Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi kuNikhodemu: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu”?—Johane 3:13.

Ngaleso sikhathi uJesu wayesemhlabeni, engakanyukeli ezulwini noma abuyele khona. Nokho, esikwaziyo ngoJesu nangomongo wamazwi akhe kungasisiza ukuba sikuqonde lokho akusho.

UJesu “wehla evela ezulwini” ngomqondo wokuthi ngaphambili wayehlala endaweni yomoya noYise, kodwa ngesikhathi esifanele ukuphila kweNdodana kwadluliselwa esibelethweni sikaMariya, okwaholela ekubeni azalwe njengomuntu. (Luka 1:30-35; Galathiya 4:4; Hebheru 2:9, 14, 17) Ngemva kokufa kwakhe, uJesu wayezovuswa njengesidalwa somoya abuyele kuJehova. Ngakho, ngaphambi nje kokuba abulawe, uJesu wayengathandaza: “Baba, ngikhazimulise eceleni kwakho ngenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona.”—Johane 17:5; Roma 6:4, 9; Hebheru 9:24; 1 Petru 3:18.

Ngesikhathi ekhuluma noNikhodemu, umFarisi nomfundisi kwa-Israyeli, uJesu wayengakanyukeli ezulwini. Yiqiniso, akekho umuntu owayeke wafa futhi wanyukela endaweni yomoya, ezulwini. UJesu ngokwakhe wathi uJohane uMbhapathizi wayengumprofethi kaNkulunkulu omkhulu, kodwa “omncane kunabanye embusweni wamazulu mkhulu kunaye.” (Mathewu 11:11) Umphostoli uPetru wachaza nokuthi ngisho neNkosi uDavide yayifile, isesethuneni layo; uDavide akanyukelanga ezulwini. (IzEnzo 2:29, 34) Kwakunesizathu sokuba labo abafa ngaphambi kukaJesu, njengoDavide, uJohane uMbhapathizi namanye amadoda okholo, banganyukeli ezulwini. Afa ngaphambi kokuba uJesu avule indlela noma amathuba okuba abantu bavuselwe ekuphileni kwasezulwini. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uJesu, njengomanduleli, ‘wavula indlela entsha nephilayo’ eya ezulwini.—Hebheru 6:19, 20; 9:24; 10:19, 20.

Njengoba uJesu ayengakafi futhi engakavuswa, wayesho ukuthini lapho ethi kuNikhodemu: “Akekho umuntu oye wanyukela ezulwini ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, iNdodana yomuntu”? (Johane 3:13) Cabangela umongo, noma lokho uJesu ayekuxoxa noNikhodemu.

Lapho lowo mbusi wamaJuda eza kuJesu ebumnyameni, uJesu wamtshela: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) UNikhodemu wabe esebuza: ‘Kungenzeka kanjani lokho? Umuntu angazalwa kanjani okwesibili?’ Wayengayiqondi le mfundiso kaNkulunkulu yokungena eMbusweni waKhe. Yayikhona yini enye indlela yokuba afunde ngayo? Ngokombono womuntu yayingekho; wayengekho omunye umuntu owayengamfundisa ngayo ngoba wayengekho umuntu owake waya ezulwini futhi esesimweni esihle sokuchaza noma yini ngokungena eMbusweni. Ukuphela komuntu owayengayichaza kwakunguJesu. Nguyena owayengafundisa uNikhodemu nabanye ngenxa yokuthi wayehle ezulwini futhi wayekufanelekela ukufundisa abantu ngalezo zinto.

Ngakho umbuzo okuleli vesi uveza iphuzu elibalulekile ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Akufanele umuntu akhutshwe ivesi ngenxa nje yokuthi kubonakala kunzima ukuliqonda. Okushiwo iBhayibheli kwenye indawo kumelwe kuqhathaniswe namanye amavesi futhi kuvumelane nawo. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile umongo—isimo noma okwakuxoxwa ngakho—ungasisiza ukuba sithole incazelo enengqondo yamavesi adidayo.