisanguluké Ngokuphelele”

“Hlalani Nisanguluké Ngokuphelele”

“Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IZAGA 14:15.

1, 2. (a) Okuhlangenwe nakho kukaLoti eSodoma kusifundisani? (b) Isho ukuthini inkulumo ethi ‘hlalani nisangulukile’?

LAPHO u-Abrahama enikeza uLoti ithuba lokukhetha izwe kuqala, amehlo kaLoti akhangwa isifunda esasithola amanzi anele “sinjengensimu kaJehova.” Kumelwe ukuba kwabonakala kuyindawo enhle ayengazinza kuyo nomkhaya wakhe, njengoba ‘uLoti azikhethela sonke isiFunda saseJordani’ wayesekanisa eduze kwaseSodoma. Nokho, ikhiwane elihle livama ukugcwala izibungu, ngoba budebuduze kwakuhlala “amadoda aseSodoma ayemabi futhi eyizoni ezinkulu kuJehova.” (Genesise 13:7-13) Njengoba sazi, uLoti nomkhaya wakhe balahlekelwa kakhulu. Wagcina yena namadodakazi akhe sebehlala emhumeni. (Genesise 19:17, 23-26, 30) Izwe elalibonakale lilihle kangaka kuye ekuqaleni lambhedukela.

2 Lokho okwehlela uLoti kuyisifundo ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla. Lapho sibhekene nezinqumo, kumelwe siqaphe izingozi ezingaba khona futhi siqaphele ukuba singakhohliswa ukukhanga kwezinto esiqala ukuzibona. Kuyafaneleka-ke ukuba iZwi likaNkulunkulu lisixwayise: “Hlalani nisanguluké ngokuphelele.” (1 Petru 1:13) Ngokwesazi seBhayibheli uR. C. H. Lenski, lokho kusanguluka kusho “isimo sengqondo esizolile, esigxilile esilinganisa futhi sikale izinto ngokufanele ngaleyo ndlela sisenze sikwazi ukwenza isinqumo esifanele.” Ake sicabangele izimo ezithile okufanele sisanguluke kuzo.

Ukucabangisisa Ngethuba Lokungenela Ibhizinisi

3. Kungani kunesidingo sokuxwaya uma othile ekhuluma nathi ngethuba lokungena ebhizinisini?

3 Ake sithi umuntu omhloniphayo, mhlawumbe ongumkhulekeli kaJehova njengawe ukunikeza ithuba lokungenela ibhizinisi. Akawuvali umlomo ngamathuba okuphumelela futhi ukukhuthaza ukuba uthathe isinyathelo ngokushesha funa uphuthelwe. Ungase uqale ukuzibona wena nomkhaya wakho seniphila impilo engcono, mhlawumbe uze ucabange nanokuthi lokhu kuzokwenza ukwazi ukusebenzisa isikhathi esengeziwe ezintweni ezingokomoya. Nokho, izAga 14:15 ziyaxwayisa: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Lapho abantu besasanganiswe isasasa elivame ukuhambisana nokuqala ibhizinisi, bangazeya izingozi ezihilelekile, mhlawumbe bazishalazele, futhi bangawacabangeli ngokugcwele amathinzethinze akhona ngaleli bhizinisi. (Jakobe 4:13, 14) Esimweni esinjalo, yeka ukuthi bekuyoba okubaluleke kangakanani ukuhlala usanguluke ngokuphelele!

4. ‘Singazicabangela kanjani izinyathelo zethu’ lapho sihlolisisa ithuba lokungenela ibhizinisi?

4 Umuntu ohlakaniphile ulihlolisisa kahle ithuba lokungenela ibhizinisi ngaphambi kokwenza isinqumo. (IzAga 21:5) Ukuhlolisisa okunjalo ngokuvamile kwembula izingozi ezicashile. Cabangela lesi simo: Umuntu ufuna ukuboleka imali ukuze avule ibhizinisi futhi uthembisa ukukunika inzalo enkulu uma ungamboleka. Imali akwethembisa yona ingase izwakale iheha, kodwa iziphi izingozi ezingaba khona? Ingabe lo muntu obolekayo uyavuma ukukubuyisela imali yakho kungakhathaliseki ukuthi ibhizinisi liqhuba kanjani, noma ingabe ukubuyiswa kwemali kuxhomeke ekuphumeleleni kwebhizinisi? Ngamanye amazwi, kungenzeka yini ulahlekelwe imali yakho uma ibhizinisi liwa? Ungase futhi uzibuze: “Kungani le mali ibolekwa kubantu? Ingabe amabhange abheka leli bhizinisi njengelisengozini enkulu yokungaphumeleli?” Ukuzinika isikhathi sokucabangela izingozi ezingaba khona kuyokusiza ukuba ucabangele leso sicelo ngengqondo ehluzekile.—IzAga 13:16; 22:3.

5. (a) Isiphi isinyathelo esihlakaniphile uJeremiya asithatha lapho ethenga insimu? (b) Kungani kuzuzisa ukubhala zonke izinhlelo zamabhizinisi encwadini ebhaliwe engokomthetho?

5 Lapho umprofethi uJeremiya ethenga insimu endodaneni yomfowabo kayise, eyayingumkhulekeli kaJehova njengaye, wabhala phansi incwadi yalokho kuthengiselana phambi kofakazi. (Jeremiya 32:9-12) Umuntu ohlakaniphile namuhla uyoqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo zebhizinisi azingenelayo, kuhlanganise nalezo azingenela nezihlobo namakholwa akanye nawo, zibhalwa phansi esivumelwaneni esingokomthetho. * Ukuba nesivumelwano esibhalwe kahle kuyasiza ekuvimbeleni ukungaqondani nasekulondolozeni ubunye. Ngakolunye uhlangothi, ukungabi nesivumelwano esibhaliwe ngokuvamile kuyabandakanyeka lapho kuqubuka izinkinga zezamabhizinisi phakathi kwezinceku zikaJehova. Kuyadabukisa ukuthi izinkinga ezinjalo zingaholela ekuphathekeni kabi, ebutheni ngisho nasekuphelelweni ingokomoya.

6. Kungani kumelwe sixwaye ukuhaha?

6 Enye into okumelwe siyixwaye, ukuhaha. (Luka 12:15) Isithembiso sokuthola inzuzo enkulu singaphuphuthekisa umuntu angaziboni izingozi zokungenela ibhizinisi elingaphusile. Ngisho nabathile abaye baba namalungelo amahle enkonzweni kaJehova baye babanjwa yilolu gibe. IZwi likaNkulunkulu liyasixwayisa: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona.” (Hebheru 13:5) Lapho umKristu ecabangela ithuba lokungenela ibhizinisi, kufanele azibuze, ‘Ingabe kudingekile ngempela ukuba ngilingenele?’ Ukuphila ukuphila okulula okugxile ekukhulekeleni kwethu uJehova kuyosivikela ‘kuzo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.’—1 Thimothewu 6:6-10.

Izinselele AmaKristu Angashadile Abhekene Nazo

7. (a) Iziphi izinselele amaKristu amaningi angashadile abhekene nazo? (b) Ukuba qotho kuNkulunkulu kungena kanjani endabeni yokukhetha umngane womshado?

7 Izinceku zikaJehova eziningi ziyafisa ukushada kodwa azikamtholi umngane ofanelekayo. Kwamanye amazwe, kunengcindezi enkulu yokushada eziyithola emphakathini. Nokho, kungenzeka mancane amathuba okuba zithole umngane ofanelekayo phakathi kwamaKristu. (IzAga 13:12) Nokho, amaKristu ayaqaphela ukuthi ukulalela umyalo weBhayibheli wokushada “kuphela eNkosini” kuwukuba qotho kuJehova. (1 Korinte 7:39) Ukuze amaKristu angashadile amelane ngokuqinile nezingcindezi nezilingo abhekene nazo, kumelwe ahlale esanguluke ngokuphelele.

8. Iyiphi ingcindezi intombazane engumShulamiti eyabhekana nayo, futhi abesifazane abangamaKristu namuhla bangabhekana kanjani nenselele efanayo?

8 Encwadini yesiHlabelelo Sezihlabelelo, intombazane evamile yasemaphandleni ebizwa ngokuthi umShulamiti ikhanga inkosi. Naphezu kokuthi isithandana nensizwa ethile, inkosi iyayeshela iyinxenxa ngokubukisa ngengcebo yayo enkulu, isikhundla nangobusoka bayo. (IsiHlabelelo Sezihlabelelo 1:9-11; 3:7-10; 6:8-10, 13) Uma ungowesifazane ongumKristu, nawe ungazithola usunakashelwa othile. Umuntu osebenza naye, mhlawumbe osesikhundleni esiphakeme, angase aqale ukukuncoma, akwenzele izenzo zomusa futhi afune amathuba okuba nawe. Kuxwaye ukuzidlisa satshanyana kwakhe okunjalo. Nakuba kungekhona ukuthi ngaso sonke isikhathi umuntu usuke enezinhloso zokuthandana nawe noma zokuziphatha okubi, ngokuvamile kuba njalo. Yiba “udonga” njengomShulamiti. (IsiHlabelelo Sezihlabelelo 8:4, 10) Kwenqabe ngokuqinile ukuzisondeza komuntu kuwe ongakwenameli. Zisuka nje batshele emsebenzini ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi usebenzise wonke amathuba okufakaza kubo. Lokho kuyokuvikela.

9. Iziphi ezinye zezingozi zokwakha ubuhlobo nomuntu ongamazi nge-Internet? (Bheka nebhokisi elisekhasini 25.)

9 Ziya ngokuthandwa izingosi ze-Internet eziklanyelwe ukusiza abantu abangashadile ukuba bathole abangane bomshado. Abanye bazibheka njengendlela yokwazi abantu ababengeke bahlangane nabo ngenye indlela. Nokho, ukuzivala amehlo wakhe ubuhlobo nomuntu ongamazi kunezingozi zangempela. Kungase kube nzima ukuhlukanisa kuyi-Internet into eyiqiniso kweqanjiwe. (IHubo 26:4) Akubona bonke abantu abathi bayizinceku zikaJehova abaqinisile. Ngaphezu kwalokho lapho niqomisana nge-Internet, kulula ukuba lobo buhlobo bakheke ngokushesha, kanti lokho kungaliphuphuthekisa ikhono lomuntu lokwahlulela. (IzAga 28:26) Kuyinto engahlakaniphile ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze nomuntu ongazi lutho olutheni ngaye kungakhathaliseki ukuthi nixhumana nge-Internet noma ngezinye izindlela.—1 Korinte 15:33.

10. Amanye amaKristu angawakhuthaza kanjani lawo angashadile?

10 UJehova ‘uyazithanda’ izinceku zakhe. (Jakobe 5:11) Uyazi ukuthi izinselele amaKristu angashadile ngenxa yezimo abhekene nazo ngezinye izikhathi zingawenza adumale, futhi uyabazisa ubuqotho bawo. Abanye bangawakhuthaza kanjani? Kufanele siwancome njalo ngokulalela nangokuzidela kwawo. (AbaHluleli 11:39, 40) Singawakhumbula lapho sihlela ukuba nemibuthano ethile eyakhayo. Ukwenzile yini lokho muva nje? Ngaphezu kwalokho, singawathandazela, sicele uJehova ukuba awasize alondoloze ingokomoya lawo futhi athole injabulo ekumkhonzeni. Kwangathi singabonisa ukuthi siyabazisa laba bantu abaqotho ngokuba nesithakazelo esiqotho kubo njengoba kwenza uJehova.—IHubo 37:28.

Ukubhekana Nezinkinga Zempilo

11. Izinkinga zempilo ezingathí sina ziletha ziphi izinselele?

11 Yeka ukuthi kuba buhlungu kangakanani lapho thina noma umuntu esimthandayo ebhekene nezinkinga zempilo ezingathí sina! (Isaya 38:1-3) Kubalulekile ukuba sinamathele ezimisweni ezingokomBhalo lapho sifuna ukwelashwa okusebenzayo. Ngokwesibonelo, amaKristu ayaqikelela ukuba alalele umyalo weBhayibheli wokudeda egazini, futhi agwema izinqubo zokuhlonza isifo noma zokwelapha ezihilela ukusebenzelana nemimoya. (IzEnzo 15:28, 29; Galathiya 5:19-21) Nokho, ukuhlola izinqubo zokwelapha kungase kube into ekhungathekisayo neyesabekayo kubantu abangajwayelene nezokwelapha. Yini-ke engasisiza ukuba sihlale sisanguluké ngokuphelele?

12. UmKristu angakulondoloza kanjani ukulinganisela kwakhe lapho ecabangela izindlela zokwelashwa?

12 “Ohlakaniphileyo uyazicabangela izinyathelo zakhe” ngokucwaninga eBhayibhelini nasezincwadini zobuKristu. (IzAga 14:15) Kwezinye izingxenye zomhlaba lapho bembalwa khona odokotela nezibhedlela, kungase kutholakale kuphela amakhambi esintu. Uma sicabangela ukwelashwa ngawo, singathola ukwaziswa okuwusizo kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1987, amakhasi 26-9. Isibonisa izingozi ezingaba khona. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ukuba sithole lokhu okulandelayo: Ingabe lo dokotela wamakhambi waziwa njengomuntu osebenzelana nemimoya? Ingabe amakhambi akhe asekelwe enkolelweni yokuthi ukugula nokufa kubangelwa ulaka lwamadlozi noma ukuthakathwa izitha? Ingabe ukuthaka la makhambi noma ukuwasebenzisa kuhambisana nemihlatshelo, ukukhulumisana nemimoya, noma eminye imicikilisho yokusebenzelana nemimoya? (Duteronomi 18:10-12) Ucwaningo olunjalo luyosisiza ukuba silalele lesi seluleko esiphefumulelwe: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” * (1 Thesalonika 5:21) Luyosisiza ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu.

13, 14. (a) Singakubonisa kanjani ukuba nengqondo lapho sinakekela impilo yethu engokomzimba? (b) Kungani ukucabangela izinto kudingeka lapho sixoxa nabanye ngezindaba zempilo nezokwelapha?

13 Ukuzicabangela izinto kuyadingeka kuzo zonke izici zokuphila, kuhlanganise nasekunakekeleni impilo yethu engokomzimba. (Filipi 4:5) Ukunaka impilo yethu ngokusesilinganisweni kubonisa ukuthi siyasazisa isipho esiyigugu sokuphila. Lapho sibhekene nezinkinga zempilo, kuyadingeka sizinake. Nokho, asisoze safinyelela impilo ephelele kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu ‘sokwelapha izizwe.’ (IsAmbulo 22:1, 2) Kumelwe sixwaye ukuhlale sikhathazeke kakhulu ngempilo yethu engokomzimba size singazinaki izidingo zethu ezingokomoya ezibaluleke nakakhulu.—Mathewu 5:3; Filipi 1:10.

14 Kudingeka sibonise ukulinganisela nokuba nengqondo nalapho sixoxa nabanye ngezindaba zempilo nezokwelapha. Akufanele lezi zindaba zivale ezinye izingxoxo lapho sibuthene ukuze sijabulele ubudlelwane obungokomoya emihlanganweni yobuKristu yebandla nemikhulu. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile izinqumo zezokwelapha zihilela izimiso zeBhayibheli, unembeza womuntu nobuhlobo bakhe noJehova. Ngakho-ke, kungaba ukungabi naluthando ukufunza esikholwa naye imibono yethu noma ukumcindezela ukuba akushaye indiva okushiwo unembeza wakhe. Nakuba umuntu engase acele abavuthiwe ebandleni ukuba bamsize, umKristu ngamunye kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo’ wemfanelo wokwenza izinqumo, futhi “ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Galathiya 6:5; Roma 14:12, 22, 23.

Lapho Sicindezelekile

15. Izimo ezicindezelayo zingaba kanjani inselele?

15 Izimo ezicindezelayo zingenza ukuba ngisho nezinceku zikaJehova eziqotho zikhulume noma zenze ngendlela engahlakaniphile. (UmShumayeli 7:7) Ngesikhathi ebhekene novivinyo olunzima, uJobe walahlekelwa ukulinganisela kwakhe ngandlela-thile futhi kwadingeka ukuba indlela yakhe yokucabanga ilungiswe. (Jobe 35:2, 3; 40:6-8) Nakuba ‘uMose ayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba,’ ngesinye isikhathi wacasuka waphahluka. (Numeri 12:3; 20:7-12; IHubo 106:32, 33) UDavide wayebonise ukuzithiba okutusekayo ngokungayibulali iNkosi uSawule, kodwa lapho uNabali emthuka futhi echapha ngenhlamba amadoda akhe, uDavide wawoth’ ubomvu wahluleka ukwahlulela izinto ngeso elifanele. Waze wasanguluka ngemva kokuba u-Abhigayili engenele, sekusele kancane enze iphutha elalingaba inhlekelele.—1 Samuweli 24:2-7; 25:9-13, 32, 33.

16. Yini engasisiza ukuba sigweme ukwenza ngamawala?

16 Kungenzeka nathi sibhekane nezimo ezicindezelayo ezingasiphuca ikhono lokwahlulela kahle. Ukuyicabangela kahle imibono yabanye, njengoba kwenza uDavide, kungasisiza ukuba sigweme ukwenza ngamawala futhi sisheshe ukungena esonweni. (IzAga 19:2) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu liyasiyala: “Thukuthelani, kodwa ningoni. Khulumani ngenhliziyo, phezu kombhede wenu, kodwa nithule.” (IHubo 4:4) Uma kungenzeka, kuwukuhlakanipha ukulinda size sizole ngaphambi kokuthatha isinyathelo noma kokwenza isinqumo. (IzAga 14:17, 29) Singaphendukela kuJehova ngomthandazo oqotho, futhi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Lokhu kuzola okunikezwa uNkulunkulu kuyosisimamisa futhi kusisize ukuba sihlale sisanguluke ngokuphelele.

17. Kungani kumelwe sincike kuJehova ukuze sihlale sisanguluke ngokuphelele?

17 Naphezu kwemizamo yethu emihle kakhulu yokugwema izingozi nokwenza ngokuhlakanipha, sonke siyawenza amaphutha. (Jakobe 3:2) Mhlawumbe kunesinyathelo esingafanele esesizosithatha esingabangela inhlekelele sibe singaboni neze. (IHubo 19:12, 13) Ngaphezu kwalokho, njengezidalwa ezingabantu, asinalo ikhono noma ilungelo lokuziqondisela izinyathelo zethu ngaphandle kukaJehova. (Jeremiya 10:23) Yeka ukuthi simbonga kangakanani ngoba uyasiqinisekisa: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” (IHubo 32:8) Yebo, ngosizo lukaJehova singahlala sisanguluke ngokuphelele.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezivumelwano zamabhizinisi ezilotshiwe, bheka INqabayokulinda, ka-August 1, 1997, amakhasi 30-1; November 15, 1986, amakhasi 16-17; ne-Phaphama! ka-August 8, 1983, amakhasi 28-31 [February 8, 1983, amakhasi 13-15, ngesiNgisi], omagazini abanyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 12 Le ndlela iyosiza nalabo abacabangela izindlela ezihlukile kodwa ezingabazisayo zokwelapha izifo ezithile.

Ungaphendula Kanjani?

Singahlala kanjani sisangulukile

• uma sinikezwa ithuba lokungenela ibhizinisi?

• lapho sifuna umngane womshado?

• lapho sihlushwa izinkinga zempilo?

• lapho sicindezelekile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 25]

Ungayethemba?

Amazwi alandelayo okuzihlangula avela ezingosini ze-Internet zabantu abangashadile:

“Ngisho noma singazama kangakanani asikho isiqinisekiso sokwazi ukuthi ungubani ngempela umuntu oxhumana naye.”

“Asiqinisekisi ukuthi ukwaziswa okukule ngosi kunembile, kuphelele noma kuwusizo.”

“Imibono, izeluleko, amazwi, izethembiso nanoma ikuphi okunye ukwaziswa okutholakala ngale ngosi kungokwalabo balobi . . . futhi akunakugonyelwa njengokuyiqiniso eliphelele.”

[Isithombe ekhasini 23]

“Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe”

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Abesifazane abangamaKristu bangamlingisa kanjani umShulamiti?

[Isithombe ekhasini 26]

“Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle”