Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isifundo Ngokuziqhenya Nangokuthobeka

Isifundo Ngokuziqhenya Nangokuthobeka

Isifundo Ngokuziqhenya Nangokuthobeka

OKWENZEKA eNkosini uDavide kugcizelela umahluko phakathi kokuthobeka kweqiniso nokuziqhenya. Lesi senzakalo senzeka ngemva kokunqoba kukaDavide iJerusalema futhi walenza ikomkhulu lombuso wakhe. UDavide wayebheka uJehova njengeNkosi yangempela ka-Israyeli, ngakho wahlela ukuba uMphongolo, owawufanekisela ukuba khona kwaKhe, uyiswe kulowo muzi. Lesi senzakalo sasibaluleke kakhulu kuDavide kangangokuthi wabonisa bonke ababekhona ukuthi wayejabule njengoba ayelandela abapristi ababethwele uMphongolo. Izakhamuzi zaseJerusalema zayibona inkosi yazo “itshakadula” futhi ‘idansa ngawo wonke amandla ayo.’—1 IziKronike 15:15, 16, 29; 2 Samuweli 6:11-16.

Nokho, umkaDavide, uMikhali, akazange ahlanganyele kulolo dwendwe olwalujabule. Wagcina ngokulunguza ngefasitela. Kunokuba ancome indlela uDavide adumisa ngayo uJehova, ‘waqala ukumedelela enhliziyweni yakhe.’ (2 Samuweli 6:16) Kungani uMikhali azizwa ngale ndlela? Kusobala ukuthi wayecabanga kakhulu ngesikhundla sakhe njengoba ayeyindodakazi yenkosi yokuqala yakwa-Israyeli, uSawule, futhi manje eyindlovukazi yesibili kwa-Israyeli. Kungenzeka wayenomuzwa wokuthi umyeni wakhe, inkosi, kwakungafanele azehlise abe sezingeni labantu abavamile aze azijabulise ngendlela yabo. Leyo mizwa yokuqhosha yabonakala ngendlela abingelela ngayo uDavide ngenkathi ebuyela emzini wakhe. Ngokubhuqa wathi: “Yeka ukuthi namuhla inkosi yakwa-Israyeli izenze yakhazimula kanjani lapho izambula namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zayo, njengoba nje omunye wabantu abangenangqondo ezambula ngokuqondile!”—2 Samuweli 6:20.

Wenzenjani uDavide ngalokhu kugxekwa? UDavide wamkhuza uMikhali, wamtshela ukuthi uJehova wayemlahlile uyise, uSawule, wakhetha yena. UDavide wanezela: “Ngizozenza ngideleleke ngisho nangaphezu kwalokhu, futhi ngizoba ophansi emehlweni ami; lezo zincekukazi okhulume ngazo ngizimisele ukuzikhazimulisa nazo.”—2 Samuweli 6:21, 22.

Yebo, uDavide wayezimisele ukuqhubeka ekhonza uJehova ngokuthobeka. Lesi simo sengqondo sisisiza ukuba siqonde okwenza ukuba uJehova abize uDavide ngokuthi “umuntu ovumelana nenhliziyo yami.” (IzEnzo 13:22; 1 Samuweli 13:14) Empeleni, uDavide wayelingisa isibonelo sokuthobeka esihle kunazo zonke—isibonelo sikaJehova uNkulunkulu uqobo lwakhe. Kuyathakazelisa ukuthi inkulumo eyasetshenziswa uDavide lapho ethi kuMikhali, “ngizoba ophansi” isukela esenzweni sesiHebheru esisetshenziswa nalapho kuchazwa indlela uNkulunkulu abheka ngayo isintu. Nakuba uJehova enguMuntu omkhulu kunabo bonke endaweni yonke, amaHubo 113:6, 7 amchaza ngokuthi “uyazehlisa [usuka esikhundleni sakhe ukuze asebenzelane nophansi] ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, aphakamise ophansi othulini, uphakamisa ompofu emgodini womlotha.”

Njengoba uJehova ethobekile, akumangazi ukuthi uyawazonda “amehlo aqhoshayo” abantu abaziqhenyayo. (IzAga 6:16, 17) Ngenxa yokubonisa lesi sici esibi nokungamhloniphi owayekhethwe uNkulunkulu ukuba abe yinkosi, uMikhali wagodlelwa ilungelo lokuzalela uDavide indodana. Wafa engenabantwana. Yeka isifundo esibalulekile esisitholayo! Bonke abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu kumelwe balalele la mazwi: “Bhincani isimo sengqondo sokuthobelana, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1 Petru 5:5.