Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe

Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe

INZALAMIZI enguJobe ihlala ezweni lase-Uze, manje ese-Arabhiya. Ngalesi sikhathi ama-Israyeli amaningi ahlala eGibhithe. Nakuba engeyena umIsrayeli, uJobe ungumkhulekeli kaJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi ngaye: “Akukho muntu onjengaye emhlabeni, umuntu ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi.” (Jobe 1:8) Kumelwe ukuba lena yinkathi ephakathi nokuphila kwezinceku zikaJehova ezimbili ezivelele—uJosefa indodana kaJakobe nomprofethi uMose.

Kucatshangwa ukuthi incwadi kaJobe yabhalwa uMose, mhlawumbe owezwa ngoJobe phakathi neminyaka engu-40 ayihlala kwaMidiyani, eseduze nezwe lase-Uze. Kungenzeka ukuthi uMose wezwa ngeminyaka yokugcina yokuphila kukaJobe lapho ama-Israyeli eseduze kwase-Uze, ngasekupheleni kweminyaka engu-40 yokuhlala kwawo ehlane. * Indaba kaJobe ibhalwe kahle kakhulu kangangokuthi lokhu kulandisa kubhekwa njengencwadi elotshwe ngobuciko. Nokho, ngaphezu kwalokho iphendula imibuzo enjengokuthi: Kungani abantu abalungileyo behlupheka? Kungani uJehova evumela ububi? Ingabe abantu abangaphelele bangalondoloza ubuqotho babo kuNkulunkulu? Njengoba iyingxenye yeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, isigijimi esiqukethwe incwadi kaJobe siyaphila, sinamandla ngisho nanamuhla.—Hebheru 4:12.

“MALUSHABALALE USUKU ENGAZALWA NGALO”

(Jobe 1:1–3:26)

Ngolunye usuku uSathane ubekela uNkulunkulu inselele ngobuqotho bukaJobe. UJehova uyayamukela inselele futhi uvumela uSathane ukuba abangele uJobe uchungechunge lwezinhlekelele. Kodwa uJobe uyenqaba ‘ukuthuka uNkulunkulu.’—Jobe 2:9.

Kufika abangane abathathu bakaJobe ‘bezozwelana naye.’ (Jobe 2:11) Bayahlala naye bathule dú kuze kube yilapho uJobe eqala ukukhuluma athi: “Malushabalale usuku engazalwa ngalo.” (Jobe 3:3) Ufisa ukuba “njengabantwana abangazange bakubone ukukhanya,” noma abazalwa beshonile.—Jobe 3:11, 16.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:4—Ingabe abantwana bakaJobe babegubha izinsuku zokuzalwa? Cha, babengazigubhi. Olimini lokuqala igama elithi “usuku” nelithi “usuku lokuzalwa” awafani, ngalinye linencazelo yalo. (Genesise 40:20) KuJobe 1:4 kusetshenziswe igama elithi ‘usuku,’ elisho isikhathi esiphakathi kokuphuma kwelanga nokushona kwalo. Kusobala ukuthi amadodana kaJobe angu-7 ayeba nedili lomkhaya kanye ngonyaka elalithatha izinsuku ezingu-7. Njengoba ayeshintshana, indodana ngayinye yayilungiselela idili endlini yayo ‘ngosuku lwayo.’

1:6; 2:1—Obani ababevunyelwe ukungena phambi kukaJehova? Phakathi kwalabo ababema phambi kukaJehova kwakuneNdodana yakhe ezelwe yodwa, uLizwi; izingelosi ezithembekile; ‘amadodana kaNkulunkulu’ ayizingelosi ezingalaleli ahlanganisa noSathane uDeveli. (Johane 1:1, 18) USathane namademoni akhe baze baxoshwa ezulwini ngemva nje kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngo-1914. (IsAmbulo 12:1-12) Ngokubavumela ukuba bangene phambi kwakhe, uJehova waqaphelisa zonke izidalwa zomoya ngenselele kaSathane nezimpikiswano eyaziphakamisa.

1:7; 2:2—Ingabe uJehova wayekhuluma ngokuqondile noSathane? IBhayibheli aliyinikezi imininingwane eminingi ngendlela uJehova akhuluma ngayo nezidalwa zomoya. Nokho, umprofethi uMikhaya wabona embonweni ingelosi ikhuluma ngokuqondile noJehova. (1 AmaKhosi 22:14, 19-23) Ngakho, kubonakala sengathi uJehova wakhuluma noSathane umlomo nomlomo.

1:21—UJobe wayengabuyela kanjani ‘esizalweni sikanina’? Njengoba uJehova uNkulunkulu abumba umuntu “ngothuli lomhlabathi,” igama elithi “mama” lapha lisetshenziswe ngokomfanekiso futhi libhekisela emhlabathini.—Genesise 2:7.

2:9—Isiphi isimo sengqondo okungenzeka ukuthi umkaJobe wayenaso ngesikhathi etshela umyeni wakhe ukuba athuke uNkulunkulu afe? UmkaJobe wayehlupheke ngendlela efanayo neyomyeni wakhe. Kumelwe ukuba kwakumzwisa ubuhlungu ukubona umyeni wakhe owayengumqemane ehlushwa isifo esinyanyekayo. Wayeshonelwe abantwana bakhe ayebathanda. Kungenzeka ukuthi ngenxa yakho konke lokhu waba lusizi kangangokuthi wakhohlwa nayinto ebaluleke kakhulu—ubuhlobo babo noNkulunkulu.

Izifundo Esizitholayo:

1:8-11; 2:3-5. Njengoba kuboniswe endabeni kaJobe, ngaphandle kwenkulumo nezenzo ezifanele, ukuba qotho kusho ukuba nesisusa esihle sokukhonza uJehova.

1:21, 22. Ngokuhlala siqotho kuJehova ezimweni ezijabulisayo nezinzima, singabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga.—IzAga 27:11.

2:9, 10. NjengoJobe, kufanele sihlale siqinile okholweni ngisho noma amalungu omkhaya wethu engathandi ukuba siphishekele izinto ezingokomoya noma esicindezela ukuba sizivumelanise nawo noma siphike ukholo lwethu.

2:13. Abangane bakaJobe babengenakusho lutho olududuzayo ngoNkulunkulu nangezithembiso zakhe ngoba babengabantu abangokwenyama.

“NGEKE NGIZIPHUCE UBUQOTHO BAMI!”

(Jobe 4:1–31:40)

Iphuzu eliyisisekelo eligcizelelwa abangane bakaJobe abathathu ezinkulumweni zabo ukuthi uJobe kumelwe ukuba wenze okubi kakhulu kuNkulunkulu njengoba ethola lesi sijeziso esibuhlungu. U-Elifazi ubahola phambili. UBhilidadi ukhuluma ngemva kuka-Elifazi, esebenzisa inkulumo ebhuqa kakhudlwana. Inkulumo kaSofari ihlaba nakakhulu.

UJobe uyakuphikisa ukucabanga okungamanga kwezivakashi zakhe. Engaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuba ahlupheke, ukhathazeka kakhulu ngokubonisa ukuthi ulungile. Noma kunjalo, uJobe uyamthanda uNkulunkulu futhi uthi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—Jobe 27:5.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

7:1; 14:14—Usho ukuthini “umsebenzi oyimpoqo”? Ukuhlupheka kukaJobe kwakunzima kakhulu kangangokuthi wabheka ukuphila njengomsebenzi oyimpoqo onzima nokhathazayo. (Jobe 10:17) Njengoba isikhathi esichithwa umuntu eShiyoli—kusukela ngesikhathi efa kuya ovukweni—siyinkathi ephoqelelwe, uJobe ufanisa leso sikhathi nomsebenzi oyimpoqo.

7:9, 10; 10:21; 16:22—Ingabe la mazwi abonisa ukuthi uJobe wayengakholelwa ovukweni? Lawa amazwi ayebhekisela kulokho okwakuzokwehlela uJobe maduze. Ngakho, wayesho ukuthini? Kungenzeka wayesho ukuthi uma ayengafa, akekho owayezobe esambona kubantu ababephila ngaleso sikhathi. Ngokwabo, wayengeke aphinde abuyele endlini yakhe noma aqashelwe kuze kube isikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe. Kungenzeka nokuthi uJobe wayesho ukuthi akekho umuntu ongazibuyela yena eShiyoli. Ukuthi uJobe wayenethemba lovuko kucaciswe kuJobe 14:13-15.

10:10—UJehova ‘wamthulula kanjani uJobe njengobisi, futhi wamjiyisa kanjani njengoshizi’? Lena incazelo esankondlo ebonisa indlela uJobe abunjwa ngayo esibelethweni sikanina.

19:20—Wayesho ukuthini uJobe ngenkulumo ethi “ngiphunyuka ngesikhumba samazinyo ami”? Lapho ethi waphunyuka ngesikhumba sento ebonakala ingenasikhumba, kungenzeka ukuthi uJobe wayethi akaphunyukanga nalutho.

Izifundo Esizitholayo:

4:7, 8; 8:5, 6; 11:13-15. Akumelwe sisheshe sicabange ukuthi umuntu ohluphekayo uvuna lokho akutshalile futhi ulahlwe uNkulunkulu.

4:18, 19; 22:2, 3Iseluleko sethu kufanele sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, hhayi emibonweni yethu.—2 Thimothewu 3:16.

10:1. UJobe waphuphuthekiswa umunyu kangangokuthi akazange acabange ngezinye izizathu okungenzeka zaziyimbangela yokuhlupheka kwakhe. Akufanele sidabuke ngokweqile lapho sibhekene nokuhlupheka, ikakhulu njengoba siziqonda ngokucacile izimpikiswano ezihilelekile.

14:7, 13-15; 19:25; 33:24. Ithemba lovuko lingasiqinisa phakathi nanoma iluphi uvivinyo uSathane angase alulethe kithi.

16:5; 19:2. Amazwi ethu kufanele abakhuthaze futhi abaqinise abanye, angabacasuli.—IzAga 18:21.

22:5-7. Iseluleko esingasekelwe ebufakazini obuyiqiniso asizuzisi futhi siyalimaza.

27:2; 30:20, 21. Ukuze silondoloze ubuqotho akudingeki ukuba siphelele. UJobe wagxeka uNkulunkulu kungafanele.

27:5. UJobe kuphela owayengaziphuca ubuqotho bakhe ngenxa yokuthi ubuqotho buncike othandweni umuntu analo ngoNkulunkulu. Ngakho, kufanele sihlakulele uthando oluqinile ngoJehova.

28:1-28. Umuntu uyazi ukuthi akuphi amagugu omhlaba. Njengoba ewafuna, ukuhlakanipha kwakhe kumenza athubeleze ngaphansi komhlaba lapho ukhozi lungaboni khona. Nokho, ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kutholakala ngokwesaba uJehova.

29:12-15. Ngokuzithandela kufanele sibabonise umusa wothando abaswele.

31:1, 9-28. UJobe wasibekela isibonelo ngoba wagwema ukuvusela abanye imizwa yothando, ukuphinga, ukuphatha abanye ngokungenabulungisa nangonya, ukuthanda izinto ezibonakalayo nokukhonza izithombe.

“NGIPHENDUKA OTHULINI NASEMLOTHENI”

(Jobe 32:1–42:17)

Osemusha obukele ogama lakhe lingu-Elihu ubelokhu eyilalele ngesineke le mpikiswano. Manje useyakhuluma. Ulungisa amaphutha kaJobe nawabahluphi bakhe abathathu.

Ngemva nje kokuba u-Elihu eseqedile, uJehova uyaphendula esesivunguvungwini. Akachazi lutho mayelana nokuhlupheka kukaJobe. Nokho, ngokubuza uchungechunge lwemibuzo, uMninimandla onke wenza uJobe aqaphele amandla aKhe amangalisayo nokuhlakanipha kwakhe okukhulu. UJobe uyavuma ukuthi ukhulume engaqondi, futhi uthi: ‘Ngiyahoxa, futhi ngiphenduka othulini nasemlotheni.’ (Jobe 42:6) Njengoba ukulingwa kukaJobe kuphela, uthola umvuzo ngenxa yobuqotho bakhe.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

32:1-3—Wafika nini u-Elihu? Njengoba u-Elihu akuzwa konke okwaxoxwa, kumelwe ukuba wayehleli lapho ayezwa khona yonke into. Kumelwe ukuba wafika ngaphambi kokuba uJobe akhulume, ngemva kokuthula kwabangane bakhe abathathu izinsuku ezingu-7.—Jobe 3:1, 2.

34:7—UJobe wayefana kanjani nendoda “ephuza ukuhlekwa usulu njengamanzi”? Njengoba uJobe ayecindezelekile, wayethambekele ekubhekeni ukuhleka usulu kwezivakashi zakhe ezintathu njengokwakuqondiswe kuye, nakuba empeleni zazikhuluma ngokumelene noNkulunkulu. (Jobe 42:7) Ngakho, wayamukela ukuhlekwa usulu njengomuntu ophuza amanzi ngenjabulo.

Izifundo Esizitholayo:

32:8, 9Ukuhlakanipha akutholakali ngenxa nje yokuthi umuntu ukhulile ngeminyaka. Kutholakala ngokuqonda iZwi likaNkulunkulu nangokuqondiswa umoya wakhe.

34:36. Ubuqotho bubonakala ngokuba ngandlela-thile ‘sivivinywe ngokuphelele.’

35:2. U-Elihu walalelisisa ngaphambi kokuba akhulume futhi wagagula impikiswano yangempela. (Jobe 10:7; 16:7; 34:5) Ngaphambi kokuba banikeze iseluleko, abadala abangamaKristu kumelwe balalelisise, bathole wonke amaqiniso futhi baziqonde ngokucacile zonke izinto eziqondene nalolo daba.—IzAga 18:13.

37:14; 38:1–39:30. Ukuzindla ngemisebenzi kaJehova emangalisayo—ukubonakaliswa kwamandla nokuhlakanipha kwakhe—kusenza sithobeke futhi kusisiza sibone ukuthi ukulwelwa kobukhosi bakhe kubaluleke kakhulu ngaphezu kwanoma iziphi izinto esizithandayo.—Mathewu 6:9, 10.

40:1-4. Lapho sizizwa sithambekele ekukhonondeni ngoMninimandla onke, kufanele ‘sibeke izandla zethu emilonyeni yethu.’

40:15–41:34. Yeka ukuthi uBhehemoti (imvubu) noLeviyathani (ingwenya) kunamandla angakanani! Ukuze sikhuthazele enkonzweni kaNkulunkulu, nathi kudingeka sithole amandla kuMenzi walezi zilwane ezinamandla okunguyena osipha wona.—Filipi 4:13.

42:1-6. Ukuzwa izwi likaJehova nokukhunjuzwa ngokubonakaliswa kwamandla akhe kwasiza uJobe ukuba ‘abone uNkulunkulu,’ noma abone ukuthi ungumuntu onjani. (Jobe 19:26) Lokhu kwalungisa ukucabanga kwakhe. Lapho sithola iseluleko esivela emiBhalweni, kufanele sizimisele ukuvuma amaphutha ethu bese silungisa.

Hlakulela ‘Ukukhuthazela KukaJobe’

Incwadi kaJobe ibonisa ngokucacile ukuthi ukuhlupheka kwesintu akubangelwa uNkulunkulu, kodwa kubangelwa uSathane. Ukuvumela kukaNkulunkulu ububi emhlabeni kusinika ithuba lokunikeza impendulo yokuthi simiphi empikiswaneni yokulwelwa kobukhosi bukaJehova neyobuqotho bethu.

Bonke abathanda uJehova bayovivinywa njengoJobe. Indaba kaJobe iyasiqinisekisa ukuthi singakhuthazela. Isikhumbuza ukuthi izinkinga zethu ngeke zihlale phakade. UJakobe 5:11 uthi: “Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza.” UJehova wavuza uJobe ngenxa yokuthi wagcina ubuqotho. (Jobe 42:10-17) Yeka ithemba elimangalisayo elibekwe phambi kwethu—ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni! Ngakho, masizimisele ukugcina ubuqotho bethu njengoJobe.—Hebheru 11:6.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Incwadi kaJobe ikhuluma ngezenzakalo ezenzeka enkathini engaphezu kweminyaka engu-140, ephakathi kuka-1657 no-1473 B.C.E.

[Izithombe ekhasini 16]

Yini esingayifunda “ngokukhuthazela kukaJobe”?