Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

Yiziphi ezinye zezizathu ezenza kube nobubi obungaka namuhla?

Enye imbangela yobubi ukuthi umuntu uthambekele ebubini. (Genesise 8:21) Enye ukuthi iningi labantu lintula ulwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uSathane, umsunguli wobubi, uyaqhubeka engenela ezindabeni zesintu.—1/1, amakhasi 4-6.

Buhle buni obungaba khona ngokukhuluma izwi elihle ngesikhathi salo esifanele? (IzAga 12:25)

Kungenza umuntu okukhulunywa naye abe nokuzethemba, kumkhuthaze futhi kumshukumise, kumenze azizwe amukelekile kwabanye abantu. Kanti futhi njengoba sifuna amathuba okuncoma, lokhu kuyasisiza ngoba kwenza sibheke okuhle kwabanye.—1/1, amakhasi 16-17.

Yini eyayisemphongolweni wesivumelwano?

Kwakukhona izibhebhe zamatshe ezimbili zoMthetho kanye nemana. Ngemva kokuvukela kukaKhora, kwafakwa induku ka-Aroni eMphongolweni ukuze ibe ubufakazi kuleso sizukulwane. (Hebheru 9:4) Kungenzeka ukuthi induku nemana kwakhishwa eMphongolweni ngaphambi kokunikezelwa kwethempeli likaSolomoni.—1/15, ikhasi 31.

Kungani amaJuda osukwini lukaNehemiya kwakudingeka alethe izinkuni ethempelini?

Iminikelo yezinkuni yayingekho eMthethweni KaMose. Kodwa osukwini lukaNehemiya kwakunesidingo sokuba kuhlale kunezinkuni ukuze kwenziwe imihlatshelo e-altare.—2/1, ikhasi 11.

Luyini uCezu LukaMuratori?

Luyingxenye yombhalo wesandla wesiLatini. Lo mbhalo wabhalwa okokuqala ngesiGreki cishe ngasekupheleni kwekhulu lesibili C.E. Lolu Cezu lunohlu oludala kakhulu lwezincwadi zemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nokukhulunyelwa kwazo nababhali bazo.—2/15, amakhasi 13-14.

Kungani indlovukazi yasePheresiya, uVashiti, yayilokhu yenqaba ukuya enkosini? (Esteri 1:10-12)

IBhayibheli alizisho izisusa zayo. Ezinye izazi zisikisela ukuthi yenqaba ngoba yayingafuni ukuzihlaza phambi kwezimenywa zenkosi ezazidakiwe. Noma kungenzeka ukuthi le ndlovukazi enguphuma langa sikothe yayingathobekile, futhi ngokwenza lokhu yayiwabekela isibonelo esibi amanye amakhosikazi eMbusweni WasePheresiya.—3/1, ikhasi 9.

Isihlengo sisikhulula kanjani?

Umhlatshelo kaJesu ungasikhulula esonweni esasizuza njengefa futhi ungasikhulula emiphumeleni yesono emibi. (Roma 6:23) Lo mhlatshelo wenza amaKristu eqiniso angabi nonembeza onecala. Ngokubonisa ukholo esihlengweni, singakhululwa ekubeni novalo ngobuhlobo bethu noNkulunkulu. (1 Johane 2:1)—3/15, ikhasi 8.

Yini esingayifunda eMthethweni owenqabela ukubilisa izinyane obisini lukanina? (Eksodusi 23:19)

Lokhu kubilisa izinyane obisini lukanina kungenzeka ukuthi kwakuyisiko elalenziwa amaqaba ebiza imvula. (Levitikusi 20:23) UNkulunkulu wénza ukuba umama abe nobisi ukuze londle futhi lusize izinyane ukuba likhule. Ukupheka izinyane kulolo bisi kwakuyobonisa ukungabuhloniphi ubuhlobo uNkulunkulu abenze ukuba bube khona phakathi komzali nomntanakhe. Umthetho owenqabela lo mkhuba ubonisa ukuthi uNkulunkulu unesihawu.—4/1, ikhasi 31.