Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izandla Zenu Mazibe Namandla

Izandla Zenu Mazibe Namandla

Izandla Zenu Mazibe Namandla

“Izandla zenu mazibe namandla, nina enizwa la mazwi ngalezi zinsuku emlonyeni wabaprofethi.”—ZAKARIYA 8:9.

1, 2. Kungani kufanele siyinake incwadi kaHagayi nekaZakariya?

IZIPROFETHO zikaHagayi noZakariya zalotshwa eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule, kodwa ziyakuthinta ngempela ukuphila kwakho. Ukulandisa kweBhayibheli okukulezi zincwadi ezimbili akuwona nje umlando. Kuyingxenye yazo “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili [zilotshelwa] ukuba kufundiswe thina.” (Roma 15:4) Okuningi kwalokho esikufunda kuzo kusenza sicabange ngezinto ebezilokhu zenzeka ngokoqobo kusukela kwamiswa uMbuso ezulwini ngo-1914.

2 Ebhekisela ezenzakalweni nasezimweni zabantu bakaNkulunkulu basendulo, umphostoli uPawulu wathi: “Lezi zinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.” (1 Korinte 10:11) Ngakho, ungazibuza kufanele, ‘Incwadi kaHagayi nekaZakariya zibaluleke ngani osukwini lwethu?’

3. UZakariya noHagayi bágxila kuphi?

3 Njengoba isihloko esandulele sishilo, iziprofetho zikaHagayi noZakariya zikhuluma ngesikhathi amaJuda abuyela ngaso ezweni alinikwa uNkulunkulu ngemva kokukhululwa ekuthunjweni eBhabhiloni. Laba baprofethi ababili bágxila ekwakhiweni kabusha kwethempeli. AmaJuda abeka isisekelo sethempeli ngo-536 B.C.E. Nakuba amanye amaJuda ayesekhulile azithola ekhumbula isikhathi esidlule, amaningi ‘amemeza ngenjabulo.’ Nokho, empeleni osukwini lwethu kwenzeke into enkulu nangaphezulu. Sikusho ngani lokho?—Ezra 3:3-13.

4. Kwenzekani ngemva nje kweMpi Yezwe I?

4 Ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe I, abagcotshiweyo bakaJehova bakhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni Elikhulu. Lokho kwabonisa ngokucacile ukuthi uJehova uyabasekela. Ngaphambili, kwakubonakale sengathi abaholi benkolo nabangane babo bezombangazwe base beqedile ngomsebenzi wabaFundi BeBhayibheli wokushumayela nokufundisa obala. (Ezra 4:8, 13, 21-24) Nokho, uJehova uNkulunkulu wazisusa izithiyo zomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. Phakathi namashumi eminyaka kusukela ngo-1919, umsebenzi woMbuso uye wanda futhi akukho okuye kwakwazi ukuwunqanda.

5, 6. UZakariya 4:7 ubhekisela kumuphi umsebenzi omangalisayo ozofezwa esikhathini sethu?

5 Singaqiniseka ukuthi ukushumayela nokufundisa kwezinceku zikaJehova ezilalelayo esikhathini sethu kuzoqhubeka ngosizo lwakhe. KuZakariya 4:7, siyafunda: “Ngokuqinisekile uyokhipha itshe eliyinhloko. Kuyomenyezwa kuthiwe kulo: ‘Yeka ukubukeka! Yeka ukubukeka!’” Lokhu kubhekisela kumuphi umsebenzi omangalisayo ozofezwa esikhathini sethu?

6 UZakariya 4:7 ubhekisela esikhathini lapho ukukhulekela kweqiniso kweNkosi EnguMbusi kuyobuyiselwa esimweni sako emagcekeni asemhlabeni ethempeli layo elingokomoya. Leli thempeli liyilungiselelo likaJehova lokuba sisondele kuye simkhulekele ngesisekelo somhlatshelo kaKristu Jesu oyisihlawulelo. Yiqiniso, leli thempeli elikhulu elingokomoya belilokhu likhona kusukela ekhulwini lokuqala C.E. Nokho, ukukhulekela kweqiniso egcekeni lalo lasemhlabeni yimá kuzobuyiselwa esimweni sako. Manje izigidi zabakhulekeli zikhonza egcekeni lasemhlabeni laleli thempeli elingokomoya. Bona nezixuku zabayobe bevusiwe bayokwenziwa baphelele phakathi nokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, kuyosala abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso kuphela emhlabeni ohlanziwe.

7. UJesu unayiphi indima ekubuyiseleni ukukhulekela kweqiniso esimweni sako osukwini lwethu, futhi kungani lokho kufanele kusikhuthaze?

7 UMbusi uZerubhabhele nomPristi Ophakeme uJoshuwa babekhona lapho kuqedwa ithempeli ngo-515 B.C.E. UZakariya 6:12, 13 wabikezela indima kaJesu efana neyabo ekubuyiseleni ukukhulekela kweqiniso esimweni sako: “Yilokhu uJehova wamabutho akushilo: ‘Nangu umuntu ogama lakhe linguHlumela. Uyohluma esendaweni yakhe, futhi ngokuqinisekile uyolakha ithempeli likaJehova. Yena ngokwakhe . . . uyothwala isithunzi; uyohlala abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, abe ngumpristi esihlalweni sakhe sobukhosi.’” Ucabanga ukuthi ukhona ongathiya intuthuko yomsebenzi woMbuso ethempelini elingokomoya njengoba usekelwa uJesu osezulwini nobangela ukuba uhlu lwamakhosi lukaDavide luhlume? Akekho noyedwa! Akufanele yini lokhu kusikhuthaze ukuba siqhubeke nenkonzo yethu, singavumi ukuphazanyiswa izinkathazo zansuku zonke?

Izinto Eziza Kuqala

8. Kungani kumelwe sigcine umsebenzi wasethempelini elingokomoya uza kuqala ekuphileni kwethu?

8 Ukuze uJehova asisekele futhi asibusise, kumelwe sigcine umsebenzi wasethempelini elingokomoya uza kuqala ekuphileni kwethu. Kumelwe sikhumbule ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” singafani namaJuda athi, “Isikhathi asikafiki.” (Hagayi 1:2; 2 Thimothewu 3:1) UJesu wabikezela ukuthi abalandeli bakhe abaqotho babeyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi benze abafundi. Kumelwe siqaphele ukuba singalidebeseleli ilungelo lethu lenkonzo. Umsebenzi wokushumayela nokufundisa owama isikhashana ngenxa yokuphikisa kwezwe kodwa waphinde waqhubeka ngo-1919, awukapheli. Kodwa uzophela nakanjani!

9, 10. Sixhomekephi isibusiso sikaJehova, okusho ukuthini ngathi?

9 Izinga esiqhubeka sisebenza ngalo ngenkuthalo yilona zinga esiyobusiswa ngalo—njengeqembu nanjengabantu ngabanye. Phawula isithembiso sikaJehova esiqinisa idolo. Kwathi amaJuda angabuyela ekukhulekeleni komphefumulo wonke futhi awuqala kabusha ngokuzimisela umsebenzi wokubeka isisekelo sethempeli, uJehova wathi: “Kusukela kulolu suku ngizoletha isibusiso.” (Hagayi 2:19) Wayezophinde awabonise ngokugcwele umusa wakhe. Manje cabanga ngezibusiso ezisesithembisweni sikaNkulunkulu: “Kuyoba khona imbewu yokuthula; umvini uyothela izithelo zawo, umhlaba unike isivuno sawo, amazulu anike amazolo awo; futhi ngokuqinisekile ngiyobangela abasele kulesi sizwe ukuba bazuze zonke lezi zinto njengefa.”—Zakariya 8:9-13.

10 Njengoba nje uJehova awabusisa ngokomoya nangokwenyama lawo maJuda, uyosibusisa nathi njengoba senza umsebenzi asabele wona ngenkuthalo nangenhliziyo ejabulayo. Lezi zibusiso zihlanganisa ukuthula phakathi kwethu, ukulondeka, ukuchuma nokukhula ngokomoya. Nokho, ungaqiniseka ukuthi ukuqhubeka kukaNkulunkulu esibusisa kuxhomeke ekutheni siyawenza yini umsebenzi wasethempelini elingokomoya ngendlela uJehova afuna wenziwe ngayo.

11. Singazihlola kanjani?

11 Manje yisikhathi sokuba ‘sibeke inhliziyo yethu ezindleleni zethu.’ (Hagayi 1:5, 7) Kufanele sizinike isikhathi sihlaziye izinto eziza kuqala ekuphileni. Ukuthi uJehova uyasibusisa yini namuhla kuxhomeke ezingeni esiphakamisa ngalo igama lakhe nesiqhubeka ngalo nomsebenzi wethu ethempelini lakhe elingokomoya. Ungase uzibuze: ‘Ingabe izinto engizibheka njengezibalulekile kimi sezishintshile? Injani intshiseko yami ngoJehova, iqiniso lakhe nomsebenzi wakhe, uma ngiyiqhathanisa nangesikhathi ngibhapathizwa? Ingabe ukufuna ukuphila okunethezekile kunciphisa isikhathi namandla engikunika uJehova noMbuso wakhe? Ingabe ukwesaba abantu—ukukhathazeka ngokuthi abantu bazocabangani—kungenza ngizigodle ngandlela-thile?’—IsAmbulo 2:2-4.

12. Isiphi isimo samaJuda esiqokonyiswa uHagayi 1:6, 9?

12 Ngokuqinisekile, asifuni ukuba uNkulunkulu asigodlele isibusiso sakhe esicebile ngoba sidebeselela umsebenzi wokuphakamisa igama lakhe. Khumbula ukuthi ngemva kwesiqalo esihle, amaJuda abuyiselwe ‘agijima, yilowo nalowo ngenxa yendlu yakhe,’ njengoba kusho uHagayi 1:9. Aba matasa ngezidingo zawo siqu zansuku zonke nendlela yawo yokuphila. Ngenxa yalokho, ‘angenisa okuncane,’ aswela ukudla okumnandi, iziphuzo nezambatho ezifudumele. (Hagayi 1:6) UJehova wasigodla isibusiso sakhe. Kukhona yini esingakufunda kulokhu?

13, 14. Singasisebenzisa kanjani isifundo esisithola kuHagayi 1:6, 9, futhi kungani lokhu kubalulekile?

13 Awuvumi yini ukuthi ukuze siqhubeke sithola izibusiso zikaNkulunkulu, kumelwe sigweme ukuzifunela izinto ezizuzisa thina sibe singakunaki ukukhulekelwa kukaJehova? Kumelwe sizigweme lezo ziphazamiso kungakhathaliseki ukuthi ziwukuphishekela ingcebo, izinhlelo zokwenza imali ngokushesha, imigomo emikhulu yokuthola imfundo ephakeme ukuze sithole umsebenzi esiwuthandayo kulesi simiso, noma izinhlelo zokwanelisa izidingo zomuntu siqu.

14 Izinto ezinjalo kungenzeka azizimbi ngokwazo. Kodwa awuboni yini ukuthi empeleni ‘ziyimisebenzi efile’ uma uziqhathanisa nokuphila okuphakade? (Hebheru 9:14) Kanjani? Zifile, ziyize futhi azizuzisi ngokomoya. Uma umuntu ephishekela imisebenzi enjalo, ingambulala ngokomoya. Yilokho okwenzeka kwamanye amaKristu agcotshiwe ezinsukwini zabaphostoli. (Filipi 3:17-19) Kuye kwenzeka nakwabathile esikhathini sethu. Kungenzeka bakhona obaziyo abaphazamiseka kancane kancane emisebenzini yobuKristu baphuma ebandleni; manje akukho lutho olubonisa ukuthi bayafuna ukubuyela enkonzweni kaJehova. Impela siyethemba ukuthi abanjalo bayobuyela kuJehova, kodwa iqiniso liwukuthi ukuphishekela ‘imisebenzi efile’ kungenza umuntu alahlekelwe umusa nesibusiso sikaJehova. Kusobala ukuthi lokho kungaba into edabukisa kakhulu. Kungalahlekisela umuntu injabulo nokuthula okuvezwa umoya kaNkulunkulu. Cabanga nje ukuthi kungaba ukulahlekelwa okukhulu kangakanani ukungakwazi ukuba nobudlelwane obufudumele namanye amaKristu!—Galathiya 1:6; 5:7, 13, 22-24.

15. UHagayi 2:14 ubonisa kanjani ukuthi ukukhulekela kwethu kuyindaba engathí sina?

15 Lena indaba engathí sina ngempela. Phawula kuHagayi 2:14 indlela uJehova awabheka ngayo amaJuda ayengayinaki indlu yakhe yokukhulekela elibele ukuhlobisa izindlu zawo ngamapulangwe ngokoqobo noma ngokomfanekiso. “‘Sinjalo-ke lesi sizwe, futhi sinjalo lesi sizwe phambi kwami,’ kusho uJehova, ‘futhi unjalo wonke umsebenzi wezandla zaso, nanoma yini esiyiletha lapho. Ingcolile.’” Noma imuphi umhlatshelo wokugcina icala la maJuda angenantshiseko ayewunikela e-altare lesikhashana eJerusalema wawungamukeleki, uma nje ayesalokhu engakunaki ukukhulekela kweqiniso.—Ezra 3:3.

Ukusekelwa Okuqinisekile

16. Ngokusekelwe emibonweni kaZakariya, yini amaJuda ayengaqiniseka ngayo?

16 AmaJuda alalelayo ayelakha kabusha ithempeli likaNkulunkulu aqinisekiswa ukuthi uJehova wayeyowasekela njengoba abonisa ngochungechunge lwemibono engu-8 eyabonwa uZakariya. Owokuqala waqinisekisa ukuqedwa kwethempeli nokuchuma kweJerusalema noJuda uma nje amaJuda ayelalela, awenze umsebenzi ayewunikiwe. (Zakariya 1:8-17) Umbono wesibili wathembisa ukuqedwa kwabo bonke ohulumeni ababephikisa ukukhulekela kweqiniso. (Zakariya 1:18-21) Eminye imibono yanikeza isiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu wayezowuvikela umsebenzi wokwakha, kwakuzothutheleka abantu bezizwe eziningi kuleyo ndlu yokukhulekela uJehova lapho isiqediwe, kwakuzoba nokuthula nokulondeka kweqiniso, kwakuzosuswa izithiyo ezazibonakala ziwumqansa zomsebenzi ovela kuNkulunkulu, kwakuzosuswa ububi futhi izingelosi zazizoqondisa abantu bakaNkulunkulu, zibavikele. (Zakariya 2:5, 11; 3:10; 4:7; 5:6-11; 6:1-8) Ungabona ukuthi kungani abalalelayo bathi bangathola iziqinisekiso ezinjalo zokusekela kukaNkulunkulu, balungisa indlela yabo yokuphila bagxila emsebenzini uNkulunkulu ayebakhululele wona.

17. Njengoba sicabanga ngesiqinisekiso esinaso, yini okufanele sizibuze yona?

17 Ngokufanayo, isiqinisekiso esinaso sokuthi nakanjani ukukhulekela kweqiniso kuyonqoba kufanele sisishukumise futhi sisenze sicabange ngokungathí sina ngendlu kaJehova yokukhulekela. Zibuze: ‘Uma ngikholelwa ukuthi manje yisikhathi sokwenza umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi, ingabe imigomo nendlela yami yokuphila kuyavumelana nalokho engikukholelwayo? Ingabe ngichitha isikhathi esanele ngitadisha iZwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho, ngilenze libe yinto engiyikhathalelayo futhi ngixoxe ngalo namanye amaKristu kanye nabanye engihlangana nabo?’

18. NgokukaZakariya isahluko 14, yini esiyilindele?

18 UZakariya wabhekisela ekubhujisweni kweBhabhiloni Elikhulu okuyolandelwa yimpi ye-Armagedoni. Siyafunda: “Kuyoba usuku olulodwa olwaziwa njengolukaJehova. Ngeke kube yimini, futhi ngeke kube ngubusuku; ukuhlwa kuyoba ngukukhanya.” Yebo, usuku lukaJehova luyoba olumnyama nolosizi ngempela ezitheni zakhe ezisemhlabeni! Kodwa kubakhulekeli bakaJehova abathembekile luyosho ukukhanya okungapheli nomusa. UZakariya wachaza nendlela yonke into ezweni elisha eyomemezela ngayo ubungcwele bukaJehova. Ukukhulekela kweqiniso ethempelini likaNkulunkulu elikhulu elingokomoya kuyoba ukuphela kohlobo lokukhulekela emhlabeni. (Zakariya 14:7, 16-19) Yeka isiqinisekiso! Siyokubona ukugcwaliseka kwalokho okwabikezelwa kanye nokulwelwa kobukhosi bukaJehova. Yeka indlela oluyoba oluhluke ngayo lolo suku lukaJehova!

Izibusiso Zaphakade

19, 20. Kungani uZakariya 14:8, 9 ekukhuthaza?

19 Ngemva kwaleso senzakalo esimangalisayo, uSathane namademoni akhe bayovalelwa kwalasha wokungenzi lutho. (IsAmbulo 20:1-3, 7) Khona-ke, phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyogeleza izibusiso. UZakariya 14:8, 9 uthi: “Kuyothi ngalolo suku amanzi aphilayo aphume eJerusalema, ingxenye yawo iye olwandle olungasempumalanga enye iye olwandle olungasentshonalanga. Kuyokwenzeka ehlobo nasebusika. UJehova uyoba yinkosi phezu kwawo wonke umhlaba. Ngalolo suku uJehova uyoba munye, negama lakhe libe linye.”

20 “Amanzi aphilayo,” noma “umfula wamanzi okuphila,” afanekisela amalungiselelo kaJehova okuphila, ayogeleza njalo esuka esihlalweni soMbuso KaMesiya. (IsAmbulo 22:1, 2) Isixuku esikhulu sabakhulekeli bakaJehova abayobe besinde e-Armagedoni siyozuza ngokukhululwa esijezisweni sokufa okuvela ku-Adamu. Ngisho nabafileyo bayozuza ngovuko. Ngaleyo ndlela kuyoqala inkathi entsha ekubuseni kukaJehova umhlaba. Emhlabeni wonke abantu bayoqaphela uJehova njengoMbusi Wendawo Yonke, okuwukuphela kwakhe okumelwe akhulekelwe.

21. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

21 Ngenxa yakho konke lokho uHagayi noZakariya abakubikezela nakho konke osekugcwalisekile, sinesizathu esizwakalayo sokuqhubeka nomsebenzi uNkulunkulu asabele wona emagcekeni asemhlabeni ethempeli lakhe elingokomoya. Kwangathi sonke singalwela ukugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala, kuze kube yilapho ukukhulekela kweqiniso kubuyiselwa esimweni sako. UZakariya 8:9 uyasikhuthaza: “Izandla zenu mazibe namandla, nina enizwa la mazwi ngalezi zinsuku emlonyeni wabaprofethi.”

Uyakhumbula?

• Yini eyenzeke emlandweni eyenza incwadi kaHagayi nekaZakariya zisebenze namuhla?

• Isiphi isifundo esisithola encwadini kaHagayi nekaZakariya mayelana nezinto eziza kuqala?

• Kungani ukuhlola uHagayi noZakariya kusinika isizathu sokuqiniseka ngekusasa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

UHagayi noZakariya bakhuthaza amaJuda ukuba asebenze ngomphefumulo wonke, ngaleyo ndlela athole isibusiso

[Izithombe ekhasini 27]

Ingabe ‘ugijima ngenxa yendlu yakho’?

[Isithombe ekhasini 28]

UJehova wathembisa isibusiso, futhi usinikezile