Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yini esingayifunda emthethweni oku-Eksodusi 23:19 othi: “Ungalibilisi izinyane obisini lukanina”?

Lesi siqondiso esiseMthethweni KaMose, esivela kathathu eBhayibhelini, singasisiza siqonde umbono kaJehova ngezinto ezifanele nezingafanele, sibuye siqonde isihawu nesisa sakhe. Siqokomisa nendlela akwenyanya ngayo ukukhulekela kwamanga.—Eksodusi 34:26; Duteronomi 14:21.

Ukubilisa izinyane noma esinye isilwane obisini lukanina kwakuyongqubuzana nenqubo yemvelo esungulwe uJehova. UNkulunkulu wénza ukuba umama abe nobisi ukuze londle futhi lusize izinyane ukuba likhule. Ngokwamazwi esinye isazi, ukupheka izinyane obisini lukanina kwakuyobonisa “ukungabuhloniphi ubuhlobo uNkulunkulu abenze baba khona phakathi komzali nomntanakhe.”

Ngaphezu kwalokho, abanye basikisela ukuthi kungenzeka ukuthi ukubilisa izinyane obisini lukanina kwakuyisiko elalenziwa amaqaba ebiza imvula. Uma amaqaba ayekwenza ngempela lokhu, lo mthetho wawuyovikela ama-Israyeli emikhubeni engokwenkolo engenangqondo nenonya eyayenziwa izizwe eziwazungezile. UMthetho KaMose wawuwenqabela ngokuqondile ama-Israyeli ukwenza imikhuba yalezo zizwe.—Levitikusi 20:23.

Okokugcina, uma sibheka lo mthetho siyabona ukuthi uJehova unesihe. Empeleni, uMthetho wawunemiyalo eminingana ecishe ifane nalo, eyenqabela ukuphathwa kabi kwezilwane neyayisiza ukuba abantu bangenzi izinto ezingqubuzana nemvelo. Ngokwesibonelo, uMthetho wawunemiyalo eyenqabela ukunikela ngesilwane esinezinsuku ezingaphansi kwezingu-7 sizelwe, ukubulala isilwane kanye namazinyane aso ngosuku olufanayo nokuthatha umama namaqanda noma amaphuphu akhe esidlekeni.—Levitikusi 22:27, 28; Duteronomi 22:6, 7.

Kusobala ukuthi uMthetho wawungelona nje uhide lwemiyalo eyinkimbinkimbi. Phakathi kwezinye izinto, izimiso zawo zigxilisa kithi ukuziphatha ngendlela enengqondo, ngendlela ezibonisa kahle izimfanelo zikaJehova ezimangalisayo.—IHubo 19:7-11.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

© Timothy O’Keefe/Index Stock Imagery