Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa UKristu Lapho Usebenzisa Igunya

Lingisa UKristu Lapho Usebenzisa Igunya

Lingisa UKristu Lapho Usebenzisa Igunya

UCWANINGO lokuziphatha kwabantu olwenziwa eminyakeni ethile edlule lwaveza imiphumela ethakazelisayo. Kwahlukaniswa abantu baba amaqembu amabili. Elinye iqembu kwaba eleziboshwa, elinye lamiswa njengabaqaphi bazo. Kwenzekani?

Kwabikwa: “Ngezinsuku ezimbalwa, iningi [labaqaphi] lase linokhahlo futhi liyiziqhwaga, lizijezisa njalo [iziboshwa], kanti iziboshwa zase zithithiza, zithithibele.” Abacwaningi bafinyelela kulesi siphetho: Ugibe lokusebenzisa kabi igunya lungabamba cishe noma ubani.

Ukusetshenziswa Kahle Nokusetshenziswa Kabi Kwegunya

Yebo, lapho igunya lisetshenziswa kahle lingazuzisa. Linganikeza isiqondiso esifanelekayo futhi lingazuzisa ngokwenyama, ngokomzwelo nangokomoya. (IzAga 1:5; Isaya 48:17, 18) Nokho, njengoba ucwaningo olushiwo ngenhla lwabonisa, kuhlale kukhona ingozi yokweqisa ekusebenziseni igunya. IBhayibheli liveza le ngozi, lithi: “Lapho omubi ebusa, abantu bayabubula.”—IzAga 29:2; UmShumayeli 8:9.

Ukusebenzisa igunya kabi kuyalimaza, ngisho noma kwenziwa ngesisusa esihle. Ngokwesibonelo, inkolo enohlelo lokufundisa e-Ireland ixolise obala ngokuthi abanye othisha babelisebenzisa kabi igunya labo ezinganeni ababezinakekela. Akungabazeki ukuthi izinhloso zabaningi balab’ othisha zazizinhle, kodwa izindlela abanye babo ababezisebenzisa zazilimaza kakhulu. Elinye iphephandaba labika ukuthi “izingane eziningi [zalimala] ngokomzwelo ngandlela-thile ngenxa yobudlova obedlulele nokhahlo lwabazalwane abaningi ababefundisa.” (The Irish Times) Ungalisebenzisa kanjani-ke igunya ngendlela eyokwenza abanye bakhululeke ukuveza lonke ikhono labo kunokuba bakuzonde noma ubalimaze ngamazwi noma ngezenzo?—IzAga 12:18.

UJesu Kristu Unikwe “Lonke Igunya”

Cabanga ngesibonelo sikaJesu Kristu. Ngaphambi nje kokuba enyukele ezulwini, wathi kubafundi bakhe: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Ingabe lokho kwabesabisa ngandlela-thile abafundi? Ingabe baba nomuzwa wokuthi uJesu usezobonisa umoya ofana nowoKhesari baseRoma, ababedume ngokuphoqoza kwasani ephikisayo noma evukelayo?

IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi akubanga njalo. UJesu Kristu usebenzisa igunya ngendlela efanayo naleyo uYise alisebenzisa ngayo. Nakuba uJehova enguMbusi Wendawo Yonke onguMninimandla onke nofanelekayo, ufisa ukuba izikhonzi zakhe zimkhonze ngokuzithandela, hhayi ukuba zimlalele zingacabangi, zesaba noma zibe ovumazonke. (Mathewu 22:37) UJehova akalokothi alisebenzise kabi igunya lakhe. Umbono ophawulekayo owabonwa umprofethi uHezekeli uyakubonisa lokhu.

Kulo mbono, uHezekeli wabona izidalwa ezine eziyizingelosi ezazisekela ubukhosi bukaNkulunkulu. Ngasinye sasinobuso obune. UHezekeli uyabhala: “Ngokuqondene nesimo sobuso bazo, zozine zazinobuso bomuntu nobuso bengonyama ngakwesokunene, futhi zozine zazinobuso benkunzi ngakwesobunxele; zozine futhi zazinobuso bokhozi.” (Hezekeli 1:10) Lobu buso obune bumelela izimfanelo zikaNkulunkulu ezine eziyinhloko ezilinganiswe ngokuphelele. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi yilezi: uthando, olumelelwa ubuso bomuntu; ubulungisa, obumelelwa ubuso bengonyama; nokuhlakanipha, okumelelwa ubuso bokhozi. Lezi zimfanelo ezintathu zisebenza kanye neyesine—amandla, amelelwa ubuso benkunzi. Kusho ukuthini konke lokhu? Lo mbono ubonisa ukuthi uJehova akalokothi asebenzise amandla negunya lakhe elingenamingcele ngendlela engqubuzana nalezi ezinye izimfanelo zakhe eziyinhloko.

UJesu Kristu wayelingisa uYise ngaso sonke isikhathi. Wayesebenzisa igunya lakhe ngendlela evumelana ngokuphelele nothando, ukuhlakanipha nobulungisa. Abafundi bakhe babethola ukuqabuleka okukhulu ngaphansi kwegunya lakhe. (Mathewu 11:28-30) Imfanelo evelele kaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu uthando, hhayi amandla noma igunya!—1 Korinte 13:13; 1 Johane 4:8.

Ulisebenzisa Kanjani Igunya?

Wena ulisebenzisa kanjani igunya? Ngokwesibonelo, ingabe usebenzisa igunya lakho ukuze ulawule izinto emkhayeni wakho kuye ngokuthi wena uthandani? Ingabe abanye emkhayeni wakho bavumelana nezinqumo zakho ngoba bekwesaba noma ngoba bekuthanda? Ingabe izinto zinqunywa ngokuthi ubani onamandla kakhulu? Lena yimibuzo izinhloko zemikhaya ezingacabanga ngayo ukuze zigcine ukuhleleka okungokwasezulwini emikhayeni yazo.—1 Korinte 11:3.

Kuthiwani uma unegunya elithile ebandleni lobuKristu? Ukuze uhlole ukuthi ulisebenzisa kahle yini, qhathanisa izenzo zakho nezimiso ezilandelayo eziphefumulelwe uJehova uNkulunkulu futhi uJesu Kristu aphila ngazo.

“Inceku yeNkosi . . . kufanele ibe mnene kubo bonke, . . . izibambe ngaphansi kobubi, ibayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.”2 Thimothewu 2:24, 25.

Abanye abantu ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala babenegunya elikhulu. Ngokwesibonelo, uThimothewu wayekwazi ngisho ‘nokuyala abathile ukuba bangafundisi imfundiso ehlukile.’ (1 Thimothewu 1:3) Nokho, singaqiniseka ukuthi uThimothewu wayebonisa izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu kukho konke ayekwenza, ngoba akungabazeki ukuthi wasisebenzisa iseluleko sikaPawulu sokuba ayale “ngobumnene” futhi ‘abe mnene kubo bonke’ lapho engamela ibandla lobuKristu. Ngenxa yokuthi wayemncane ngeminyaka, kwakufanele aziphathe njengendodana ehloniphayo kwasebekhulile, kwabancane aziphathe njengomfowabo okhathalelayo. (1 Thimothewu 5:1, 2) Lapho linakekelwa ngothando ngale ndlela, ibandla lobuKristu liyafudumala, libe njengomkhaya onothando. Alibi njengenkampani yebhizinisi engenamfudumalo naluzwela.—1 Korinte 4:14; 1 Thesalonika 2:7, 8.

“Ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. Akunjalo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu.”—Mathewu 20:25, 26.

Omashiqela bezwe “bazenza izingqongqo” kwabanye ngokufuna ukuba benze intando yabo nangokuphikelela ekutheni izinto zenziwe ngendlela ethile, besongela ngokubajezisa uma bengalaleli. Nokho, uJesu Kristu wagcizelela ukukhonza abanye hhayi ukubacindezela. (Mathewu 20:27, 28) Ngaso sonke isikhathi wayebaphatha ngothando nangokukhathalela abafundi bakhe. Lapho ulandela isibonelo sikaJesu, kuba lula kakhulu kwabanye ukubambisana nawe. (Hebheru 13:7, 17) Kwenza kube lula nokuzithoba egunyeni lakho, baze benze nokungaphezu kwalokho obacela khona uma bekwazi, bekwenza ngokuzithandela hhayi ngokuphoqwa ngandlela-thile.—Mathewu 5:41.

“Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, . . . kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.”—1 Petru 5:2, 3.

Ababonisi namuhla bayaqaphela ukuthi bayolandisa ngenhlalakahle engokomoya yabo bonke ebandleni. Lo mthwalo wemfanelo bawubheka njengongathí sina. Bazama ukunakekela umhlambi kaNkulunkulu ngokuzithandela, ngokuzimisela nangothando. Njengomphostoli uPawulu, basebenza kanzima ukuze bakhe futhi baqinise ukholo lwalabo ababaphathisiwe, hhayi ukuze bazenze izingqongqo zokholo lwabo.—2 Korinte 1:24.

Lapho kunesidingo sokunikeza iseluleko esifanelekayo, abadala basinikeza ngomoya wobumnene ukuze bamlungise lowo owonayo noma basize omunye umKristu ukuba athuthuke ngokomoya. Bakhumbula amazwi omphostoli uPawulu: “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo, kuyilapho niziqaphela nina ngabanye, funa nani nilingwe.”—Galathiya 6:1; Hebheru 6:1, 9-12.

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile . . . Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:13, 14.

Ubaphatha kanjani labo okungenzeka abazifinyeleli ngokugcwele izindinganiso zobuKristu? Ingabe uyakucabangela ukungapheleli kwabo, njengoba kwenza uJehova noJesu Kristu? (Isaya 42:2-4) Noma ingabe uyaphikelela ufune ukuba kusetshenziswe umthetho njengoba unjalo esimweni ngasinye? (IHubo 130:3) Khumbula, kuyafaneleka ukubonisa ubumnene lapho kungenzeka nokuqina kuphela lapho kufuneka khona. Ukwenza izinto ngothando kuyosiza ekwakheni izibopho eziqinile zokwethembana phakathi kwakho nalabo onegunya phezu kwabo.

Uma uphathiswe igunya lohlobo oluthile, kusebenzele kanzima ukulingisa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu endleleni olisebenzisa ngayo. Khumbula umfanekiso omuhle womhubi ochaza indlela uJehova alisebenzisa ngayo igunya lakhe kubantu bakhe. UDavide wahlabelela: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Uqabula umphefumulo wami. Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe.” Ngokufanayo, sifunda lokhu ngoJesu: “Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi, njengoba nje uBaba engazi nami ngiyamazi uBaba; futhi nginikela umphefumulo wami ngenxa yezimvu.” Singazitholaphi nje izibonelo ezinhle ukudlula lezi zokusetshenziswa kwegunya ngothando?—IHubo 23:1-3; Johane 10:14, 15.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 18]

Ngaso sonke isikhathi, indlela uJehova asebenzisa ngayo amandla ivumelana ngokuphelele nobulungisa, ukuhlakanipha nothando lwakhe

[Isithombe ekhasini 18]

Ngezinye izikhathi, abadala kumelwe banikeze abonayo iseluleko sothando

[Isithombe ekhasini 19]

UPawulu weluleka uThimothewu ukuba aziphathe njengendodana ehloniphayo kwasebekhulile, kwabasebasha abe njengomfowabo okhathalelayo

[Isithombe ekhasini 20]

UJesu Kristu usebenzisa igunya lakhe ngendlela enokuhlakanipha, ubulungisa nothando