Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuqonda IBhayibheli—Ubumnandi Nawe Ongabuzwa

Ukuqonda IBhayibheli—Ubumnandi Nawe Ongabuzwa

Ukuqonda IBhayibheli—Ubumnandi Nawe Ongabuzwa

IBHAYIBHELI liqukethe amaqiniso ayigugu avela kuNkulunkulu. Lisitshela ngenjongo yokuphila, imbangela yokuhlupheka nangekusasa lesintu. Lisifundisa indlela yokuthola injabulo, yokwenza abangane neyokubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga. Ngaphezu kwalokho, lisifundisa ngoMdali onguBaba wethu osezulwini, uJehova. Ukwazi lezi zinto kuyasijabulisa, kwenze ukuphila kwethu kube nenjongo.

EBhayibhelini, ukufunda ngoNkulunkulu kufaniswa nokudla. UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4; Hebheru 5:12-14) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo kubalulekile ukuze sizuze esithembisweni sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade, njengoba nje nokudla ukudla okunomsoco usuku ngalunye kubalulekile ukuze siqhubeke siphila.

Siyakujabulela ukudla ngenxa yokuthi sadalwa ngendlela esenza sikujabulele nangenxa yokuthi kwanelisa isidingo esiyisisekelo. Nokho, kunesinye isidingo esiyisisekelo okumelwe sisanelise uma sifuna ukujabula. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Singakwazi ukujabula ngoba leso sidingo singaneliswa ngokuqonda iZwi likaNkulunkulu.

Kuyiqiniso ukuthi kunzima ngabanye ukuqonda iBhayibheli. Ngokwesibonelo, ungase ufune usizo ukuze uqonde imiBhalo ekhuluma ngamasiko ongawajwayele noma esebenzisa izifengqo. Kanti kubuye kube neziprofetho ezibhalwe ngolimi olungokomfanekiso umuntu angaziqonda kuphela ngokuziqhathanisa namanye amavesi eBhayibheli akhuluma ngendaba efanayo. (Daniyeli 7:1-7; IsAmbulo 13:1, 2) Noma kunjalo, ungakwazi ngempela ukuqonda iBhayibheli. Ungaqiniseka kanjani ngalokho?

Ubumnandi Bonke Abantu Abangabuzwa

IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu futhi usebenzisa lona ukuze asembulele intando yakhe. Ubengasinikeza yini incwadi enganakuqondakala noma engaqondwa kuphela abantu abafunde kakhulu? Cha, ubengenakusenza into ebuhlungu kangako. UKristu Jesu wathi: “Yimuphi ubaba phakathi kwenu othi indodana yakhe icela inhlanzi, ayinike mhlawumbe inyoka esikhundleni senhlanzi? Noma, uma icela iqanda, ayinike ufezela na? Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:11-13) Ngakho, ungaqiniseka ngokuthi ungaliqonda iBhayibheli nokuthi uma umcela ngobuqotho uNkulunkulu, uyokunikeza usizo oludingayo ukuze uqonde iZwi lakhe. Ingani ngisho nezingane zingakwazi ukuzwa nokuqonda izimfundiso zeBhayibheli!—2 Thimothewu 3:15.

Nakuba ukuqonda iBhayibheli kudinga umzamo, ukuliqonda kungaba nethonya elinamandla, kusiphilise. Ngemva kokuvuka kwakhe, uJesu wabonakala kubafundi bakhe ababili wakhuluma nabo ngeziprofetho zeBhayibheli. Ukulandisa kukaLuka kuthi: “Eqala kuMose nakubo bonke abaProfethi wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.” Waba yini umphumela? Kamuva kusihlwa, lapho bezindla ngalokho abase bekutholile kuye, abafundi bathi komunye nomunye: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” (Luka 24:13-32) Kwabajabulisa ukuqonda iZwi likaNkulunkulu ngoba laqinisa ukholo lwabo ngokuqondene nezithembiso zikaNkulunkulu futhi labenza baba nombono oqondile ngekusasa.

Ukuqonda iZwi likaNkulunkulu akuyona neze into enzima, kodwa kuyathakazelisa futhi kuyazuzisa, kumnandi njengokudla okwehla esiphundu. Yini okumelwe uyenze ukuze uliqonde? Isihloko esilandelayo sibonisa indlela ongaluthola ngayo “ulwazi ngoNkulunkulu.”—IzAga 2:1-5.

[Isithombe ekhasini 4]

Njengoba engubaba onothando, uJehova usinikeza umoya ongcwele ukuze usisize siqonde iBhayibheli