Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yini eyenza ukuba “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe” zingene ‘endlini’ yokukhulekela kweqiniso?—Hagayi 2:7.

UJehova wabikezela ngomprofethi uHagayi: “Ngizozamazamisa zonke izizwe, futhi izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe zizongena; ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.” (Hagayi 2:7) Ingabe ngukuzanyazanyiswa kwazo “zonke izizwe” okwenza “izinto ezifiselekayo” zezizwe—abantu abanhliziyo ziqotho—zamukele ukukhulekela kweqiniso? Cha, akunjalo.

Cabanga ngalokho okuzamazamisa noma okunyakazisa izizwe nomphumela walokho kunyakaziswa. IBhayibheli lithi “izizwe ziye zaxokozela namaqembu ezizwe [aye] alokhu evungazela into eyize.” (IHubo 2:1) “Into eyize” eziqhubeka ‘ziyivungazela,’ noma zizindla ngayo, ukuqhubekisela phambili ubukhosi bazo. Ayikho enye into ezinyakazisa njengento esongela ubukhosi bazo.

Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe owenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke uye waba yilolo songo kanye. Kakade, uMbuso kaNkulunkulu osezandleni zikaJesu onguMesiya “uyochoboza uqede yonke le mibuso” eyenziwe abantu. (Daniyeli 2:44) Isigijimi sesahlulelo esihlanganiswe emsebenzini wethu wokushumayela senza izizwe zithuthumele. (Isaya 61:2) Futhi lokhu kuzamazama kuya kuba namandla njengoba umsebenzi wokushumayela sewenziwa emazweni amaningi nangezinga elikhulu. Ukuzanyazanyiswa okubikezelwe kuHagayi 2:7 kuyibika lani?

KuHagayi 2:6, sifunda lokhu: “Yilokhu uJehova wamabutho akushilo, ‘Kusazoba kanye—yisikhashana nje—ngizamazamise amazulu nomhlaba nolwandle nomhlabathi owomile.’” Ecaphuna leli vesi, umphostoli uPawulu wabhala: “[UNkulunkulu] uthembisile, ethi: ‘Ngisazophinda futhi ngiyaluzise kungewona umhlaba kuphela kodwa futhi nezulu.’ Manje inkulumo ethi ‘Ngisazophinda futhi’ ibonisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo njengezinto ezenziwe, ukuze izinto ezinganyakaziswa [okungukuthi, uMbuso] zihlale.” (Hebheru 12:26, 27) Yebo, sonke isimiso esikhona sezinto sizonyakaziswa siphele sidedele izwe elisha likaNkulunkulu.

Abantu abanhliziyo ziqotho badonsekela ekukhulekeleni kweqiniso hhayi ngenxa yokuthi izizwe ziyazanyazanyiswa noma ziyanyakaziswa. Isenzo esibadonsela kuJehova nasekukhulekelweni kwakhe isenzo esifanayo esibangela ukuba izizwe zizamazame, okuwukushunyayelwa emhlabeni wonke koMbuso kaNkulunkulu omisiwe. Ukumenyezelwa ‘kwezindaba ezithokozisayo zezindaba ezinhle zaphakade’ kudonsela abantu abathambekele ngokufanele ekukhulekelweni kukaNkulunkulu weqiniso.—IsAmbulo 14:6, 7.

Isigijimi soMbuso singesesahlulelo kanye nensindiso. (Isaya 61:1, 2) Imiphumela yokushunyayelwa kwaso emhlabeni wonke ikabili: ukuzanyazanyiswa kwezizwe kanye nokungena kwezinto ezifiselekayo zezizwe kube inkazimulo kuJehova.