Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

KUNGANI ukujabulela ukuhambahamba epaki elinezimbali ezinuka kamnandi? Kungani uzizwa uvuselelekile lapho ubona ichibi elihle noma izintaba ezineziqongo ezithinta amafu? Kungani uzinika isikhathi ukuze ulalele izinyoni ezicula kamnandi phezulu ezihlahleni? Kungani kujabulisa ukubona inyamazane ejabule itshakadula noma umhlambi wezimvu uklabile edlelweni?

Yonke le mibuzo inempendulo eyodwa vó. Sadalelwa ukuba sihlale ePharadesi! Yilapho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babehlala khona ekuqaleni. Sathola isifiso sokuhlala ePharadesi kubo, bona besithole kuMdali wabo, uJehova uNkulunkulu. Wayazi ukuthi sasiyojabula ePharadesi ngoba wasidala sinezimfanelo ezidingekayo ukuze silijabulele lelo khaya elimangalisayo lasemhlabeni.

Kungani uJehova adala umhlaba? “Wawubumba ukuze uhlalwe” isintu. (Isaya 45:18) “UMenzi womhlaba” wanika u-Adamu no-Eva ikhaya eliyiPharadesi elihle, insimu yase-Edene. (Jeremiya 10:12; Genesise 2:7-9, 15, 21, 22) Yeka indlela okumelwe ukuba yayibajabulisa ngayo imifula, izimbali nemithi eyayikule nsimu! Babebona izinyoni ezinhle esibhakabhakeni, izinhlobonhlobo zezilwane zizulazula ezweni—singekho nesisodwa kuzo esiyingozi kubo. Izinhlanzi nezinye izidalwa zazitshuza emanzini acwebile, ahlanzekile. Okuhle kunakho konke ukuthi u-Adamu no-Eva babendawonye. Babengazala abantwana abafana nabo futhi bandise ikhaya labo eliyiPharadesi ngokulihlanganyela ngenjabulo nomkhaya wabo okhulayo.

Nakuba umhlaba ungelona iPharadesi namuhla, ungafaniswa nekhaya elihle lomkhaya ojabulayo. Ikhaya lethu elingumhlaba esilinikwe uNkulunkulu linalokho esikudingayo—ukukhanya, ukushisa, amanzi nokudla. Yeka ukuthi sikwazisa kanjani ukukhanya nokushisa kwelanga kanye nokukhanya okungaxhophi kwenyanga ebusuku! (Genesise 1:14-18) Ekujuleni komhlaba kunezinto zokubasa ezinjengamalahle nowoyela. Sinamanzi ngenxa yomjikelezo wamanzi nesimiso somhlaba sokuwagcina njengemifula, amachibi nezilwandle. Umhlaba umbozwe nawukhaphethi, utshani obuluhlaza.

Njengoba nje ukudla kungase kugcinwe ekhaya, nomhlaba unenqolobane enkulu. Ngezilimo nezithelo ezisemasimini, uJehova ‘usinika izinkathi ezinezithelo futhi ugcwalisa izinhliziyo zethu ngokwenama okukhulu.’ (IzEnzo 14:16, 17) Njengoba umhlaba kakade uyikhaya elihle kangaka, cabanga ukuthi uyoba njani lapho ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova, ewenza ube iPharadesi!—1 Thimothewu 1:11.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

COVER: Earth: NASA photo; Stars: NASA, ESA and AURA/Caltech