Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlanganyela Nebandla Elikhuluma Olunye Ulimi

Ukuhlanganyela Nebandla Elikhuluma Olunye Ulimi

Ukuhlanganyela Nebandla Elikhuluma Olunye Ulimi

UMPHOSTOLI UJOHANE wabhala: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Njengoba lo mbono ongokwesiprofetho ugcwaliseka, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa emhlabeni wonke ngezilimi ezihlukahlukene. Eziningi zalezi zilimi zikhulunywa abantu abavela kwamanye amazwe asebehlala kude nasemazweni abazalelwa kuwo. Nalaba bantu bezwa izindaba ezinhle ezishunyayelwa oFakazi BakaJehova abashisekayo abaye bafunda olunye ulimi.

Ingabe ungomunye walabo Fakazi abahlanganyela nebandla elisebenzisa ulimi oluhlukile? Noma ingabe kungenzeka ucabanga ukwenza kanjalo? Ukuze uphumelele emzamweni wakho, kudingeka ube nesisusa esingenabugovu futhi ube nesimo sengqondo esifanele. Njengoba umgomo wakho kuwukusiza abanye ukuba bafunde iqiniso leZwi likaNkulunkulu, unesisusa esihle kakhulu—ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:37-39; 1 Korinte 13:1) Isifiso sokusiza abanye ukuba bazi uNkulunkulu siyisisusa esiqine kakhulu kunokumane nje ujabulele ubungane, ukudla nokwazi amasiko abantu besinye isizwe noma iqembu. Ingabe umqondo wokufunda olunye ulimi ubonakala ukukhungathekisa? Uma kunjalo, ukuba nesimo esifanele sengqondo kungakusiza. “Ungaluvumeli ulimi ukuba lukwesabise,” kusho uJames, owafunda isiJapane. Ukuqaphela ukuthi ngaphambi kwakho kunabaningi abaye baphumelela kungakusiza ukuba uphikelele futhi ulondoloze isimo sengqondo esihle. Ungalufunda kanjani-ke ulimi olusha? Yini eyokusiza ukuba uzifanelanise nebandla elisebenzisa lolo limi? Kumelwe wenzeni ukuze uzigcine uqinile ngokomoya?

Ukufunda Ulimi

Ziningi izindlela zokufunda ulimi. Abafundi nabafundisi banezindlela ezihlukahlukene zokufunda nokufundisa. Nokho, eningini labafundi ukufunda ulimi emakilasini afundiswa othisha abaqeqeshiwe kwenza kube lula ukulufunda futhi kusheshe. Ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ngolimi othanda ukulufunda nokulalela noma imaphi amakhasethi atholakalayo kuyokusiza ukuba wandise amagama owaziyo futhi wazi nolimi lwezinto ezingokomoya. Izinhlelo zomsakazo, i-TV, nezama-video ezifanelekayo zingakujwayelanisa nalolo limi kanye namasiko alabo bantu. Ngokuvamile ukufunda kancane zonke izinsuku kuzuzisa kakhulu kunokufunda isikhathi eside okukhathazayo futhi okungenziwa njalo.

Ukufunda ulimi kunjengokufunda ukubhukuda. Ngeke ukwazi ukubhukuda ngokumane nje ufunde incwadi yokubhukuda. Kumelwe ungene emanzini futhi uzame ukubhukuda. Kunjalo nangokufunda ulimi. Kunzima uma ulufunda encwadini kuphela. Kudingeka uxhumane nabantu abalukhulumayo nomaphi lapho ungabathola khona—lalela indlela abakhuluma ngayo, jwayelana nabo, ngaphezu kwakho konke, xoxa! Imisebenzi yobuKristu iyindlela enhle kakhulu yokwenza lokhu. Ngokuvamile lokho okufundayo ungakusebenzisa ngokushesha enkonzweni yasensimini. UMidori, ofunda isiShayina uyaphawula: “Kungabonakala kwethusa kodwa abaninikhaya bayabona ukuthi siyazama thina boFakazi. Lokhu kungashukumisa izinhliziyo zabo. Unele nje uthi ngolimi lwabo, ‘Ngiyajabula ukukwazi,’ bese ubuso babo buvele buchachambe!”

Nemihlangano yobuKristu iwusizo olukhulu. Kuyo yonke imihlangano, zama ukuphendula okungenani kanye. Kungakhathaliseki ukuthi kungabonakala kwethusa kanjani ekuqaleni, ungakhathazeki. Ibandla lifuna ukuba uphumelele! UMonifa, ofunda isiKorea, uthi: “Ngimbonga kakhulu udade ohlala eduze kwami phakathi nemihlangano, angibhalele izincazelo zamagama athile. Ukungisekela ngothando nokungibekezelela kwakhe kungisiza ngempela.” Njengoba amagama owaziyo anda, usungaqala ukucabanga ngolimi olusha—uhlobanise amagama naleyo nto ayishoyo kunokuba uwahumushe engqondweni.

Umgomo wakho wokuqala wokufunda ulimi kufanele kube ‘ukukhuluma inkulumo eqondakala kalula.’ (1 Korinte 14:8-11) Nakuba abantu bengakubekezelela, amaphutha noma indlela obiza ngayo amagama ingabaphazamisa ekulaleleni isigijimi sakho. Ukuyinakisisa zisuka nje indlela efanele yokubiza amagama nohlelo lolimi kuyokusiza ukuba ungabi nemikhuba emibi yokukhuluma, okunzima ukuyiyeka. UMark, owafunda isiSwahili, uyasikisela: “Cela izikhulumi ezinhle ukuba zilungise amaphutha akho amakhulu, bese uzibonga ngokwenza lokho!” Yebo, cabangela isikhathi namandla alabo abakusizayo. Ngisho noma ungacela othile ahlole umsebenzi wakho, zama ukulungiselela izinkulumo nezimpendulo zakho ngamagama osuwazi kakade noma osuwahlolisisile. Lokhu kwenza uthuthuke ngokushesha futhi kukusize ukuba ukhulume ngokuzethemba.

Qhubeka Uthuthuka

UMonifa uthi: “Ukufunda olunye ulimi kungumsebenzi onzima kakhulu kwengake ngayenza. Kuba nezikhathi lapho ngifuna ukuyeka. Kodwa ngiye ngikhumbule indlela umuntu engimfundela iBhayibheli akuthanda ngayo ukuzwa amaqiniso eBhayibheli ajulile ngesiKorea sami esilula nenjabulo eboniswa abazalwane lapho bebona intuthuko yami ngisho noma incane.” Iphuzu liwukuthi, musa ukumane nje uyeke. Umgomo wakho uwukufundisa abanye amaqiniso angokomBhalo asindisa ukuphila. (1 Korinte 2:10) Ngakho, ukufunda ukufundisa iBhayibheli ngolunye ulimi kudinga ukugxilisa ingqondo kanye nomzamo wesikhathi eside. Njengoba uqhubeka, gwema ukulinganisa intuthuko yakho ngokuziqhathanisa nabanye bese uzibona usele emuva. Labo abafunda ulimi olusha bathuthuka ngamazinga angefani nangezindlela ezihlukahlukene. Nokho, kuyasiza ukuyiqaphela intuthuko yakho siqu. (Galathiya 6:4) UJoon, ofunda isiShayina, uyaphawula: “Ukufunda ulimi kunjengokwenyuka izitebhisi. Lapho nje uba nomuzwa wokuthi awuthuthuki, ngokushesha ube usubona indima osuyikhathulile.”

Ukufunda ulimi olusha kuyinto ongayenza ukuphila kwakho konke. Ngakho, kujabulele ukulufunda, futhi ukulindele ukwenza amaphutha. (IHubo 100:2) Amaphutha awanakuvinjelwa. Ayingxenye yokufunda. Lapho eqala ukushumayela ngesiNtaliyane, omunye umKristu wabuza umninikhaya, “Ingabe uyawazi umshanelo wokuphila?” Wayeqonde ukuthi “injongo yokuphila.” UFakazi owayefunda isiPolish wacela ibandla ukuba lihlabelele inja esikhundleni sengoma. Ngokushintsha kancane kwezwi, omunye ofunda isiShayina wanxusa izilaleli ukuba zibe nokholo ekhabetheni likaJesu esikhundleni sokuthi emhlatshelweni. Okuhle ngamaphutha ukuthi ayakusiza ukuba ungayikhohlwa indlela efanele yokubiza amagama.

Ukusebenza Nebandla

Ukuhlukahluka kwezilimi akuyona kuphela into ehlukanisa abantu. Ngokuvamile amasiko nobuzwe kuhlukanisa isintu ngisho nangokwengeziwe. Nokho, le migoqo inganqotshwa. Isazi esitadisha ngamaqembu enkolo asebenzisa isiShayina eYurophu sathi oFakazi BakaJehova “abanamingcele yobuzwe.” Saphawula ukuthi koFakazi, “ubuzwe abuyona inkinga, futhi ulimi lumane nje luyindlela yokuqonda izwi likaNkulunkulu.” Ngempela, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli yikho okusiza amaKristu eqiniso ukuba anqobe ukungezwani ngenxa yobuzwe. Kulabo abagqoka ‘ubuntu obusha, akukho mGreki noma umJuda noma owezizwe.’—Kolose 3:10, 11.

Ngakho, bonke ebandleni kufanele balwele ukuthuthukisa ubunye. Lokhu kudinga ukuba umuntu avule ingqondo nenhliziyo afunde izindlela ezintsha zokucabanga nokwenza izinto nokushintsha indlela ayezizwa ngayo. Ungakuvimbela ukuba ukuhluka ngokobuzwe kubangele ukwahlukana ngokungagxili ezintweni ozithandayo. (1 Korinte 1:10; 9:19-23) Funda ukujabulela izici ezinhle zawo wonke amasiko. Khumbula ukuthi uthando olungenabugovu luyisihluthulelo sobuhlobo obuhle nobunye bangempela.

Iningi lamabandla asebenzisa olunye ulimi liqala lingamaqembu amancane, ngokuvamile anabantu abaningi abasafunda lolo limi, kanye nabathile abasanda kuqala ukwazi ngezimiso zeBhayibheli. Ngakho, ngokuvamile kulawo maqembu ukungaqondani kungase kuvame kunasemabandleni amakhulu, azinzile. Ngakho, amaKristu avuthiwe kufanele alwele ukwenza ibandla lizinze. Ukubonisa umusa nothando ngamazwi nangezenzo kuyasiza ekudaleni isimo esinempilo lapho abasebasha eqinisweni bengathuthuka khona ngokomoya.

Labo abasiza ngokuzithandela ebandleni elisebenzisa olunye ulimi kumelwe futhi balinganisele kulokho abakulindele kwabanye. URick, ongumdala ebandleni elinjalo, uyachaza: “Abanye oFakazi abasebasha eqinisweni kungenzeka ukuthi abanawo amakhono okuhlela izinto njengalabo abasemabandleni asebenzisa ulimi lwendawo. Kodwa ukuntula kwabo amakhono, ngokuvamile kumbozwa uthando nentshiseko yabo. Futhi kunabaningi abathakazelayo abamukela iqiniso.” Ngokuhlale ukhona futhi ukulungele ukusiza nanganoma iyiphi indlela ongakwazi ngayo, ngempela uyolizuzisa ibandla ngisho nalapho usafunda ulimi olusha. Ngokusebenza ndawonye, wonke umuntu angasiza ibandla ukuba lithuthuke ngokomoya.

Ukuzigcina Uqinile Ngokomoya

Umzalwane owayemusha ebandleni elisebenzisa olunye ulimi wake wezwa umama othile esiza umntanakhe ukulungiselela impendulo. “Kodwa, mama ngeke sakwazi ukuyenza ibe mfushane?” kuncenga umntwana. Umama waphendula: “Cha, sithandwa sami. Ezimfushane kumelwe sizishiyele labo abasafunda ulimi.”

Kumuntu omdala, ukungakwazi ukukhuluma ngokushelela izinyanga ngisho neminyaka kungamkhathaza ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomoya. UJanet, osesikhuluma ngokushelela iSpanishi, uyakhumbula: “Ngangisheshe ngicindezeleke ngenxa yokungakwazi ukukhuluma ulimi.” UHiroko, owafunda isiNgisi, ukhumbula ukuthi wake wacabanga: ‘Ngisho nezinja namakati kule ndawo kusazi kangcono isiNgisi kunami.’ UKathie uthi: “Lapho ngithuthela ebandleni leSpanishi, nganginezifundo zeBhayibheli eziningana nencwajana eyayigcwele izimpindelo kodwa manje angisenalutho. Ngaba nomuzwa wokuthi angenzi lutho.”

Yilapha-ke lapho sidingeka khona isimo sengqondo esifanele. Lapho uHiroko edumazeka, wazitshela lokhu: “Uma abanye bekwazi ukufunda olunye ulimi, nami ngingalufunda.” UKathie uthi: “Ngacabanga ngomyeni wami, owayethuthuka kahle kakhulu futhi enza okuningi ebandleni. Lokho kwangiqinisa idolo. Kusengumsebenzi onzima, kodwa kancane kancane ngiyazama ukushumayela nokufundisa, futhi lokho kuyangijabulisa.” Umyeni wakhe, uJeff, uyanezela: “Kungakukhungathekisa ukungayiqondi yonke into eshiwo ezazisweni nasemihlanganweni yabadala. Kumelwe ngibe qotho ngithobeke bese ngibuza kwabanye lokho engingakuzwanga kodwa abazalwane bayakujabulela ukungisiza.”

Ukuze ugweme ukuba buthaka ngokomoya ngesikhathi uhlanganyela nebandla elisebenzisa olunye ulimi, kumelwe izidingo zakho ezingokomoya zize kuqala. (Mathewu 5:3) UKazuyuki, osekhonze iminyaka eminingi ensimini yesiPutukezi, uthi: “Kubalulekile ukuba sizondle ngokwanele ngokomoya. Yingakho njengomkhaya sitadisha futhi silungiselela imihlangano yebandla ngolimi lwethu nangesiPutukezi.” Ngezinye izikhathi abanye bahlanganyela imihlangano ngolimi lwabo. Ngaphezu kwalokho, ukuphumula ngokwanele kubalulekile.—Marku 6:31.

Ukubala Izindleko

Uma ucabanga ukuthuthela ebandleni elisebenzisa olunye ulimi, kumelwe ubale izindleko zokwenza lokho. (Luka 14:28) Kule ndaba, izici ezibaluleke kakhulu okufanele uzicabangele ingokomoya lakho kanye nobuhlobo bakho noJehova. Yicabangele ngomthandazo le ndaba. Cabangela umngane wakho womshado kanye nabantwana. Zibuze, ‘Ingabe izimo ziyangivumela futhi ngiqinile ngokomoya nangokomzwelo ukuze ngikwazi ukuqala lo msebenzi ozothatha isikhathi eside njengalo?’ Kuyinkambo yokuhlakanipha ukwenza lokho okuyonizuzisa ngokomoya wena nomkhaya wakho. Kuningi okufanele kwenziwe futhi inkulu nenjabulo etholakala noma kuphi lapho ukhonza khona njengommemezeli woMbuso.

Labo abakwaziyo ukuhlanganyela nebandla elisebenzisa olunye ulimi bathola imivuzo emikhulu. UBarbara, owathuthela ebandleni leSpanishi nomyeni wakhe, uthi: “Lokhu kungokunye kokuhlangenwe nakho okujabulisa kunakho konke ekuphileni kwami. Kunjengokungathi ngisemusha enhlanganweni. Ngilazisa kakhulu leli thuba, ikakhulu ngoba asinakukwazi ukuba izithunywa zevangeli kwelinye izwe.”

Emhlabeni wonke, izinkulungwane zabantu abavamile abaneminyaka yobudala ehlukahlukene zibamba leli thuba lokufunda olunye ulimi ukuze zithuthukise izindaba ezinhle. Uma ungomunye wazo, gcina isisusa sakho simsulwa nesimo sakho sengqondo sisihle. Ngaphezu kwakho konke, thembela kuJehova ukuba abusise imizamo yakho.—2 Korinte 4:7.

[Isithombe ekhasini 18]

Ukufunda ulimi emakilasini afundiswa othisha abaqeqeshiwe kwenza kube lula futhi ulufunde ngokushesha lolo limi

[Isithombe ekhasini 20]

Akufanele ufake ingokomoya lakho engozini ngesikhathi usafunda olunye ulimi