Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzijabulisa Okuhle Okuqabulayo

Ukuzijabulisa Okuhle Okuqabulayo

Ukuzijabulisa Okuhle Okuqabulayo

“Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 KORINTE 10:31.

1, 2. Kungani izinto esizenzela ukuzijabulisa zingase zibhekwe ‘njengesipho sikaNkulunkulu,’ kodwa-ke isiphi isixwayiso esingagunci iBhayibheli elisinikezayo?

KUNGOKWEMVELO ukufuna ukuzijabulisa. UNkulunkulu wethu ojabulayo, uJehova, ufuna sijabulele ukuphila, futhi usinikeze izinto eziningi ukuze sikujabulele. (1 Thimothewu 1:11; 6:17) Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono . . . kunokuba umuntu ajabule . . . nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:12, 13.

2 Lokho kuzithokozisa njengoba umuntu ehlaba ikhefu ebukeza umsebenzi omuhle awufezile kuyaqabula ngempela, ikakhulukazi uma ezithokozisa nabantu abathandayo njengomkhaya wakhe noma abangane. Lokho kuzithokozisa kungase kubhekwe ngokufanele ngokuthi “kuyisipho sikaNkulunkulu.” Iqiniso lokuthi uMdali usinikeza insada yezinto alisigunyazi ukuba singazithibi lapho sizijabulisa. IBhayibheli liyakulahla ukudakwa, ukuminza nokuziphatha okubi, lixwayise ngokuthi abenza izinto ezinjalo “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10; IzAga 23:20, 21; 1 Petru 4:1-4.

3. Yini eyosisiza ukuba sihlale siphapheme ngokomoya futhi silukhumbula usuku olukhulu lukaJehova?

3 Kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, amaKristu abhekene nenselele enkulu kunanini ngaphambili yokuphila ngokuhluzeka kwengqondo ezweni elonakele ngaphandle kokufunda imikhuba yalo. (Johane 17:15, 16) Njengoba kwabikezelwa, abantu besizukulwane sanamuhla baye baba “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu” kangangokuthi ‘ababunaki’ ubufakazi bokuthi “usizi olukhulu” luseduze. (2 Thimothewu 3:4, 5; Mathewu 24:21, 37-39) UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe.” (Luka 21:34, 35) Njengezinceku zikaNkulunkulu, sizimisele ukusinaka isixwayiso sikaJesu. Ngokungafani nalabo abasezweni elisizungezile elingamesabi uNkulunkulu, thina silwela ukuhlala siphapheme ngokomoya futhi silukhumbula usuku olukhulu lukaJehova.—Zefaniya 3:8; Luka 21:36.

4. (a) Kungani kunzima ukuthola ukuzijabulisa okwamukelekayo? (b) Isiphi iseluleko esikweyabase-Efesu 5:15, 16 esifuna ukusisebenzisa?

4 Akulula ukuzigcina sihlanzekile emikhubeni eyonakele yezwe ngoba uDeveli uye wayenza yafiseleka futhi yatholakala kalula kakhulu. Kuba nzima nakakhulu lapho sifuna ukuzijabulisa noma ukuzilibazisa. Okuningi kwalokho okuphethwe izwe kuklanyelwe ukuvusa ‘izifiso zenyama.’ (1 Petru 2:11) Ukuzijabulisa okulimazayo kuyatholakala ezindaweni zomphakathi, kodwa kungangena ngisho nasekhaya ngezincwadi, i-TV, i-Internet nangama-video. Ngakho-ke, iZwi likaNkulunkulu linikeza amaKristu iseluleko esihlakaniphile: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Yilapho kuphela sisilandela eduze lesi seluleko lapho singaqiniseka khona ukuthi ukuzijabulisa okulimazayo ngeke kusiyenge, kusibambe, yebo kubhidlize ngisho nobuhlobo bethu noJehova bese kuholela ekubhujisweni kwethu!—Jakobe 1:14, 15.

5. Sikutholaphi ukuqabuleka okukhulu kunakho konke?

5 Njengoba amaKristu ehlale ematasa, kuyaqondakala ukuthi ngezikhathi ezithile azizwa enesidingo sokwenza izinto ezithile zokuzijabulisa. Empeleni, umShumayeli 3:4 uthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ Ngakho iBhayibheli alibheki ukuzijabulisa njengokuchitha isikhathi. Kodwa ukuzijabulisa kufanele kusiqabule, kungafaki ingokomoya lethu engozini noma kungenele emisebenzini engokomoya. AmaKristu avuthiwe ayazi kokuhlangenwe nakho kwawo ukuthi injabulo enkulu itholakala ngokupha. Abeka ukwenza intando kaJehova kuqala kunazo zonke ezinye izinto ekuphileni kwawo futhi atholela ‘imiphefumulo yawo ukuqabuleka’ kwangempela ngokwamukela ijoka likaJesu lomusa.—Mathewu 11:29, 30; IzEnzo 20:35.

Ukukhetha Ukuzijabulisa Okwamukelekayo

6, 7. Yini engakusiza ukuba unqume ukuthi ikuphi ukuzijabulisa okwamukelekayo noma okungamukeleki?

6 Singaqiniseka kanjani ukuthi uhlobo oluthile lokuzijabulisa lwamukelekile kumKristu? Abazali banikeza izingane zabo isiqondiso, nabadala basize lapho kudingeka. Nokho, empeleni akufanele size sitshelwe abanye ukuthi incwadi, ibhayisikobho, umdlalo, umdanso noma ingoma ethile ayamukeleki. UPawulu wathi “abantu abavuthiwe . . . ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Hebheru 5:14; 1 Korinte 14:20) IBhayibheli lisinikeza izimiso ezisiqondisayo. Unembeza wakho oqeqeshwe ngeZwi likaNkulunkulu uyokusiza uma uwulalela.—1 Thimothewu 1:19.

7 UJesu wathi “umuthi waziwa ngesithelo sawo.” (Mathewu 12:33) Uma ukuzijabulisa okuthile esikuphishekelayo kuveza izithelo ezibolile zokuthanda ubudlova, ukuziphatha okubi noma ukusebenzelana nemimoya, kufanele kuyekwe. Akwamukeleki nalapho kufaka engozini ukuphila noma impilo yakho, uma kudala ubunzima kwezomnotho noma kukwenza udangale, noma uma kukhuba abanye. Umphostoli uPawulu wasixwayisa ngokuthi uma silimaza unembeza womfowethu, siyobe siyona. Wabhala: “Lapho nona kubafowenu ngaleyo ndlela futhi nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu. Ngakho-ke, uma ukudla kwenza umzalwane akhubeke, ngeke ngiphinde ngiyidle inyama, ukuze ngingamenzi akhubeke umzalwane.”—1 Korinte 8:12, 13.

8. Iziphi izingozi ezikhona emidlalweni yama-computer neyama-video?

8 Imidlalo yama-computer neyama-video ixhaphakile ezitolo. Eminye ingaba indlela engenangozi yokuzijabulisa nokuphumuza ingqondo, kodwa le midlalo iya ngokuya iveza lokho iBhayibheli elikulahlayo. Ngokuqinisekile akukhona neze ukuzijabulisa okungenangozi lapho umdlalo ufuna ukuba abadlali bawo bakhubaze noma babulale noma baziphathe kabi ngendlela enyantisayo! UJehova uyabazonda labo ‘abathanda ubudlova.’ (IHubo 11:5; IzAga 3:31; Kolose 3:5, 6) Futhi uma ukudlala kukhuthaza ukuhaha noma ulaka, kukushiya ucobekile, noma kudla isikhathi esibalulekile, khona-ke qaphela ingozi okuyidalayo futhi ulungise ngokushesha.—Mathewu 18:8, 9.

Ukwanelisa Isidingo Sokuzijabulisa Ngezindlela Ezinhle

9, 10. Iziphi izinto abantu abahlakaniphile abangazenza ukuze banelise isidingo sokuzijabulisa?

9 AmaKristu aye abuze: “Ukuzijabulisa okunjani okwamukelekayo? Ukuzijabulisa okuningi okutholakala kuleli zwe kuyangqubuzana nezindinganiso zeBhayibheli.” Qiniseka ukuthi ukuzijabulisa okwanelisayo kungatholakala, kodwa kudinga umzamo. Kudinga ukuba abazali ikakhulukazi bacabangisise futhi bahlele kusengaphambili. Abaningi bathola ithuba lokuphumuza ingqondo ekhaya nasebandleni. Ukujabulela ukudla okudliwa kungajahiwe kube kuxoxwa ngezindaba zalolo suku noma ngendaba ethile yeBhayibheli kumnandi futhi kuyakha. Kungahlelwa ukuba kube namapikiniki, imidlalo efanelekayo, uhambo lokuyokhempa, ukuqwala izintaba noma ukuya olwandle. Ukuzilibazisa okunjalo okuhle kungajabulisa futhi kuzuzise.

10 Umdala nomkakhe abakhulise izingane ezintathu bayabika: “Kusukela zisezincane, izingane zethu zazihlanganyela ekukhetheni ukuthi sizoyaphi ngeholidi. Ngezinye izikhathi, sasivumela ingane ngayinye ukuba imeme umngane emkhonzile, okwakwenza isikhathi seholidi sijabulise nakakhulu. Sasizikhumbula izikhathi ezithile ezibalulekile ekuphileni kwezingane zethu. Ngezinye izikhathi sasimema umkhaya nabangane ebandleni beze ekhaya. Sasiphekela ngaphandle, sidlale nemidlalo. Sasihamba ngemoto noma ngezinyawo siye ezintabeni, sisebenzisa izikhathi ezinjalo ukuze sifunde ngendalo kaJehova.”

11, 12. (a) Ungenzani ukuze ufake nabanye ezinhlelweni zakho zokuzijabulisa ngezinye izikhathi? (b) Imibuthano enjani abaningi abangayilibali?

11 Ninganuleka yini njengabantu ngabanye noma njengomkhaya ukuze nifake nabanye lapho nihlela ukuzijabulisa ngezinye izikhathi? Abanye, mhlawumbe umfelokazi, umuntu ongashadile, noma umkhaya onomzali ongayedwa, kungenzeka badinge isikhuthazo. (Luka 14:12-14) Ningase futhi nifake nabambalwa abasanda kuhlanganyela, kodwa-ke niqaphe ukuze ningachayi abanye ethonyeni elilimazayo. (2 Thimothewu 2:20, 21) Uma abathile ababuthaka emzimbeni sebekuthola kunzima ukuvakasha, mhlawumbe kungenziwa amalungiselelo okuya nesidlo ekhaya labo.—Hebheru 13:1, 2.

12 Imibuthano enezivakashi ezilungiselelwe isidlo esilula, ezithola ithuba lokuzwa indlela abanye ababa ngayo amaKristu, nokuthi yini eyabasiza ukuze bahlale bethembekile kuNkulunkulu iye yahlala ikhunjulwa abaningi. Kungaxoxwa ngezindaba zeBhayibheli nabo bonke abakhona, kuhlanganise nezingane. Izingxoxo ezinjalo zingaba isikhuthazo esizuzisayo komunye nomunye ngaphandle kokwenza noma ubani azizwe enamahloni, noma azenyeze.

13. UJesu noPawulu basibeka kanjani isibonelo sokubonisa umoya wokwamukela izihambi nokuvuma ukuwuboniswa?

13 UJesu wabeka isibonelo esifanele ngokubonisa umoya wokwamukela izihambi nangokuvuma ukuwuboniswa. Wayezisebenzisa njalo izikhathi ezinjalo ukuze azuzise abanye ngokomoya. (Luka 5:27-39; 10:42; 19:1-10; 24:28-32) Abafundi bakhe bokuqala basilingisa isibonelo sakhe. (IzEnzo 2:46, 47) Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngilangazelela ukunibona, ukuze ngidlulisele kini isipho esithile esingokomoya ukuze niqiniswe; noma, kunalokho, ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) Ngokufanayo, kufanele sikwazi ukuxoxa nokukhuthazana emibuthanweni yethu.—Roma 12:13; 15:1, 2.

Izikhumbuzo Nezixwayiso Ezithile

14. Kungani imicimbi emikhulu ingatuswa?

14 Akuyona into etusekayo ukuba nemicimbi emikhulu ngoba kuvame ukuba kube nzima ukuyiqondisa. Imikhaya embalwa ingase inqume ukuba nepikiniki noma ukudlala umdlalo ongenakho ukuncintisana okweqisayo ngesikhathi esingangqubuzani nemisebenzi engokomoya. Lapho abanye babadala, izinceku ezikhonzayo, noma abanye abavuthiwe bekhona embuthanweni wokuzijabulisa, baba nethonya elihle futhi lowo mcimbi ungaba oqabula nangokwengeziwe.

15. Kungani lapho kuhlelwa umcimbi kudingeka kucatshangelwe nokuba kube nokuqondisa okufanele?

15 Labo abahlela imibuthano yokuzijabulisa akumelwe basishalazele isidingo sokuba kube nokuqondisa okufanele. Nakuba ukujabulela ukuba nezivakashi, ubungeke yini wazizwa kabi uma ubungezwa ukuthi ngenxa yokudebesela kwakho, kunesivakashi esikhubekiswe yilokho okwenzeke emzini wakho? Cabangela isimiso esichazwe kuDuteronomi 22:8. UmIsrayeli owakha indlu kwakulindeleke ukuba akhe uthango lokuvikela oluzungeza uphahla olwendlalekile lwendlu, indawo ngokuvamile okwakubungazwa kuyo izivakashi. Kungani lwaludingeka? “Ukuze ungabeki icala legazi phezu kwendlu yakho ngoba umuntu owayo angase awe kulo.” Ngendlela efanayo, okwenzayo—ngaphandle kokubeka imingcele engenangqondo—ukuze uvikele izivakashi zakho emcimbini kufanele kubonise ukuthi ukhathalela izithakazelo zazo ezingokwenyama nezingokomoya.

16. Ikuphi ukuqapha okufanele sikubonise uma kuzoba notshwala embuthanweni wokuzijabulisa?

16 Kufanele kuqashelisiswe kakhulu uma utshwala buzoba khona embuthanweni wokuzijabulisa. AmaKristu amaningi ameme izivakashi aye anqume ukuba utshwala bube khona kuphela uma wona siqu ezokwazi ukwengamela lokho izimenywa zawo ezizokuphuza. Akufanele kuvunyelwe noma yini engase ikhube abanye noma ilingele abanye ekuphuzeni ngokweqile. (Efesu 5:18, 19) Ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, ezinye izimenywa zingase zinqume ukungabuphuzi utshwala. Ezindaweni eziningi kuneminyaka yobudala ebekiwe evumela umuntu ukuba aphuze, futhi amaKristu ayoyilalela imithetho kaKhesari ngisho noma ibonakala iqine ngokungadingekile.—Roma 13:5.

17. (a) Uma kudlalwa umculo emcimbini, kungani kubalulekile ukuba umnikazi womcimbi awukhethe ngokucophelela? (b) Uma kunomdanso emcimbini, isizotha kufanele siboniswe kanjani?

17 Umnikazi womcimbi kufanele aqinisekise ukuthi noma imuphi umculo, umdanso noma ikuphi okunye ukuzijabulisa kuvumelana nezimiso zobuKristu. Abantu bathanda umculo ongafani, futhi kunezinhlobonhlobo zomculo. Nokho, umculo omningi wanamuhla ukhuthaza umoya wokuvukela, ukuziphatha okubi nobudlova, ngakho kunesidingo sokukhetha. Ukuze umculo ube owamukelekayo akudingeki ukuba nakanjani kube opholile, kodwa akufanele futhi ube ovusa inkanuko noma onenhlamba, ovulelwe kakhulu noma onesigqi esinamandla. Qaphelani ukuba ukukhetha umculo ozodlalwa kungashiyelwa kumuntu ongakasiqondi isidingo sokuwuvulela ngezinga elilingene. Kusobala ukuthi akunakuba okufanele ngomKristu ukudansa umdanso ohambisana nokuziphatha okungenasizotha, oqokomisa kakhulu ukunyakazisa ukhalo namabele ngendlela evusa inkanuko.—1 Thimothewu 2:8-10.

18. Abazali bangazivikela kanjani izingane zabo ngokuqondisa umcimbi wazo?

18 Abazali abangamaKristu kufanele babuze ukuthi yini ehleliwe embuthanweni wokuzijabulisa izingane zabo ezimenyelwe kuwo, futhi ezimweni eziningi kuyoba ukuhlakanipha ukuba baye nazo. Ngokudabukisayo, abanye abazali baye bavumela izingane zabo ukuba ziye emicimbini engaqondisiwe lapho abaningana ababekhona beye balingelwa ekuziphatheni okubi noma kokunye ukuziphatha okungafaneleki. (Efesu 6:1-4) Ngisho noma intsha isizohlanganisa amashumi amabili eminyaka futhi izibonisé ikwazi ukuziphatha ngendlela enokwethenjelwa, sisekhona isidingo sokuyisiza ukuba ‘ibalekele izifiso zobusha.’—2 Thimothewu 2:22.

19. Iliphi iqiniso elingasisiza ukuba sigxilise ukunaka kulokho okufanele ‘sikufune kuqala’?

19 Ukuzijabulisa nokuzilibazisa okuhle nokuqabulayo okwenziwa ngezikhathi ezithile kungenza ukuphila kujabulise ngokwengeziwe. UJehova akasincishi le njabulo, kodwa iqiniso esilaziyo sonke ukuthi ukuzijabulisa okunjalo ngokwako akusisizi ukuba sibekelele ngisho nencane ingcebo engokomoya ezulwini. (Mathewu 6:19-21) UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba baqonde ukuthi into ebalulekile ekuphileni ‘ukufuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu,’ hhayi lokho esingase sikudle noma sikuphuze noma sikugqoke, “izinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela.”—Mathewu 6:31-34.

20. Izinceku zikaJehova ezithembekile zingalindela ziphi izinto ezinhle kuMlungiseleli wazo Omkhulu?

20 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi ‘siyadla noma siyaphuza noma senza noma yini enye,’ “zonke izinto” singazenzela “inkazimulo kaNkulunkulu,” sibonga uMlungiseleli Omkhulu wezinto ezinhle ezijatshulelwa ngokulinganisela. (1 Korinte 10:31) Emhlabeni wakhe oyiPharadesi oseduze kakhulu, kuyoba nezikhathi ezingapheli zokukujabulela ngokugcwele ukuphana kukaJehova, nobudlelwane obuhle nabo bonke abahlangabezana nezimfuneko zakhe zokulunga.—IHubo 145:16; Isaya 25:6; 2 Korinte 7:1.

Ingabe Usakhumbula?

• Kungani kunzima ngamaKristu namuhla ukuthola ukuzijabulisa okuhle?

• Iziphi ezinye izinhlobo zokuzijabulisa eziye zabonakala zanelisa emikhayeni yamaKristu?

• Lapho umuntu ejabulela ukuzilibazisa okuhle, iziphi izikhumbuzo nezixwayiso okufanele azikhumbule?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 18]

Khetha ukuzijabulisa okuveza izithelo ezinhle

[Izithombe ekhasini 19]

Iziphi izinhlobo zokuzijabulisa amaKristu azenqabayo?