Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Gwema Ukukhulekela Kwamanga!

Gwema Ukukhulekela Kwamanga!

Gwema Ukukhulekela Kwamanga!

“‘Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engcolile.’”—2 KORINTE 6:17.

1. Abantu abaningi abaqotho bakusiphi isimo ngokomoya?

ABANTU abaningi abaqotho abalazi iqiniso ngoNkulunkulu nangekusasa lesintu. Njengoba bengazange bazithole izimpendulo zemibuzo yabo ebakhathaza kakhulu ngokomoya, baphila ngokudideka nokungaqiniseki. Izigidi zigqilazwa izinkolelo-ze, amasiko nemikhosi ethukuthelisa uMdali wethu. Kungenzeka unomakhelwane nezihlobo ezikholelwa esihogweni somlilo, kuNkulunkulu onguZiqu-zintathu, ekungafini komphefumulo, noma kwenye imfundiso yamanga.

2. Yini abaholi benkolo abaye bayenza, futhi kwaba namuphi umphumela?

2 Yini ebangela lobu bumnyama obungokomoya obandile? Kuyamangaza ukuthi yiyo inkolo—ngokuqondile izinhlangano nabaholi benkolo abaye bafundisa imibono engqubuzana nemicabango kaNkulunkulu. (Marku 7:7, 8) Ngenxa yalokho, abantu abaningi baye bakhohliswa bakholelwa ukuthi bakhulekela uNkulunkulu weqiniso, kanti empeleni bayamthukuthelisa. Lesi simo esidabukisayo sibangelwe inkolo yamanga ngokuqondile.

3. Ubani ongumgqugquzeli oyinhloko wenkolo yamanga, futhi iBhayibheli limchaza kanjani?

3 Kunomuntu ongabonakali ogqugquzela inkolo yamanga. Umphostoli uPawulu wathi ngalowo: “Unkulunkulu walesi simiso sezinto [uye] waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:4) “Unkulunkulu walesi simiso sezinto” nguSathane uDeveli uqobo lwakhe. Nguye umgqugquzeli oyinhloko wokukhulekela kwamanga. UPawulu wabhala: “USathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga.” (2 Korinte 11:14, 15) USathane wenza izinto ezimbi zibonakale zizinhle futhi ukhohlisa abantu abenze bakholelwe amanga.

4. UMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wasendulo wathini ngabaprofethi bamanga?

4 Shono iBhayibheli liyilahla ngamazwi aqinile inkolo yamanga! Ngokwesibonelo, uMthetho KaMose wabaxwayisa ngokuqondile abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe ukuba bagweme abaprofethi bamanga. Noma ubani okhuthaza izimfundiso zamanga nokukhulekela onkulunkulu bamanga kwakufanele “abulawe, ngoba ekhulume ngokuvukela uJehova.” Ama-Israyeli ayalwa ukuba ‘asuse okubi phakathi kwawo.’ (Duteronomi 13:1-5) Yebo, uJehova ubheka inkolo yamanga njengento embi.—Hezekeli 13:3.

5. Iziphi izixwayiso okufanele sizilalele namuhla?

5 UJesu Kristu nabaphostoli bakhe babonisa indlela uJehova ayizonda ngayo inkolo yamanga. UJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Qaphelani abaprofethi bamanga abeza kini bembethe isikhumba semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.” (Mathewu 7:15; Marku 13:22, 23) UPawulu wabhala ukuthi “ulaka lukaNkulunkulu luyembulwa luvela ezulwini ngokumelene nakho konke ukungamhloniphi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abacindezela iqiniso.” (Roma 1:18) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba amaKristu eqiniso azilalele lezi zixwayiso, agweme noma ubani ofihla iqiniso leZwi likaNkulunkulu noma osakaza izimfundiso zamanga!—1 Johane 4:1.

Libalekele “IBhabhiloni Elikhulu”

6. “IBhabhiloni Elikhulu” livezwa kanjani eBhayibhelini?

6 Cabanga indlela incwadi yeBhayibheli yesAmbulo eyichaza ngayo inkolo yamanga. Ivezwa njengesifebe esidakiwe esilawula imibuso eminingi nabantu bayo. Lona wesifazane ongokomfanekiso ufeba namakhosi amaningi futhi udakwe igazi labakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso. (IsAmbulo 17:1, 2, 6, 18) Ebunzini unegama elifanelana nokuziphatha kwakhe okungcolile nokwenyanyekayo. Leli gama lithi “IBhabhiloni Elikhulu, unina wezifebe nowezinengiso zomhlaba.”—IsAmbulo 17:5.

7, 8. Inkolo yamanga iye yafeba kanjani, futhi kube namiphi imiphumela?

7 Indlela imiBhalo echaza ngayo iBhabhiloni Elikhulu ifanela inkolo yamanga iyonke. Nakuba lezi zinkolo eziningi zingahlangene ngokomthetho njengenhlangano eyodwa yomhlaba, zinenjongo eyodwa nezenzo ezifanayo. Njengoba ifanekiselwa owesifazane oziphethe kabi encwadini yesAmbulo, inkolo yamanga inethonya elikhulu kohulumeni. Njengowesifazane ongathembekile ezifungweni zakhe zomshado, inkolo yamanga iye yafeba ngokuzibandakanya nemibuso eminingi yezombusazwe. Umfundi uJakobe wabhala: “Ziphingi, anazi yini ukuthi ubungane nezwe bungubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.

8 Lokhu kuhlangana kwenkolo yamanga nohulumeni kuye kwabangela abantu ukuhlupheka okukhulu. Umhlaziyi wezombusazwe wase-Afrika uDkt. Xolela Mangcu wathi “umlando wezwe ugcwele izigigaba zokubulawa kwabantu uyaca ngenxa yokuxuba inkolo nezombusazwe.” Muva nje elinye iphephandaba lithe: “Izimpi okuye kwaphalala igazi eliningi kuzo futhi eziyingozi kunazo zonke namuhla . . . zihlobene kakhulu nenkolo.” Bayizigidi abantu abaye bafa ezimpini ezisekelwa inkolo. IBhabhiloni Elikhulu liye lashushisa futhi labulala ngisho nezinceku zikaNkulunkulu zeqiniso, kwaba njengokungathi lidakwe igazi lazo.—IsAmbulo 18:24.

9. Indlela uJehova akuzonda ngayo ukukhulekela kwamanga ivezwa kanjani encwadini yesAmbulo?

9 Ukuthi uJehova uyakuzonda ukukhulekela kwamanga kubonakala ngokucacile kulokho okwehlela iBhabhiloni Elikhulu. IsAmbulo 17:16 sithi: “Izimpondo eziyishumi owazibona, nesilo sasendle, lezi ziyosizonda isifebe zisenze incithakalo zisihambise nqunu, ziyoyidla ziyiqede inyama yaso futhi zisishise ngomlilo siphele.” Okokuqala, isilo esikhulu sizosidwengula sisibulale isifebe, sidle inyama yaso. Ngemva kwalokho, izinsalela zaso ziyashiswa ziphele nya. Ngokufanayo, maduze ohulumeni bezwe bazoyithathela leso sinyathelo inkolo yamanga. NguNkulunkulu ozobenza bakwenze lokho. (IsAmbulo 17:17) IBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, lizobhujiswa nakanjani. “Ngeke liphinde litholakale.”—IsAmbulo 18:21.

10. Kufanele kube yini ukuma kwethu ngokuqondene nenkolo yamanga?

10 Abakhulekeli beqiniso kufanele balibheke kanjani iBhabhiloni Elikhulu? IBhayibheli liyala ngokucacile: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” (IsAmbulo 18:4) Labo abafuna ukusinda kumelwe baphume enkolweni yamanga kungakephuzi. Lapho esemhlabeni, uJesu Kristu wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina, abaningi babeyosho ngomlomo nje ukuthi bayamlandela. (Mathewu 24:3-5) Uthi kwabanjalo: “Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.” (Mathewu 7:23) INkosi esibekiwe, uJesu Kristu, ayifuni lutho oluhlangene nenkolo yamanga.

Sikugwema Kanjani Ukukhulekela Kwamanga?

11. Yini okufanele siyenze ukuze sigweme ukukhulekela kwamanga?

11 AmaKristu eqiniso ayakugwema ukukhulekela kwamanga, azenqabe izimfundiso zenkolo yamanga. Lokhu kusho ukuthi siyakugwema ukuthamela izinhlelo zenkolo zethelevishini nezomsakazo nokufunda izincwadi zenkolo ezifundisa amanga ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe. (IHubo 119:37) Senza ngokuhlakanipha nalapho sigwema ukuhlanganyela emibuthanweni nakwezokuzijabulisa okuxhaswe inhlangano ehlangene nenkolo yamanga. Ngaphezu kwalokho, ukukhulekela kwamanga asikusekeli nanganoma iyiphi indlela. (1 Korinte 10:21) Ukuthatha izinyathelo ezinjalo kuyasivikela ukuze kungabi nothile omuka nathi “njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.”—Kolose 2:8.

12. Umuntu angahlukana kanjani nezinkolo zamanga?

12 Kuthiwani uma umuntu efisa ukuba omunye woFakazi BakaJehova kodwa manje eyilungu elibhalisile lenkolo yamanga? Ezimweni eziningi, incwadi yokusula iba ubufakazi bokuthi umuntu akasafuni ukubhekwa njengelungu lenkolo ethile yamanga. Kubaluleke ngokukhethekile ukuba umuntu athathe isinyathelo esiwujuqu ukuze akugweme ngokuphelele konke ukungcoliswa ukukhulekela kwamanga. Izenzo zomuntu ofuna ukuba uFakazi kufanele zikwenze kucace kuleyo nkolo nakwabanye ukuthi akasahlangene naleyo nkolo.

13. IBhayibheli linikeza siphi iseluleko mayelana nesidingo sokugwema ukukhulekela kwamanga?

13 Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na? Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama? Ngaphezu kwalokho, kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali? Noma, unasabelo sini umuntu okholwayo nongakholwa? Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe? . . . ’Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engcolile.’” (2 Korinte 6:14-17) Silalela la mazwi ngokugwema ukukhulekela kwamanga. Ingabe iseluleko sikaPawulu sisho ukuthi masigweme nabakhulekeli bamanga?

“Qhubekani Nihamba Ngokuhlakanipha”

14. Ingabe kumelwe sibagweme ngokuphelele labo abahileleke ekukhulekeleni kwamanga? Chaza.

14 Ingabe abakhulekeli beqiniso kufanele bakugweme ukuxhumana nganoma iyiphi indlela nabantu abahileleke ekukhulekeleni kwamanga? Ingabe kufanele sizihlukanise ngokuphelele nalabo abanenkolo ehlukile kweyethu? Cha. Umyalo wesibili emiyalweni emibili emikhulu kunayo yonke uthi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Ngokuqinisekile sibonisa ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu lapho sixoxa nabo ngezindaba ezinhle zoMbuso. Ukuthi siyabathanda kubonakala nalapho sitadisha nabo iBhayibheli, sibabonise nesidingo sokugwema ukukhulekela kwamanga.

15. Kusho ukuthini ukungabi “ingxenye yezwe”?

15 Nakuba sishumayela izindaba ezinhle komakhelwane bethu, njengabalandeli bakaJesu ‘asiyona ingxenye yezwe.’ (Johane 15:19) Igama elithi ‘izwe’ lapha libhekisela emphakathini wesintu ohlukanisiwe noNkulunkulu. (Efesu 4:17-19; 1 Johane 5:19) Sihlukile ezweni ngokuthi siyazigwema izimo zengqondo, inkulumo nokuziphatha okuthukuthelisa uJehova. (1 Johane 2:15-17) Ngaphezu kwalokho, ngokuvumelana nesimiso esithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle,” siyakugwema ukuba abangane nalabo abangaphili ngezindinganiso zobuKristu. (1 Korinte 15:33) Ukungabi ingxenye yezwe kusho ukuhlala ‘singenalo ibala ezweni.’ (Jakobe 1:27) Ngakho, ukuhluka ezweni akusho ukuthi sikugwema ngokuphelele ukuxhumana nabanye abantu.—Johane 17:15, 16; 1 Korinte 5:9, 10.

16, 17. AmaKristu kufanele abaphathe kanjani labo abangalazi iqiniso leBhayibheli?

16 Kufanele sibaphathe kanjani-ke labo abangawazi amaqiniso eBhayibheli? UPawulu wabhalela ibandla laseKolose: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle, nizithengela ithuba. Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:5, 6) Umphostoli uPetru wabhala: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) UPawulu weluleka amaKristu ukuba ‘angakhulumi kabi ngamuntu, angabi yizilwi, abe alinganiselayo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:2.

17 NjengoFakazi BakaJehova, siyakugwema ukuba nokhahlo kwabanye noma ukuzikhukhumeza. Asiwasebenzisi neze amagama okwedelela lapho sikhuluma ngabantu bezinye izinkolo. Kunalokho, sikhuluma ngokungacasuli, ngisho noma umninikhaya, umakhelwane, noma esisebenza naye enokhahlo noma esichapha.—Kolose 4:6; 2 Thimothewu 2:24.

“Qhubeka Ubambelele Esibonelweni Samazwi Anempilo”

18. Isiphi isimo esingokomoya esidabukisayo ababa kuso labo abaphindela ekukhulekeleni kwamanga?

18 Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani lapho umuntu ephindela ekukhulekeleni kwamanga ngemva kokufunda amaqiniso eBhayibheli! IBhayibheli lichaza imiphumela edabukisayo yenkambo enjalo lapho lithi: “Ngokuqinisekile uma, ngemva kokuphunyuka ekungcoleni kwezwe ngolwazi olunembile ngeNkosi noMsindisi uJesu Kristu, bephinda behileleka kuzo kanye lezi zinto futhi benqotshwa, izimo zokugcina sezizimbi kakhulu ngabo kunezokuqala. . . . Kwenzeké kubo izwi lesaga esiyiqiniso esithi: ‘Inja ibuyele ebuhlanzweni bayo, nengulube yensikazi ebigeziwe ibuyele ekuzigingqeni odakeni.’”—2 Petru 2:20-22.

19. Kungani kubalulekile ukuhlala siqaphele noma yini engafaka ingokomoya lethu engozini?

19 Kumelwe sihlale siqaphele noma yini engafaka ingokomoya lethu engozini. Izingozi zikhona ngempela! Umphostoli uPawulu uyaxwayisa: “Izwi eliphefumulelwe lisho ngokuqinisekile ukuthi ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Siphila “ezinkathini zakamuva zesikhathi.” Labo abangakugwemi ukukhulekela kwamanga ‘bangajikijelwa amagagasi futhi bayiswe lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu, ekuklameni isiphambeko ngobuqili.’—Efesu 4:13, 14.

20. Singazivikela kanjani ekulinyazweni inkolo yamanga?

20 Singazivikela kanjani ekulinyazweni inkolo yamanga? Cabanga ngakho konke lokho uJehova akulungiselele. SineZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) UJehova ulungiselele nenala yokudla okungokomoya ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Njengoba sithuthuka eqinisweni, akufanele yini sihlakulele uthando ‘lokudla okuqinile okungokwabantu abavuthiwe’ nesifiso sokuhlangana ndawonye lapho sifunda khona amaqiniso angokomoya? (Hebheru 5:13, 14; IHubo 26:8) Masizimisele ukuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaJehova ukuze sikwazi ‘ukuqhubeka sibambelele esibonelweni samazwi anempilo’ esiye sawezwa. (2 Thimothewu 1:13) Ngokwenza kanjalo, singakugwema ukukhulekela kwamanga.

Ufundeni?

• Liyini “iBhabhiloni Elikhulu”?

• Yini okumelwe siyenze ukuze sigweme ukukhulekela kwamanga?

• Iziphi izinto okufanele sizigweme ezingafaka ingokomoya lethu engozini?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 28]

Uyazi yini ukuthi kungani “iBhabhiloni Elikhulu” livezwa njengowesifazane oziphethe kabi?

[Isithombe ekhasini 29]

“IBhabhiloni Elikhulu” lizobhujiswa nakanjani

[Isithombe ekhasini 31]

Singababonisa ‘umoya omnene nenhlonipho ejulile’ labo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu