Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Impi IngekaJehova”

“Impi IngekaJehova”

“Kumelwe Silalele UNkulunkulu Njengombusi Kunabantu”

“Impi IngekaJehova”

AMABUTHO amabili ami ngapha nangapha kwesigodi esiwahlukanisile, abhekene ngeziqu zamehlo. Sezingu-40 izinsuku amadoda akwa-Israyeli engenwa amanzi emadolweni futhi enethwa ithala lamazwi okuchapha kaGoliyati, iqhawe lamaFilisti.—1 Samuweli 17:1-4, 16.

UGoliyati uphonsela ama-Israyeli inselele ngezwi elikhulu, athi: “Zikhetheleni indoda, yehle ize lapha kimi. Uma ikwazi ukulwa nami bese ingibulala, khona-ke sizoba yizinceku zenu. Kodwa uma inguwethu futhi ngiyibulala, nizoba yizinceku zethu, nisikhonze. . . . Mina lo ngiyaziklolodela izinhlu zempi zakwa-Israyeli namuhla. Nginikeni indoda, silwe!”—1 Samuweli 17:8-10.

Ezikhathini zasendulo, kwakuvamile ukuba amaqhawe amelele amabutho awo ngokuthi kubambane wona bukhoma. Abanqobile kwakuba yilabo beqhawe eliphumelele. Kodwa iqhawe elicela ama-Israyeli inselele alivamile. Lingumdondoshiya—isitha esinolaka nesisabekayo. Nokho, uGoliyati uzichoma kumalunda ngokugcona ibutho labantu bakaJehova.

Lena akuyona nje impi evamile. Yimpi ephakathi kukaJehova nonkulunkulu bamaFilisti. Esikhundleni sokuba inkosi yakwa-Israyeli uSawule ibe nesibindi ihole ibutho layo lilwe nezitha zikaNkulunkulu, ikhwantabaliswa ukwesaba.—1 Samuweli 17:11.

Insizwa Esencane Ithembela KuJehova

Kusabhekenwe kanjalo ngeziqu zamehlo, insizwa esencane esigcotshelwe ukuba inkosi yakwa-Israyeli ihambela abafowabo abasebuthweni likaSawule. Igama layo nguDavide. Lapho izwa amazwi kaGoliyati, iyabuza: “Ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba aklolodele izinhlu zempi kaNkulunkulu ophilayo?” (1 Samuweli 17:26) Emehlweni kaDavide uGoliyati umelela amaFilisti kanye nonkulunkulu bawo. Ethukuthele kufanele, uDavide ufisa ukumelela uJehova no-Israyeli alwe nalo mdondoshiya oyiqaba. Kodwa iNkosi uSawule ithi: “Awukwazi ukuyolwa nalo mFilisti, ngoba ungumfana nje.”—1 Samuweli 17:33.

Yeka ukuthi yayihluke kanjani indlela uSawule noDavide ababebheka ngayo izinto! USawule ubona kuzokulwa umfanyana ongumalusi nomdondoshiya osumnkantsh’ ubomvu. Nokho, uDavide ubona umuntu odelela iNkosi EnguMbusi uJehova. UDavide unesibindi ngoba uyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu akasoze avumela ukuba igama lakhe nesizwe sakhe kuklolodelwe kungabi ndaba zalutho. Nakuba uGoliyati egabe ngezikhwepha zakhe, uDavide uthembela kuJehova, ebheka lesi simo ngombono kaNkulunkulu.

“Ngiza Kuwe Negama LikaJehova”

Ukholo lukaDavide lunesisekelo esiqinile. Uyakhumbula ukuthi uNkulunkulu wamsiza ukuba akhulule imvu ebhereni nasengonyameni. Le nsizwa engumalusi iyaqiniseka ukuthi uJehova uzoyisiza manje ukuba ibhekane nalesi sitha esesabekayo esingumFilisti. (1 Samuweli 17:34-37) Ehlome ngendwayimane nje namatshe amahlanu abushelelezi, uDavide uyaphuma ayohlangana noGoliyati.

UDavide osemncane wamukela le nselele ebonakala ilukhuni satshe encike emandleni kaJehova. Ngesibindi, utshela umFilisti: “Wena uza kimi nenkemba nomkhonto nengcula, kodwa mina ngiza kuwe negama likaJehova wamabutho, uNkulunkulu wezinhlu zempi yakwa-Israyeli, oye wamklolodela. Namuhla uJehova uzokunikela esandleni sami . . . Abantu bomhlaba wonke bazokwazi ukuthi ukhona uNkulunkulu ka-Israyeli. Lonke leli bandla lizokwazi ukuthi uJehova akasindisi ngankemba nangamkhonto, ngoba impi ingekaJehova.”—1 Samuweli 17:45-47.

Uba yini umphumela? Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “UDavide, ngendwayimane netshe, waba namandla kunomFilisti wamlahla phansi umFilisti wambulala; kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.” (1 Samuweli 17:50) Kwakungekho nkemba esandleni sakhe, kodwa uJehova uNkulunkulu owayemsekela wayenamandla kakhulu. *

Yeka ukuthi lwaphakanyiswa kanjani ukholo lukaDavide kuJehova! Lapho kumelwe sikhethe phakathi kokwesaba abantu nokuthembela emandleni kaJehova okusindisa, kusobala ukuthi kufanele sikhetheni: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Ngaphezu kwalokho, lapho sizibheka ngombono kaJehova uNkulunkulu izimo eziyinselele, sizibheka ngokufanele ngisho nezinkinga ezibonakala zinzima kakhulu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2006, May/June.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

WAYEMKHULU KANGAKANANI NGEMPELA UGOLIYATI?

Ukulandisa okukweyoku-1 Samuweli 17:4-7 kusitshela ukuthi wayengaphezu kwezingalo eziyisithupha ubude—amamitha acishe abe mathathu. Ijazi lakhe lethusi liyinkomba efakazela ubukhulu namandla alo mFilisti. Isisindo salo sasingamakhilogremu angu-57! Umphini womkhonto wakhe wawunjengomshayo, futhi ukudla kwawo kwakunesisindo esingamakhilogremu angu-7. Phela kungemangalise uma isisindo sezikhali nesembatho sempi sikaGoliyati sasingaphezu kwesikaDavide ngokwakhe!