Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

EMthethweni KaMose, kungani izinqubo ezithile ezingokwemvelo eziphathelene nobulili zazibhekwa ‘njengezingcolisa’ umuntu?

UNkulunkulu wasungula ilungiselelo lobulili ukuze abantu bazalane nangenjongo yokuba abantu abashadile bajabulisane. (Genesise 1:28; IzAga 5:15-18) Nokho, ezahlukweni 12 no-15 zencwadi kaLevitikusi, sithola imithetho eningilizayo ephathelene nokungcola okubangelwa ukuphuma kwesidoda, ukuya esikhathini nokuzala abantwana. (Levitikusi 12:1-6; 15:16-24) Leyo mithetho eyayinikezwe ama-Israyeli asendulo yayikhuthaza indlela yokuphila enempilo, iqokomisa izindinganiso zokuziphatha eziphakeme futhi igcizelela ukubaluleka kwegazi nesidingo sokuhlawulelwa kwezono.

Phakathi kwezinye izinto, izimfuneko zoMthetho KaMose ngokuqondene nalezi zinqubo eziphathelene nobulili zazenza umphakathi wakwa-Israyeli ube nempilo enhle. Incwadi ethi The Bible and Modern Medicine ithi: “Umthetho othi umuntu oya esikhathini angayi ocansini phakathi nezinsuku ezinqunyiwe wawusiza ekuvimbeleni izifo ezithathelwana ngobulili . . . nasekuvimbeni ukwakheka nokukhula komdlavuza wesibeletho.” Leyo mithetho yavikela abantu bakaNkulunkulu ezifweni okungenzeka zazingaziwa noma ingekho ngisho nendlela yokwazi ngazo. Ukuhlanzeka ngokobulili kwasenza sazala nakakhulu lesi sizwe uNkulunkulu ayesithembise ukuthi sasizokwanda futhi sichume. (Genesise 15:5; 22:17) Le mithetho yayibavikela nangokomzwelo abantu kaNkulunkulu. Ngokuyilalela, amadoda namakhosikazi bafunda ukulawula izifiso zobulili.

Nokho, ukopha kwakuyisici esiyinhloko ezintweni ezihlukahlukene eziphathelene nobulili ezazingcolisa umuntu. Imithetho kaJehova ephathelene negazi ayigcinanga ngokugcizelela ezingqondweni zama-Israyeli ukuthi igazi lingcwele, kodwa nokuthi linendawo ekhethekile ekukhulekeleni uJehova, okungukuthi, ekwenziweni kwemihlatshelo nasekuhlawulelweni kwezono.—Levitikusi 17:11; Duteronomi 12:23, 24, 27.

Ngakho, izimfuneko zoMthetho eziningilizayo ngale ndaba zihlobene kakhulu nokungapheleli komuntu. Ama-Israyeli ayazi ukuthi u-Adamu no-Eva—ngemva kokona kwabo—babengenakuzala abantwana abaphelele. Yonke inzalo yabo yayiyohlushwa imiphumela yesono esinjengefa—ukungapheleli nokufa. (Roma 5:12) Ngenxa yalokhu, abazali babeyozala kuphela abantwana abangaphelele nabanesono, nakuba ekuqaleni izitho zokuzala zazidalelwe ukuba zizale abantwana abaphelele ngaphansi kwelungiselelo lomshado.

Ngakho, izimfuneko zoMthetho zokuzihlanza zazingeke zigcine ngokukhumbuza ama-Israyeli ukuthi anesono asithola njengefa, kodwa zaziyowakhumbuza nokuthi adinga umhlatshelo wesihlengo owawuzomboza izono futhi ubuyisele abantu ekupheleleni. Imihlatshelo yezilwane ayikwenzanga lokhu. (Hebheru 10:3, 4) Injongo yoMthetho KaMose yayiwukuwaholela kuKristu nokuwasiza aqonde ukuthi ayengathola ukuthethelelwa kwangempela kwezono kuphela ngomhlatshelo kaJesu njengomuntu ophelele, kuvuleke nendlela yokuba abathembekile bathole ukuphila okuphakade.—Galathiya 3:24; Hebheru 9:13, 14.