Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Eyokusiza Uqonde IBhayibheli?

Yini Eyokusiza Uqonde IBhayibheli?

Yini Eyokusiza Uqonde IBhayibheli?

“UZIFIHLE ngokucophelela lezi zinto kwabahlakaniphileyo nakongqondongqondo, wazambulela izingane.” (Luka 10:21) La mazwi ashiwo uJesu ewaqondise kuYise osezulwini, abonisa ukuthi ukuze siqonde iBhayibheli kumelwe sibe nesimo sengqondo esifanele. Ukuhlakanipha kukaJehova kwembulwe ngokuthi uye wenza kwaba nencwadi engase iqondwe ngempela abantu abathobekile nabafundisekayo kuphela.

Kunzima ngabaningi bethu ukubonisa ukuthobeka. Sonke sazalwa sinokuthambekela kokuqhosha. Ngaphezu kwalokho, siphila “ezinsukwini zokugcina,” phakathi kwabantu “abazithandayo, . . . abanenkani, abakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:1-4) Yilezi zinto ezenza singakwazi ukuqonda iZwi likaNkulunkulu. Kuyadabukisa ukuthi ngezinga elithile sonke sithonywa izimo ezisizungezile. Ungakwazi kanjani-ke ukuba nesimo sengqondo esidingekayo ukuze uqonde iBhayibheli?

Ukulungisa Inhliziyo Nengqondo

U-Ezra, umholi wasendulo wabantu bakaNkulunkulu, ‘walungisa inhliziyo yakhe ukuba ahlole umthetho kaJehova.’ (Ezra 7:10) Ikhona yini indlela thina esingazilungisa ngayo izinhliziyo zethu? Yebo. Singaqala ngokuba nombono ofanele ngemiBhalo. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ayekanye nawo: “Ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela.” (1 Thesalonika 2:13) Nakuba uJehova asebenzisa abantu ukubhala imiBhalo, abakubhala kwakuvela kuye. Ukukhumbula lelo qiniso elibalulekile kuyosenza sikwamukele nakakhulu lokho esikufundayo.—2 Thimothewu 3:16.

Umthandazo ungenye indlela yokulungisa izinhliziyo zethu. Njengoba iBhayibheli laphefumulelwa ngomoya ongcwele, siyowuqonda umyalezo walo sisizwa yiwo lowo moya. Kumelwe siluthandazele lolo sizo. Phawula indlela umhubi ayekukhathalela ngayo lokhu: “Ngenze ngiqonde, ukuze ngigcine umthetho wakho futhi ngiwugcine ngenhliziyo yonke.” (IHubo 119:34) Akufanele sithandazele kuphela ukuhlakanipha kokuqonda okubhaliwe, kodwa nesimo senhliziyo esiyosenza sikwamukele. Ukuze siqonde iBhayibheli, kudingeka sizamukele izinto eziyiqiniso.

Njengoba uzindla ukuze ube nesimo sengqondo esifanele, cabanga ngalokho ongakwenzelwa ukutadisha iBhayibheli. Kunezizathu eziningi ezinhle zokufunda iZwi likaNkulunkulu, kodwa esibaluleke kunazo zonke ukuthi lisisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu. (Jakobe 4:8) Lapho sifunda ngendlela uJehova enza ngayo ezimweni ezihlukahlukene, indlela abazisa ngayo abamthandayo nendlela asebenzelana ngayo nalabo abamshiyayo, siyaqonda ukuthi uluhlobo luni lomuntu. Isisusa sethu esiyinhloko sokufunda iBhayibheli kufanele njalo kube ukumazi kangcono uNkulunkulu, ngaleyo ndlela siqinise ubuhlobo bethu naye.

Izinto Ezithiya Isimo Sengqondo Esifanele

Yini engasithiya singaliqondi iZwi likaNkulunkulu? Esinye isithiyo ukubambelela ezintweni ezithile ngokungafanele. Ngokwesibonelo, ungase ubambelele ezinkolelweni nasemibonweni yabantu abathile abahlonishwayo. Nokho, kuthiwani uma labo bantu bengalisekeli noma bengalazisi iqiniso leZwi likaNkulunkulu? Ezimweni ezinjalo, kungaba inselele ukuqonda lokho okushiwo iBhayibheli ngempela. Ngakho, lisikhuthaza ukuba sizihlolisise ngokucophelela izinto esazifundiswa.—1 Thesalonika 5:21.

UMariya, unina kaJesu, wabhekana nenselele enjalo. Wakhuliswa ngamasiko amaJuda. Wayewugcina njengoba unjalo uMthetho KaMose futhi akungatshazwa ukuthi wayelihamba isinagoge. Kamuva wabona ukuthi indlela yokukhulekela ayeyifundiswe abazali bakhe yayingasamukeleki kuNkulunkulu. Ngakho, uMariya wamukela imfundiso kaJesu futhi waba phakathi kwamalungu okuqala ebandla lobuKristu. (IzEnzo 1:13, 14) Ukwenza lokhu akusho ukuthi wayengabahloniphi abazali bakhe noma amasiko abo; kodwa wayebonisa uthando analo ngoNkulunkulu. Ukuze sizuze eBhayibhelini, kumelwe senze njengoMariya, sibe qotho kuNkulunkulu kunokuba qotho kunoma imuphi umuntu.

Kuyadabukisa ukuthi abantu abaningi abalazisi kangako iqiniso leBhayibheli. Abanye kuyabanelisa ukulandela amasiko enkolo asekelwe emangeni. Abanye babonisa ukungalihloniphi iqiniso ngendlela abakhuluma ngayo nangendlela abaphila ngayo. Ngakho-ke, ukwamukela iqiniso leBhayibheli kudinga ukuzidela: Kungase kukwenze ungezwani nabangane, omakhelwane, abantu osebenza nabo ngisho nanomkhaya wakho. (Johane 17:14) Noma kunjalo, indoda ehlakaniphile yabhala: “Thenga iqiniso ungalithengisi.” (IzAga 23:23) Uma ulihlonipha ngempela iqiniso, uJehova uyokusiza uqonde iBhayibheli.

Enye into ethiya abantu ekuqondeni umyalezo weBhayibheli ukungazimiseli ukwenza lokho elikushoyo. UJesu watshela abafundi bakhe: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu, kodwa labaya bantu abakunikwanga. Ngoba inhliziyo yalaba bantu iye yaba lukhuni, nangezindlebe zabo bezwile bangasabela.” (Mathewu 13:11, 15) Iningi labantu uJesu ayelishumayeza lalingasabeli, lingazimisele ukushintsha. Yeka indlela elalihluke ngayo kumthengisi ohambahambayo uJesu akhuluma ngaye emfanekisweni wakhe! Kwathi nje lapho ethola iparele lenani eliphakeme wathengisa zonke izinto ayenazo ukuze alithenge. Ukuqonda iqiniso leBhayibheli kufanele kube yigugu ngendlela efanayo nakithi.—Mathewu 13:45, 46.

Inselele Yokuba Umuntu Ofundisekayo

Inselele enkulu ekuqondeni iBhayibheli ukuba umuntu ofundisekayo. Umuntu angase akuthole kunzima ukwamukela izinto ezintsha kumuntu obonakala engumuntukazana nje. Nokho, abaphostoli bakaJesu Kristu babengabantu “abangafundile nabavamile.” (IzEnzo 4:13) Echaza ukuthi kungani babenjalo, uPawulu wabhala: “Ukunibiza kwakhe niyakubona, bafowethu, ukuthi ababaningi abahlakaniphileyo ngendlela yenyama ababizwa, ababaningi abanamandla, ababaningi abazalwa yizicukuthwane; kodwa uNkulunkulu wakhetha izinto eziwubuwula zezwe, ukuze ahlazise abantu abahlakaniphileyo.” (1 Korinte 1:26, 27) Uma uthola ukuthi kunzima ukuthobela ukufundiswa umuntukazana nje, khumbula ukuthi lowo muntu umane uyithuluzi uNkulunkulu alisebenzisayo ukuze akufundise. Yiliphi nje ilungelo elidlula ukufundiswa uJehova, ‘uMfundisi wethu Omkhulu’?—Isaya 30:20; 54:13.

Umlawuli wamabutho waseSiriya, uNahamani, wakuthola kuyinselele ukuthatha iziqondiso zomuntukazana nje. Wahamba waya kumprofethi kaJehova u-Elisha efuna ukuphulukiswa ochokweni. Kodwa iziqondiso zikaNkulunkulu zendlela uNahamani ayengaphulukiswa ngayo wazithola ngenceku. Umyalezo ngokwawo nendlela owafika ngayo kwabekela ukuthobeka kukaNahamani inselele kangangokuthi waqale wenqaba ukulalela izwi lomprofethi kaNkulunkulu. Kamuva, uNahamani wasishintsha isimo sakhe sengqondo, futhi waphulukiswa. (2 AmaKhosi 5:9-14) Nathi sibhekana nenselele efanayo lapho sifunda iBhayibheli. Singase sifunde ukuthi ukuze siphulukiswe ngokomoya futhi kuthuthukiswe ukuziphatha kwethu, kudingeka sishintshe indlela esiphila ngayo. Siyothobeka yini, sivumele othile ukuba asifundise okudingeka sikwenze? Ngabantu abafundisekayo kuphela abayokwazi ukuqonda iBhayibheli.

Indoda ethile eyisikhulu, esesikhundleni sokuphatha ngaphansi kukaKhandakhe indlovukazi yamaTopiya yabonisa isimo sengqondo esihle. Yayihamba ngenqola yayo ibuyela e-Afrika ngesikhathi umfundi uFiliphu egijima eceleni kwayo. UFiliphu wabuza le ndoda ukuthi iyakuqonda yini ekufundayo. Lesi sikhulu sasithobekile impela, futhi saphendula: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” Lapho isiliqondile iZwi likaNkulunkulu, le ndoda yabhapathizwa. Ngemva kwalokho, ‘yaqhubeka nendlela yayo ijabula.’—IzEnzo 8:27-39.

Ngokujwayelekile oFakazi BakaJehova bangabantu abavamile nje. Masonto onke baqhuba izifundo zeBhayibheli emakhaya abantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha. Njengoba iBhayibheli lifundisa indlela engcono kakhulu yokuphila, lichaze ukuphela kwethemba eliqinisekile ngesintu futhi libonise indlela yokwazi uNkulunkulu, izigidi ziye zathola ukuthi ukulitadisha nokuqonda elikushoyo kuyinjabulo engenakuqhathaniswa. Kuwubumnandi nawe ongabuzwa.

[Isithombe ekhasini 7]

UNamani wakuthola kunzima ukuthatha iziqondiso zenceku engumuntukazana

[Isithombe ekhasini 7]

Ukuqonda iBhayibheli kuyajabulisa