Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyafuna Yini Ukuba Nabangane Abahle?

Uyafuna Yini Ukuba Nabangane Abahle?

Uyafuna Yini Ukuba Nabangane Abahle?

ABANTU abaningi bayafuna ukuba nabangane abahle. Ukuxoxa nabangane abaseduze ngezinto oye wabhekana nazo kungenza ukuphila kwakho kujabulise kakhudlwana. Kodwa ungabathola kanjani abangane abahle? Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, uJesu wabonisa ukuthi uthando olungenabugovu luyisihluthulelo sokuphumelela kuzo zonke izinhlobo zobuhlobo babantu. Wafundisa: “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.” (Luka 6:31) La mazwi, avame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide, abonisa ukuthi ukuze ube nabangane kudingeka ungabi nobugovu kodwa ube nesandla esivulekile. Kalula nje, ukuze ube nomngane kudingeka ube umngane. Kanjani?

Ubungane obuseduze nobufudumele abenzeki ngokushesha. Kakade, abangane bangaphezu kokuba nje abantu obajwayele. Abangane abantu osondelene kakhulu nabo ngokomzwelo. Ukuhlakulela nokulondoloza lezo zibopho kudinga umzamo. Ngokuvamile ubungane budinga ukuba ubeke izithakazelo zomngane wakho kuqala kunezakho. Abangane abaxoxi kuphela ngezinto ezibajabulisayo kodwa baxoxa nangezinto ezibadumazayo.

Usuke ubonisa ukuthi ungumngane weqiniso ikakhulu lapho usekela umuntu odinga usizo ngokomzwelo nokusizwa ngezidingo ezingokoqobo. IzAga 17:17 zithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” Empeleni, ungasondelana nabangane kakhulu ngaphezu kwezihlobo zegazi. IzAga 18:24 zithi: “Kukhona abangane abathambekele ekuphihlizaneni babe yizicucu, kodwa kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” Ingabe ungathanda ukwazi okwengeziwe ngendlela ongabakha ngayo ubungane obuhle njengalobu? Ungathanda yini ukuba ingxenye yeqembu labantu abaziwa ngokuba nothando? (Johane 13:35) Uma kunjalo, oFakazi BakaJehova endaweni yakini bazokujabulela ukukubonisa indlela yokuthola abangane beqiniso.