Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufa—Isenzakalo Esesabekayo!

Ukufa—Isenzakalo Esesabekayo!

Ukufa—Isenzakalo Esesabekayo!

“KUSUKELA umuntu ezalwa kuhlale kuyinto engenzeka ukuthi angafa nganoma imuphi umzuzu,” kubhala isazi-mlando saseBrithani u-Arnold Toynbee. Sanezela: “Futhi akunakugwenywa ukuba lokhu kugcine kwenzekile ngempela.” Yeka ukuthi ukufa kusilethela usizi olungakanani lapho kugadla elungwini lomkhaya elithandekayo noma kumngane oseduze!

Ukufa bekulokhu kuyisenzakalo esesabekayo esintwini izinkulungwane zeminyaka. Sigajwa umuzwa wokungabi namandla lapho umuntu esimthandayo efa. Lolu sizi alukhethi. Akekho osindayo. “Usizi lusenza sonke siphinde sibe izingane—lukhungathekisa abantu bawo wonke amazinga obuhlakani. Ongqondongqondo abazi lutho.” Wabhala kanjalo umlobi wekhulu le-19. Siba njengezingane ezincane—asibi namandla, asikwazi ukusishintsha isimo. Akukho mcebo namandla okungambuyisa oshonile. Abahlakaniphile nongqondongqondo abanazimpendulo. Abanamandla bakhihla isililo njengababuthaka.

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yabhekana nalolu sizi lapho kufa indodana yayo u-Absalomu. Lapho izwa ukuthi u-Absalomu ushonile, inkosi yakhala yathi: “Ndodana yami Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! O ukube bekufe mina, mina, esikhundleni sakho, Absalomu ndodana yami, ndodana yami!” (2 Samuweli 18:33) Akukho lutho le nkosi eyiqhawe eyayinqobe izitha ezinamandla eyayingalwenza ngaphandle kokugcina nje ngokufisa ukuthi sengathi ‘isitha sokugcina, ukufa,’ ngabe sagwinya yona esikhundleni sendodana yayo.—1 Korinte 15:26.

Likhona yini ikhambi lokufa? Uma likhona, liyini ithemba ngabafileyo? Ingabe siyophinde sibabone futhi abantu esibathandayo? Isihloko esilandelayo sinikeza izimpendulo zale mibuzo ezisekelwe emiBhalweni.