Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungazenza Kanjani Izinqumo Ngendlela KaNkulunkulu?

Ungazenza Kanjani Izinqumo Ngendlela KaNkulunkulu?

Ungazenza Kanjani Izinqumo Ngendlela KaNkulunkulu?

ENYE indoda e-United States yaya ebhange iphethe isheke lamaRandi angu-163 000. Yayihlose ukufaka le mali kuyi-akhawunti ongayikhipha ngemva kwezinsuku ezithile ufake isaziso. Nokho, umuntu osebenza ebhange wayeluleka ukuba ifake le mali emakethe yokuhweba ngamasheya ukuze ithole inzalo, wathi le makethe ayilokothi iwe. Le ndoda yanquma ukusamukela lesi seluleko. Ngokushesha ngemva kwalokho, ingxenye enkulu yemali eyayiyilondolozile yacwila.

Lokhu kubonisa ukuthi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile akulula. Kuthiwani ngezinqumo ezihlukahlukene esibhekana nazo ekuphileni? Izinqumo eziningi esizenzayo zingasenza siphumelele noma singaphumeleli—futhi ngokuhamba kwesikhathi zingasho ukufa noma ukuphila. Ngakho, singaqiniseka kanjani ukuthi senza izinqumo ezihlakaniphile?

“Nansi Indlela”

Zonke izinsuku senza izinqumo ngokuthi sizodlani, sizogqokani, sizoyaphi njalonjalo. Ezinye izinqumo zingabonakala zingasho lutho, kodwa zingaba nemiphumela eyingozi. Ngokwesibonelo, ukunquma ukokhela ugwayi okokuqala kungaholela ekubeni ubheme, umkhuba ongaqhubeka ukuphila kwakho konke. Akufanele sikuthathe kalula ukubaluleka kwezinqumo ezibonakala zincane.

Singasitholaphi isiqondiso lapho senza izinqumo, ngisho nalezo ezibonakala zingasho lutho? Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani ukuba nomuntu esingakhuluma naye ukuze aseluleke lapho kudingeka senze izinqumo ezinzima! Ungamthola lowo meluleki. Incwadi yasendulo enomyalezo osebenzayo namuhla ithi: “Izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo,’ uma kwenzeka niya ngakwesokunene noma niya ngakwesobunxele.” (Isaya 30:21) Ashiwo ubani la mazwi? Futhi ungaqiniseka kanjani ukuthi isiqondiso sakhe sinokwethenjelwa?

Lesi siqinisekiso esingenhla sitholakala eBhayibhelini, incwadi eye yatadishwa izinkulungwane zabantu futhi zaqonda ukuthi iphefumulelwe uMdali, uJehova uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16, 17) UJehova uyazi ukuthi sidalwe kanjani, ngakho nguyena ongasiqondisa kangcono kakhulu. Uyakwazi nokubona izinto ezisazokwenzeka, ngoba “[unguMuntu] owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala; Lowo othi, ‘Injongo yami iyokuma.’” (Isaya 46:10) Ngakho, umhubi wabonisa ukulethemba iZwi likaJehova: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Nokho, uJehova usiqondisa kanjani ukuze siphephe ezweni lanamuhla eligcwele izinkinga? Singazenza kanjani izinqumo ngendlela kaNkulunkulu?

Sebenzisa Izimiso ZeBhayibheli

UJehova uNkulunkulu wanikeza amaKristu izimiso zakhe ukuze akwazi ukwenza izinqumo ezinengqondo. Ukufunda izimiso zeBhayibheli nokuzisebenzisa kungafaniswa nokufunda ulimi nokulusebenzisa. Lapho nje usulwazi kahle lolo limi, ngokuvamile ungakwazi ukuzwa lapho othile enza amaphutha okuhlelwa kwalo ngoba akushoyo kuzwakala kungashayi khona. Ungase ungakwazi ukusho ngokuqondile ukuthi imaphi amazwi angalungile ngokolimi enkulumweni yakhe, kodwa uyazi ukuthi wenze iphutha. Lapho ufunda izimiso zeBhayibheli kuze kube sezingeni lokuba zibe ingxenye yokuphila kwakho, ngokuvamile uyokwazi ukubona lapho isinqumo esithile singafanele, singavumelani nezimiso zikaNkulunkulu.

Ngokwesibonelo, insizwa kungase kudingeke yenze isinqumo ngesitayela sezinwele. Akukho mthetho eBhayibhelini onqabela ngokuqondile isitayela esithile sezinwele. Nokho, cabangela lesi simiso seBhayibheli. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okungukuthi, ngemisebenzi emihle.” (1 Thimothewu 2:9, 10) Lapha, uPawulu ubhekisele kwabesifazane, kodwa lesi simiso sisebenza emadodeni nakwabesifazane. Siyini leso simiso? Ukubukeka kwethu kufanele kube nesizotha futhi kubonise ukuhluzeka kwengqondo. Ngakho insizwa ingazibuza, ‘Ingabe isitayela sami sezinwele sinesizotha esifanele umKristu?’

Isiphi isimiso esiwusizo osemusha angasithola kula mazwi alandelayo omfundi uJakobe? “Ziphingi, anazi yini ukuthi ubungane nezwe bungubutha noNkulunkulu? Ngakho-ke, noma ubani ofuna ukuba umngane wezwe uzenza isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) AmaKristu ayakwenyanya ukuba umngane wezwe, okungubutha kuNkulunkulu. Ingabe isitayela sezinwele esithandwa ontanga singayenza ibonakale ingumngane kaNkulunkulu noma ingumngane wezwe? Insizwa ecabanga ngesitayela sezinwele ingasebenzisa lezi zimiso ezisekelwe eBhayibhelini ukuze yenze isinqumo esihlakaniphile. Yiqiniso, izimiso zikaNkulunkulu ziyasisiza lapho senza izinqumo. Futhi lapho sijwayela ukwenza izinqumo ezisekelwe ezimisweni zikaNkulunkulu, kuba lula ukufinyelela eziphethweni ezinengqondo ezingeke zisifake engozini.

Singathola izimiso eziningi eZwini likaNkulunkulu. Yiqiniso, singase singalitholi ivesi elikhuluma ngokuqondile ngesimo sethu. Noma kunjalo, singafunda ngendlela abantu abathile abalalela ngayo isiqondiso sikaNkulunkulu nangendlela abanye abazishaya ngayo indiva izixwayiso zakhe. (Genesise 4:6, 7, 13-16; Duteronomi 30:15-20; 1 Korinte 10:11) Lapho sifunda lokho kulandisa futhi sibona imiphumela, siyothola izimiso zikaNkulunkulu ezingasisiza ekwenzeni izinqumo ezimjabulisayo.

Ngokwesibonelo, ake ucabange ngengxoxo emfushane uJesu Kristu aba nayo nomphostoli wakhe, uPetru. Amadoda ayeqoqa intela yamadrakma amabili ayebuze uPetru: “Umfundisi wenu akayikhokhi yini intela yamadrakma amabili?” UPetru wawaphendula: “Yebo.” Ngemva kwalokho, uJesu wabuza uPetru: “Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” Lapho uPetru ethi: “Ezihambini,” uJesu wathi kuye: “Khona-ke, ngempela amadodana awayikhokhi intela. Kodwa ukuze singabakhubekisi, hamba uye olwandle, uphonse udobo, bese uthatha inhlanzi yokuqala ephumayo, futhi lapho uvula umlomo wayo, uzothola uhlamvu lwemali. Luthathe ubanike lona ukhokhele mina nawe.” (Mathewu 17:24-27) Iziphi izimiso zikaNkulunkulu esingazithola kule ndaba?

Ngokubuza uchungechunge lwemibuzo, uJesu waqondisa ukucabanga kukaPetru: Njengoba eyiNdodana kaNkulunkulu, uJesu kwakungadingeki akhokhe intela. Nakuba uPetru ahluleka ukuqonda leli phuzu ekuqaleni, ngomusa uJesu wamsiza ukuba aliqonde. Lapho abanye benza iphutha, kufanele sibaphathe ngesihawu njengoJesu kunokuba siveze amaphutha abo ngokhahlo noma sibagxeke.

UPetru wabe esesibona isizathu sokukhokha intela yekhanda—ukuze angakhubi abanye. Lesi esinye isimiso esingasifunda kule ndaba. Ukucabangela onembeza babanye kubaluleke ngaphezu kokuphikelela senze lokho esikuthandayo.

Yini esishukumisela ukuba senze izinqumo eziyobonisa ukuthi siyabahlonipha onembeza babanye? Uthando ngomakhelwane wethu. UJesu Kristu wafundisa ukuthi ukuthanda umakhelwane njengoba sizithanda kuwumyalo wesibili obalulekile, owokuqala owukuthanda uNkulunkulu ngawo wonke umphefumulo wethu. (Mathewu 22:39) Nokho, siphila ezweni elinobugovu, futhi ukuthambekela kwethu esonweni kusenza sibe nobugovu. Ngakho, ukuze umuntu athande umakhelwane wakhe njengoba ezithanda, kufanele ashintshe ingqondo yakhe.—Roma 12:2.

Abaningi baye bakwenza lokhu, futhi bacabangela abanye lapho benza izinqumo, kungakhathaliseki ukuthi zinkulu noma zincane. UPawulu wabhala: “Yebo, nabizelwa inkululeko, bazalwane; kuphela ningayisebenzisi le nkululeko njengethuba enyameni, kodwa ngothando yibani izinceku zomunye komunye.” (Galathiya 5:13) Singakwenza kanjani lokhu? Cabanga ngentombazane eyathuthela endaweni esemaphandleni ukuze iyosiza abantu ukuba bazi iZwi likaNkulunkulu. Njengoba yayixoxa nabantu, yaqaphela ukuthi izingubo zayo, nakuba zinesizotha ngokwezindinganiso zasemadolobheni, zazigxekwa kuleyo ndawo. Ukugqoka nokuzilungisa kwayo kwakunesizotha, kodwa yanquma ukugqoka izingubo ezisezingeni eliphansi “ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.”—Thithu 2:5.

Wena wawuyokwenzenjani lapho kudingeka wenze isinqumo esiphathelene nendlela ozilungisa ngayo noma enye into oyithandayo? Ungaqiniseka ukuthi uJehova uzojabula uma izinqumo ozenzayo zibonisa ukuthi uyabacabangela onembeza babanye.

Yiba Nombono Wesikhathi Eside

Ngaphandle kokucabangela izimiso zeBhayibheli nonembeza babanye, yini enye esingase siyicabangele lapho senza izinqumo? Nakuba ukuphila kwamaKristu kunzima futhi kuyindlela enyinyekile, uNkulunkulu uwanikeza inkululeko enkulu phakathi kwemingcele ayibekile. (Mathewu 7:13, 14) Kudingeka sicabange ukuthi ngesikhathi esizayo izinqumo zethu ziyosithinta kanjani ngokomoya, ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokwenyama.

Ake sithi ucabanga ukwamukela umsebenzi othile. Mhlawumbe akukho lutho olubi noma olungafaneleki ngomsebenzi ngokwawo. Uzokunika isikhathi sokuba khona emihlanganweni yamaKristu nasemihlanganweni emikhulu. Iholo lizoba ngaphezu kwalokho okulindele. Umqashi uwazisa kakhulu amakhono akho futhi ufuna uwathuthukise ngokugcwele. Ngaphezu kwalokho, uyawuthanda umsebenzi onjalo. Kukhona yini okufanele kukuvimbele ukuba uwamukele lo msebenzi? Nokho, kuthiwani uma ubona kusengaphambili ukuthi kungenzeka ube umlutha walo msebenzi? Utshelwa ukuthi ngeke uphoqwe ukuba usebenze isikhathi esengeziwe. Kodwa ingabe ubungazikhandla ngaphezu kwalokho okudingekayo ukuze uqede umsebenzi owabelwe? Ingabe kungase kudingeke usebenze isikhathi esengeziwe njalo? Ingabe lokho kungakuhlukanisa nomkhaya wakho futhi ekugcineni nemisebenzi engokwasezulwini okungafanele ikuphuthele?

Cabanga ngendlela uJim enza ngayo isinqumo esikhulu maqondana nomsebenzi. Wayesebenza ngokuzikhandla wathola isikhundla esiphakeme emsebenzini. Ekugcineni, waba umphathi kuyo le nkampani emazweni aseMpumalanga, isikhulu esiphethe amagatsha ase-United States futhi waba ilungu lebhodi labaqondisi lezinhlangano zaseYurophu. Nokho, ngesikhathi kuwa ezomnotho eJapane, wabona ukuthi kuyize kanjani ukuphishekela imali nesikhundla. Imali ayeyisebenzele kanzima yaphela ngokushesha. Wamelwa ingqondo. Wazibuza: ‘Ngizobe ngenzani eminyakeni eyishumi ezayo kusukela manje?’ Wabe eseqaphela ukuthi ngokungafani naye, umkakhe nabantwana bakhe babegxile emigomweni enenjongo kakhudlwana ekuphileni. Kwase kuyiminyaka behlanganyela noFakazi BakaJehova. UJim naye wayefuna ukujabula nokwaneliseka njengomkhaya wakhe. Ngakho waqala ukutadisha iBhayibheli.

Ngokushesha uJim wabona ukuthi indlela yakhe yokuphila yayiyisithiyo ekubeni aphile ukuphila okunenjongo njengomKristu. Ngokuhlale eya e-Asia, e-United States naseYurophu, wayengenaso isikhathi esanele sokutadisha iBhayibheli nokuhlanganyela namanye amakholwa. Kwadingeka enze isinqumo: ‘Ingabe ngizoqhubeka ngiphila ngendlela ebengiphila ngayo kule minyaka engu-50 edlule, noma ngizoqala ukuphila okusha?’ Ngemva kokuthandaza ngale ndaba, wacabanga ngemiphumela yesikhathi eside yesinqumo sakhe wabe esekhetha ukuyiyeka yonke imisebenzi yakhe asale nowodwa ukuze abe nesikhathi sezinto ezingokomoya. (1 Thimothewu 6:6-8) Isinqumo sakhe samenza wajabula kakhudlwana, samenza waba nethuba lokuba matasa emisebenzini yobuKristu.

Kungakhathaliseki ukuthi izinqumo ozenzayo zinkulu noma zincane, zibalulekile. Isinqumo osenzayo namuhla singase sibe impumelelo noma singaphumeleli. Singasho ukuthi ngesikhathi esizayo uzophila noma uzofa. Ungazenza izinqumo ezihlakaniphile uma ucabangela izimiso zeBhayibheli, onembeza babanye nemiphumela yesikhathi esizayo yezenzo zakho. Yenza izinqumo ngendlela kaNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 13]

Izinqumo ezibonakala zingasho lutho zingaba nemiphumela eyingozi

[Isithombe ekhasini 14]

Izimiso zeBhayibheli zingamsiza kanjani ukuba enze isinqumo esihlakaniphile?

[Isithombe ekhasini 15]

UJesu wakhuluma noPetru ngendlela ebonisa isihawu