Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Unenkululeko Yokukhuluma’?

Ingabe ‘Unenkululeko Yokukhuluma’?

Ingabe ‘Unenkululeko Yokukhuluma’?

ABANTU abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emazweni angu-235 bajabulela lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “inkululeko yokukhuluma.” Le nkulumo ivela izikhathi ezingu-16 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki ye-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. (Filipi 1:20; 1 Thimothewu 3:13; Hebheru 3:6; 1 Johane 3:21) “Inkululeko yokukhuluma” ihlanganisani? Sisizwa yini ukuba sibe nayo? Le nkululeko isisiza kuziphi izici zokukhulumisana ukuba singathiyeki lapho sikhuluma?

Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, igama lesiGreki lale nkulumo ethi “inkululeko yokukhuluma” lisho “ukukhuluma ngokukhululekile, ukungabalelwa amagama, . . . ukungabikho kokwesaba lapho ukhuluma ngesibindi; ngakho [lisho] ukuqiniseka, isibindi, ukungesabi, okungahlangene nenkulumo ngaso sonke isikhathi.” Nokho, ukukhuluma okunjalo akumelwe kuphanjaniswe nokungagwegwesi noma ukuba luhlaza. IBhayibheli lithi: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa.” (Kolose 4:6) Inkululeko yokukhuluma ihilela nokuba sihlale sinesu lokungacunuli kodwa sibe singavumeli izimo ezicindezelayo noma ukwesaba abantu kuthiye inkulumo yethu.

Ingabe sizalwa nalo leli lungelo lenkululeko yokukhuluma? Cabangela lokho umphostoli uPawulu akubhalela amaKristu ase-Efesu. Wathi: “Lo musa ongafanelwe waphiwa mina, engingumuntu omncane kunomncane kunabo bonke abangcwele, ukuba ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala.” UPawulu wanezela ukuthi kwakungoJesu Kristu ukuthi “sinale nkululeko yokukhuluma nokusondela ngokuqiniseka ngokholo lwethu kuye.” (Efesu 3:8-12) Kunokuba ibe ilungelo lethu elingokwemvelo, inkululeko yokukhuluma ibangelwa ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu obusekelwe okholweni kuJesu Kristu. Ake sibone ukuthi yini engasisiza ukuba sibe nale nkululeko nokuthi singayibonisa kanjani lapho sishumayela, sifundisa nalapho sithandaza.

Yini Esisiza Ukuba Sishumayele Ngesibindi?

UJesu Kristu uyisibonelo esivelele kunazo zonke somuntu owasebenzisa inkululeko yokukhuluma. Intshiseko yakhe yayimshukumisela ukuba abambe wonke amathuba okushumayela. Kungakhathaliseki ukuthi wayephumule, emenyelwe esidlweni emzini wothile noma ehamba endleleni, akazange nanini aliyeke ithuba lokukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Ukuhlekwa usulu noma ukuphikiswa okuqondile akuzange kumesabise abese ethula. Kunalokho, wabadalula ngesibindi abaholi benkolo yamanga bosuku lwakhe. (Mathewu 23:13-36) Ngisho nalapho eboshiwe futhi equliswa icala, uJesu wakhuluma ngokungesabi.—Johane 18:6, 19, 20, 37.

Abaphostoli bakaJesu baba nesibindi esifanayo sokukhuluma. NgePhentekoste lika-33 C.E., uPetru wakhuluma ngenkululeko phambi kwesixuku sabantu abangaphezu kuka-3 000. Kuyaphawuleka lokhu ngoba esikhathini esifushane ngaphambili, wangenwa itwetwe lapho ebonwa yintombazane eyincekukazi. (Marku 14:66-71; IzEnzo 2:14, 29, 41) OPetru noJohane abazange bathothongane ngenxa yokwesaba lapho behudulelwa phambi kwabaholi benkolo. Ngaphandle kokunqikaza bafakaza ngesibindi ngoJesu Kristu ovusiwe. Empeleni yilesi sibindi sikaPetru noJohane esaholela abaholi benkolo ukuba baqaphele ukuthi la madoda ayekade enoJesu. (IzEnzo 4:5-13) Babesizwa yini ukuba bakhulume ngesibindi esingaka?

UJesu wathembisa abaphostoli bakhe: “Lapho beninikela, ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini; ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora; ngoba akunina nje enikhulumayo, kodwa ngumoya kaYihlo okhuluma ngani.” (Mathewu 10:19, 20) Umoya ongcwele wasiza uPetru nabanye ukuba banqobe amahloni noma ukwesaba okwakungase kubathiye bangakhulumi ngokukhululeka. Ithonya lalowo moya onamandla lingasisiza ngokufanayo.

Ngaphezu kwalokho, uJesu wanika abalandeli bakhe umsebenzi wokwenza abafundi. Lokhu kwakufaneleka njengoba kunguYe onikezwe “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” Futhi ‘unabo.’ (Mathewu 28:18-20) Ukuqaphela ukuthi uJesu wayebasekela kwenza abafundi bokuqala baba nesibindi lapho bebhekene neziphathimandla ezaziphokophele ukuvimbela ukushumayela kwabo. (IzEnzo 4:18-20; 5:28, 29) Ukuqaphela lokho kungenza okufanayo nakithi.

Eveza esinye isizathu sokuba nesibindi sokukhuluma, uPawulu wahlanganisa ithemba ‘nenkululeko enkulu yokukhuluma.’ (2 Korinte 3:12; Filipi 1:20) Njengoba ayengenakusigodla isigijimi sethemba esasisihle kangaka, amaKristu azizwa ebophekile ukuba atshele abanye ngaso. Ngempela, ithemba lethu liyisizathu sokuba kwethu nenkululeko yokukhuluma.—Hebheru 3:6.

Ukushumayela Ngesibindi

Singakwazi kanjani ukushumayela ngesibindi ngisho nangaphansi kwezimo ezisabisayo? Cabanga ngesibonelo somphostoli uPawulu. Ngesikhathi eyisiboshwa eRoma, wacela amakholwa ayekanye nawo ukuba amthandazele ukuze ‘aphiwe ikhono lokukhuluma ngokuvula umlomo wakhe, ukuze akhulume ngesibindi njengoba kufanele akhulume.’ (Efesu 6:19, 20) Yaphendulwa yini leyo mithandazo? Yebo! Ngesikhathi eboshiwe, uPawulu waqhubeka “eshumayela . . . umbuso kaNkulunkulu . . . ngenkululeko yokukhuluma enkulu kakhulu, ngaphandle kwesithiyo.”—IzEnzo 28:30, 31.

Ukusebenzisa amathuba okufakaza emsebenzini, esikoleni noma lapho sisendleleni kungavivinya inkululeko yethu yokukhuluma. Amahloni, ukwesaba ukuthi abantu bayosabela kanjani noma ukungalethembi ikhono lethu kungasenza sithule. Umphostoli uPawulu usibekela isibonelo esihle nakule ndaba. Wabhala: ‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.’ (1 Thesalonika 2:2) UPawulu wakwazi ukwenza lokho ayengeke akwenze ngamandla akhe kuphela ngoba wancika kuJehova.

Umthandazo wasiza owesifazane okuthiwa uSherry ukuba aqunge isibindi lapho kuvela ithuba lokufakaza ngokwethukela. Ngolunye usuku esalinde umyeni wakhe owayesayobonana nothile, wabona omunye wesifazane naye owayelindile. USherry wathi: “Ngiphelile uvalo, ngathandaza kuJehova ngicela isibindi.” Njengoba uSherry esondela kulona wesifazane, kwafika umfundisi wesonto lamaBaptist. USherry wayengakulindele ukubhekana nomfundisi. Nokho, waphinde wathandaza, wakwazi ukufakaza. Wahambisela lona wesifazane izincwadi futhi wahlela ukuphinde ambone. Lapho sibamba amathuba okufakaza, singaqiniseka ukuthi ukuncika kuJehova kuyosisiza ukuba sikhulume ngesibindi.

Lapho Sifundisa

Inkululeko yokukhuluma ihlobene eduze nokufundisa. Likhuluma ‘ngamadoda akhonza ngendlela enhle’ ebandleni, iBhayibheli lithi: “Azizuzela ukuma okuhle nenkululeko enkulu yokukhuluma okholweni olumayelana noKristu Jesu.” (1 Thimothewu 3:13) Azuza le nkululeko yokukhuluma ngoba ekusebenzisa lokho akufundisa abanye. Ukwenza kanjalo kuvikela futhi kuqinise ibandla.

Uma sinenkululeko yokukhuluma ngale ndlela, iseluleko sethu siphumelela ngokwengeziwe futhi cishe siyosetshenziswa. Esikhundleni sokuba izilaleli zithikanyezwe isibonelo sakho esibi, ziyokhuthazeka njengoba zikubona ukusebenzisa lokho ozifundisa kona. Le nkululeko yenza abanezimfanelo ezingokomoya bakwazi ‘ukulungisa umfowabo’ ngaphambi kokuba inkinga ikhule. (Galathiya 6:1) Ngokuphambene, umuntu obeka isibonelo esibi angase anqikaze ukukhuluma, eqaphela ukuthi akanalo ilungelo lokukhuluma. Ukwephuza ukunikeza iseluleko esidingekayo kungase kube nemiphumela emibi kakhulu.

Ukukhuluma kwethu ngesibindi akusho ukuthi kumelwe sigxeke, sibe ngondlovukayiphendulwa noma sikholwe imibono yethu. UPawulu wanxusa uFilemoni “ngesisekelo sothando.” (Filemoni 8, 9) Kubonakala sengathi amazwi omphostoli amukelwa kahle. Ngempela, noma isiphi iseluleko umdala angase asinikeze kufanele sisuke othandweni!

Inkululeko yokukhuluma ibaluleke ngempela lapho kumelwe kunikezwe iseluleko. Ibalulekile nangezinye izikhathi. UPawulu wabhalela ibandla laseKorinte: “Nginenkululeko enkulu yokukhuluma kini. Ngiziqhayisa kakhulu ngani.” (2 Korinte 7:4) UPawulu akazange anqikaze ukuncoma abafowabo nodadewabo lapho kufanele. Uthando lwamshukumisela ukuba agxile ezimfanelweni ezinhle zamakholwa ayekanye nawo, ngisho noma ayazi ukuthi anamaphutha. Ibandla lobuKristu namuhla liyakhiwa lapho abadala bebancoma ngokukhululekile abafowabo nodadewabo futhi bebakhuthaza.

Ukuze aphumelele ekufundiseni kwawo, wonke amaKristu kudingeka abe nenkululeko yokukhuluma. USherry okukhulunywe ngaye ngaphambili, wayefuna ukukhuthaza izingane zakhe ukuba zifakaze esikoleni. Uyavuma: “Nakuba ngakhulela eqinisweni, kwakuqabukela ngifakaze esikoleni. Futhi kuyaqabukela ngifakaze ngokwethukela. Ngazibuza, ‘Sibonelo sini engisibekela izingane zami?’” Lokhu kwashukumisa uSherry ukuba enze umzamo omkhulu wokufakaza ngokwethukela.

Yebo, abanye bayazibona izenzo zethu futhi bayaqaphela uma singakwenzi lokho esikufundisayo. Ngakho-ke, masizuze inkululeko yokukhuluma ngokulwela ukuvumelanisa izenzo zethu namazwi ethu.

Lapho Sithandaza

Inkululeko yokukhuluma ibaluleke kakhulu endabeni yemithandazo yethu kuJehova. Uma kungekho okusithiyayo, siyakwazi ukuthulula izinhliziyo zethu kuJehova siqiniseka ukuthi uyayizwa imithandazo yethu futhi uyoyiphendula. Ngaleyo ndlela sijabulela ubuhlobo obuseduze nobufudumele noBaba wethu osezulwini. Masingalokothi nanini sinqikaze ukusondela kuJehova, sicabanga ukuthi asilutho neze. Kuthiwani uma umuzwa wecala ngokushiyeka okuthile noma ngesono esithile usithiya ukuba sikhulume ngokusuka enhliziyweni? Sisengakwazi yini ukusondela kuMbusi Wendawo Yonke ngokukhululekile?

Isikhundla sikaJesu esiphakeme njengomPristi Ophakeme sisinikeza isisekelo esengeziwe sokuqiniseka lapho sithandaza. KumaHebheru 4:15, 16 siyafunda: “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono. Ngakho-ke, masisondele ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.” Inkulu kangako inzuzo yokufa kukaJesu neyendima yakhe njengomPristi Ophakeme.

Uma sifuna ngobuqotho ukulalela uJehova, sinesizathu sokulindela ukuba asizwe ngomusa. Umphostoli uJohane wabhala: “Bathandekayo, uma izinhliziyo zethu zingasilahli, kuNkulunkulu sinenkululeko yokukhuluma; futhi noma yini esiyicelayo siyayamukela kuye, ngoba sigcina imiyalo yakhe futhi senza izinto ezijabulisayo emehlweni akhe.”—1 Johane 3:21, 22.

Ukusondela kuJehova ngomthandazo ngaphandle kwemingcele kusho ukuthi singamtshela yonke into. Singamtshela zonke izinto esizesabayo, ezisikhathazayo, ixhala esinalo noma uvalo olusihluphayo, siqiniseka ukuthi akasoze azivala izindlebe zakhe ukuba angayizwa imithandazo yethu eqotho. Ngisho noma senze isono esingathí sina, akudingekile ukuba umuzwa wecala uthiye amazwi omthandazo wethu uma siphenduka ngobuqotho.

Isipho esingafanelwe senkululeko yokukhuluma siyigugu ngempela. Singadumisa ngaso uNkulunkulu emsebenzini wethu wokushumayela nokufundisa futhi sisondele kuye kakhulu njalo ngomthandazo. ‘Masingayilahli inkululeko yethu yokukhuluma, enomvuzo omkhulu ezokhokhelwa wona’—umvuzo wokuphila okuphakade.—Hebheru 10:35.

[Isithombe ekhasini 13]

Umphostoli uPawulu wakhuluma ngesibindi

[Izithombe ekhasini 15]

Ukuze uphumelele lapho ufundisa kudingeka ube nenkululeko yokukhuluma

[Isithombe ekhasini 16]

Kubalulekile ukuba sibe nenkululeko yokukhuluma lapho sithandaza