Lihle Kangakanani Ikhono Lenu Lokukhulumisana?
Lihle Kangakanani Ikhono Lenu Lokukhulumisana?
“INCWADI Yothando Ebhalwe Umuntu Oneminyaka Engu-60 Ubudala.” Sasisho kanjalo isihloko somncintiswano owenziwa yibhange laseJapane eminyakeni embalwa edlule. Lacela abantu baseJapane abaseminyakeni yawo-50 nawo-60 ukuba baveze “indlela abazizwa ngayo ngempela” ngabantu abashade nabo. Omunye owayengenele lo mncintiswano wabhalela umkakhe: “Mhlawumbe uzongihleka, kodwa ngiyozisola uma ngingakusho lokhu. Ngakho mangikusho kugcwale umlomo: Ngiyakubonga ngokuthi wangigana.”
Amasiko asemazweni amaningi, kuhlanganise nathile eMpumalanga, awakukhuthazi ukuveza imizwa. Noma kunjalo, abantu abangaphezu kuka-15 000 bawungenela lo mncintiswano. Wathandwa kakhulu kangangokuthi kwenziwa nowesibili, kwanyatheliswa nezincwadi ezisekelwe kuzo lezi zincwadi zothando ezabhalwa abantu. Lokhu kubonisa ukuthi abaningi balangazelela ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuveza indlela ababazisa ngayo abantu abashade nabo. Nokho, abanye abakwenzi lokhu. Kungani? Kungenzeka ukuthi kungenxa yokuthi kuba nzima ngabo noma badinga ikhono lokwenza abanye—njengabantu abashade nabo—baqonde indlela abazizwa ngayo.
UHitoshi Kato, owabhala incwadi ekhuluma ngomhlalaphansi, uthi phakathi kwemibhangqwana yaseJapane esikhulile, ngamakhosikazi athatha isinyathelo sokuhlukanisa ngenxa yentukuthelo yeminyaka. Ube esethi: “Kodwa lokhu kwenziwa nawukuthi imibhangqwana ayivulelani izifuba lapho kuvela izinkinga.”
Lapho ethatha umhlalaphansi, umyeni angase amangale lapho umkakhe esefuna ukuhlukanisa. Lokhu kwenziwa ukuthi kungenzeka kwadlula iminyaka bengakhulumi ngendlela abazizwa ngayo ngomunye nomunye. Kungenzeka
ukuthi babeke bazama ukuvezelana imizwa kodwa behluleka ukuba nengxoxo enokuthula. Kunokuba basondelane, njalo nje bazithola sebetshelana ezikabhoqo.Indoda nomkayo bangakuxazulula kanjani ukungaboni ngaso linye ngokuthula futhi batshelane indlela abazizwa ngayo ngomoya omuhle? Kuzokuthakazelisa ukwazi ukuthi ukusikisela okusebenza kakhulu akutholakali ezincwadini zamuva ezibhalwe abantu abeluleka ngezemishado, kodwa kutholakala encwadini endala kakhulu—iBhayibheli.