Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Obani Abasebenzisa Izimfundiso ZikaKristu Namuhla?

Obani Abasebenzisa Izimfundiso ZikaKristu Namuhla?

Obani Abasebenzisa Izimfundiso ZikaKristu Namuhla?

UJESU KRISTU ubhekwa abantu abaningi njengomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Abaningi bacabanga ukuthi uyena yedwa omkhulu. Umlobi oyiNgisi uMelvyn Bragg wabhala wathi cishe iminyaka engu-2 000, izimfundiso zikaJesu ziye zakuthonya kakhulu ukuphila kwabantu—“kwabantukazana abanomusa nabalungile kuhlanganise nezenzo zabantu zomusa ezinkulu.”

Kuthiwani NgobuKristu?

Kuthiwani ngobuKristu? Buye bachazwa ngokuthi “bungenye intuthuko engokomoya enkulu kakhulu esintwini.” UDavid Kelso, waseGlasgow Caledonian University, eScotland, waveza umbono wakhe. Wabhala: “Umlando wabo weminyaka engu-2 000 ugcwele intuthuko engenakuqhathaniswa ebonakala emkhakheni wezobuciko, wezokuklanywa kwezakhiwo, wezefilosofi, wezomculo nowezenhlalo.”

Nokho, abaningi banombono ohlukile. Akukona ukuthi banenkinga nobuKristu isichaza-mazwi esithile esibuchaza ngokuthi: “Inkolo esekelwe ezimfundisweni zikaJesu Kristu nasenkolelweni yokuthi wayeyindodana kaNkulunkulu.” (Collins Cobuild) Kunalokho, bacasulwa ukuziphatha kwezinhlangano zenkolo ezithi zimelela ubuKristu.

Ngokwesibonelo, isazi sefilosofi esingumJalimane sangekhulu leminyaka le-19, uFriedrich Nietzsche, sachaza ubuKristu ngalo mqondo wamuva ngokuthi “buyisisihla esingayi ndawo.” Wabhala: “Buyisiqalekiso esikhulu, buyisihlava esikhulu, . . . futhi bungasebenzisa noma iziphi izindlela eziyisihluku kakhulu, eziwubuqili nezinonya ukuze bufeze izinhloso zabo.” Kuyavunywa, uNietzsche wayenemibono eyeqisayo, kodwa izingqapheli eziningi ezinemibono engeqisi ziye zafika eziphethweni ezifanayo. Kungani? Kungenxa yokuthi kuwo wonke umlando labo abathi bangamaKristu abazange baziphathe ngokuvumelana nezimfanelo zikaJesu Kristu, kodwa baye “baziphatha kabi, benza izenzo zobugebengu ezinyantisayo futhi bahlambalaza” kuwo wonke umhlaba.

Ingabe UKristu Uyabusekela UbuKristu?

Kuyafaneleka-ke ukubuza, “Ingabe uKristu usabusekela ubuKristu?” Abanye bangavele bathi, “Vele uyabusekela! Akazange yini athembise abalandeli bakhe ukuthi uyoba nabo ‘kuze kube sekupheleni kwezwe’?” (Mathewu 28:20, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Yebo, uJesu wakusho lokho. Kodwa ingabe wayesho ukuthi uyoba nawo wonke umuntu othi ungumlandeli wakhe, kungakhathaliseki ukuthi uziphatha kanjani?

Khumbula ukuthi abanye abaholi benkolo osukwini lukaJesu babecabanga ukuthi uNkulunkulu wayenabo, kungakhathaliseki ukuthi benzani. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayekhethe u-Israyeli ngenjongo ekhethekile, abanye abaholi benkolo babecabanga ukuthi uNkulunkulu akasoze abashiya—kungakhathaliseki ukuthi benzani. (Mika 3:11) Nokho, bagcina beyenqabe ngokuphelele imithetho nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uJesu Kristu wabatshela ngokuqondile: “Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani.” (Mathewu 23:38) Sonke leso simiso senkolo asibange sisawuthola umusa kaNkulunkulu. Wasilahla, wavumela amabutho amaRoma ukuba abhubhise inhloko-dolobha yaso, iJerusalema kanye nethempeli laso ngo-70 C.E.

Ingenzeka yini into efanayo ebuKristwini? Ake sizwe ukuthi uJesu wabeka miphi imibandela esithembisweni sakhe sokuba nabalandeli bakhe kuze “kube sekupheleni kwezwe.”

[Izithombe ekhasini 2, 3]

Izimfundiso zikaJesu Kristu zinethonya elikhulu ezigidini zabantu emhlabeni wonke