Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nginani”

“Nginani”

“Nginani”

‘Isithunywa sikaJehova saqhubeka sathi: “‘Nginani,’ kusho uJehova.”’—HAGAYI 1:13.

1. Iziphi izinkathi ezineziprofetho eziwumfuziselo wosuku lwethu uJesu akhuluma ngazo?

SIPHILA esikhathini esibaluleke kakhulu emlandweni. Njengoba kufakazelwa ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, kusukela ngo-1914 besilokhu ‘sisosukwini lweNkosi.’ (IsAmbulo 1:10) Cishe wake wafunda ngale ndaba, ngakho uyazi ukuthi uJesu wafanisa ‘izinsuku zeNdodana yomuntu’ iseMbusweni ‘nezinsuku zikaNowa’ ‘nezikaLoti.’ (Luka 17:26, 28) Ngakho, iBhayibheli libonisa ukuthi izenzakalo zezinsuku zalawo madoda ziyiziprofetho eziwumfuziselo wosuku lwethu. Nokho, kukhona nezinye izenzakalo eziyiziprofetho okufanele sizihlole ngobuqotho.

2. UJehova wabanika muphi umsebenzi oHagayi noZakariya?

2 Ake sihlole isimo sangezinsuku zabaprofethi abangamaHebheru, uHagayi noZakariya. Isiphi isigijimi esisebenza ngokuqondile kubantu bakaJehova esikhathini sethu esanikezwa yilaba baprofethi ababili abathembekile? UHagayi noZakariya ‘babeyizithunywa zikaJehova’ kumaJuda ngemva kokubuya kwawo ekuthunjweni eBhabhiloni. Bathunywa ukuyoqinisekisa ama-Israyeli ngokuthi uNkulunkulu uyawasekela njengoba akha kabusha ithempeli. (Hagayi 1:13; Zakariya 4:8, 9) Nakuba incwadi kaHagayi nekaZakariya zimfushane, ziyingxenye yayo ‘yonke imiBhalo ephefumulelwe uNkulunkulu futhi enenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’—2 Thimothewu 3:16.

Kufanele Sizinake Iziprofetho Zabo

3, 4. Kungani izigijimi zikaHagayi noZakariya kufanele zisithakazelise?

3 Ngokuqinisekile, izigijimi zikaHagayi noZakariya zawazuzisa amaJuda osuku lwabo, futhi iziprofetho zabo zagcwaliseka ngaleso sikhathi. Nokho, kungani siqiniseka ukuthi lezi zincwadi ezimbili kufanele sizinake namuhla? Inkomba siyithola kumaHebheru 12:26-29. Lapho, umphostoli uPawulu ucaphuna uHagayi 2:6, othi uNkulunkulu ‘uyozamazamisa amazulu nomhlaba.’ Lokhu kuzamazamisa kwakuyogcina ‘kugumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso kwabhuqa namandla emibuso yezizwe.’—Hagayi 2:22.

4 Ngemva kokucaphuna uHagayi, uPawulu usho lokho okuzokwenzeka ‘emibusweni yezizwe,’ akhulume nangokuphakama koMbuso ongenakunyakaziswa ozotholwa amaKristu agcotshiwe. (Hebheru 12:28) Ungabona kulokhu ukuthi iziprofetho zikaHagayi noZakariya zibhekisela esikhathini esasingakafiki lapho kubhalwa incwadi yamaHebheru ngekhulu lokuqala lale Nkathi Evamile. Nanamuhla isekhona emhlabeni insali yamaKristu agcotshiwe, ayizindlalifa ezikanye noJesu zoMbuso KaMesiya. Ngakho, iziprofetho zikaHagayi noZakariya kumelwe ukuba zisho okuthile esikhathini sethu.

5, 6. Sasinjani isimo ngaphambi kokuba uHagayi noZakariya baqale ukuprofetha?

5 Incwadi ka-Ezra inikeza isizinda. Ngemva kokubuya kwamaJuda ekuthunjweni eBhabhiloni ngo-537 B.C.E., uMbusi uZerubhabhele nomPristi Ophakeme uJoshuwa (noma uJeshuwa) baqondisa ukubekwa kwesisekelo sethempeli elisha ngo-536 B.C.E. (Ezra 3:8-13; 5:1) Nakuba lokho kwabangela ukujabula okukhulu, kungakabiphi, amaJuda afikelwa ukwesaba. U-Ezra 4:4 uthi “abantu bezwe,” izitha, “babezenza buthaka ngokuqhubekayo izandla zabantu bakwaJuda bebaqeda amandla ekwakheni.” Lezi zitha, ikakhulu amaSamariya, zamangalela amaJuda ngamanga. Laba baphikisi benza inkosi yasePheresiya yawuvimbela umsebenzi wokwakha ithempeli.—Ezra 4:10-21.

6 Intshiseko yamaJuda yasekuqaleni ngomsebenzi wethempeli yancipha. Azinakela izinto zawo siqu. Nokho, ngo-520 B.C.E., eminyakeni engu-16 ngemva kokubekwa kwesisekelo sethempeli, uJehova wavusa uHagayi noZakariya ukuze bagqugquzele abantu ukuba baphindele emsebenzini wokwakha ithempeli. (Hagayi 1:1; Zakariya 1:1) Efakwe ugqozi yizithunywa zikaNkulunkulu futhi enobufakazi obucacile bokuthi uJehova uyawasekela, amaJuda aphinde awuqala umsebenzi wokwakha ithempeli futhi awuqeda ngo-515 B.C.E.—Ezra 6:14, 15.

7. Isimo sezinsuku zabaprofethi uHagayi noZakariya sifana nasiphi osukwini lwethu?

7 Uyazi yini ukuthi kubaluleke ngani konke lokhu kithi? Thina sinomsebenzi wokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Lowo msebenzi waba obaluleke ngokukhethekile ngemva kweMpi Yezwe I. Njengoba nje amaJuda asendulo akhululwa ekuthunjweni okungokoqobo eBhabhiloni, nabantu bakaJehova banamuhla bakhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Abagcotshiwe bakaNkulunkulu bazikhandla emsebenzini wokushumayela, ukufundisa nokuqondisa abantu ekukhulekeleni kweqiniso. Lowo msebenzi usaqhubeka nanamuhla ngezinga elikhulu nakakhulu, futhi kungenzeka nawe uyawenza. Kumelwe wenziwe manje, ngoba ukuphela kwalesi simiso esibi kuseduze! Lo msebenzi esiwunikwe uNkulunkulu kumelwe uqhubeke kuze kube yilapho uJehova engenela ezindabeni zesintu ‘osizini olukhulu.’ (Mathewu 24:21) Lokho kuyosusa ububi ukuze ukukhulekela kweqiniso kuchume ngokugcwele emhlabeni.

8. Kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyawusekela umsebenzi wethu?

8 Njengoba iziprofetho zikaHagayi noZakariya zibonisa, singaqiniseka ukuthi uJehova uyasisekela futhi uyasibusisa njengoba senza lo msebenzi ngenhliziyo yonke. Naphezu kwemizamo yabathile yokucindezela izinceku zikaNkulunkulu noma yokuvimbela umsebenzi eziwabelwe, akukho hulumeni oye wakwazi ukuwumisa umsebenzi wokushumayela. Cabanga indlela uJehova awubusise ngayo umsebenzi woMbuso ngokwanda phakathi namashumi eminyaka angemva kweMpi Yezwe I kuze kuzofika manje. Nokho, kusekuningi okumelwe kwenziwe.

9. Isiphi isimo sasendulo okufanele sisinake, futhi ngani?

9 Lokho esikufunda kuHagayi nakuZakariya kungasishukumisela kanjani ngokwengeziwe ukuba silalele umyalo kaNkulunkulu wokushumayela nokufundisa? Ake siphawule ezinye zezifundo esingazithola kulezi zincwadi zeBhayibheli ezimbili. Ngokwesibonelo, cabanga ngemininingwane embalwa ephathelene nomsebenzi wokwakha ithempeli okwakufanele amaJuda abuyiselwe awenze. Njengoba sishilo, lawo maJuda abuyela eJerusalema evela eBhabhiloni awazange aphikelele emsebenzini wethempeli. Ngemva kokubeka isisekelo, intshiseko yawo yadamba. Imuphi umbono oyiphutha ayesenawo? Yini esingayifunda kulokho?

Ukuthola Umbono Onembile

10. Imuphi umbono oyiphutha amaJuda aba nawo, futhi kwaba namuphi umphumela?

10 AmaJuda abuyiselwe ayethi: “Isikhathi asikafiki.” (Hagayi 1:2) Lapho ewuqala umsebenzi wokwakha ithempeli, ebeka isisekelo ngo-536 B.C.E., ayengasho neze ukuthi “isikhathi asikafiki.” Kodwa ngokushesha avumela ukuphikisa komakhelwane nokugxambukela kukahulumeni ukuba kuwaphazamise. AmaJuda aqala ukunaka kakhulu imizi yawo nokunethezeka kwawo. Ephawula umehluko phakathi kwezindlu zawo ezihlotshiswe ngamapulangwe aphambili nethempeli elingaqediwe, uJehova wabuza: “Ingabe yisikhathi sokuba nina nihlale ezindlini zenu ezihlotshiswe ngamapulangwe, kuyilapho le ndlu iyincithakalo?”—Hagayi 1:4.

11. Kungani uJehova kwadingeka eluleke amaJuda osuku lukaHagayi?

11 Yebo, lokho amaJuda ayekubheka njengokubalulekile kwase kushintshile. Kunokuba babeke kuqala injongo kaJehova yokuba ithempeli lakhiwe kabusha, abantu bakaNkulunkulu bazinaka bona nemizi yabo. Umsebenzi wokwakha indlu kaNkulunkulu yokukhulekela wadebeselelwa. Amazwi kaJehova akuHagayi 1:5 akhuthaza amaJuda ukuba ‘abeke inhliziyo yawo ezindleleni zawo.’ UJehova wayewatshela ukuba ake ame azindle ngalokho ayekwenza, abheke ukuthi ukungawubeki kuqala ekuphileni kwawo umsebenzi wokwakha ithempeli kwakunamuphi umphumela kuwo.

12, 13. UHagayi 1:6 usichaza kanjani isimo samaJuda, futhi lisho ukuthini leli vesi?

12 Njengoba ungase ucabange, umbono wamaJuda onganembile ngezinto eziza kuqala waba nemiphumela emibi kuwo. Phawula umbono kaNkulunkulu kuHagayi 1:6: “Nihlwanyelé imbewu eningi, kodwa ningenisa okuncane. Niyadla, kodwa anisuthi. Niyaphuza, kodwa anifiki eqophelweni lokudakwa. Nembatha izingubo, kodwa akekho ofudumalayo; nalowo oqashisa ngaye ngokwakhe uziqashisela isaka elibhobokile.”

13 AmaJuda ayesezweni ayelinikwe uNkulunkulu, kodwa lalingakhiqizi ngendlela ayefisa ngayo. UJehova wayesigodlile isibusiso sakhe, njengoba nje ayewaxwayisile ngaphambili. (Duteronomi 28:38-48) Njengoba uJehova ayengawasekeli, amaJuda ayehlwanyela kodwa avune ubala, angatholi ukudla okwanele ukuze asuthe. Ayeswele izambatho ezifudumele njengoba ayengenaso isibusiso sikaJehova. Kwakuze kubonakale sengathi kwamali ayeyihola yayingena emasakeni abhobokile, ingabasizi abayisebenzele. Isho ukuthini inkulumo ethi: “Niyaphuza, kodwa anifiki eqophelweni lokudakwa”? Ayinakusho ukuthi ukudakwa kwakuyobonisa ukuthi uNkulunkulu uyawabusisa amaJuda; uyakulahla ukudakwa. (1 Samuweli 25:36; IzAga 23:29-35) Kunalokho, le nkulumo isabonisa ukuthi amaJuda ayengasitholi isibusiso sikaNkulunkulu. Iwayini ayekwazi ukulenza laliba lincane, lalinganele ukuba liwadake. IBhayibheli lesiZulu elivamile limhumusha kanje uHagayi 1:6: “Niyaphuza, kepha ananeliswa.”

14, 15. Isiphi isifundo esisithola kuHagayi 1:6?

14 Le ndaba ayisifundisi ngokulungisa noma ukuhlobisa imizi yethu. Kudala, ngaphambi kokuba ama-Israyeli adingiswe, umprofethi u-Amose wayekhuze abacebile kwa-Israyeli ‘ngezindlu zabo zezinyo lendlovu’ ‘nangokulala kwabo emibhedeni yezinyo lendlovu.’ (Amose 3:15; 6:4) Lezo zindlu zikanokusho nempahla ehlotshisiwe akuhlalanga. Kwaphangwa yizitha ezabanqoba. Nokho, ngemva kweminyaka engu-70 bedingisiwe, abaningi babantu bakaNkulunkulu babengakafundi kulokhu. Ingabe thina siyofunda? Kuyafaneleka ukuba ngamunye wethu azibuze: ‘Uma ngikhuluma iqiniso, ngikukhonze kangakanani ukuhlobisa umuzi wami? Kuthiwani ngokuhlela ukunezela imfundo ukuze ngithuthuke emsebenzini, nakuba ukwenza kanjalo kungase kuthathe isikhathi esiningi phakathi neminyaka eminingi, kungincishe isikhathi sezinto ezibalulekile ekuphileni kwami okungokomoya?’—Luka 12:20, 21; 1 Thimothewu 6:17-19.

15 Lokho esikufunda kuHagayi 1:6 kufanele kugcizelele kithi ukuthi siyasidinga isibusiso sikaNkulunkulu ekuphileni kwethu. AmaJuda asendulo ayengenaso, futhi kwawahambela kabi. Kungakhathaliseki ukuthi sinensada yezinto ezibonakalayo noma cha, uma singasitholi isibusiso sikaJehova, nakanjani izinto ziyosihambela kabi ngokomoya. (Mathewu 25:34-40; 2 Korinte 9:8-12) Pho, singasithola kanjani leso sibusiso?

UJehova Usisiza Ngomoya Wakhe

16-18. UZakariya 4:6 wayesho ukuthini endulo?

16 UZakariya, umprofethi owayekanye noHagayi, waphefumulelwa ukuba aqokomise ithuluzi uJehova ayeshukumisa futhi abusise ngalo ababezinikele ngaleso sikhathi. Lokhu kubonisa indlela ayokubusisa ngayo nawe. Siyafunda: “‘Ngeke kube ngebutho lempi, noma ngamandla, kodwa kuyoba ngomoya wami,’ kusho uJehova wamabutho.” (Zakariya 4:6) Kungenzeka kukaningi uzwa leli vesi licashunwa, kodwa lalisho ukuthini kumaJuda ezinsukwini zikaHagayi noZakariya, futhi likuthinta kanjani wena?

17 Khumbula ukuthi amazwi aphefumulelwe kaHagayi noZakariya aba nomphumela omangalisayo ngaleso sikhathi. Lokho okwashiwo yilaba baprofethi ababili kwawafaka umfutho amaJuda athembekile. UHagayi waqala ukuprofetha ngenyanga yesithupha ngo-520 B.C.E. UZakariya yena waqala ngeyesi-8 ngawo lowo nyaka. (Zakariya 1:1) Njengoba ungabona kuHagayi 2:18, umsebenzi wokubeka isisekelo waqala ngomfutho ngenyanga yesi-9. Ngakho amaJuda akhuthazeka abhukula, futhi alalela uJehova eqiniseka ukuthi uzowasekela. Amazwi kaZakariya 4:6 akhuluma ngokusekela kukaNkulunkulu.

18 Lapho amaJuda ebuyela kwelakubo ngo-537 B.C.E., ayengenalo ibutho lempi. Nokho, uJehova wawavikela futhi wawaqondisa ohambweni olusuka eBhabhiloni. Lapho eqala umsebenzi wethempeli ngemva nje kokuba esefikile ekhaya, umoya kaJehova waqondisa izinto. Ayeyothi angaphindela emsebenzini ngenhliziyo yonke, uJehova awasekele ngomoya wakhe ongcwele.

19. Iliphi ithonya elinamandla umoya kaNkulunkulu owalinqoba?

19 Ngochungechunge lwemibono engu-8, uZakariya waqinisekiswa ukuthi uJehova wayezoba nabantu bakhe, ababezowufeza ngokwethembeka umsebenzi wethempeli. Umbono wesine, osesahlukweni 3, ubonisa ukuthi uSathane wayebhokile elwa nemizamo yamaJuda yokwakha ithempeli liqedwe. (Zakariya 3:1) Kwakungeke neze kumjabulise uSathane ukubona umPristi Ophakeme uJoshuwa enzela abantu izinkonzo ethempelini elisha. Nakuba uDeveli ayengazibekile phansi ephazamisa amaJuda ekwakheni ithempeli, umoya kaJehova wawuzofeza indima esemqoka ekususeni izithikamezo nasekufakeni amaJuda umdlandla wokuqhubeka lize liqedwe ithempeli.

20. Umoya ongcwele wawasiza kanjani amaJuda ukuba afeze intando kaNkulunkulu?

20 Kwakubonakala sengathi kunesithiyo esiwumqansa sokuphikisa kwezikhulu zikahulumeni ezaziphumelele ukwenza ukuba umsebenzi uvalwe. Nokho, uJehova wathembisa ukuthi lokhu okwakubonakala ‘kuyintaba’ kwakuyosuswa, kube “yizwe elihlelembekile.” (Zakariya 4:7) Nembala kwaba njalo! INkosi uDariyu I yenza uphenyo, yavumbulula umyalo kaKoresi owawugunyaze amaJuda ukuba akhe kabusha ithempeli. Ngakho, uDariyu wawusula umthetho wokuvalwa komsebenzi wayesegunyaza ukuba amaJuda anikezwe imali engcebweni yasebukhosini ukuze isize ekukhokheleni izindleko zomsebenzi. Izinto zajika ngendlela emangalisayo! Ingabe umoya kaNkulunkulu waba nesandla kulokhu? Akubuzwa. Ithempeli laphothulwa ngo-515 B.C.E., unyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu I.—Ezra 6:1, 15.

21. (a) Endulo, uNkulunkulu ‘wazizamazamisa kanjani zonke izizwe,’ futhi “izinto ezifiselekayo” ziphume kanjani? (b) Lesi siprofetho sigcwaliseka kanjani namuhla?

21 KuHagayi 2:5, umprofethi wakhumbuza amaJuda ngesivumelwano uNkulunkulu ayesenze nawo eNtabeni YaseSinayi lapho “yonke intaba yayithuthumela kakhulu.” (Eksodusi 19:18) Ezinsukwini zikaHagayi noZakariya, uJehova wayezophinde abangele okunye ukuzamazama, njengoba kuchazwe ngokomfanekiso emavesini 6 no-7. Isimo soMbuso WasePheresiya sasiyodungeka, kodwa umsebenzi wethempeli wawuzoqhubeka uze uphethwe. Abangewona amaJuda, “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe,” babeyogcina sebekhazimulisa uNkulunkulu kanye namaJuda kuleyo ndawo yokukhulekela. Ngezinga elikhulu, esikhathini sethu uNkulunkulu uye ‘wazamazamisa izizwe’ ngokushumayela kwethu njengamaKristu, futhi “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe” ziye zangena zizokhulekela uNkulunkulu zikanye nensali egcotshiwe. Ngempela, abagcotshiwe nezinye izimvu bagcwalisa indlu kaJehova ngenkazimulo manje. Laba bakhulekeli beqiniso basilindele ngokholo isikhathi lapho uJehova ‘eyozamazamisa amazulu nomhlaba’ ngomunye umqondo. Injongo yakhe kuyobe kuwukugumbuqela imibuso yezizwe aqede namandla ayo.—Hagayi 2:22.

22. Izizwe ‘zizanyazanyiswa’ kanjani, kube namuphi umphumela, futhi yini esazokwenzeka?

22 Lokhu kusikhumbuza ushintsho olukhulu oluye lwenzeka ezingxenyeni ezihlukahlukene ezifanekiselwa “amazulu nomhlaba nolwandle nomhlabathi owomile.” Ngokwesibonelo, uSathane uDeveli namademoni akhe baphonswa phansi emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-12) Ngaphezu kwalokho, umsebenzi wokushumayela oholwa abagcotshiwe bakaNkulunkulu uzizamazamisile ngempela izingxenye zasemhlabeni zalesi simiso sezinto. (IsAmbulo 11:18) Naphezu kwalokho, “isixuku esikhulu” sezinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe siye sazibandakanya no-Israyeli ongokomoya ekukhonzeni uJehova. (IsAmbulo 7:9, 10) Isixuku esikhulu sisebenzisana namaKristu agcotshiwe ekushumayeleni izindaba ezinhle zokuthi maduze uNkulunkulu uzozamazamisa izizwe e-Armagedoni. Leso senzakalo sizovula ithuba lokuba ukukhulekela kweqiniso kubuyiselwe esimweni sako emhlabeni wonke.

Uyakhumbula?

• UHagayi noZakariya baprofetha nini futhi ezimweni ezinjani?

• Ungasisebenzisa kanjani isigijimi esadluliselwa uHagayi noZakariya?

• Kungani uZakariya 4:6 ekukhuthaza?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 20]

Amazwi kaHagayi noZakariya ayasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyasisekela

[Isithombe ekhasini 23]

“Ingabe yisikhathi sokuba nina nihlale ezindlini zenu ezihlotshiswe ngamapulangwe, kuyilapho le ndlu iyincithakalo?”

[Isithombe ekhasini 24]

Abantu bakaJehova banesandla ekufinyeleleni ‘abafiselekayo bezizwe’