Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Injabulo Yokuhamba Ebuqothweni

Injabulo Yokuhamba Ebuqothweni

Injabulo Yokuhamba Ebuqothweni

“Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IZAGA 10:22.

1, 2. Kungani kufanele siqaphele ukuba singakhathazeki ngokweqile ngekusasa?

“UKUKHATHAZEKA ngokweqile ngekusasa . . . kusenza singakuboni njengoba kunjalo okwenzeka manje,” kusho esinye isazi sefilosofi saseMelika. Lokhu kuyiqiniso ngezingane ezikhathazeka kakhulu ngamalungelo eziyowathola lapho sezikhulile kangangokuthi azizinaki izinzuzo zokuba yizingane, size sidlule isikhathi sokuba yizingane.

2 Ngisho nabakhulekeli bakaJehova bangawela kulolu gibe. Cabanga ngalokho okungase kwenzeke. Silangazelela ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu sokuletha ipharadesi emhlabeni. Sikubheke ngabomvu ukuphila okungenakho ukugula, ukuguga, ubuhlungu nokuhlupheka. Nakuba kukuhle ukulindela lezi zinto, kungenzekani uma singazikhathaza kakhulu ngezibusiso ezingokwenyama zesikhathi esizayo kangangokuba singaziboni izibusiso ezingokomoya zamanje? Yeka ukuthi lokho kungaba into edabukisa kanjani! Singadumala kalula, ‘inhliziyo yethu iguliswe ukuthi into esiyilindele iye yahlehliswa’ ngaphezu kwalokho ebesikulindele. (IzAga 13:12) Ngenxa yezinkinga nezingcindezi zokuphila singangena ogibeni lokudangala noma lokuzidabukela. Kunokuba sifunde ukubhekana nezimo ezimbi, singaba nesimo sengqondo sokukhononda. Konke lokhu singakugwema uma sizindla ngokwazisa ngezibusiso esinazo manje.

3. Sizogxilaphi kulesi sihloko?

3 IzAga 10:22 zithi: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.” Ukuchuma okungokomoya kwezinceku zikaJehova zanamuhla akusona yini isibusiso okufanele sisenze sijabule? Ake sixoxe ngezinye zezici zokuchuma kwethu okungokomoya sibone ukuthi zisithinta kanjani thina ngabanye. Ukuzinika isikhathi sokuzindla ngezibusiso uJehova azithululele phezu ‘kolungileyo ohamba ebuqothweni bakhe’ kuzokuqinisa ngempela ukuzimisela kwethu ukuba siqhubeke sikhonza uBaba wethu osezulwini ngenjabulo.—IzAga 20:7.

Izibusiso Ezisicebisayo’ Manje

4, 5. Iyiphi imfundiso yeBhayibheli oyazisa ngokukhethekile, futhi ngani?

4 Ulwazi olunembile lwezimfundiso zeBhayibheli. Izinkolo zeLobukholwa ngokuvamile zithi ziyalikholelwa iBhayibheli. Nokho, azivumelani ngalokho elikufundisayo. Ngisho namalungu enkolo eyodwa ngokuvamile aba nemibono ehlukene ngalokho imiBhalo ekufundisayo ngempela. Yeka indlela isimo sawo esihluke ngayo kwesezinceku zikaJehova! Kungakhathaliseki ubuzwe noma amasiko ethu, sikhulekela uNkulunkulu esimazi nangegama. Akayena unkulunkulu othile ongaqondakali omthathu emunye. (Duteronomi 6:4; IHubo 83:18; Marku 12:29) Siyaqaphela nokuthi impikiswano esemqoka yobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke izoxazululeka maduze nokuthi ngamunye wethu uhilelekile kule mpikiswano ngokuqondene nokuthi uyobugcina yini ubuqotho. Siyalazi iqiniso ngabafileyo futhi asikhwantabaliswa ukwesaba uNkulunkulu okuthiwa uhlupha abantu esihogweni somlilo noma ubathumela esihlanzweni.—UmShumayeli 9:5, 10.

5 Ngaphezu kwalokho, yeka injabulo okuyiyo ukwazi ukuthi asizange sithuke siba khona ngokuziphendukela kwemvelo okungaqondisiwe! Kunalokho, sadalwa uNkulunkulu futhi senziwe ngomfanekiso wakhe uqobo. (Genesise 1:26; Malaki 2:10) Umhubi wahlabelelela uNkulunkulu wakhe: “Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.”—IHubo 139:14.

6, 7. Iziphi izinguquko ezenzeka ekuphileni kwakho noma kwabathile obaziyo eziye zaba isibusiso?

6 Ukukhululeka emikhubeni elimazayo. Imithombo yezindaba ixwayisa njalo ngezingozi zokubhema, ukuphuza ngokweqile nokuziphatha okubi kobulili. Ngokuvamile, abantu abazinaki lezi zixwayiso. Nokho, kwenzekani lapho umuntu oqotho ethola ukuthi uNkulunkulu weqiniso uyazilahla izinto ezinjalo nokuthi bamzwisa ubuhlungu labo abaphila ngazo? Ushukumiseleka ukuba ayiyeke leyo mikhuba! (Isaya 63:10; 1 Korinte 6:9, 10; 2 Korinte 7:1; Efesu 4:30) Nakuba ngokuyinhloko lokhu ekwenzela ukujabulisa uJehova uNkulunkulu, uzuza nangenye indlela—impilo engcono nokuthula kwengqondo.

7 Kwabaningi, kunzima kakhulu ukuyeka imikhuba emibi. Noma kunjalo, unyaka ngamunye abantu abangamashumi ezinkulungwane bayayiyeka. Bazinikezela kuJehova babhapathizwe emanzini, kanjalo babonise obala ukuthi sebehlukene nemikhuba engamjabulisi uNkulunkulu. Yeka ukuthi lokho kuyisikhuthazo kangakanani kithi sonke! Kusenza sizimisele ngokwengeziwe ukuhlala singagqilaziwe ukuziphatha okuyisono nokulimazayo.

8. Isiphi iseluleko esisekelwe eBhayibhelini esakha injabulo emkhayeni?

8 Ukuphila komkhaya okujabulisayo. Emazweni amaningi ukuphila komkhaya kuyawohloka. Imishado eminingi iyachitheka, ngokuvamile izingane zisale nesilonda esibuhlungu ngokomzwelo. Kwamanye amazwe aseYurophu, amaphesenti acishe abe ngu-20 ayo yonke imikhaya anomzali oyedwa. UJehova uye wasisiza kanjani ukuba sihambe endleleni yobuqotho kulesi sici? Siza ufunde eyabase-Efesu 5:22–6:4, uphawule iseluleko esihle iZwi likaNkulunkulu elisinika amadoda, amakhosikazi nezingane. Ukusebenzisa lokho okushiwo lapho nakweminye imiBhalo kuyasiqinisa ngempela isibopho somshado, kusize abazali ukuba bazikhulise kahle izingane futhi kwenze ukuphila komkhaya kujabulise. Akusona yini leso isibusiso okufanele sijabule ngenxa yaso?

9, 10. Umbono wethu ngekusasa uhluke kanjani kowezwe?

9 Isiqinisekiso sokuthi izinkinga zezwe zizoxazululeka maduze. Naphezu kolwazi lwesayensi nezobuchwepheshe nemizamo eqotho yabaholi abathile, izinkinga ezingathí sina zokuphila kwanamuhla zisalokhu zingaxazululekile. Muva nje uKlaus Schwab, umsunguli we-World Economic Forum (iSithangami Somhlaba Sezomnotho), uthe “izinselele umhlaba obhekene nazo ziyanda, kanti isikhathi sokuzisingatha siyancipha.” Ukhulume ‘ngezingozi ezithinta wonke amazwe njengobuphekula, ukucekelwa phansi kwemvelo nokuntengantenga kwezezimali.’ USchwab uphethe ngokuthi: “Manje kunanini ngaphambili, izwe libhekene nezimo ezidinga ukuba kubanjiswane futhi kuthathwe izinyathelo eziwujuqu.” Njengoba ikhulu lama-21 liqhubeka, ikusasa lesintu libonakala lifiphele.

10 Yeka indlela okwanelisa ngayo ukwazi ukuthi uJehova wenze ilungiselelo elingazixazulula zonke izinkinga zesintu—uMbuso kaNkulunkulu, ophethwe uMesiya! Ngawo, uNkulunkulu weqiniso ‘uyoqeda izimpi’ alethe ‘ukuthula okuchichimayo.’ (IHubo 46:9; 72:7) Inkosi egcotshiwe, uJesu Kristu, ‘iyokhulula ompofu, ohluphekile nophansi ekucindezelweni nasebudloveni.’ (IHubo 72:12-14) Lapho sekubusa lo Mbuso, ukudla ngeke kuntuleke. (IHubo 72:16) UJehova “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [ethu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [ziyobe] zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) UMbuso usumisiwe kakade ezulwini futhi maduze uzothatha izinyathelo ezidingekayo ukuze uxazulule zonke izinkinga emhlabeni.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 11:15.

11, 12. (a) Ingabe ukuphishekela injabulo kuyayiletha injabulo ehlalayo? Chaza. (b) Yini eletha injabulo yangempela?

11 Ukwazi ukuthi yini eletha injabulo yangempela. Yini eletha injabulo yangempela? Esinye isazi sokusebenza kwengqondo sathi injabulo inezakhi ezintathu—ubumnandi, ukuhileleka kokuthile (njengasezintweni ezenziwa emsebenzini nasekhaya) nenjongo (ukusebenza unomgomo obanzi hhayi ngenjongo yokuzizuzisa wena wedwa). Kulezi zakhi ezintathu, sathi esingabalulekile kangako ubumnandi, sase sithi: “Lokhu kuyaphawuleka ngoba abantu abaningi bagxilisa ukuphila kwabo ekuphishekeleni ubumnandi.” Uyini umbono weBhayibheli kulokhu?

12 Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, yathi: “Mina, yebo mina, ngathi enhliziyweni yami: ‘Manje woza, ngikulinge ngokujabula. Futhi, bona okuhle.’ Bheka! Nalokho kwakuyize. Ngathi ekuhlekeni: ‘Ukungaphili engqondweni!’ nasekujabuleni ngathi: ‘Kwenzani lokhu?’” (UmShumayeli 2:1, 2) NgokwemiBhalo, noma iyiphi injabulo etholakala ebumnandini ingeyesikhashana nje. Kuthiwani ngokuhileleka emsebenzini? Sinomsebenzi onenjongo kunawo wonke esiwenzayo—ukushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngokuxoxa nabanye ngomyalezo wensindiso oseBhayibhelini, senza umsebenzi ongasilethela insindiso thina ngokwethu nalabo abasilalelayo. (1 Thimothewu 4:16) ‘Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu,’ siyazizwela ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (1 Korinte 3:9; IzEnzo 20:35) Lo msebenzi wenza ukuphila kwethu kube nenjongo futhi wenza uMdali akwazi ukuphendula omklolodelayo, uSathane uDeveli. (IzAga 27:11) Impela uJehova usibonisile ukuthi ukuzinikela kokumhlonipha kuletha injabulo yangempela nehlalayo.—1 Thimothewu 4:8.

13. (a) Kungayiphi indlela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyisibusiso esisijabulelayo? (b) Wena uzuze kanjani eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini?

13 Isimiso sokuqeqesha esibalulekile nesiphumelelayo. UGerhard ungumdala ebandleni loFakazi BakaJehova. Uma ezikhumbula esemncane, uthi: “Ngisakhula, nganginenkinga enkulu yokukhuluma. Lapho ngisesimweni esicindezelayo, kwakuvele kubophane ulimi ngingingize. Ngangizizwa ngingelutho, okwangenza ngaba nenkinga yokuzenyeza. Abazali bami bangihlelela ukuba ngenze izifundo zokukhuluma kodwa kwangasiza. Inkinga yami yayisengqondweni, hhayi olimini. Nokho, kwakukhona ilungiselelo elihle kakhulu elivela kuJehova—iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ukubhalisa kulesi sikole kwangenza ngaba nesibindi. Ngazama ngokusemandleni ukukusebenzisa lokho engangikufunda. Kwasebenza! Ngakhululeka kancane, kwaphela nokuzenyeza futhi ngaba nesibindi kakhudlwana enkonzweni. Manje senginikeza ngisho nezinkulumo zeningi. Angive ngimbonga uJehova ngokuthuthukisa ukuphila kwami ngalesi sikole.” Indlela uJehova asiqeqeshela ngayo umsebenzi wakhe ayisona yini isizathu sokujabula?

14, 15. Ngezikhathi zosizi, iluphi usizo olutholakala kalula? Fanekisa.

14 Ubuhlobo bomuntu siqu noJehova nokusekelwa abazalwane bomhlaba wonke abanobunye. UKatrin, ohlala eJalimane, wakhathazeka kakhulu lapho ezwa ngokuzamazama okukhulu komhlaba nange-tsunami eyabangelwa yikho eningizimu-mpumalanga ye-Asia. Indodakazi yakhe yayivakashele eThailand lapho kwenzeka le nhlekelele. Kwaphela amahora angu-32 lo mama engazi ukuthi indodakazi yakhe iyaphila noma iphakathi kwabantu ababefile ababelokhu banda ihora ngalinye. Yeka indlela uKatrin ajabula ngayo lapho ekugcineni ethola ucingo olwamqinisekisa ukuthi indodakazi yakhe iphephile!

15 Yini eyasiza uKatrin kulawo mahora okukhathazeka? Uyabhala: “Cishe sonke leso sikhathi ngangithandaza kuJehova. Ngaphawula kaningi ukuthi lokhu kunginika amandla nokuthula okukhulu kwengqondo. Ngaphezu kwalokho, abafowethu abangokomoya abanothando babengivakashela bezongizimazisa.” (Filipi 4:6, 7) Yeka ukuthi isimo sakhe sasiyoba sibi kakhulu kangakanani ukube sonke leso sikhathi wayeqhatha usizi ngaphandle kosizo lomthandazo nenduduzo yabafowabo abangokomoya abanothando! Ubuhlobo bethu obuseduze noJehova neNdodana yakhe kanye nobudlelwane obuseduze nebandla lobuKristu kuyisibusiso esiyingqayizivele. Kuyigugu kakhulu ukuba sikuthathe kalula.

16. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukuba yigugu kwethemba lovuko.

16 Ithemba lokuphinde sibone abathandekayo bethu abafileyo. (Johane 5:28, 29) Insizwa okuthiwa uMatthias yakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ingaqapheli ukuthi yayibusiseke kangakanani ngalokhu, yakhukhuleka yaphuma ebandleni lobuKristu isencane. Manje iyabhala: “Mina nobaba sasingazixoxi ngempela izindaba ezijulile. Sasiba nezimpikiswano eziningi. Noma kunjalo, ubaba wayehlale engifunela izinto ezinhle ekuphileni. Wayengithanda kakhulu, into engangingayiboni ngaleso sikhathi. Ngo-1996, lapho ngihlezi eduze kombhede wakhe, ngimbambe isandla ngikhihla isililo, ngaxolisa kakhulu ngakho konke engangikwenzile, ngamtshela nokuthi angive ngimthanda. Kodwa wayengasakwazi ukungizwa. Ngemva kokugula isikhashana, washona. Uma ngiyophila ngimbone esevusiwe ubaba, siyosikhokha lesi sikweletu. Ngiyaqiniseka ukuthi uyojabula uma ezwa ukuthi sengingumdala nokuthi mina nomkami sinelungelo lokukhonza njengamaphayona.” Yeka isibusiso ithemba lovuko eliyiso kithi!

“Akenezeli Ubuhlungu Kanye Naso”

17. Ukuzindla ngezibusiso zikaJehova kufanele kusisize kanjani?

17 UJesu Kristu wathi ngoYise wasezulwini: “[Wenza] ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi [wenza] imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.” (Mathewu 5:45) Uma uJehova uNkulunkulu enika ngisho nabangalungile nababi izibusiso, kangakanani-ke labo abahamba endleleni yobuqotho! IHubo 84:11 lithi: “UJehova akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha.” Lapho sizindla ngokunakekela nokukhathalela okukhethekile aye wakubonisa labo abamthandayo, izinhliziyo zethu zigcwala ukubonga nenjabulo!

18. (a) Kungashiwo kanjani ukuthi uJehova akenezeli ubuhlungu esibusisweni sakhe? (b) Kungani abantu bakaNkulunkulu abaningi abaqotho behlupheka?

18 “Isibusiso sikaJehova”—yiso esenze abantu bakhe bachuma ngokomoya. Siqinisekiswa nangokuthi “akenezeli ubuhlungu kanye naso.” (IzAga 10:22) Pho kungani abantu bakaNkulunkulu abaningi abaqotho bebhekana novivinyo nezinhlupheko, okubabangela ubuhlungu obukhulu nosizi? Zintathu izizathu eziyinhloko ezenza sibhekane nezinkinga nezinsizi. (1) Ukuthambekela kwethu esonweni. (Genesise 6:5; 8:21; Jakobe 1:14, 15) (2) USathane namademoni akhe. (Efesu 6:11, 12) (3) Izwe elibi. (Johane 15:19) Nakuba uJehova ezivumela izinto ezimbi ukuba zisehlele, akazibangeli. Empeleni, “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini.” (Jakobe 1:17) Izibusiso zikaJehova azibangeli buhlungu.

19. Yini ezotholwa yilabo abaqhubeka behamba ebuqothweni?

19 Ngaso sonke isikhathi, kudingeka sisondele kuNkulunkulu ukuze sichume ngokomoya. Lapho sihlakulela ubuhlobo obuseduze naye, ‘sizibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze sibambisise ukuphila kwangempela’—ukuphila okuphakade. (1 Thimothewu 6:12, 17-19) Ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo, ingcebo yethu engokomoya iyohambisana nezibusiso ezingokwenyama. Ngaleso sikhathi, bonke ‘abaqhubeka belilalela izwi likaJehova’ bayojabulela ukuphila kwangempela. (Duteronomi 28:2) Masizimisele ngokwengeziwe ukuqhubeka sihamba ebuqothweni ngenjabulo.

Ufundeni?

• Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukukhathazeka ngokweqile ngekusasa?

• Iziphi izibusiso esizijabulelayo manje?

• Kungani izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zihlupheka?

[Imibuzo Yesifundo]