Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thola Ukwaneliseka Ngokusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli

Thola Ukwaneliseka Ngokusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli

Thola Ukwaneliseka Ngokusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli

CISHE uke walibona ikati lizigoqe kamnandi lithokomele. Uvele ubone ukuthi omdala waneliseke ngaphakathi. Yeka indlela okungaba mnandi ngayo ukuzigoqa njengalo, ujabulele ukwaneliseka okufanayo! Nokho, kunzima ngabaningi ukuthola ukwaneliseka, futhi kunjalo nje kuhlala isikhashana. Kungani kuba njalo?

Kungenxa yokuthi sivame ukwenza amaphutha amaningi ngenxa yokungapheleli, futhi kumelwe sibekezelele ukushiyeka kwabanye. Ngaphezu kwalokho, siphila esikhathini iBhayibheli elisibiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ ezibonakala ngokuba ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Nakuba sasanelisekile ngesikhathi sisakhula, abaningi bethu bayabuzwa manje ubunzima ‘bezikhathi ezibucayi.’ Umuntu angakwazi yini ukuthola ukwaneliseka namuhla?

Phawula ukuthi imiBhalo ithi kwakuyoba nzima ukubhekana nalezi zikhathi ezibucayi, ayithi sasingeke sikwazi ukubhekana nazo. Singabhekana nazo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Singase singakwazi ukuzixazulula njalo izinkinga zethu, kodwa siyothola ukwaneliseka ngezinga elithile. Ake sihlole izimiso ezintathu ezingasisiza.

Bhekana Namaqiniso

Ukuze sithole ukwaneliseka, kumelwe sibhekane namaqiniso ngokuqondene nokulinganiselwa kwethu nokwabanye. Lapho ebhalela abaseRoma, umphostoli uPawulu wathi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Asinakuziqonda izici eziningi zenkazimulo kaJehova. Esinye isibonelo salokhu sikuGenesise 1:31: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.” Noma nini lapho uJehova ecabanga ngezinto azenzile, angakwazi njalo ukuthi “kuhle kakhulu.” Akekho umuntu ongakusho ngaso sonke isikhathi lokho. Isinyathelo sokuqala sokuthola ukwaneliseka ukuvuma ukuthi sinokulinganiselwa. Nokho, kuhileleke nokwengeziwe. Kudingeka siqonde futhi samukele umbono kaJehova ngendaba.

Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isono” linomsuka osho ukugeja uphawu. Nasi isibonelo: Ake ubone ngeso lengqondo umuntu ofisa ukuzuza umklomelo ngokucibishela into ethile. Uphethe imicibisholo emithathu. Ucibishela ngowokuqala, ageje ngemitha. Acibishele kangconywana kulokhu kwesibili, kodwa ageje ngamasentimitha angu-30. Usezimisele impela-ke manje, futhi uyawudedela umcibisholo wokugcina, kodwa nawo ugeja ngamasentimitha amabili. Ucishe wanemba yena, kodwa ugejile.

Sonke sifana nalo mcibisheli odumele. Ngezinye izikhathi kuba sengathi ‘silugeja kakhulu uphawu.’ Ngezinye izikhathi sicishe sinembe, kodwa empeleni sigeje. Siyadumala ngoba sisuke senze konke okusemandleni kodwa sehluleka. Ake sibuyele kuloya mcibisheli.

Uyafulathela ahambe kancane edangele ngoba ubefisa ngempela ukuzuza umklomelo. Kuthi kusenjalo, indoda ephethe lo mncintiswano imbize ithi makabuye, imnike umklomelo, ithi: “Ngifuna ukukunika lo mklomelo ngoba ngiyakuthanda, futhi ngibonile ukuthi uzame kangakanani.” Umcibisheli ujabula kakhulu!

Ujabula kakhulu! Wonke umuntu oyothola “isipho” sokuphila okuphakade nokuphelela kuNkulunkulu uyozizwa ngale ndlela. (Roma 6:23) Njengoba eyobe esephelele, yonke into ayenzayo iyoba yinhle—ngeke aphinde alugeje uphawu. Uyokwaneliseka ngokugcwele. Okwamanje, uma sihlala sikukhumbula lokhu, ngeke sizenyeze noma sibabheke kabi abanye.

Kwamukele Ukuthi Izinto Zithatha Isikhathi

Kuyiqiniso ukuthi yonke into ithatha isikhathi. Nokho, uke waphawula yini ukuthi kunzima kanjani ukuhlala wanelisekile uma kubonakala sengathi into oyilindile ithatha isikhathi eside kunaleso obusicabanga, noma isimo esithile esingemnandi sidonsa isikhathi eside kunalokho obukulindele? Nokho, abanye baye bakwazi ukuqhubeka banelisekile kuzo lezo zimo. Cabanga ngesibonelo sikaJesu.

Ngaphambi kokuza emhlabeni, uJesu wayeyisibonelo sokulalela esihle kakhulu ezulwini. Kodwa empeleni ‘wakufunda’ lapha emhlabeni “ukulalela.” Kanjani? “Ezintweni ahlupheka ngazo.” Lapho esesezulwini wayekubona ukuhlupheka kodwa wayengakaze akuzwe mathupha. Ngesikhathi elapha emhlabeni, wabhekana nezimo eziningi ezivivinyayo, ikakhulukazi kusukela ebhapathizwa eJordani kuya ekufeni kwakhe eGolgotha. Asiyazi yonke imininingwane yendlela uJesu ‘enziwa waphelela’ ngayo ngokuqondene nalokhu, kodwa siyazi ukuthi kwathatha isikhathi.—Hebheru 5:8, 9.

UJesu waphumelela ngoba wazindla ‘ngenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe,’ umklomelo wokwethembeka. (Hebheru 12:2) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi “wenza ukunxusa nezicelo . . . ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Hebheru 5:7) Nathi singase sizithole sithandaza ngendlela efanayo. UJehova ukubheka kanjani lokho? Lona leli vesi libonisa ukuthi uJehova wamuzwa uJesu, wambonisa ‘umusa.’ UNkulunkulu uyosizwa nathi. Ngani?

Ngoba uJehova uyakwazi ukulinganiselwa kwethu, futhi uyasisiza. Sonke sibekezela ngokwesilinganiso samandla ethu. Abantu baseBenin, e-Afrika, baye bathi: “Amanzi amaningi angagcina egwilizise ngisho namaxoxo.” UJehova ukwazi ngaphezu kwethu ukulinganiselwa kwethu. Ngothando, usibonisa ‘isihe nomusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.’ (Hebheru 4:16) Wasiza uJesu futhi uye wasiza nabanye abaningi kakhulu. Ake uzwe okuhlangenwe nakho kukaMonika ngale ndaba.

UMonika wakhula engumuntu ongenazinkinga ezitheni, eyingqabavu futhi ehlala ejabule. Ngo-1968, esanda kweva eminyakeni engu-20, washaqeka lapho ethola ukuthi unesifo sokuqina kwezicubu, [i-multiple sclerosis], ngokuvamile esigcina sigoge izingxenye ezithile zomzimba. Lokhu kwakushintsha ngokuphelele ukuphila kwakhe, futhi kwadingeka enze ushintsho olukhulu enkonzweni yakhe yesikhathi esigcwele. UMonika waqaphela ukuthi wayezohlushwa yilesi sifo isikhathi eside. Eminyakeni engu-16 kamuva, wathi: “Namanje isifo sami asikelapheki, futhi cishe siyoze selapheke esimisweni sezinto esisha sikaNkulunkulu lapho enza zonke izinto zibe zintsha.” Wavuma ukuthi akulula: “Nakuba abantu engibajwayele bethi ngiseyilowa muntu ohlala ejabule njengoba nganginjalo ekuqaleni, . . . abangane bami engisondelene nabo kakhulu bayazi ukuthi ngezinye izikhathi ngikhala ezimathonsi.”

Ngokujabulisayo, uMonika wathi: “Ngiye ngafunda ukubekezela nokujatshuliswa ukubona ngisho nomehluko omncane empilweni yami. Ubuhlobo bami noJehova buye baqina lapho ngibona indlela umuntu angenamandla ngayo okulwa nezifo. NguJehova kuphela ongelapha abantu babe yimiqemane.” Ngosizo lukaJehova uMonika uye wakwazi ukulondoloza ukwaneliseka, futhi uye wachitha iminyaka engaphezu kwengu-40 enkonzweni yesikhathi esigcwele.

Kuyavunywa, isimo esifana nesikaMonika asilula. Kodwa uyokwaneliseka uma ukwamukela ukuthi ezinye izinto zingase zithathe isikhathi eside kunalokho obukulindele. NjengoMonika, nawe ungaqiniseka ngokuthi uJehova ‘uyokusiza ngesikhathi esifanele.’

Ungaziqhathanisi Nabanye—Zibekele Imigomo Efinyelelekayo

Abantu abafani. Kunesisho sesiGun, ulimi oluthile lwase-Afrika, esilibonisa kalula leli qiniso. Sithi: “Iminwe ayilingani.” Kungaba ubuwula ukuqhathanisa iminwe. Nawe ngeke uthande ukuba uJehova akuqhathanise nomunye umuntu, kanti-ke nje akasoze. Nokho, abantu bavamile ukuthambekela ekuziqhathaniseni nabanye futhi lokho kubaphuca ukwaneliseka. Ake uzwe ukuthi uJesu wakuveza ngendlela enamandla kanjani lokhu kuMathewu 20:1-16.

UJesu wakhuluma ‘ngenkosi’ eyayidinga izisebenzi ezazizosebenza esivinini sayo. Yathola abantu abathile ababengasebenzi yabaqasha “ekuseni kakhulu,” cishe ngo-6:00. Bavumelana ngomholo wosuku owawuvamile ngalezo zinsuku, udenariyu owodwa uma umuntu esebenze amahora angu-12. Akungatshazwa ukuthi la bantu babejabule ngokuthi babethole umsebenzi nokuthi babezothola umholo ovamile. Ngokuhamba kosuku, inkosi yathola nabanye abantu abangasebenzi yabaqasha—abanye ngo-9:00 ekuseni, abanye ngo-12:00 emini, abanye ngo-3:00 ntambama, abanye baqashwa ngisho nango-5:00 ntambama. Laba bakamuva babengeke basebenze usuku olugcwele. Inkosi yabathembisa ukubaholela “noma yini efanele,” futhi bavuma.

Ekupheleni kosuku, inkosi yatshela induna yayo ukuba iholele lezi zisebenzi. Yathi iqale ngokuholela abokugcina. Abokugcina babesebenze ihora elilodwa kuphela, kodwa okumangalisayo ukuthi bathola umholo wosuku ogcwele. Ungacabanga ngengxoxo eyalandela. Ababesebenze amahora angu-12 agcwele baphetha ngokuthi babezothola umholo othé xaxa njengokusebenza kwabo. Kodwa nabo bathola umholo ofanayo.

Benzenjani? “Lapho bewamukela babubula ngomninindlu bathi, ‘Laba bokugcina benze umsebenzi wehora elilodwa; noma kunjalo ubenze balingana nathi esithwale umthwalo osindayo wosuku nokushisa okukhulu!’”

Nokho, inkosi yayibheka izinto ngendlela ehlukile. Yabatshela ukuthi babethole lokho ababevumelane ngakho, hhayi okungaphansi. Ngakho, yanquma ukunikeza laba abanye umholo wosuku ogcwele, futhi akungatshazwa ukuthi babengawulindele. Empeleni, abekho abathola okungaphansi kwalokho okwakuvunyelwane ngakho; eqinisweni abaningi bathola okukhulu kunalokho ababekulindele. Ngakho, ekuphetheni inkosi yabuza: “Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngezinto zami?”

Cabanga ukuthi ngabe kwenzekani ukube induna yayiqale ngokuholela iqembu lokuqala labe selihamba ngokushesha ngemva kokuba lithole umholo walo. Laliyokwaneliseka. Lokhu kunganeliseki kwavela ngemva kokubona ukuthi abanye babethole umholo ofanayo nakuba babesebenze kancane. Lokhu kwalithukuthelisa, laze labubula ngenkosi ekuqaleni elaliyazisa ngokuthi yayiliqashile.

Lokhu kukubonisa kahle okwenzeka lapho siziqhathanisa nabanye. Uma uzindla ngobuhlobo bakho noJehova, ubonge ngendlela akubusisa ngayo, uyokwaneliseka. Ungaqhathanisi izimo zakho nezabanye. Uma kubonakala sengathi uJehova unqume ukwenzela abanye okukhudlwana kunokwakho, bajabulele futhi uthokoze kanye nabo.

Nokho, uJehova ulindele okuthile kuwe. Kuyini lokho? EyabaseGalathiya 6:4 ithi: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa.” Ngamanye amazwi, zibekele imigomo efinyelelekayo. Hlela ukuthi yini ngempela ongakwazi ukuyenza, bese uyenza. Uma umgomo ozibekele wona ufinyeleleka, futhi nempela ukwazi ukuwufinyelela, “uyoba nesizathu sokwethaba.” Uyothola ukwaneliseka.

Uzowuthola Umvuzo

Izimiso ezintathu esizicabangele zibonisa ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungaholela ekwanelisekeni ngempela nakuba siphila ezinsukwini zokugcina futhi singaphelele. Lapho ufunda iBhayibheli nsuku zonke, kungani ungacingi izimiso ezinjengalezi, okungenzeka ukuthi zisobala noma zicashile ezindabeni ezilandisayo nasemifanekisweni?

Uma uzizwa uphelelwa ukwaneliseka, zama ukuthola ukuthi kubangelwa yini. Yibe usufuna izimiso ongazisebenzisa ukuze ulungise isimo. Ngokwesibonelo, ungase ubheke amakhasi 110-11 encwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” * Adingida incwadi yezAga, futhi uzothola izimiso eziningi nezeluleko ngaphansi kwezihlokwana ezingu-12. I-Watch Tower Publications Index * ne-Watchtower Library kuyi-CD-ROM * amathuluzi amahle kakhulu okuthola ukwaziswa. Ngokuwasebenzisa njalo, uyokwazi ukuzithola kalula izimiso ezisebenzayo.

Isikhathi siyeza lapho uJehova eyonika abafanelekayo ukuphila okuphakade, baphile bephelele emhlabeni oyipharadesi. Bayophila ngokwaneliseka okugcwele.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 30 Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 30 Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 30 Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

“Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

UJesu “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.”—Hebheru 5:8, 9

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]

“Uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 6:4