Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza UKristu INkosi Ngobuqotho

Ukukhonza UKristu INkosi Ngobuqotho

Ukukhonza UKristu INkosi Ngobuqotho

“Wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.”—DANIYELI 7:14.

1, 2. Sazi kanjani ukuthi uKristu akazange awathathe ngokugcwele amandla oMbuso ngo-33 C.E.?

UKHONA yini umbusi onganikela ngokuphila kwakhe ngenxa yezikhonzi zakhe kodwa aphinde aphile abese ebusa njengenkosi? Ikhona yini inkosi engaphila emhlabeni, yenze izinceku zayo ziyethembe futhi zibe qotho kuyo, bese ibusa isezulwini? Umuntu okuwukuphela kwakhe owayengakwenza lokhu—nokunye okuningi—uJesu Kristu. (Luka 1:32, 33) NgePhentekoste lika-33 C.E., ngemva kokufa, ukuvuka nokwenyukela kukaKristu ezulwini, uNkulunkulu “wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni.” (Efesu 1:20-22; IzEnzo 2:32-36) Ngakho, uKristu waqala ukubusa kodwa akazithathanga zonke izintambo zokubusa. Waqala ngokubusa amaKristu agcotshwe ngomoya, akha u-Israyeli ongokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu.”—Galathiya 6:16; Kolose 1:13.

2 Eminyakeni ecishe ibe ngu-30 ngemva kwalelo Phentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPawulu wakuqinisekisa ukuthi uKristu wayengakawathathi ngokugcwele amandla oMbuso, kodwa “[wayehlezi] ngakwesokunene sikaNkulunkulu, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke [elindele] ukuba izitha zakhe zize zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe.” (Hebheru 10:12, 13) Kwabe sekuthi ekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka C.E., umphostoli uJohane osekhulile wabona embonweni uMbusi Wendawo Yonke, uJehova, emisa uKristu Jesu njengeNkosi yoMbuso wasezulwini owawusanda kuzalwa. (IsAmbulo 11:15; 12:1-5) Thina namuhla, singakwazi ukubukeza bonke ubufakazi obuqand’ ikhanda obuqinisekisa ukuthi uKristu waqala ukubusa ezulwini njengeNkosi enguMesiya ngo-1914. *

3. (a) Izindaba ezinhle zoMbuso ziye zahlanganisa nasiphi isici esisha kusukela ngo-1914? (b) Imiphi imibuzo esingazibuza yona?

3 Yebo, kusukela ngo-1914 izindaba ezinhle zoMbuso ziye zahlanganisa nesici esisha esivusa amadlingozi. UKristu ubelokhu ebusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, nakuba ebusa “phakathi kwezitha [zakhe].” (IHubo 110:1, 2; Mathewu 24:14; IsAmbulo 12:7-12) Ngaphezu kwalokho, izikhonzi zakhe eziqotho emhlabeni wonke zizithoba ngokuzithandela egunyeni lakhe ngokuhlanganyela esimisweni sokufundisa ngeBhayibheli embulungeni yonke esingakaze sibonwe emlandweni wesintu. (Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 28:18) AmaKristu agcotshwe ngomoya, abizwa nangokuthi “abantwana bombuso,” akhonza ‘njengamanxusa abambele uKristu.’ Asekelwa ngobuqotho isixuku esikhulayo ‘sezinye izimvu’ zikaKristu, sona esikhonza njengezithunywa zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 13:38; 2 Korinte 5:20; Johane 10:16) Noma kunjalo, kudingeka sihlaziye ukuthi thina ngabanye siyaliqaphela yini ngempela igunya likaKristu. Ingabe asintengantengi ebuqothweni bethu kuye? Singabubonisa kanjani ubuqotho eNkosini ebusa isezulwini? Nokho, asiqale ngokucabangela izizathu ezisenza sibe qotho kuKristu.

INkosi Ekushukumisela Ukuba Ube Qotho

4. Njengoba ayeqokelwe ubukhosi, yini uJesu ayifeza phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni?

4 Ubuqotho bethu kuKristu busekelwe ekwaziseni lokho akwenzile nezimfanelo zakhe ezivelele. (1 Petru 1:8) Ngesikhathi esemhlabeni, njengoba uJesu ayeqokelwe ubukhosi wakubonisa ngezinga elincane lokho ayeyokwenza lapho eseyiNkosi ebusa imbulunga yonke ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele. Wanika abalambile ukudla. Waphulukisa abagulayo, izimpumputhe, abakhubazekile, izithulu nezimungulu. Waze wavusa abafileyo. (Mathewu 15:30, 31; Luka 7:11-16; Johane 6:5-13) Ngaphezu kwalokho, ukuba nolwazi ngokuphila kukaJesu emhlabeni kwenza sizazi izimfanelo zakhe njengoMbusi womhlaba wesikhathi esizayo—ephawuleka kunazo zonke, uthando lwakhe lokuzidela. (Marku 1:40-45) Kule ndaba, uNapoléon Bonaparte kubikwa ukuthi wathi: “Mina no-Alexander, uCaesar noCharlemagne samisa imibuso, kodwa sasiyisekele kuphi leyo misebenzi yethu yobuhlakani? Phezu kwamandla. UJesu Kristu kuphela owasekela umbuso wakhe phezu kothando, futhi namuhla izigidi zabantu zingamfela.”

5. Kungani ubuntu bukaJesu babukhanga kangaka?

5 Ngenxa yokuthi uJesu wayemnene futhi ethobekile enhliziyweni, izimfundiso zakhe ezakhayo nomusa wakhe kwakubaqabula labo ababesindwa izingcindezi nezinkathazo. (Mathewu 11:28-30) Izingane zazikhululeka uma zinaye. Amadoda athobekile nanokuqonda ayemagange ukuba abafundi bakhe. (Mathewu 4:18-22; Marku 10:13-16) Inhlonipho nokubonelela kwakhe kwenza abesifazane abaningi abesaba uNkulunkulu babona isidingo sokuba qotho kuye, iningi labo lanikela ngesikhathi, amandla nangezinto zalo ezibonakalayo ukuze limnakekele lapho efeza inkonzo yakhe.—Luka 8:1-3.

6. Imiphi imizwelo yesisa uJesu ayibonisa lapho kushone uLazaru?

6 UKristu wembula ukuthi unesisa esingakanani lapho kushone umngane wakhe amthandayo uLazaru. Wathinteka ngokujulile lapho ebona usizi lukaMariya noMarta kangangokuthi akakwazanga ukuzibamba, wabubula ngosizi futhi “wakhala izinyembezi.” “Wakhathazeka” ngenxa yenhliziyo ebuhlungu nokudabuka okukhulu, nakuba ayazi ukuthi kungakabiphi wayezomvusa. Khona-ke, eshukunyiswa uthando nobubele, uJesu wasebenzisa igunya uNkulunkulu ayemnike lona wamvusa kwabafileyo.—Johane 11:11-15, 33-35, 38-44.

7. Kungani uJesu ekufanelekela ukuba sibe qotho kuye? (Bheka nebhokisi elisekhasini 31.)

7 Sihlabeka umxhwele lapho sibona indlela uJesu ayekuthanda ngayo okulungile nendlela ayebenyanya ngayo ubuzenzisi nobubi. Kabili waxosha abathengisi abahahayo ethempelini, isinyathelo esidinga isibindi. (Mathewu 21:12, 13; Johane 2:14-17) Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi ephila njengomuntu emhlabeni wayechayeke kuzo zonke izinhlobo zokuhlupheka, ezazimenza azibonele ngokwakhe futhi aqonde izingcindezi nezinkinga esibhekene nazo. (Hebheru 5:7-9) UJesu wakwazi nokuthi kwakunjani ukuba isisulu sokuzondwa nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. (Johane 5:15-18; 11:53, 54; 18:38–19:16) Ekugcineni, wazithoba ngesibindi wafa ngesihluku ukuze afeze intando kaYise futhi anike izikhonzi zakhe ukuphila okuphakade. (Johane 3:16) Ingabe izimfanelo ezinje zikaKristu azikushukumiseli ukuba umkhonze ngokwethembeka? (Hebheru 13:8; IsAmbulo 5:6-10) Kodwa kudingekani ukuze umuntu abe isikhonzi sikaKristu iNkosi?

Ukufanelekela Ukuba Isikhonzi

8. Kudingekani ezikhonzini zikaKristu?

8 Cabanga ngalesi siqhathaniso: Ngokuvamile ukuze umuntu abe isakhamuzi sakwelinye izwe kudingeka ahlangabezane nezimfuneko ezithile eziyisisekelo. Kungase kudingeke ukuba labo abafuna ukuba izakhamuzi babe nedumela elihle futhi bahlangabezane nezindinganiso ezithile zezempilo. Ngokufanayo, izikhonzi zikaKristu kudingeka zilondoloze izindinganiso eziphakeme zokuziphatha futhi zibe nempilo enhle ngokomoya.—1 Korinte 6:9-11; Galathiya 5:19-23.

9. Singabonisa kanjani ukuthi siqotho kuKristu?

9 Kuyafaneleka nokuba uJesu Kristu alindele ukuba izikhonzi zakhe zibe qotho kuye naseMbusweni wakhe. Zibonisa ubuqotho obunjalo ngokuphila ngokuvumelana nalokho akufundisa ngenkathi esemhlabeni njengomuntu owayeqokelwe ubukhosi. Ngokwesibonelo, zibeka izithakazelo zoMbuso nokwenza intando kaNkulunkulu kuqala kunokuphishekela izinto ezibonakalayo. (Mathewu 6:31-34) Zizama ngenkuthalo nokulingisa ubuntu bukaKristu, ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinya kakhulu. (1 Petru 2:21-23) Ngaphezu kwalokho, izikhonzi zikaKristu zilandela isibonelo sakhe ngokuthatha isinyathelo kuqala sokwenza okuhle kwabanye.—Mathewu 7:12; Johane 13:3-17.

10. Ukuba qotho kuKristu kungaboniswa kanjani (a) emkhayeni (b) nasebandleni?

10 Abalandeli bakaJesu baphinde futhi babonise ubuqotho babo kuye ngokulingisa izimfanelo zakhe emkhayeni. Ngokwesibonelo, amadoda abonisa ubuqotho eNkosini yawo esezulwini ngokuphatha omkawo nezingane zawo ngendlela kaKristu. (Efesu 5:25, 28-30; 6:4; 1 Petru 3:7) Amakhosikazi abonisa ukuba qotho kuKristu ngokuziphatha okuhlanzekile nangokuba ‘nomoya onokuthula nobumnene.’ (1 Petru 3:1-4; Efesu 5:22-24) Izingane zibonisa ubuqotho bazo kuKristu lapho zilandela isibonelo sakhe sokulalela. Ngesikhathi esemusha, uJesu waqhubeka ezithoba kubazali bakhe, nakuba babengaphelele. (Luka 2:51, 52; Efesu 6:1) Izikhonzi zikaKristu zizama ngobuqotho ukumlingisa ‘ngokubonisa ukuzwelana, uthando lobuzalwane nobubele besisa.’ Zilwela ukuba njengoKristu, ‘zithobeke engqondweni, zingabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthukwa.’—1 Petru 3:8, 9; 1 Korinte 11:1.

Izikhonzi Ezithobela Umthetho

11. Imiphi imithetho izikhonzi zikaKristu ezizithoba kuyo?

11 Njengoba nje abazoba izakhamuzi zezwe bethobela imithetho yezwe labo elisha, izikhonzi zikaKristu zizithoba ‘emthethweni kaKristu’ ngokuvumelanisa ukuphila kwazo nakho konke lokho uJesu akufundisa nakuyala. (Galathiya 6:2) Ubuqotho ikakhulukazi buzenza ziphile ‘ngomthetho wobukhosi’ wothando. (Jakobe 2:8) Le mithetho ihlanganisani?

12, 13. Sizithoba kanjani ngobuqotho ‘emthethweni kaKristu’?

12 Izikhonzi zikaKristu zinawo amaphutha okungapheleli nokushiyeka. (Roma 3:23) Ngakho, kudingeka ziqhubeke zihlakulela “uthando lobuzalwane lokungazenzisi” ukuze ‘zithandane kakhulu ngokusuka enhliziyweni.’ (1 Petru 1:22) “Uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye,” amaKristu abonisa ubuqotho asebenzise umthetho kaKristu ‘ngokuqhubeka ebekezelelana futhi ethethelelana ngokukhululekile.’ Ukuthobela lo mthetho kuwasiza ukuba aqhubeke edlulisa amaphutha abanye okungapheleli futhi ethola izizathu zokuthandana. Awukwazisi yini ukuba nalabo abathi ngenxa yokuzithoba ngobuqotho eNkosini yethu enothando bagqoke uthando, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye’?—Kolose 3:13, 14.

13 Ngaphezu kwalokho, uJesu wachaza ukuthi uthando alubonisa lwaludlulela ngale kothando abantu abavame ukubonisana lona. (Johane 13:34, 35) Uma sithanda labo abasithandayo kuphela, siyobe asenzi “lukhulu.” Ngakho-ke, uthando lwethu luyobe lungaphelele futhi luntula. UJesu wasikhuthaza ukuba silingise uthando lukaYise ngokuba nothando olunezimiso ngisho nangezitha ezisizonda futhi zisishushise. (Mathewu 5:46-48) Lolu thando lushukumisa izikhonzi zoMbuso ukuba ziphikelele ngobuqotho emsebenzini wazo obalulekile. Imuphi lowo msebenzi?

Ubuqotho Buyavivinywa

14. Kungani umsebenzi wokushumayela ubaluleke kangaka?

14 Izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu manje zinomsebenzi obaluleke kakhulu ‘wokunikeza ubufakazi obuphelele ngombuso kaNkulunkulu.’ (IzEnzo 28:23) Kubalulekile ukuwenza lo msebenzi ngoba uMbuso kaMesiya uyolwela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke. (1 Korinte 15:24-28) Lapho sishumayela izindaba ezinhle, abalalele bathola ithuba lokuba izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, indlela abantu abasabela ngayo kuleso sigijimi inikeza uKristu iNkosi isisekelo sokwahlulela isintu. (Mathewu 24:14; 2 Thesalonika 1:6-10) Ngakho, indlela eyinhloko esibonisa ngayo ubuqotho bethu kuKristu iwukuthobela umyalo wakhe wokutshela abanye ngoMbuso.—Mathewu 28:18-20.

15. Kungani ubuqotho bamaKristu buvivinywa?

15 Yebo, uSathane umelana nalo msebenzi wokushumayela ngazo zonke izindlela angenza ngazo, futhi ababusi abangabantu abaliqapheli igunya likaKristu alinikwe uNkulunkulu. (IHubo 2:1-3, 6-8) Ngakho, uJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.” (Johane 15:20) Ngakho-ke, abalandeli bakaKristu bazithola besempini engokomoya evivinya ubuqotho babo.—2 Korinte 10:3-5; Efesu 6:10-12.

16. Izikhonzi zoMbuso zikubuyisela kanjani “okukaNkulunkulu kuNkulunkulu”?

16 Noma kunjalo, izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu zihlala ziqotho eNkosini yazo engabonakali ngaphandle kokwedelela iziphathimandla ezingabantu. (Thithu 3:1, 2) UJesu wathi: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Marku 12:13-17) Ngakho-ke, izikhonzi zikaKristu zithobela imithetho kahulumeni engangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu. (Roma 13:1-7) Nokho, lapho inkantolo ephakeme yamaJuda yenza ngokuphambene nemithetho kaNkulunkulu ngokuyala abafundi bakaJesu ukuba bayeke ukushumayela, baphendula ngokuqinile kodwa ngenhlonipho bathi kwakumelwe ‘balalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 1:8; 5:27-32.

17. Kungani singase sikwazi ukubhekana novivinyo lobuqotho ngesibindi?

17 Njengoba sazi, kudinga isibindi esikhulu ukuba izikhonzi zikaKristu zihlale ziqotho eNkosini yazo lapho zishushiswa. Noma kunjalo, uJesu wathi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini.” (Mathewu 5:11, 12) Abalandeli bakaKristu bokuqala bakubona ukuba iqiniso kwalawo mazwi. Ngisho nalapho bebhaxabulwa ngenxa yokuqhubeka beshumayela ngoMbuso, bajabula “ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe. Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” (IzEnzo 5:41, 42) Niyakufanelekela ukunconywa njengoba nibonisa umoya ofanayo wokuba qotho lapho nikhuthazelela ubunzima, ukugula, ukufelwa noma ukuphikiswa.—Roma 5:3-5; Hebheru 13:6.

18. Amazwi uJesu awasho kuPontiyu Pilatu abonisani?

18 Njengomuntu owayeqokelwe ubukhosi, uJesu wachazela uMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Ngakho-ke, izikhonzi zoMbuso wasezulwini azihlomi ziyokulwa nanoma ubani futhi azithathi uhlangothi kunoma iziphi izinxushunxushu zabantu. Ngenxa yobuqotho bazo ‘eSikhulwini Sokuthula,’ ziqhubeka zingathathi hlangothi ngokuphelele ezindabeni zezwe ezihlukanisayo.—Isaya 2:2-4; 9:6-7.

Izibusiso Zaphakade Eziyotholwa Izikhonzi Eziqotho

19. Kungani izikhonzi zikaKristu zinethemba ngekusasa?

19 Izikhonzi eziqotho zikaKristu, “iNkosi yamakhosi,” zinethemba ngekusasa. Zisibheke ngabomvu isibonakaliso esingajwayelekile samandla ombuso wakhe esingavela noma nini. (IsAmbulo 19:11–20:3; Mathewu 24:30) Insali ‘yabantwana bombuso’ abaqotho, abagcotshwe ngomoya ibheke phambili efeni layo eliyigugu njengamakhosi kanye noKristu ezulwini. (Mathewu 13:38; Luka 12:32) “Ezinye izimvu” zikaKristu eziqotho zilubalubela ukuzwa iNkosi yazo izamukela ithi: “Wozani, nina enibusiswe nguBaba, nizuze ifa lombuso [iPharadesi lasemhlabeni] enawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe.” (Johane 10:16; Mathewu 25:34) Ngenxa yalokho, kwangathi zonke izikhonzi zoMbuso zingazimisela ukuqhubeka zimkhonza ngobuqotho uKristu iNkosi.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Bheka esithi “Kungani oFakazi BakaJehova bethi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914?” encwadini Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 179-81, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ungachaza?

• Kungani uKristu ekufanelekela ukuba sibe qotho kuye?

• Izikhonzi zikaKristu zibubonisa kanjani ubuqotho bazo kuye?

• Kungani sifuna ukuba qotho kuKristu iNkosi?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 31]

EZINYE ZEZIMFANELO ZIKAKRISTU EZIVELELE

UkungakhethiJohane 4:7-30.

UbubeleMathewu 9:35-38; 12:18-21; Marku 6:30-34.

Uthando lokuzidelaJohane 13:1; 15:12-15.

UbuqothoMathewu 4:1-11; 28:20; Marku 11:15-18.

UzwelaMarku 7:32-35; Luka 7:11-15; Hebheru 4:15, 16.

UkubonelelaMathewu 15:21-28.

[Isithombe ekhasini 29]

Lapho sibonisana uthando, sisuke sizithoba ngobuqotho ‘emthethweni kaKristu’

[Izithombe ekhasini 31]

Ingabe izimfanelo zikaKristu zikushukumisa ukuba umkhonze ngobuqotho?