Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Qedela!”

“Qedela!”

“Qedela!”

ENEZLOBNAYA, eRussia, ikilasi labafundi besikole esiphakeme lalifunda izincwadi ezibhalwe uMikhail Bulgakov ongumRashiya. Kwenye yezincwadi zakhe kwakunendaba eqanjiwe echaza uJesu Kristu ngendlela emlulazayo, kuyilapho yenza uSathane abonakale eyiqhawe. Ngemva kwengxoxo yekilasi, uthisha wavivinya abafundi ngokwalokho ababekufunde kule ncwadi. Nokho, omunye wabafundi okuthiwa u-Andrey, ongomunye woFakazi BakaJehova oneminyaka engu-16 ubudala, wacela ngesizotha ukuba angasibhali lesi sivivinyo ngoba unembeza wakhe awumvumeli ukuba afunde izincwadi ezinjengalena. Kunalokho, wacela ukubhala indaba ezochaza indlela ambheka ngayo uJesu Kristu. Uthisha wavuma.

Endabeni yakhe, u-Andrey wachaza ukuthi nakuba eyihlonipha imibono yabanye, uye wathola ukuthi indlela engcono kakhulu yokwazi ngoJesu iwukufunda elinye lamaVangeli amane. Ngokwenza lokho, “uzofunda ngokuphila kukaJesu nangezimfundiso zakhe okwabhalwa abantu abangofakazi bokuzibonela.” U-Andrey wanezela: “Enye into engikhathazayo yindlela uSathane achazwe ngayo. Kungase kubajabulise abanye ukufunda incwadi ethi uSathane uyiqhawe kodwa kimi akunjalo.” Wachaza ukuthi empeleni uSathane uyisidalwa somoya esibi, esinamandla futhi esahlubuka uNkulunkulu, saletha ububi, usizi nokuhlupheka kubantu. U-Andrey waphetha indaba yakhe: “Ngikholelwa ukuthi ukufunda le ndaba eqanjiwe ngeke kungisize. Empeleni, angimzondi uBulgakov. Kodwa, ukuze ngithole umlando oyiqiniso ngoJesu Kristu ngingakhetha ukufunda iBhayibheli.”

Indaba ka-Andrey yamhlaba umxhwele lo thisha kangangokuthi waze wamcela ukuba alungiselele indaba azoyifundela ikilasi ngoJesu Kristu. U-Andrey wavumela phezulu. Phakathi nesikhathi esilandelayo sokufundwa kwezincwadi, u-Andrey wafunda indaba ayeyibhalile phambi kwalo lonke ikilasi. Wachaza isizathu sokuba abe nomuzwa wokuthi uJesu ungumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Wabe esevula iBhayibheli wafunda isahluko esisencwadini kaMathewu esikhuluma ngokufa kukaJesu. Njengoba isikhathi sokufunda le ndaba sase siphela, u-Andrey wayesefuna ukuyiphetha, kodwa afunda nabo ekilasini bamncenga: “Qedela! Kwabe sekwenzekani?” Waqhubeka nokufunda ukulandisa kukaMathewu ngokuvuka kukaJesu.

Lapho u-Andrey eseqedile, afunda nabo bambuza imibuzo eminingi ngoJesu nangoJehova. U-Andrey uthi: “Ngangithandazile kuJehova ngimcela ukuba angiphe ukuhlakanipha futhi wangiphendula. Ngakwazi ukuyiphendula yonke imibuzo yabo!” Seliphumile ikilasi, u-Andrey wanikeza uthisha incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, * futhi wayamukela ngesasasa. U-Andrey wathi: “Uthisha wanginikeza amamaki amaningi ngale ndaba yami futhi wangitusa ngokunamathela ezinkolelweni zami nangokungabi namahloni ngazo. Wabuye wathi uyavumelana nezinye zezinkolelo zami.”

U-Andrey uyajabula ngokuthi wakhetha ukulalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli ngokuba angayifundi incwadi ehlambalaza uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lokho kuzimisela akuzange nje kumvikele emibonweni engqubuzana nemiBhalo kodwa kwamvulela nethuba elimangalisayo lokuxoxa nabanye ngamaqiniso abalulekile aseBhayibhelini.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.