Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu

Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu

Lingisa Isibonelo SikaJesu Ukhathalele Abampofu

SELOKHU kwaba khona umuntu cishe nobumpofu nokucindezelwa bekulokhu kukhona. Nakuba uMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wawuhloselwe ukuvikela abampofu nokunciphisa ukuhlupheka kwabo, lowo Mthetho ngokuvamile wawunganakwa. (Amose 2:6) Umprofethi uHezekeli wayisola indlela abampofu ababephathwa ngayo. Wathi: “Abantu bezwe ngokwabo benze iqhinga lokuphamba futhi baqhwagile ngokuphanga, ohluphekile nompofu bamhlukumezile, nomfokazi bamphambile ngaphandle kobulungisa.”—Hezekeli 22:29.

Wawungekho umahluko nangesikhathi uJesu elapha emhlabeni. Abaholi benkolo babebonisa ukungabakhathaleli nhlobo abampofu nabaswele. Bachazwa ngokuthi ‘abathandi bemali,’ “abashwabadela izindlu zabafelokazi” futhi babekhathalela kakhulu ukugcina amasiko abo kunokukhathalela abakhulile nabaswele. (Luka 16:14; 20:47; Mathewu 15:5, 6) Emfanekisweni kaJesu womSamariya olungileyo kuyaphawuleka ukuthi ngenkathi umpristi nomLevi bebona indoda elimele, badlula ngakolunye uhlangothi lomgwaqo kunokuba baye kuyo bayoyisiza.—Luka 10:30-37.

UJesu Wabonisa Ukubakhathalela Abampofu

Ukulandisa kwamaVangeli ngokuphila kukaJesu kubonisa ukuthi wayebuqonda ngokugcwele ubunzima babantu abampofu futhi ezikhathalela kakhulu izidingo zabo. Nakuba uJesu ayehlala ezulwini, wazidela waba umuntu futhi ‘waba mpofu ngenxa yethu.’ (2 Korinte 8:9) Ngesikhathi ebona izixuku, uJesu “wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Indaba yomfelokazi ompofu ibonisa ukuthi uJesu wahlabeka umxhwele, hhayi ngenxa yezipho ezinkulu zabacebile, “ezivela enaleni yabo,” kodwa ngomnikelo omncane womfelokazi ompofu. Lokho akwenza kwathinta inhliziyo kaJesu ngoba ‘ekusweleni kwakhe waphonsa konke ayenakho ayeziphilisa ngakho.’—Luka 21:4.

UJesu akazange nje abahawukele abampofu, kodwa wabonisa nokuthi uyazikhathalela izidingo zabo. Yena nabaphostoli bakhe babenesikhwama semali ababeyinika ama-Israyeli aswele. (Mathewu 26:6-9; Johane 12:5-8; 13:29) UJesu wakhuthaza labo ababefuna ukuba abalandeli bakhe ukuba baqaphele isibopho sabo sokusiza abaswele. Watshela umbusi osemusha ocebile: “Thengisa zonke izinto onazo wabele abantu abampofu, khona-ke uyoba nengcebo emazulwini; bese uza ube ngumlandeli wami.” Iqiniso lokuthi le ndoda yayingazimisele ukuhlukana nezinto zayo libonisa ukuthi yayithanda ingcebo ngaphezu kokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane. Ngakho, yayingenazo izimfanelo ezidingekayo zokuba umfundi kaJesu.—Luka 18:22, 23.

Abalandeli BakaKristu Bayabakhathalela Abampofu

Ngemva kokufa kukaJesu, abaphostoli nabanye abalandeli bakaKristu baqhubeka bebakhathalela abampofu phakathi kwabo. Cishe ngo-49 C.E., umphostoli uPawulu wahlangana noJakobe, uPetru noJohane futhi baxoxa ngomsebenzi iNkosi uJesu Kristu eyayiwunike uPawulu wokushumayela izindaba ezinhle. Bavumelana ngokuthi uPawulu noBarnaba kufanele baye ‘kwabezizwe,’ bagxile kubo. Nokho, uJakobe nabangane bakhe banxusa uPawulu noBarnaba ukuba ‘bakhumbule abampofu.’ Futhi yilokho uPawulu “azama ngenkuthalo ukukwenza.”—Galathiya 2:7-10.

Ngesikhathi kubusa uMbusi uKlawudiyu, kwaba nendlala enkulu ezingxenyeni ezihlukahlukene zoMbuso WaseRoma. Ngenxa yalokho, amaKristu ase-Antiyokiya ‘anquma, yilowo nalowo kuwo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba enze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya; lokhu akwenza, eluthumela emadodeni amadala ngesandla sikaBarnaba noSawulu.’—IzEnzo 11:28-30.

Nanamuhla amaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi abalandeli bakaJesu kumelwe babakhathalele abampofu nabaswele, ikakhulu labo abakholwa nabo. (Galathiya 6:10) Ngakho, abonisa ukuzikhathalela ngempela izidingo zabaswele. Ngokwesibonelo, ngo-1998 kwaba nesomiso esikhulu esathinta ingxenye enkulu yenyakatho-mpumalanga yeBrazil. Lesi somiso sabhubhisa irayisi, ubhontshisi nommbila, okwabangela ukuba kube nendlala engxenyeni enkulu yezwe—eyaba yimbi kakhulu kuneyangeminyaka engu-15 edlule. Kwezinye izindawo kwantuleka ngisho namanzi okuphuza. Ngokushesha oFakazi BakaJehova bakwezinye izingxenye zezwe bahlela amakomiti osizo, futhi ngesikhathi esifushane base beqoqe ukudla okuningi bakhokhela nezindleko zokukuhambisa.

OFakazi abasekela le mizamo yokusiza babhala: “Sijabula kakhulu ngokuthi siye sakwazi ukusiza abafowethu, ikakhulu ngoba siyaqiniseka ukuthi siye sajabulisa inhliziyo kaJehova. Asilokothi siwakhohlwe amazwi akuJakobe 2:15, 16.” Lawo mavesi eBhayibheli athi: “Uma umzalwane noma udade ehamba-ze futhi entula ukudla okwanele lolo suku, nokho othile kini athi kuye: ‘Hamba ngokuthula, ufudumale futhi usuthe,’ kodwa ningamniki izidingo zomzimba wakhe, kunanzuzoni?”

Kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova edolobheni laseSão Paulo, kunoFakazi othobekile, oshisekayo futhi ompofu, ophila ngokuciciyela. Uthi: “Ngisho noma ngimpofu, isigijimi seBhayibheli siye sanginikeza injongo yangempela ekuphileni. Angazi ukuthi bekuyokwenzekani kimi ukube angizange ngiluthole usizo lwabanye oFakazi.” Ngaphambidlana, lona wesifazane ongumKristu osebenza kanzima kwadingeka ahlinzwe kodwa wayengakwazi ukukhokhela izindleko zasesibhedlela. Njengoba ayebhekene naleso simo, abazalwane nodade abangamaKristu ebandleni bakwazi ukuzikhokhela lezi zindleko zokuhlinzwa. AmaKristu eqiniso emhlabeni wonke ayabasiza akholwa nabo abaswele.

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kujabulisa kanjani, kuyacaca ukuthi leyo mizamo eqotho ngeke ibuqede ubumpofu. Ngisho nohulumeni abanamandla nezinhlangano ezinkulu zosizo zamazwe ngamazwe, nakuba zibe nempumelelo ethile, azikwazanga ukuqeda le nkinga esinesikhathi eside. Ngakho, umbuzo uwukuthi, Liyoba yini ikhambi lokubuqeda nya ubumpofu nezinye izinkinga ezihlupha isintu?

Izimfundiso ZeBhayibheli Ziwusizo Oluhlala Njalo

Ukulandisa kweVangeli kubonisa ukuthi uJesu Kristu wayevame ukubenzela okuhle ababehluphekile noma ababedinga izinto ezithile. (Mathewu 14:14-21) Nokho, imuphi umsebenzi owawubalulekile kuye? Ngesinye isikhathi, ngemva kokuchitha isikhathi esithile esiza abaswele, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Masiye kwenye indawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona.” Kungani uJesu ayebuye ayeke ukusiza abagulayo nabahluphekile ukuze ashumayele? Wachaza: “Ngoba ngiphumele le njongo [okuwukuthi ukushumayela].” (Marku 1:38, 39; Luka 4:43) Nakuba ukusiza abaswele kwakubalulekile kuJesu, ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kwakuwumsebenzi wakhe oyinhloko.—Marku 1:14.

Njengoba iBhayibheli linxusa amaKristu ukuba ‘alandele izinyathelo zikaJesu eduze,’ amaKristu namuhla anesiqondiso esicacile maqondana nezinto eziza kuqala lapho esiza abanye. (1 Petru 2:21) NjengoJesu, ayabasiza abantu abaswele. Nokho, njengoba kwakunjalo nakuJesu, umsebenzi obaluleke kakhulu ekuphileni kwawo ukufundisa isigijimi esitholakala eBhayibhelini sezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 5:14-16; 24:14; 28:19, 20) Nokho, kungani ukushumayela isigijimi esitholakala eZwini likaNkulunkulu kufanele kube umsebenzi oyinhloko ukudlula eminye imisebenzi yokusiza abanye?

Okwenzeka ngempela emhlabeni wonke kubonisa ukuthi lapho abantu besiqonda iseluleko seBhayibheli esiwusizo futhi besisebenzisa, bakuhlomela kangcono ukubhekana nezinkinga zansuku zonke zokuphila, kuhlanganise nobumpofu. Ngaphezu kwalokho, isigijimi seBhayibheli mayelana noMbuso kaNkulunkulu esishunyayelwa oFakazi BakaJehova namuhla sinika abantu ithemba ngekusasa—ithemba elenza ukuphila kube nenjongo nasezimweni ezinzima kakhulu. (1 Thimothewu 4:8) Yiliphi lelo themba?

IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ngekusasa lethu: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngomhlaba,’ ngezinye izikhathi lisuke libhekisela kubantu abahlala kuwo. (Genesise 11:1) Ngakho, ‘umhlaba omusha’ onokulunga othenjisiwe ungumphakathi wabantu abamukelwa uNkulunkulu. IZwi likaNkulunkulu lithembisa nokuthi lapho sekubusa uKristu, labo abamukelwa uNkulunkulu bayothola umvuzo wokuphila phakade futhi bayojabulela ukuphila okwanelisayo epharadesi lasemhlabeni. (Marku 10:30) Wonke umuntu angalithola lelo kusasa elijabulisayo, kuhlanganise nabampofu. Kulowo “mhlaba omusha” ubumpofu buyoqedwa phakade.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

UJESU ‘UYOMKHULULA KANJANI OMPOFU’?—IHubo 72:12

UBULUNGISA: “Mayahlulele abahluphekile kubantu, mayisindise amadodana ompofu, futhi mayimchoboze umphambi.” (IHubo 72:4) Lapho uKristu esebusa emhlabeni, kuyoba nobulungisa kubo bonke. Ngeke ibe khona inkohlakalo, eyisihlava esibangela amazwe amaningi ukuba abe mpofu esikhundleni sokuba acebe.

UKUTHULA: “Ezinsukwini zayo olungile uyohluma, kanye nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga.” (IHubo 72:7) Ubumpofu obuningi obukhona emhlabeni bubangelwa izingxabano zabantu kanye nezimpi. UKristu uyoletha ukuthula okuphelele emhlabeni, ngaleyo ndlela asuse into eyinhloko ebangela ubumpofu.

ISIHAWU: “Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.” (IHubo 72:12-14) Lapho sekubusa iNkosi uJesu Kristu, ophansi, ompofu nocindezelwe bayoba ingxenye yomkhaya wesintu ojabulayo futhi onobunye.

INALA: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni.” (IHubo 72:16) Lapho sekubusa uKristu isintu siyochuma futhi kube nenala yokudla. Abantu ngeke besahlushwa ukuntuleka kokudla nendlala okuyizinto ezivame ukubangela ubumpofu namuhla.

[Isithombe ekhasini 4, 5]

UJesu wayezikhathalela izidingo zabampofu

[Isithombe ekhasini 6]

Isigijimi seBhayibheli sinikeza ithemba langempela