Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubumpofu—Isimo Esikhona Namuhla

Ubumpofu—Isimo Esikhona Namuhla

Ubumpofu—Isimo Esikhona Namuhla

NJALO uVicente * umbona edonsa inqola egcwele phama emigwaqweni yaseSão Paulo, eBrazil. Uqoqa amakhadibhodi, izinsimbi ezilahliwe nopulasitiki. Lapho kuqala ukuhwalala, wendlala ikhadibhodi ngaphansi kwenqola yakhe abese elala. Ubonakala engasawuzwa umsindo wezimoto namabhasi akulo mgwaqo omatasa alala kuwo. Wake wasebenza, enomuzi kanye nomkhaya—kodwa walahlekelwa yikho konke. Manje usebenza kanzima emgwaqweni ukuze athole ubadlana lokuziphilisa.

Kuyadabukisa ukuthi izigidi zabantu emhlabeni wonke zidla imbuya ngothi njengoVicente. Emazweni ampofu, abaningi baphoqeleka ukuba bahlale emigwaqweni noma emikhukhwini. Sekuvamile ukubona abesifazane abancelisa abantwana babo, izinyonga nezimpumputhe benxiba. Emarobhothini kunezingane ezigijima phakathi kwezimoto ezimile, zizama ukudayisa amaswidi ukuze zithole amasentshana.

Kunzima ukuchaza ukuthi kungani kunalobu bumpofu. Umagazini waseBrithani i-Economist wathi: “Uhlanga lwesintu alukaze lube olunothe kangaka, noma lube oluhlome kangcono ngolwazi lwezokwelapha, amakhono kwezobuchwepheshe nokuhlakanipha okudingekayo ukuze kunqotshwe ubumpofu.” Ngokuqinisekile abaningi baye bazuza kulolu lwazi. Imigwaqo yasemadolobheni amakhulu emazweni asathuthuka igcwele izimoto ezintsha. Izitolo eziyinxanxathela zigcwele izinto zesimanje, futhi zithengwa ubuthaphuthaphu. Izitolo ezimbili eBrazil zathengisa ubusuku bonke kusukela ngo-December, 23-24, 2004 emkhankasweni wazo wokuthengisa izinto ezithile. Esinye sezitolo saqasha abadansi be-samba ukuze bajabulise ababezothenga. Lokhu kwakhanga abathengi abangaba ngu-500 000!

Noma kunjalo, uquqaba lwabantu aluzuzi kule ngcebo ejatshulelwa abanye. Umehluko omkhulu ophakathi kwabacebile nabampofu uye wabangela abaningi ukuba baphethe ngokuthi kunesidingo esiphuthumayo sokuba kulwiwe nobumpofu. Umagazini waseBrazil i-Veja wathi: “Into eyinhloko abaholi bezwe lonke okufanele baxoxe ngayo kulo nyaka [ka-2005] ukuthi kuzolwiwa kanjani nobumpofu.” I-Veja yabuye yabika ngesiphakamiso sokuba kube noHlelo LukaMarshall olusha oluhloselwe ukusiza amazwe ampofu kakhulu, ikakhulukazi e-Afrika. * Nokho, nakuba lezo ziphakamiso zibonisa intuthuko, lo magazini wanezela: “Kunezizathu eziningi zokuyingabaza imiphumela yalezi ziphakamiso. Okwenza amazwe amaningi abe manqikanqika ukunikela, ukuthi leyo mali kuyaqabukela ifika kubantu okufanele bayithole.” Kuyadabukisa ukuthi ngenxa yenkohlakalo nemithetho eminingi yohulumeni, imali eningi enikelwa ohulumeni, izinhlangano zomhlaba wonke nabantu ayifiki kulabo bantu abayidinga ngempela.

UJesu wayazi ukuthi ubumpofu babuyoba inkinga eyayizoqhubeka. Wathi: “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi.” (Mathewu 26:11) Ingabe lokhu kusho ukuthi ubumpofu buyohlale bukhona? Ingabe akukho lutho olungenziwa ukuze lesi simo sibe ngcono? Yini amaKristu angayenza ukuze asize abampofu?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Igama lishintshiwe.

^ par. 5 UHlelo LukaMarshall uhlelo olwaluxhaswe i-United States olwaluhlelelwe ukuthuthukisa ezomnotho eYurophu ngemva kwempi yezwe yesibili.