Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ningesabi—UJehova Unani!

Ningesabi—UJehova Unani!

Ningesabi—UJehova Unani!

EMINYAKENI engaphezu kwengu-50 edlule, ngemva nje kokuqhuma kwamabhomu okuqala enyukliya, usosayensi owazuza uMklomelo KaNobel, uHarold C. Urey washo la mazwi ngekusasa: “Sizodla ukwesaba, silale ngokwesaba, siphile ngokwesaba sife sesaba.” Ngempela, namuhla umhlaba ugcwele ukwesaba, futhi akusimangazi lokho. Nsuku zonke, amaphephandaba akhipha izindaba ezethusayo zobuphekula, ubugebengu obunobudlova nezifo ezixakayo.

NjengamaKristu, siyazi ukuthi zisho ukuthini lezi zinto. Zibonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso esibi iBhayibheli elabikezela ukuthi zaziyobonakala ngokuthi zibe “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Ngakho, kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi maduze uJehova uNkulunkulu uzoletha umhlaba omusha okuyohlala kuwo ukulunga. (2 Petru 3:13) Nokho, okwamanje singakwazi yini ukuphila singesabi?

Indlela Izinceku ZikaNkulunkulu Ezikubheka Ngayo Ukwesaba

UJakobe, uDavide no-Eliya babephakathi kwezinceku zikaJehova ezaba nokwesaba ngezinga elithile lapho zibhekene nezimo ezazingase zibe ingozi. (Genesise 32:6, 7; 1 Samuweli 21:11, 12; 1 AmaKhosi 19:2, 3) La madoda ayengantuli ukholo. Abonisa ukuthi ayencike kuJehova ngokuphelele. Noma kunjalo, uJakobe, uDavide no-Eliya babengabantu njengathi; ngakho, nabo babeke bangenwe amanzi emadolweni. Umfundi uJakobe wabhala: “U-Eliya wayengumuntu onemizwa efana neyethu.”—Jakobe 5:17.

Nathi singase sizizwe sesaba lapho sicabanga ngobunzima esibhekene nabo manje noma esingase sibhekane nabo esikhathini esizayo. Ukwesaba okunjalo kuyaqondakala. Phela iBhayibheli lithi uSathane uDeveli uzimisele ‘ukulwa nalabo abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi abanomsebenzi wokufakaza ngoJesu.’ (IsAmbulo 12:17) Nakuba la mazwi esebenza ngokukhethekile kumaKristu agcotshiwe, uPawulu wabhala: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) Noma kunjalo, asikho isidingo sokuba ukwesaba kusiqede amandla lapho sibhekene nezinkinga. Ngani?

“UNkulunkulu Wezenzo Zokusindisa”

Umhubi uDavide wabhala: “UNkulunkulu weqiniso, kithi unguNkulunkulu wezenzo zokusindisa.” (IHubo 68:20) UJehova usewabonise kaninginingi amandla akhe okusindisa abantu bakhe, ebakhulula ezimweni eziyingozi kakhulu noma ebanikeza amandla okuba bakhuthazele. (IHubo 34:17; Daniyeli 6:22; 1 Korinte 10:13) Ekutadisheni kwakho iBhayibheli, zingaki izindaba ozikhumbulayo ‘zezenzo zokusindisa’ okunjalo?

Kunganjani usebenzise i-Watch Tower Publications Index, * ucwaninge ngalezi zenzakalo eziyiqiniso njengoZamcolo womhlaba wonke wosuku lukaNowa, ukukhululwa kukaLoti namadodakazi akhe eSodoma naseGomora, uFuduko lwama-Israyeli ephuma eGibhithe nokuwela kwawo uLwandle Olubomvu, noma ugobe lukaHamani lokuqothula amaJuda. Ukufunda bese uzindla ngalezi zindaba ezivusa amadlingozi kuyoqinisa ukholo lwakho, uqiniseke ukuthi uJehova unguNkulunkulu wezenzo zokusindisa. Lokhu kuyobe-ke sekukusiza ubhekane nokuvivinywa kokholo ngesibindi.

Izibonelo Zanamuhla

Endaweni yakini, zikhona yini izibonelo ongazicabanga zabantu abakhuthazela? Kungaba umuntu oye waboshwa ngenxa yenkambo yokwethembeka. Mhlawumbe wazi umKristu osekhulile okhonza uJehova naphezu kobuthaka bempilo. Noma cabanga ngentsha ezigcina ihlukile ezweni naphezu kokucindezela okukhulu kwezingane efunda nazo. Cabanga nangabazali abangabodwa, abakhulisa izingane ngaphandle kwabangane bomshado, noma abantu abangashadile abakhonza uJehova naphezu kwesizungu. Ufundani kula bantu? Ukucabangisisa ngokwethembeka kwabo kungakusiza ukhuthazele futhi uhlale unesibindi kungakhathaliseki ukuthi ubhekana naziphi izilingo.

Kudingeka sibe nesibindi, hhayi nje kuphela lapho sibhekene nokuphikiswa noshushiso, kodwa nalapho siqala ukungabaza ukuthi uJehova uyasithanda. Kudingeka sihlakulele ukuqiniseka ukuthi isihlengo sikaKristu sisebenza kithi njengabantu ngabanye. (Galathiya 2:20) Khona-ke singasondela kuJehova sinokwesaba okufanele. Uma sizizwa singalufanelekeli uthando lukaJehova, singazindla ngamazwi uJesu awasho kubalandeli bakhe: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.”—Mathewu 10:29-31.

INqabayokulinda ne-Phaphama! ivame ukunyathelisa izindaba zokuphila zoFakazi BakaJehova banamuhla abaye babhekana nezinselele ngesibindi. Lokhu akusho ukuthi zazingabatheni amandla izinkinga zabo. Kodwa abazange bavumele imizwa enjalo ibayekise ukukhonza uJehova. Izindaba zabo ezinyathelisiwe zingakusiza ukuba ukhuthazele ngesibindi. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili.

Ukulimala Kwashintsha Ukuphila Kwakhe

I-Phaphama! ka-May 8, 2003, yayinesihloko esithi, “Indlela Ukulimala Okwakushintsha Ngayo Ukuphila Kwami.” Kule ndaba, uStanley Ombeva, ongomunye woFakazi BakaJehova eKenya, uxoxa ngezinselele abhekana nazo ngemva kokushayiswa imoto eyayidla amagalani. Njengoba impilo yakhe yayiwohloka, waphelelwa umsebenzi, walahlekelwa nayizo zonke izinzuzo zomshuwalense. Kule ndaba yakhe, uMfoweth’ u-Ombeva uyavuma: “Njengoba ngangiya ngibona ukuthi isimo sami sasisibi kangakanani, ngaphelelwa ithemba, ngaqala ukungabacabangeli abanye nokuhluthuka. Ngezinye izikhathi, ngangithukuthela ngingabi nabungane.” Naphezu kosizi ayebhekene nalo, lo mzalwane waqhubeka enesibindi. Akazange avumele ukudumazeka kumgabhe, kumenze ashiye phansi. Kunalokho, wathembela kuJehova. UMfoweth’ u-Ombeva uthi: “[UJehova] wayengisekela njalo kukho konke engangibhekene nakho—kangangokuthi ngezinye izikhathi ngangiba namahloni. Nganquma ngokuqinile ukufunda nokuzindla ngemiBhalo engangazi ukuthi iyinduduzo esimweni engikuso.”

Ukukhuluma kukaMfoweth’ u-Ombeva ngokukhululekile angafihli kwasiza abaningi bakwazi ukukhuthazelela ukulingwa ngesibindi. Omunye udade wabhala: “Ngakhala ezimathonsi lapho ngifunda lesi sihloko. Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova usebenzise lesi sihloko ukuze angibonise ukuthi uyangithanda nokuthi ufuna ukungiduduza.” Omunye uFakazi wabhala: “Izihloko ezifana nalezi zisikhuthaza kakhulu thina esibhekene nezimo ezifanayo nabadliwa umzwangedwa.”

Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokucindezeleka Ngokomzwelo

Enye indaba ethinta inhliziyo ekaHerbert Jennings, eyavela esihlokweni esithi, “Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa.” * UMfoweth’ uJennings unesifo sokuzizwa ngendlela eguquguqukayo (bipolar disorder). Uma ecabanga ngesikhathi esaqala ukuphathwa yilesi sifo, uthi: “Kwaba umzabalazo wangempela ngisho nokuya emihlanganweni yobuKristu. Nokho, ngangiqiniseka ngokugcwele ngokubaluleka kobudlelwane obungokomoya. Ukuze ngibhekane nesimo, ngangivame ukungena eHholo LoMbuso ngemva kokuba abaningi bezinzile bese ngihamba ngaphambi nje kokuba baqale ukuyaluza ngemva kwesimiso.”

Ukushumayela nako kwakunzima. UMfoweth’ uJennings uyalandisa: “Ngezinye izikhathi kwakuthi sengifikile emzini othile, kumane kungavumi ngingqongqoze. Nokho, ngangingaliphonsi ithawula ngoba ngangiqaphela ukuthi inkonzo yethu isho insindiso kithi nakunoma yibaphi abasabela kahle. (1 Thimothewu 4:16) Ngemva kwesikhashana, ngakwazi ukulawula imizwelo yami, ngiye emzini olandelayo, ngiphinde ngizame. Ngokuqhubeka ngihlanganyela enkonzweni, ngazigcina ngiphilile ngokomoya ngokusesilinganisweni, futhi lokho kwangenza ngabhekana kangcono nesimo.”

Ukulandisa kukaMfoweth’ uJennings ngokukhululekile, angafihli kwasiza abafundi abaningi ukuba babhekane nezingcindezi zabo ngomoya ofanayo wokungesabi. Ngokwesibonelo, omunye udade wabhala: “Sekuyiminyaka engu-28 ngifunda INqabayokulinda ne-Phaphama!, kodwa bengiqala ukuthinteka ngale ndlela ngesikhathi ngifunda lesi sihloko. Kwadingeka ngiyeke inkonzo yami yesikhathi esigcwele futhi ngaba nomuzwa wecala kakhulu, ngizisola ngokuthi ukube benginokholo olwengeziwe ngabe ngaqhubeka nayo. Ukufunda indlela uMfoweth’ uJennings okwadingeka ayeke ngayo isabelo sakhe ukuze abhekane nesifo sakhe kwangisiza ukuba ngibheke isimo sami ngendlela enokulinganisela. Lesi sihloko sayiphendula ngempela imithandazo yami!”

Omunye umzalwane naye wabhala: “Ngemva kokuba umdala webandla iminyaka eyishumi, kwadingeka ngiyeke ngenxa yokuphazamiseka kwengqondo. Ngendlela engangizizwa ngiyisehluleki ngayo, kwakunzima kakhulu ngami ukufunda izindaba zokuphila, ngokuvamile ezixoxa ngezinto ezimangalisayo ezifezwe abantu bakaJehova. Kodwa ukuqinisela kukaMfoweth’ uJennings kwangikhuthaza. Sengiyifunde izikhathi eziningi indaba yakhe.”

Ukuqhubekela Phambili Sinokholo

NjengoMfoweth’ u-Ombeva noMfoweth’ uJennings, oFakazi BakaJehova abaningi bayaqhubeka bekhonza uJehova uNkulunkulu ngesibindi naphezu kwezithiyo eziqeda amandla. Uma nawe uphakathi kwabanjalo, siyakutusa. Qiniseka: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Hebheru 6:10.

Njengoba nje uJehova asiza abantu bakhe abathembekile basendulo ukuba banqobe izitha zabo, angakusiza nawe ukuba unqobe noma isiphi isithiyo ongase ubhekane naso. Ngakho, wakhumbule njalo amazwi uJehova awasho ngomprofethi u-Isaya: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”—Isaya 41:10.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 18 Bheka INqabayokulinda ka-December 1, 2000, amakhasi 24-8.

[Izithombe ekhasini 16]

Abaningi bakhonza uJehova ngesibindi njengoStanley Ombeva (ongenhla) noHerbert Jennings (ongakwesokudla)

[Umthombo Wesithombe ekhasini 14]

USAF photo