Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Izogcwaliseka Maduze

Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Izogcwaliseka Maduze

Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Izogcwaliseka Maduze

NGESIKHATHI u-Adamu no-Eva besePharadesi, uNkulunkulu wabanika lo myalo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.”—Genesise 1:28.

Ukunqoba umhlaba kwakuyosho okungaphezu kokutshala nokunakekela ingxenye encane yawo. U-Adamu no-Eva nenzalo yabo kwakuzodingeka benze wonke umhlaba ube iPharadesi. Nokho, umbhangqwana wokuqala wona futhi waxoshwa ensimini yase-Edene. (Genesise 3:23, 24) Kodwa lokho kwakungasho ukuthi umhlaba ngeke uphinde unqotshwe.

Ngenxa yokuthi bayobusiswa uNkulunkulu, abantu abalalelayo bayokwazi ukunqoba umhlaba. Lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakwa-Israyeli wasendulo, babethola izivuno ezinhle emasimini. Kuyokwenzeka okufanayo njengoba umhlaba wethu kancane kancane uba iPharadesi. Njengoba iBhayibheli eliyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lithembisa, “umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.” (IHubo 67:6) Empeleni, kuyojabula amadlelo aluhlaza nezintaba, imithi nezimbali, imifula nezilwandle emhlabeni. (IHubo 96:11-13; 98:7-9) Umhlaba wethu uyogcwala uhlaza, izinyoni ezimibalabala, izilwane ezimangalisayo nabantu abanothando.

Izwe Elisha Lizofika Maduze!

Sekuseduze ukuba sithole izwe elisha elithenjiswa uJehova uNkulunkulu. Umphostoli uPetru wabhala: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Ngemva kokufunda la mazwi kaPetru, abanye bangase baphethe ngokuthi le planethi ngeke ize ibe iPharadesi. Bangase bacabange ukuthi la mazulu nomhlaba ongokoqobo isikhundla sako siyothathwa okunye. Ingabe kunjalo?

Ayini “amazulu amasha”? Awawona amazulu angokoqobo adalwa uNkulunkulu. (IHubo 19:1, 2) UPetru wayesanda kubhekisela ‘emazulwini’ angokomfanekiso—ohulumeni babantu abaphakeme kakhulu kunezikhonzi zabo. (2 Petru 3:10-12) La “mazulu” aye ahluleka ukubusa isintu futhi azobhujiswa. (Jeremiya 10:23; Daniyeli 2:44) Esikhundleni sawo kuzongena “amazulu amasha,” uMbuso kaNkulunkulu owakhiwa iNkosi uJesu Kristu nezindlalifa ezikanye nayo ezingu-144 000 ezivuselwe ezulwini.—Roma 8:16, 17; IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3.

“Umhlaba omusha” uPetru akhuluma ngawo akuyona iplanethi entsha. UJehova wenza umhlaba wafanelekela ukuba abantu baphile kuwo phakade. (IHubo 104:5) Ngezinye izikhathi, iBhayibheli likhuluma ‘ngomhlaba’ lapho libhekisele kubantu. (Genesise 11:1) Umhlaba ozobhujiswa maduze ungabantu abazenze ingxenye yaleli zwe elibi. Izwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu labhujiswa ngendlela efanayo ngoZamcolo wosuku lukaNowa. (2 Petru 3:5-7) Pho uyini “umhlaba omusha”? Uwumphakathi omusha wabantu—abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso, “abaqotho ezinhliziyweni zabo.” (IHubo 125:4; 1 Johane 2:17) Yonke imithetho eyobe isebenza ‘emhlabeni omusha’ iyovela ‘emazulwini amasha.’ Amadoda athembekile emhlabeni ayoqinisekisa ukuthi yonke leyo mithetho iyagcinwa.

Izinto Ezintsha Nezimangalisayo!

Ngokuqinisekile uJehova wasinika ikhaya elihle kakhulu lapho elungiselela umhlaba ukuze uhlale abantu. Yena ngokwakhe wathi konke akwenza “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) USathane uDeveli wabangela ukuba u-Adamu no-Eva bahlubuke. (Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9) Nokho, maduze uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze abaqotho bathole “ukuphila kwangempela,” okungukuthi “ukuphila okuphakade” lapho sekunezimo eziphelele ePharadesi. (1 Thimothewu 6:12, 19) Ake sixoxe ngezinye izibusiso eziyojatshulelwa ngaleso sikhathi.

Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uSathane uzobe eboshiwe futhi ngeke akwazi ukuletha usizi esintwini. Umphostoli uJohane uthi: “Ngabona . . . ingelosi [uMikayeli ingelosi enkulu, noma uJesu Kristu] yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane. Yamjikijela kwalasha, yavala, yabeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe ize iphele iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1-3; 12:12) Lapho sekubusa uMbuso, isintu siyojabulela izibusiso eziningi futhi liyobe lingasekho nethonya likaSathane ngoba uyobe ekwalasha.

Ububi, ubudlova nezimpi kuyobe kungasekho. IBhayibheli liyathembisa: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula. Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:10, 11, 29) UJehova uNkulunkulu ‘uyoqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba.’ (IHubo 46:9) Yeka isiqinisekiso esimangalisayo sokuthula nokulondeka!

Siyoba nenala yokudla okunomsoco nokumnandi. Umhubi wahlabelela: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) Ngaleso sikhathi, akekho okuyodingeka abekezelele indlala.

Akekho oyohlushwa ukugula nezifo. Ngempela, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24; 35:5, 6) Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, welapha abanochoko futhi waphulukisa izinyonga nezimpumputhe. (Mathewu 9:35; Marku 1:40-42; Johane 5:5-9) Cabanga ngalokho ayokwenza ezweni elisha! Cabanga ngenjabulo eyoba khona lapho izimpumputhe, izithulu, izinyonga nezimungulu ziphulukiswa.

Njengoba isintu esilalelayo siba abantu abaphelele, umonakalo obangelwa ukuguga uyoqedwa. Ngeke zisadingeka izibuko, izindondolo, izinduku zokuhamba, izihlalo zabakhubazekile, izibhedlela nemithi. Yeka izinguquko eziyoba khona njengoba siyobuyiselwa ebungqabavwini bobusha! (Jobe 33:25) Usuku ngalunye siyovuka ebuthongweni obumnandi siqabulekile futhi silungele ukuqala imisebenzi yosuku olusha ngenjabulo.

Ukuvuswa kwezihlobo zethu nabanye kuyokwenza izinhliziyo zethu zijabule. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukwamukela u-Abela, uNowa, u-Abrahama, uSara, uJobe, uMose, uRuthe, uDavide, u-Eliya, u-Esteri kanye nabanye abaningi! Kuyovuswa nezinye izigidi zabantu. Iningi labo alikaze lifunde ngoJehova, kodwa liyokwamukelwa abantu abamagange ukuba babafundise ngoNkulunkulu, ngezinjongo zakhe nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Njengoba abavusiwe beya bemazi uMdali wabo, ngempela ulwazi ngoJehova luyosibekela umhlaba.

Okuhle kunakho konke ukuthi sonke siyokhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso phakade. Siyoba nelungelo ‘lokukhonza uJehova ngokuthokoza,’ futhi siyosebenza ndawonye ngokubambisana njengoba sakha izindlu ezinhle, silima futhi ekugcineni siwunqoba wonke umhlaba. (IHubo 100:1-3; Isaya 65:21-24) Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukuphila phakade ePharadesi elivundile, elinokuthula futhi elihle elidumisa igama likaJehova elingcwele!—IHubo 145:21; Johane 17:3.

Uvivinyo Lwesintu Lokugcina

Phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu uzosebenzisa izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo kuwo wonke umuntu olalelayo. Ekugcineni, isono siyoqedwa futhi isintu siyoba abantu abaphelele. (1 Johane 2:2; IsAmbulo 21:1-4) Njengoba imiphumela yesono sika-Adamu iyobe isiqedwe ngokuphelele, abantu abaphelele bayophila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu ngokwenyama, ngokwengqondo, ngokuziphatha nangokomoya. Ngakho, lapho sebefinyelele ukuphelela ‘bayophila’ ngomqondo ogcwele, bengasenasono. (IsAmbulo 20:5) Yeka ukuthi lokhu nomhlaba oyiPharadesi kuyomkhazimulisa kanjani uJehova!

Ngemva kokuphela kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uSathane uDeveli namademoni akhe, noma izingelosi ezimbi, bayokhululwa isikhashana kwalasha lapho babephonswe khona eminyakeni engaba yinkulungwane ngaphambili. (IsAmbulo 20:1-3) Bayovunyelwa ukuba bazame okokugcina ukuhlubula abantu kuNkulunkulu. Ngisho noma abanye beyonqotshwa izifiso ezimbi, lokhu kuhlubuka ngeke kuphumelele. UJehova uyobhubhisa abanobugovu kanye noSathane nawo wonke amademoni akhe. Ububi ngeke buphinde bube khona. Bonke abenzi bokubi bayobhujiswa phakade, abalungileyo bathole ukuphila okuphakade.—IsAmbulo 20:7-10.

Ingabe Uyoba Khona?

Labo abathanda uJehova uNkulunkulu balindelwe ukuphila phakade ngenjabulo. Kuyobe kungekho lutho oluyisicefe ngokuphila phakade ePharadesi. Empeleni, ukuphila kuyoqhubeka kuthakazelisa ngokwengeziwe njengoba isikhathi siqhubeka, ngoba ulwazi ngoJehova uNkulunkulu alunamkhawulo. (Roma 11:33) Kuyohlale kunento entsha okufanele uyifunde, futhi uyoba nesikhathi esiningi sokuyifunda. Ngani? Ngoba ngeke nje uphile iminyaka engu-70 noma engu-80, kodwa uyophila phakade.—IHubo 22:26; 90:10; UmShumayeli 3:11.

Uma umthanda uNkulunkulu, uyohlale ukujabulela ukwenza intando yakhe. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Ngakho, ungavumeli lutho lukuvimbele ekujabuliseni uJehova uNkulunkulu ngokwenza okulungile. Khumbula ithemba elimangalisayo elinikezwa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Zimisele ukwenza intando kaJehova, futhi ungaphambuki kuleyo nkambo. Ngokwenza kanjalo uzoba khona lapho injongo kaNkulunkulu ngomhlaba igcwaliseka nekhaya lethu liba iPharadesi laphakade.

[Isithombe ekhasini 4]

Amasimu ama-Israyeli ayeba nesivuno esihle ngenxa yesibusiso sikaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 7]

Iziphi izibusiso oyozijabulela ePharadesi?