Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza Ngenjabulo Naphezu Kwempilo Ebuthaka

Ukukhonza Ngenjabulo Naphezu Kwempilo Ebuthaka

Indaba Yokuphila

Ukukhonza Ngenjabulo Naphezu Kwempilo Ebuthaka

ILANDISWA UVARNAVAS SPETSIOTIS

Ngo-1990, ngineminyaka engu-68 ngakhubazeka ngokuphelele. Noma kunjalo, sengikhonze uJehova iminyaka engaba ngu-15 njengesikhonzi sesikhathi esigcwele esiqhingini saseKhupro. Yini enginike amandla okuhlala ngimatasa enkonzweni kaJehova naphezu kwempilo ebuthaka?

EKHAYA singu-9—abafana abane namantombazane amahlanu. Mina ngazalwa ngo-October 11, 1922. Ngaleso sikhathi sasihlala edolobhaneni okuthiwa iXylophagou, eKhupro. Nakuba abazali bami babemi kahle, ukukhulisa izingane eziningi kangako kwenza kwadingeka basebenze kanzima emasimini.

Ubaba, u-Antonis, wayengumuntu okukhuthalele ukufunda futhi ethanda ukwazi izinto ezintsha. Ngisanda kuzalwa, ubaba wavakashela uthisha othile ofundisa esikoleni sendawo futhi wabona kwakhe ipheshana elithi Peoples Pulpit, elalinyatheliswa abaFundi BeBhayibheli (njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi). Waqala ukulifunda kwangavuma ukuba alibeke phansi. Ngakho-ke, ubaba nomunye umngane wakhe, u-Andreas Christou, baba phakathi kwabantu bokuqala esiqhingini sakithi ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova.

Ukwanda Naphezu Kokuphikiswa

Ngokuhamba kwesikhathi, ubaba nomngane wakhe bathola izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe koFakazi BakaJehova. Kungakabiphi, bashukumiseleka ukuxoxela abanye endaweni amaqiniso eBhayibheli ababewafunda. Ngenxa yomsebenzi wabo wokushumayela, abefundisi beSonto LamaGreki Lobu-Orthodox nabathile ababenomuzwa wokuthi oFakazi BakaJehova bonakalisa abantu babaphikisa kakhulu.

Kodwa abantu abaningi bendawo babebahlonipha kakhulu laba bafundisi beBhayibheli ababili. Ubaba wayaziwa ngomusa nokuphana. Wayevamile impela ukusiza imikhaya ezihluphekelayo. Ngezinye izikhathi wayephuma ebusuku kakhulu, anyonyobe afike ashiye ukolo noma isinkwa eminyango yemikhaya ehluphekayo. Ukuba kwakhe umKristu ongenabugovu kwenza isigijimi salezi zikhonzi ezimbili sakhanga nakakhulu.—Mathewu 5:16.

Ngenxa yalokho, abantu abangaba ngu-12 bawamukela umyalezo weBhayibheli. Njengoba ulwazi lwabo ngeqiniso lwalukhula, baba nomuzwa wokuthi kudingeka bahlangane emakhaya ahlukahlukene ukuze batadishe iBhayibheli beyiqembu. UNikos Matheakis, isikhonzi sesikhathi esigcwele saseGrisi, wafika eKhupro cishe ngo-1934, futhi wahlanganyela naleli qembu laseXylophagou. Ngesineke nangokuzimisela, uMfoweth’ uMatheakis wasiza ekulihleleni leli qembu, walisiza nokuba liyiqonde kangcono imiBhalo. Kamuva, leli qembu lakha ibandla lokuqala loFakazi BakaJehova eKhupro.

Njengoba umsebenzi wamaKristu wawuqhubekela phambili futhi abantu abengeziwe bamukela iqiniso leBhayibheli, abazalwane babona isidingo sokuba nendawo ekahle yokuqhubela imihlangano. Umfowethu omdala, uGeorge, nomkakhe u-Eleni, banikela ngekamelo ababelisebenzisa njengengobo. Le ndawo eyayiseduze nomuzi wabo yalungiswa futhi yashintshwa yaba indawo efanelekela imihlangano. Ngakho, abazalwane baba neHholo LoMbuso lokuqala kulesi siqhingi. Yeka indlela abakwazisa ngayo lokhu! Futhi yeka indlela lokhu okwaba negalelo ngayo ekwandeni!

Ukwenza Iqiniso Libe Elami

Ngo-1938, ngineminyaka engu-16, nganquma ukuba umbazi. Ngakho, ubaba wangiyisa enhloko-dolobha yaseKhupro, iNicosia. Wenza ngokuhlakanipha, wahlela ukuba ngihlale noNikos Matheakis. Lo mzalwane othembekile usakhunjulwa abantu abaningi abahlala esiqhingini ngentshiseko yakhe nangomoya wakhe wokwamukela izihambi. Intshiseko nesibindi sakhe owawuvele ukubone yizimfanelo okwakudingeka wonke amaKristu aseKhupro abe nazo ngalezo zinsuku.

UMfoweth’ uMatheakis wangisiza kakhulu ukuba ngibe nolwazi olunzulu ngeBhayibheli nokuba ngithuthuke ngokomoya. Ngesikhathi ngihlala naye, ngangiba khona kuyo yonke imihlangano eyayiqhutshelwa kwakhe. Ngokokuqala ngqá, ngezwa uthando lwami ngoJehova lukhula. Ngazimisela ukwakha ubuhlobo obuqinile naYe. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, ngacela uMfoweth’ uMatheakis ukuba ngihambe naye enkonzweni yasensimini. Lokhu kwenzeka ngo-1939.

Ngemva kwesikhathi esithile ngahamba ngayovakasha ekhaya. Ukuchitha leso sikhashana nobaba kwangenza ngaqiniseka nakakhulu ukuthi ngangithole iqiniso nenjongo ekuphileni. Ngo-September 1939, kwaqala iMpi Yezwe II. Izinsizwa eziningi ezingontanga bami zavolontiya ukuya empini, kodwa mina ngalalela isiqondiso seBhayibheli, nganquma ukungathathi hlangothi. (Isaya 2:4; Johane 15:19) Ngawo lowo nyaka ngazinikezela kuJehova futhi ngabhapathizwa ngo-1940. Ngezwa ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami ukuthi angisabesabi abantu!

Ngo-1948, ngashada no-Efprepia. Sabusiswa ngezingane ezine. Sasheshe sabona ukuthi kwakuzodingeka sisebenze kanzima ukuze sizikhulise “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Sasithandazela futhi silwela ukufaka ezinganeni zethu uthando olujulile ngoJehova nokuhlonipha imithetho nezimiso zakhe.

Inselele Yezinkinga Zempilo

Ngo-1964, ngineminyaka engu-42, ngaqala ukuzwa isandla nomlenze wami wesokudla kuba ndikindiki. Kancane kancane nohlangothi lwami lwesokunxele lwaba ndikindiki. Kwatholakala ukuthi nginesifo esingelapheki sokuwohloka kwemisipha esigcina sikugoge ngokuphelele. Kwangihlukumeza kakhulu ukwazi lokhu. Izinto zenzeka ngokushesha okukhulu futhi ngingalindele! Ngithukuthele kakhulu, ngazibuza: ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi? Ngoneni?’ Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ngasamukela isimo sami. Ngemva kwalokho ngahlushwa ukukhathazeka nokungaqiniseki ngekusasa. Ngangizibuza imibuzo eminingi. Ingabe kuyohamba kuhambe ngikhubazeke ngokuphelele, ngibe yinto ethembela ngokuphelele kwabanye abantu? Ngizobhekana kanjani naleso simo? Ngizokwazi yini ukondla umkhaya wami—umkami nezingane zethu ezine? Le micabango yayingizwisa ubuhlungu obukhulu.

Kuleso sikhathi esibucayi kakhulu ekuphileni kwami, ngezwa isidingo esikhulu sokukhuluma noJehova ngomthandazo kunanini ngaphambili, ngimtshele ngobuqotho zonke izinto ezingikhathazayo. Ngangithandaza ubusuku nemini ngigcwele izinyembezi. Ngokushesha ngazizwa ngiduduzeka. Amazwi aduduzayo encwadi yabaseFilipi 4:6, 7 asebenza ngempela kimi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”

Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokukhubazeka

Isimo sami saqhubeka siba sibi. Ngabona ukuthi kwakudingeka ngisheshe ngizivumelanise nezimo zami ezintsha. Njengoba ngangingeke ngisakwazi ukuba umbazi, nganquma ukuthola umsebenzi ongakhandli kangako owawungeke uxabane nesifo sami, kodwa futhi owawuyongisiza ngikwazi ukondla umkhaya wami. Ekuqaleni, ngathengisa u-ice cream ngisebenzisa ikhumbi encane. Lo msebenzi ngawenza cishe iminyaka eyisithupha kwaze kwaba yilapho kudingeka ngisebenzise isihlalo sabakhubazekile. Ngashintsha ngenza imisebenzi ehlukahlukene elula engangingayenza.

Kusukela ngo-1990, impilo yami iye yawohloka kakhulu kangangokuthi ngangingasenakusebenza nhlobo. Manje ngincike ngokuphelele kwabanye abantu. Ngehluleka ngisho nokwenza izintwana ezincane umuntu ophilile azenzela zona. Ngidinga usizo uma ngifuna ukulala, ukugeza nokugqoka. Ukuze ngiye emihlanganweni yamaKristu, kudingeka ngiqhutshwe ngesihlalo sabakhubazekile ngiyiswe emotweni bese ngiqukulwa ngifakwe kuyo. Uma sifika eHholo LoMbuso kufanele ngiqukulwe ngikhishwe emotweni ngihlaliswe esihlalweni sabakhubazekile bese ngiqhutshwa. Ngihlala eduze kwe-heater kagesi phakathi nemihlangano ukuze izinyawo zami zihlale zifudumele.

Nokho, nakuba ngikhubazekile, ngiya cishe kuyo yonke imihlangano. Ngiyazi ukuthi uJehova usifundisa ngemihlangano yobuKristu, futhi ukuba nabafowethu nodadewethu abangokomoya kuyisiphephelo sangempela; bayangisekela bangikhuthaze. (Hebheru 10:24, 25) Kuye kwangisiza kakhulu ukuvakashelwa njalo amakholwa avuthiwe ngokomoya engikhonza kanye nawo. Impela ngizizwa njengoDavide: “Indebe yami igcwele pháma.”—IHubo 23:5.

Umkami othandekayo uye waba umsizi omangalisayo yonke le minyaka. Nezingane zami zingisiza kakhulu. Sekuyiminyaka eminingana manje bengisiza ngezinto engizidinga nsuku zonke. Abangenzela kona akulula, futhi njengoba iminyaka ihamba kuba nzima nakakhulu ukunginakekela. Ngempela bayisibonelo ekuhlakuleleni isineke nasekuzikhandleni. Ngithandazela ukuba uJehova aqhubeke ebabusisa.

Umthandazo ungelinye lamalungiselelo kaJehova elihle kakhulu lokuqinisa izinceku zakhe. (IHubo 65:2) UJehova wazizwa izicelo zami ezisuka enhliziyweni, futhi wanginika amandla okuqhubeka nginokholo yonke le minyaka. Umthandazo uyangiduduza futhi ungisize ngihlale ngijabule, ikakhulukazi lapho ngizizwa ngiphansi. Ukukhuluma njalo noJehova kuyangiqabula, kwenze ngizimisele njalo ukuqinisela. Angingabazi nakancane ukuthi uJehova uyayizwa imithandazo yezinceku zakhe futhi uzinika ukuthula kwengqondo ezikudingayo.—IHubo 51:17; 1 Petru 5:7.

Ngaphezu kwakho konke, ngiyavuseleleka njalo lapho ngikhumbula ukuthi ekugcineni uNkulunkulu uyobaphulukisa bonke abayothola ukuphila ePharadesi ngaphansi kokubusa koMbuso weNdodana yakhe, uJesu Kristu. Sekukaningi ngikhaliswa injabulo uma ngicabanga ngalelo themba elimangalisayo.—IHubo 37:11, 29; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4.

Ukuba Isikhonzi Sesikhathi Esigcwele

Cishe ngo-1991, ngemva kokucabangisisa ngesimo sami, ngabona ukuthi indlela engcono kakhulu yokugwema ukuzidabukela ukuzigcina ngimatasa ngokuxoxela abanye izindaba ezinhle zoMbuso eziyigugu. Ngaqala ngalowo nyaka ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele.

Njengoba ngikhubazekile, ngifakaza kakhulu ngokubhala izincwadi. Nokho, akulula ngami ukubhala; kudingeka ngizikhandle ngempela. Kunzima ukubamba ipeni ngiliqinise, ngoba imisipha yami ibuthaka. Nokho, ngokukhuthazela nangokuthandaza, sekuyiminyaka engaphezu kwengu-15 manje ngifakaza ngokubhala izincwadi. Ngishumayela nangocingo. Angiliyeki ithuba lokuxoxa ngezwe elisha nangePharadesi nezihlobo, abangane nomakhelwane abasuke beze ekhaya bezongivakashela.

Ngenxa yalokho, ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi okukhuthazayo. Ngajabula kakhulu ukubona omunye wabazukulu bami, engamfundela iBhayibheli eminyakeni engu-12 edlule, ethuthuka ngokomoya futhi ebonisa ukulazisa iqiniso leBhayibheli. Ngenxa kanembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli, uye wahlala eqotho engaxegi endabeni yokungathathi hlangothi njengomKristu.

Ngijabula ngokukhethekile lapho abantu engibashumayeza ngezincwadi bengithinta befuna ukwaziswa okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngezinye izikhathi, abanye bacela izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe. Ngokwesibonelo, intokazi ethile yangishayela ucingo yangibonga ngencwadi ekhuthazayo engangiyibhalele umyeni wayo. Yathi izinto ezibhalwe kuyo zazithakazelisa kakhulu. Lokhu kwaholela ezingxoxweni zeBhayibheli eziningi nayo nomyeni wayo kwami.

Ngilindele Ikusasa Eliqhakazile

Kuyo yonke le minyaka ngiye ngabona inani labamemezeli boMbuso landa kule ngxenye yomhlaba. IHholo LoMbuso elincane elaliseduze komuzi womfowethu, uGeorge, liye landiswa futhi lalungiswa izikhathi eziningi. Liyindawo enhle yokukhulekela esetshenziswa amabandla amabili oFakazi BakaJehova.

Ubaba washona ngo-1943 eneminyaka engu-52 ubudala. Kodwa yeka ifa elihle elingokomoya asishiyela lona! Ezinganeni zakhe, ezingu-8 zalamukela iqiniso zanamathela kulo futhi zisakhonza uJehova. Edolobhaneni laseXylophagou, indawo ubaba azalelwa kuyo, nakwamanye amadolobhana aseduze, sekunamabandla amathathu futhi esewonke anabamemezeli boMbuso abangu-230!

Lezi zindaba ezinhle ziye zangijabulisa kakhulu. Njengoba sengineminyaka engu-83, ngiwenanela ngokukhulu ukuqiniseka amazwi omhubi: “Amabhongo engonyama anomhlwenga abé nokuncane kakhulu futhi alamba; kodwa labo abafuna uJehova, ngeke bantule lutho oluhle.” (IHubo 34:10) Ngisilindele ngokulangazela okukhulu isikhathi lapho kuyogcwaliseka khona isiprofetho esiku-Isaya 35:6: “Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele.” Naphezu kwempilo ebuthaka, ngizimisele ukuqhubeka ngikhonza uJehova ngenjabulo kuze kufike leso sikhathi.

[Ibalazwe ekhasini 17]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ITURKEY

IKHUPRO

ISIRIYA

INicosia

IXylophagou

ILEBHANONI

ULwandle IMedithera

[Isithombe ekhasini 17]

IHholo LoMbuso lokuqala eXylophagou elisasetshenziswa nanamuhla

[Izithombe ekhasini 18]

Ngino-Efprepia ngo-1946 nanamuhla

[Isithombe ekhasini 20]

Ukufakaza ngocingo nokubhala izincwadi kungilethela injabulo