Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uqeqesha Abelusi Bomhlambi Wakhe

UJehova Uqeqesha Abelusi Bomhlambi Wakhe

UJehova Uqeqesha Abelusi Bomhlambi Wakhe

“UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.”—IZAGA 2:6.

1, 2. Kungani amadoda abhapathiziwe ezama ukufinyelela umthwalo wemfanelo owengeziwe ebandleni?

UNICK osekhonze iminyaka engu-7 njengombonisi webandla uthi: “Ngangingeve ngijabule mhla ngimiswa njengomdala. Ngabheka leli lungelo njengethuba lokwandisa inkonzo yami kuJehova. Ngaba nomuzwa wokuthi ngikweleta ukumbonga ngakho konke angenzele kona. Ngangifuna nokusiza amalungu ebandla kakhulu ngangokunokwenzeka, ukuwasiza ngendlela abanye abadala abangisize ngayo nami.” Nokho, leyo njabulo yayihambisana nomuzwa othile wokukhathazeka. UNick uyaqhubeka: “Njengoba ngamiswa ngingakayihlanganisi iminyaka engu-30, ngangikhathazeka ngokuthi hleze ngingabi nawo amakhono adingekayo—ukuqonda nokuhlakanipha—ekweluseni ibandla ngokuphumelelayo.”

2 Labo uJehova abamisa ukuba banakekele umhlambi wakhe banezizathu eziningi zokujabula. Ecaphuna uJesu, umphostoli uPawulu wakhumbuza abadala base-Efesu ngesinye salezo zizathu lapho ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ukukhonza njengenceku ekhonzayo noma njengomdala kunikeza amadoda abhapathiziwe izindlela ezengeziwe zokupha uJehova nebandla. Ngokwesibonelo, izinceku ezikhonzayo zilekelela abadala. Lezi zinceku zinakekela nezinye izabelo eziningi ezidinga ukunakekelwa kodwa ezidla isikhathi. Laba bafowethu bashukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane ukuba benze inkonzo ebalulekile.—Marku 12:30, 31.

3. Yini engenza abanye babe manqikanqika ukuzama ukufinyelela amalungelo ebandla?

3 Kuthiwani ngendoda engumKristu engase ibe manqikanqika ukuzama ukufinyelela ilungelo lokuba inceku futhi ekugcineni ibe umdala ngoba izizwa ingafaneleki? Mhlawumbe njengoNick ikhathazeka ngokuthi ayinawo amakhono adingekayo ukuze ibe umalusi ophumelelayo. Ingabe wena, njengomzalwane obhapathiziwe, uphakathi kwalabo abazizwa ngale ndlela? Isizathu sokukhathazeka kwakho siyezwakala. UJehova ulindele ukuba abelusi abamisiwe balandise ngendlela abaphatha ngayo umhlambi. UJesu wathi: “Wonke umuntu onikwe okuningi, kuyofunwa okuningi kuye; futhi lowo abantu abamphathisa okukhulu, bayofuna okungaphezu kokujwayelekile kuye.”—Luka 12:48.

4. UJehova ubasiza kanjani labo abamisa ukuba banakekele izimvu zakhe?

4 Ingabe uJehova ulindele ukuba labo abamisa njengezinceku nabadala bawuthwale bodwa lo mthwalo owengeziwe? Cha. Kunalokho, ubanikeza usizo olungokoqobo olubenza ukuba bangagcini nje ngokuwuthwala kodwa futhi baphumelele. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esandulele, uJehova ubanika umoya wakhe ongcwele, izithelo zawo ezibasiza ukuba banakekele izimvu ngesisa. (IzEnzo 20:28; Galathiya 5:22, 23) Ngaphezu kwalokho, ubanikeza ukuhlakanipha, ulwazi nokuqonda. (IzAga 2:6) Ukwenza kanjani lokhu? Ake sicabangele izindlela ezintathu uJehova abaqeqesha ngazo abantu ngabanye abamisa ukuba banakekele izimvu zakhe.

Baqeqeshwa Abelusi Abanokuhlangenwe Nakho

5. Kungani uPetru noJohane babengabelusi abaphumelelayo?

5 Lapho abaphostoli uPetru noJohane bemi phambi kweSanhedrini, abahluleli baleyo nkantolo ababehlakaniphile ngokwezwe babheka la madoda ayephambi kwabo ‘njengangafundile navamile.’ Yebo, babekwazi ukufunda nokubhala, kodwa babengazange baqeqeshwe orabi ukuba bazi imiBhalo. Noma kunjalo, uPetru noJohane kanye nabanye abafundi babezibonise bengabafundisi abaphumelelayo, okwashukumisa abaningi ababebalalela ukuba babe amakholwa. Kwenzeka kanjani ukuba la madoda avamile abe abafundisi abavelele kangaka? Ngemva kokulalela uPetru noJohane, inkantolo ‘yabona ukuthi babenoJesu.’ (IzEnzo 4:1-4, 13) Yiqiniso, babethole umoya ongcwele. (IzEnzo 1:8) Kodwa kwakusobala—ngisho nakulabo bahluleli ababeyizimpumputhe ngokomoya—nokuthi uJesu wayewaqeqeshile lawo madoda. Ngesikhathi esesemhlabeni kanye nabo, uJesu wafundisa abaphostoli indlela yokubutha abantu abanjengezimvu neyokubelusa lapho sebeyingxenye yomhlambi.—Mathewu 11:29; 20:24-28; 1 Petru 5:4.

6. UJesu noPawulu babeka siphi isibonelo ekuqeqesheni abanye?

6 Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu waqhubeka nokubaqeqesha labo ababemiswe njengabelusi. (IsAmbulo 1:1; 2:1–3:22) Ngokwesibonelo, wamkhetha mathupha uPawulu futhi waqondisa ukuqeqeshwa kwakhe. (IzEnzo 22:6-10) UPawulu wakwazisa ukuqeqeshwa akuthola futhi wakudlulisela kwabanye abadala lokho akufundile. (IzEnzo 20:17-35) Ngokwesibonelo, wasebenzisa isikhathi esiningi namandla akhe eqeqesha uThimothewu ukuba abe “isisebenzi” esisenkonzweni kaNkulunkulu, “esingenamahloni ngalutho.” (2 Thimothewu 2:15) La madoda aba abangane abakhulu. Ngaphambili, uPawulu wayebhale lokhu ngoThimothewu: “Njengomntwana osebenza noyise wazigqilaza kanye nami ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle.” (Filipi 2:22) UPawulu akazange afune ukwenza uThimothewu nanoma ubani omunye umuntu ukuba abe umfundi wakhe. Kunalokho, wakhuthaza ayekholwa nabo ukuba babe ‘abalingisi bakhe, njengoba nje naye ayengumlingisi kaKristu.’—1 Korinte 11:1.

7, 8. (a) Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa imiphumela emihle eba khona lapho abadala belingisa uJesu noPawulu? (b) Abadala kufanele baqale nini ukuqeqesha izinceku ezikhonzayo nabadala bakusasa?

7 Belingisa uJesu noPawulu, abelusi abanokuhlangenwe nakho bathatha isinyathelo kuqala baqeqeshe abazalwane ababhapathiziwe, kube nemiphumela efanayo emihle. Cabanga ngokuhlangenwe nakho kukaChad. Wakhulela emkhayeni ohlukene ngokwenkolo kodwa muva nje uye wamiswa njengomdala. Uthi: “Njengoba iminyaka yayihamba, abadala abanokuhlangenwe nakho abaningana babengisiza ukuba ngithuthuke ngokomoya. Ngenxa yokuthi ubaba wayengakholwa, labo badala baba nesithakazelo esikhethekile kimi futhi baba obaba abangokomoya kimi. Bazinika isikhathi sokungiqeqesha enkonzweni, futhi kamuva omunye umdala wangiqeqesha ekunakekeleni izabelo zebandla engangizithola.”

8 Njengoba okuhlangenwe nakho kukaChad kubonisa, abelusi abanokuqonda baqala ukuqeqesha izinceku ezikhonzayo nabadala bakusasa kusasele isikhathi eside andukuba bathuthuke ngokwanele ukuba bawafanelekele lawo malungelo. Bakwenzelani lokhu? Bakwenza ngoba iBhayibheli liyala kokubili izinceku ezikhonzayo nabadala ukuba bafinyelele izinga eliphakeme lokuziphatha nelingokomoya ngaphambi kokuba bamiswe ukuba bakhonze. Kumelwe ‘bavivinywe kuqala ukuthi bayafaneleka yini.’—1 Thimothewu 3:1-10.

9. Imuphi umthwalo wemfanelo abelusi abavuthiwe abanawo, futhi ngani?

9 Uma kanti abazalwane ababhapathiziwe kumelwe bavivinywe, kunengqondo ukuba baqeqeshwe kuqala. Ngokwesibonelo: Uma umfundi esikoleni ebengacelwa ukuba abhale isivivinyo esilukhuni othisha abangazange bamqeqeshele sona, ingabe ubeyophumelela? Cishe ubeyohluleka. Ngakho-ke, ukuqeqeshwa kuyadingeka. Nokho, othisha abakhathalelayo abaqeqesheli abafundi ukuba baphumelele isivivinyo kuphela kodwa nokuba balusebenzise ulwazi abalutholayo. Ngokufanayo, abadala abakhuthele basiza abazalwane ababhapathiziwe ukuba bahlakulele izimfanelo ezidingeka kumuntu omisiwe ngokubanikeza ukuqeqeshwa okuqondile. Lokhu abakwenzeli nje ukubasiza ukuba bamiswe ukuze bakhonze kodwa futhi ukuze babasize ukuba bakwazi ukuwunakekela kahle umhlambi. (2 Thimothewu 2:2) Yebo, abazalwane ababhapathiziwe kumelwe bafeze indima yabo futhi bazikhandle ukuze bafinyelele lezi zimfanelo ezidingekayo encekwini ekhonzayo noma kumdala. (Thithu 1:5-9) Noma kunjalo, abelusi abanokuhlangenwe nakho bangabasiza ukuba bathuthuke ngokushesha ngokubaqeqesha ngokuzithandela labo abazama ukufanelekela imithwalo yemfanelo ebandleni.

10, 11. Abelusi bangabaqeqeshela kanjani abanye amalungelo engeziwe?

10 Abelusi abanokuhlangenwe nakho bangabaqeqesha kanjani ngokuqondile abanye ukuba banakekele imithwalo yemfanelo yebandla? Okokuqala, ngokuba nesithakazelo kubazalwane ebandleni—basebenze nabo njalo enkonzweni yasensimini futhi babasize ukuba bathuthukise ikhono labo lokuphatha “izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Abelusi abavuthiwe baxoxela labo bazalwane ngenjabulo etholakala ngokukhonza abanye nangokwaneliseka bona ngokwabo abakutholayo ngokubeka imigomo engokomoya nokuyifinyelela. Banikeza nokusikisela komusa okuqondile kwendlela umzalwane angathuthuka ngayo ekubeni ‘isibonelo emhlambini.’—1 Petru 5:3, 5.

11 Lapho umzalwane esemisiwe njengenceku ekhonzayo, abelusi abahlakaniphile bayaqhubeka nokumqeqesha. UBruce, osekhonze amashumi eminyaka njengomdala, uthi: “Ngiye ngithande ukuhlala phansi nosanda kumiswa njengenceku ekhonzayo futhi ngibukeze naye iziyalezo ezinyatheliswe inceku ethembekileyo neqondayo. Sifunda nanoma iziphi ezinye iziqondiso eziphathelene nesabelo sakhe esiqondile, bese ngisebenza naye aze ajwayelane nemisebenzi yakhe.” Njengoba le nceku iba nolwazi, ingaqeqeshelwa nomsebenzi wokwalusa. UBruce uyaqhubeka: “Lapho ngihamba nenceku ekhonzayo ekuhambeleni kokwalusa, ngiyayisiza ukuba ikhethe imiBhalo eqondile eyokhuthaza futhi ishukumise umuntu noma umkhaya esizowuhambela. Ukufunda ukusebenzisa imiBhalo ngendlela yokuthi ithinte inhliziyo kubalulekile ukuze inceku ibe umalusi ophumelelayo.”—Hebheru 4:12; 5:14.

12. Abelusi abanokuhlangenwe nakho bangabaqeqesha kanjani abadala abasanda kumiswa?

12 Abelusi abasanda kumiswa nabo bayazuza kakhulu lapho beqeqeshwa ngokwengeziwe. UNick, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukuqeqeshwa engakuthola ikakhulu kubabonisi ababili asebekhulile kwangisiza impela. Laba bazalwane ngokuvamile babeqonda ukuthi izindaba ezithile kufanele zisingathwe kanjani. Babengilalela njalo ngesineke futhi becabangisisa ngombono wami—ngisho noma bengavumelani nawo. Ngifunde okuningi kubo ngokuqaphela indlela ethobekile nenenhlonipho abasebenzelana ngayo nabazalwane nodade ebandleni. Laba badala bagcizelela kimi isidingo sokusebenzisa iBhayibheli ngekhono lapho ngisingatha izinkinga noma nginikeza isikhuthazo.”

Ukuqeqeshwa IZwi LikaNkulunkulu

13. (a) Kudingekani ukuze umzalwane abe umalusi ophumelelayo? (b) Kungani uJesu athi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami”?

13 Ngempela, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liqukethe imithetho, izimiso nezibonelo umalusi azidingayo ukuze “afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Umzalwane angase abe nemfundo enhle yezwe, kodwa okuyomsiza ukuba abe umalusi ophumelelayo ulwazi lwakhe ngemiBhalo nendlela alusebenzisa ngayo. Cabangela isibonelo sikaJesu. Wayengumalusi onolwazi, onokuqonda nohlakaniphe kunabo bonke abantu abake baphila; kodwa, kwasayena akazange ancike ekuhlakanipheni kwakhe lapho efundisa izimvu zikaJehova. Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” Kungani uJesu adumisa uYise osezulwini? Wachaza: “Lowo okhuluma okwakhe ufuna inkazimulo yakhe siqu.”—Johane 7:16, 18.

14. Abelusi bakugwema kanjani ukuzifunela udumo?

14 Abelusi abaqotho bayakugwema ukuzifunela udumo. Basekela iseluleko nesikhuthazo sabo eZwini likaNkulunkulu, hhayi ekuhlakanipheni kwabo. Bayaqonda ukuthi isabelo sokuba umalusi sihloselwe ukusiza izimvu zibe ‘nomqondo kaKristu,’ hhayi umqondo wabadala. (1 Korinte 2:14-16) Ngokwesibonelo, kungenzekani uma umdala osiza umbhangqwana othile onezinkinga emshadweni engasekela iseluleko sakhe kokuhlangenwe nakho kwakhe kunasezimisweni zeBhayibheli nasekwazisweni okunyatheliswa “inceku ethembekileyo neqondayo”? (Mathewu 24:45) Iseluleko sakhe singase sithonywe kakhulu amasiko endawo futhi silinganiselwe ulwazi analo. Kuyavunywa, amanye amasiko awamabi ngokwawo, futhi kungenzeka lo mdala unokuhlangenwe nakho ekuphileni. Kodwa izimvu zizuza ngokwengeziwe lapho abelusi bezikhuthaza ukuba zilalele izwi likaJesu namazwi kaJehova esikhundleni sokulalela imibono yabantu noma lokho okushiwo amasiko endawo.—IHubo 12:6; IzAga 3:5, 6.

Ukuqeqeshwa “Inceku Ethembekileyo Neqondayo”

15. UJesu uyithumeni “inceku ethembekileyo neqondayo,” futhi isiphi esinye sezizathu zokuphumelela kwesigaba senceku?

15 Abelusi abanjengabaphostoli uPetru, uJohane noPawulu bonke babengamalungu eqembu uJesu alichaza ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo.” Lesi sigaba senceku sakhiwa abafowabo bakaJesu abagcotshwe ngomoya abasemhlabeni, abanethemba lokubusa noKristu ezulwini. (IsAmbulo 5:9, 10) Phakathi nalezi zinsuku zokugcina zalesi simiso, inani labafowabo bakaKristu abasele emhlabeni liye lancipha njengoba kulindelekile. Nokho, umsebenzi uJesu abathuma ukuba bawenze—wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngaphambi kokuba kufike ukuphela—manje usumkhulu kunanini ngaphambili. Noma kunjalo, isigaba senceku siye saphumelela ngendlela ephawulekayo! Ngani? Ngokwengxenye, ngoba siye saqeqesha amalungu “ezinye izimvu” ukuze asisize emsebenzini wokushumayela nokufundisa. (Johane 10:16; Mathewu 24:14; 25:40) Namuhla, omningi walo msebenzi ufezwa yileli qembu eliqotho.

16. Isigaba senceku siwaqeqesha kanjani amadoda amisiwe?

16 Isigaba senceku sikunikeza kanjani lokhu kuqeqesha? Ekhulwini lokuqala, abameleli besigaba senceku babegunyazwe ukuba baqeqeshe futhi bamise ababonisi emabandleni, bona-ke okwakumelwe baqeqeshe izimvu. (1 Korinte 4:17) Kuyefana nanamuhla. INdikimba Ebusayo—iqembu elincane labadala abagcotshiwe abamelela isigaba senceku—igunyaza abameleli bayo ukuba baqeqeshe futhi bamise izinceku nabadala emashumini ezinkulungwane zamabandla emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, iNdikimba Ebusayo ihlela izikole zokuqeqesha amalungu amaKomiti Amagatsha, ababonisi abajikelezayo, abadala nezinceku ezikhonzayo ngezindlela abangazinakekela ngazo kangcono izimvu. Kunikezwa isiqondiso esengeziwe ngezincwadi ababhalelwa zona, izihloko ezikhishwa kuyi-Nqabayokulinda nangezinye izincwadi, ezinjengethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova. *

17. (a) UJesu wakubonisa kanjani ukuthi uyasethemba isigaba senceku? (b) Abelusi abangokomoya bangabonisa kanjani ukuthi bayasethemba isigaba senceku?

17 UJesu wayesethemba kakhulu isigaba senceku kangangokuthi wasimisa phezu “kwakho konke okungokwayo”—okungukuthi, yonke impahla yakhe esemhlabeni ephathelene nezinto ezingokomoya. (Mathewu 24:47) Abelusi abamisiwe babonisa ukuthi nabo bayasethemba isigaba senceku ngokusebenzisa iziqondiso abazithola eNdikimbeni yaso Ebusayo. Yebo, lapho abelusi beqeqesha abanye, lapho bezivumela ukuba baqeqeshwe iZwi likaNkulunkulu, nalapho bekusebenzisa ukuqeqeshwa okulungiselelwe isigaba senceku, benza kube nobunye phakathi komhlambi. Yeka indlela esimbonga ngayo uJehova ngokuthi uqeqeshe amadoda alikhathalela ngokujulile ilungu ngalinye lebandla lobuKristu!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ungaphendula Kanjani?

• Abelusi abangokomoya abavuthiwe babaqeqesha kanjani abanye?

• Kungani abelusi bengasekeli ukufundisa kwabo emibonweni yabo siqu?

• Abelusi babonisa kanjani ukuthi bayasethemba isigaba senceku futhi ngani?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Abadala abangamaKristu baqeqesha amadoda asemasha ebandleni

[Izithombe ekhasini 26]

“Inceku ethembekileyo neqondayo” inezinhlelo eziningi zokuqeqesha abadala