Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Eqinisekile Yokuthola Injabulo

Indlela Eqinisekile Yokuthola Injabulo

Indlela Eqinisekile Yokuthola Injabulo

WONKE umuntu unelungelo “lokuphishekela iNjabulo.” Abasunguli beSimemezelo Sikazibuse Sase-United States of America babenalo mbono. Kodwa ukuphishekela umgomo othile akufani nokugcina uwufinyelele. Nakuba abantu abaningi abasebasha befuna ukuthola imisebenzi kwezokuzijabulisa nakwezemidlalo, bangaki obaziyo abaye baphumelela? Omunye umculi odumile owazi kahle ukuthi kunzima kanjani ukuba umculi ophumelelayo wathi: “Maningi kakhulu amathuba okungaphumeleli.”

Uma uke waba nomuzwa wokuthi ukuthola injabulo nakho akulula, kunesizathu esizwakalayo sokuba ungadangali. Uma ufuna injabulo ngendlela efanele, uzoyithola. Sikusho kanjani lokho? Isihloko esandulele sikhulume ngoJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) EBhayibhelini, uNkulunkulu ukunikeza isiqondiso ukuze umzamo wakho wokuthola injabulo ungagcini ngokuba indumalo. UJehova angakusiza unqobe izinto ezivamile ezibangela ukudabuka. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela akududuza ngayo lapho kushona umuntu omthandayo.

Lapho Kushona Umuntu Omthandayo

Ikhona yini into enhle ngokufa? Ukufa kuhlukanisa abazali nabantwana kuphuce nabantwana abazali. Kuhlukanisa abangane abakhulu kwenze imiphakathi ezwanayo iphile ngokwesaba. Lapho ukufa kugadla, umkhaya ojabulayo ungase ugajwe ukudabuka.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi ukufa kuyinto embi kakhulu. Nokho, abanye abantu bayaliphika lelo qiniso benze ukufa kubonakale sengathi kuyisibusiso. Cabanga ngalokho okwenzeka ngemva kokuba iSiphepho uKatrina sihlasele iGulf of Mexico ngo-August 2005. Komunye umngcwabo womuntu owabulawa yilesi siphepho, umfundisi wathi: “Lo muntu akabulawanga yisiPhepho uKatrina. Uthathwe uNkulunkulu.” Umabhalane wesibhedlela esithile owayengahlose bubi watshela enye intombazane eyayishonelwe unina ukuba ingakhathazeki ngoba uNkulunkulu umthathile wamyisa ezulwini. Le ntombazane yakhala: “Kodwa kungani engiphuce umama wami?”

Kusobala ukuthi le mibono eyiphutha ngabafileyo ayibaduduzi abantu abashonelwe. Ngani? Ngoba ayikhulumi iqiniso ngokufa. Okubi nakakhulu ukuthi yenza kubonakale sengathi uNkulunkulu uphuca imindeni nabangane abantu ababathandayo ngendlela enonya nebuhlungu. Kunokuba avezwe enguNkulunkulu oduduzayo, wenziwa abonakale sengathi ungumbulali wabantu onesihluku. Kodwa iZwi likaNkulunkulu likhuluma iqiniso ngokufa.

IBhayibheli libiza ukufa ngokuthi isitha. Lifanisa ukufa nenkosi ebusa isintu. (Roma 5:17; 1 Korinte 15:26) Ukufa kuyisitha esinamandla amakhulu kangangokuthi akekho umuntu ongamelana nakho, futhi bonke abantu esibathandayo abasishiya ngokufa basuke beyizisulu zako. Leli qiniso eliseBhayibhelini lenza buqondakale ubuhlungu nosizi olukhulu esikuzwa lapho kushona umuntu esimthandayo. Liqinisekisa ukuthi ukuzizwa ngaleyo ndlela kungokwemvelo. Nokho, ingabe uNkulunkulu usebenzisa lesi sitha esingukufa ukuze athathe abantu esibathandayo abayise ezulwini? Ake sivumele iBhayibheli liphendule lo mbuzo.

UmShumayeli 9:5, 10 uthi: “Abafileyo bona abazi lutho . . . Akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli, indawo oya kuyo.” Liyini iShiyoli? Yithuna elivamile abantu abaya kulo lapho befa. Abantu abasebenzi, abezwa futhi akukho abakucabangayo lapho besemathuneni. Kunjengokungathi balele zwi. * Ngakho-ke, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu akabathathi abantu esibathandayo abashonile abayise ezulwini. Ukufa kubenza bangaphili nhlobo laphaya ethuneni.

UJesu wakuqinisekisa lokhu lapho kufa umngane wakhe uLazaru. UJesu wafanisa ukufa nobuthongo. Uma uLazaru aya ezulwini wayohlala noNkulunkulu uMninimandla onke, uJesu wayeyobe akanamusa ngokumbuyisela emhlabeni kanti uyogcina efile futhi. Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi uJesu waya ethuneni, futhi ngezwi elikhulu wathi: “Lazaru, phuma!” IBhayibheli liqhubeka lithi: “Lo muntu owayefile waphuma.” ULazaru waphinde waphila. UJesu wayazi ukuthi uLazaru wayelokhu elapha emhlabeni. Wayesethuneni, efile.—Johane 11:11-14, 34, 38-44.

Le ndaba eseBhayibhelini isisiza ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu akasebenzisi ukufa ukuze athathe abantu lapha emhlabeni abayise ezulwini. Ngakho, singasondela kuNkulunkulu, sazi ukuthi akasibangeli ubuhlungu. Singaqiniseka nangokuthi ukuqonda kahle ukudabuka esiba nakho nokuthi isitha esingukufa sisihlukumeza kanjani. Iqiniso eliseBhayibhelini ngesimo sabantu abafile lifakazela ukuthi abahlushwa esihogweni somlilo noma esihlanzweni, kodwa balele ethuneni. Ngakho, akufanele ukufa kwabantu esibathandayo kusenze singamthandisisi uNkulunkulu noma sesabe ngenxa yokungazi ukuthi bakuphi. Ngaphezu kwalokho, esebenzisa iBhayibheli, uJehova usinikeza induduzo eyengeziwe.

Ithemba Liholela Enjabulweni

ImiBhalo esixoxe ngayo ibonisa ukuthi ithemba linengxenye enkulu enjabulweni yangempela. Igama elithi “ithemba” ngendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini, lisho ukulindela okuhle ngokuqiniseka. Ukuze sibone indlela ithemba elingaholela ngayo enjabulweni kwamanje, ake sibuyele endabeni kaJesu evusa uLazaru.

Kunezizathu okungenani ezimbili ezénza uJesu enze leso simangaliso. Esinye kwakuwukuqeda ukudabuka kukaMarta noMariya nabangane ababesosizini. Ngaleyo ndlela, babengaphinde bajabulele ukuba nomuntu abamthandayo. Kodwa uJesu watshela uMarta isizathu sesibili, okuyisona esibaluleke nakakhulu. Wathi: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ungase ukholwe uzobona inkazimulo kaNkulunkulu na?” (Johane 11:40) I-New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips, ihumusha ingxenye yokugcina ngokuthi “isimangaliso uNkulunkulu angasenza.” Ngokuvusa uLazaru, uJesu waveza lokho uJehova uNkulunkulu angakwenza nasazokwenza esikhathini esizayo. Nansi imininingwane eyengeziwe ngalesi “simangaliso uNkulunkulu angasenza.”

KuJohane 5:28, 29, uJesu wathi: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” Lokhu kusho ukuthi bonke abafileyo abaseShiyoli, kuhlanganise nabantu esibathandayo, bayobuya baphile. IzEnzo 24:15 zembula okwengeziwe ngalesi senzakalo esikhulu: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” Ngakho, ngisho “nabangalungile,” abantu abaningi ababengamazi uJehova futhi abangazange bamkhonze, bayothola ithuba lokuthola umusa kaNkulunkulu.

Abantu abafileyo bayovuselwaphi? IHubo 37:29 lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” Cabanga ukuthi kuyosho ukuthini lokho. Imindeni nabangane abahlukaniswa ukufa bayophinde babonane lapha emhlabeni. Kufanele impela ujabule uma ucabanga ngokuphinde ujabulele izikhathi ezimnandi nabantu owawukukhonzile ukuchitha isikhathi nabo.

UJehova Ufuna Ujabule

Sesixoxe ngezindlela ezimbili uJehova angayandisa ngayo injabulo yakho naphezu kwezinkinga zakho. Okokuqala, usebenzisa iBhayibheli akunikeze ulwazi nesiqondiso ukuze ukwazi ukubhekana nezinhlupheko ngokuphumelelayo. Ngaphandle kokusisiza sikwazi ukubhekana nosizi lokufa, iseluleko seBhayibheli singasisiza nokuba sibhekane nezinkinga zomnotho nezempilo. Singakunikeza amandla okukhuthazelela ukungabi khona kobulungisa kwezenhlalo neziyaluyalu zezombangazwe. Futhi uma usisebenzisa isiqondiso salo ekuphileni kwakho, singakusiza ukwazi ukubhekana nezinye izinkinga zomuntu siqu.

Okwesibili, ngokutadisha iBhayibheli uba nethemba elidlula noma yini ongayinikezwa abantu. Ukuvuswa kwabangane nezihlobo elinye lamathemba aseBhayibhelini. IsAmbulo 21:3, 4 sisinikeza imininingwane eyengeziwe: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nesintu]. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni [aso], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Lokhu kusho ukuthi noma yini ekubangela ukudabuka ekuphileni kwakho izoqedwa maduze ingaphinde ibe khona. Okuthenjiswa iBhayibheli kuzogcwaliseka, futhi ungaba khona lapho kugcwaliseka. Ukwazi nje ukuthi kuzolunga kusinika impumuzo. Ukwazi ukuthi akukho ukuhlushwa phakade kohlobo oluthile ngemva kokufa kuyisizathu sokujabula.

Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingana edlule, uMaria wabhekana nosizi lokubona umyeni wakhe edikadikwa umdlavuza waze wambulala. Esabhekene nalobo bunzima bokushonelwa, kwadingeka yena namadodakazi akhe amathathu baphume endlini ababehlala kuyo ngenxa yezinkinga zemali. Eminyakeni emibili kamuva, uMaria wathola ukuthi naye unomdlavuza. Usehlinzwe kabili futhi nsuku zonke uhlala esezinhlungwini ezinzima. Naphezu kwalezi zinkinga, unombono oqondile kangangokuthi uze akhuthaze nabanye. Yini emenza akwazi ukuhlala ejabule?

UMaria uthi: “Uma nginenkinga, ngiyazama ukungacabangi kakhulu ngayo. Ngiyakugwema ukuzibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Kungani le nto yenzeka kimi? Kungani mina ngihlupheka kanje? Ngenzeni?’ Ukucabanga izinto ezinjalo kuqeda amandla. Kunokuzibuza yonke le mibuzo, amandla enginawo ngiwasebenzisela ukukhonza uJehova nokusiza abanye. Lokho kungilethela injabulo.”

Ukuba nethemba kumsiza kanjani uMaria? Ulindele isikhathi esizayo lapho uJehova eyoqeda khona ukugula nezinye izinkinga zesintu. Uma eya esibhedlela, uxoxa nezinye iziguli ezinomdlavuza okungenzeka azinalo leli themba. Libaluleke kangakanani ithemba kuMaria? Uthi: “Ngivame ukucabanga ngalokho okushiwo iBhayibheli kumaHebheru 6:19, lapho uPawulu echaza khona ithemba njengehange lomphefumulo. Ngaphandle kwalelo hange, uyoya ngapha nangapha njengomkhumbi lapho kunesivunguvungu. Kodwa uma uboshelwe kulelo hange, uyolondeka ngisho noma ungabhekana nezinkinga ezinzima kanjani.” Lelo “themba lokuphila okuphakade lokho uNkulunkulu ongenakuqamba amanga, akuthembisa” lisiza uMaria ukuba ahlale ejabule. Nawe lingakwenzela okufanayo.—Thithu 1:2.

Ngokutadisha iBhayibheli, ungathola injabulo yangempela naphezu kwezinkinga onazo. Nokho, ungase uzibuze ukuthi kuyasiza ngempela yini ukutadisha iBhayibheli. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukubonisa izinto ezisemiBhalweni okudingeka uzazi ukuze ujabule ngempela. Njengoba ulindele ukugcwaliseka kwaleli themba uJehova asinike lona, ungaba phakathi kwalabo abachazwa ngale ndlela: “Bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.”—Isaya 35:10, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 I-Encyclopædia Britannica (ka-2003) ichaza iShiyoli ngokuthi “indawo umuntu angezwa buhlungu kuyo, angatholi njabulo kuyo, noma ajeziswe noma athole umvuzo.”

[Isithombe ekhasini 5]

Yiqiniso leBhayibheli kuphela elingadambisa ukudabuka

[Isithombe ekhasini 7]

Ithemba leBhayibheli lovuko lingakwenza ujabule