Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngiyazithanda Izikhumbuzo Zakho”

“Ngiyazithanda Izikhumbuzo Zakho”

“Ngiyazithanda Izikhumbuzo Zakho”

“Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.”—ROMA 15:4.

1. UJehova usinikeza kanjani izikhumbuzo, futhi kungani sizidinga?

 UJEHOVA unikeza abantu bakhe izikhumbuzo ukuze abasize ekubhekaneni nezingcindezi zalezi zikhathi ezinzima. Ezinye zalezi zikhumbuzo zitholakala lapho umuntu efunda iBhayibheli eyedwa, ezinye zitholakale ekwazisweni noma ezimpendulweni ezinikezwa emihlanganweni yobuKristu. Okuningi kwalokho esikuzwayo noma esikufunda lapho asikuqabuki. Cishe kwake kwaxoxwa ngokwaziswa okuthi akufane ngaphambili. Nokho, njengoba sithambekele ekukhohlweni, kudingeka sizikhumbuze njalo izinjongo zikaJehova, imithetho neziyalezo zakhe. Kufanele sizazise izikhumbuzo zikaNkulunkulu. Ziyasivuselela ngokusisiza ukuba sikhumbule izizathu ezasenza samukela indlela yokuphila yokwesaba uNkulunkulu. Ngakho, umhubi wahlabelelela uJehova: “Ngiyazithanda izikhumbuzo zakho.”—IHubo 119:24.

2, 3. (a) Kungani uJehova azigcina kwaze kwaba sosukwini lwethu izindaba zokuphila kwabantu abaseBhayibhelini? (b) Ikuphi ukulandisa okusemiBhalweni esizoxoxa ngakho kulesi sihloko?

2 Nakuba lalotshwa emakhulwini amaningi eminyaka, iZwi likaNkulunkulu linamandla. (Hebheru 4:12) Lisinikeza ukulandisa okuyiqiniso ngokuphila kwabantu baseBhayibhelini. Nakuba amasiko nemibono seyishintshe kakhulu kunangezikhathi zeBhayibheli, izinselele okudingeka sibhekane nazo ngokuvamile ziyafana nezangalezo zikhathi. Izindaba eziningi esigcinelwe zona eBhayibhelini zisinikeza izibonelo ezithinta inhliziyo zabantu ababemthanda uJehova futhi abamkhonza ngokwethembeka naphezu kwezimo ezinzima. Okunye ukulandisa kusiqaphelisa ngokuziphatha uNkulunkulu akuzondayo. UJehova wenza ukuba konke lokhu kulandisa, okuhle nokubi, kufakwe eBhayibhelini njengezikhumbuzo. Kunjengoba umphostoli uPawulu abhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”—Roma 15:4.

3 Ake sigxile ekulandiseni okuthathu okusemiBhalweni: indaba kaDavide noSawule, eka-Ananiya noSafira nekaJosefa nomkaPotifari. Ngayinye yazo isifundisa izifundo ezibalulekile.

Ukuba Qotho Emalungiselelweni KaNkulunkulu

4, 5. (a) Isiphi isimo esaba khona phakathi kweNkosi uSawule noDavide? (b) UDavide wenze njani lapho ezondwa uSawule?

4 INkosi uSawule yaba engathembekile kuJehova, ngenxa yalokho yangafaneleka ukubusa abantu bakhe. Ngakho, uNkulunkulu wayilahla wayeseyala umprofethi uSamuweli ukuba agcobe uDavide njengenkosi ka-Israyeli yesikhathi esizayo. Lapho uDavide ebonisa ubuqhawe futhi abantu bemdumisa, uSawule waqala ukumbheka njengembangi. USawule wazama ngokuphindaphindiwe ukumbulala. Isikhathi ngasinye uDavide wayesinda ngoba uJehova wayenaye.—1 Samuweli 18:6-12, 25; 19:10, 11.

5 UDavide waphoqeleka ukuba aphile njengombaleki iminyaka eminingi. Lapho kuvela ithuba lokubulala uSawule, amadoda ayekanye noDavide amnxusa ukuba ambulale, ethi uJehova wayenikele isitha sakhe esandleni sakhe. Kodwa uDavide wenqaba. Wayeshukunyiswa ubuqotho bakhe kuJehova nenhlonipho ayenayo ngesikhundla sikaSawule njengenkosi egcotshiwe yabantu bakaNkulunkulu. Ingani nguJehova owayebeke uSawule njengenkosi ka-Israyeli. Nguye futhi uJehova owayeyomsusa lapho ebona kufaneleka. UDavide wabona ukuthi kwakungekhona okwakhe ukugxambukela. Ngemva kokwenza konke ayengakwenza kulezo zimo ukuze adambise inzondo kaSawule, uDavide waphetha: “UJehova ngokwakhe uzomshaya; noma usuku lwakhe luzofika futhi afe, noma uzokwehlela empini, akhukhulwe ngokuqinisekile. Kuyinto engacabangeki ngami, emehlweni kaJehova, ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova!”—1 Samuweli 24:3-15; 26:7-20.

6. Kungani indaba kaDavide noSawule isithinta?

6 Kukhona isifundo esibalulekile kulokhu kulandisa. Wake wazithola yini uzibuza ukuthi kungani kuvela izinkinga ezithile ebandleni lobuKristu? Kungenzeka ukuthi othile wenza into engafaneleki. Mhlawumbe ukuziphatha kwakhe akukhona ukona okungathí sina, kodwa kuyakuhlupha. Kufanele wenze njani? Ngenxa yokumkhathalela njengomKristu nangenxa yobuqotho bakho kuJehova, ungase ukhethe ukukhuluma nalowo muntu ngomusa, ngenhloso yokumzuza. Nokho, kuthiwani uma inkinga iqhubeka? Ngemva kokuba wenze konke ongakwenza, ungase uthande ukuyishiyela ezandleni zikaJehova indaba. Yilokho uDavide akwenza.

7. NjengoDavide, kufanele senze njani lapho siphathwa ngokungenabulungisa noma sibandlululwa?

7 Noma, kungenzeka ubhekene nezinkinga zokungabi nabulungisa emphakathini noma ubandlululo olungokwenkolo. Mhlawumbe kuncane noma akukho ongakwenza ngazo njengamanje. Kungaba nzima kakhulu ukukhuthazelela isimo esinjalo, kodwa indlela uDavide asabela ngayo lapho ephathwa ngokungenabulungisa isifundisa isifundo. Amahubo alotshwa uDavide awumlando othinta imizwelo, hhayi nje wemithandazo yakhe esuka enhliziyweni yokucela uNkulunkulu ukuba amvikele kuSawule, kodwa futhi nowobuqotho bakhe kuJehova nokukhathalela kwakhe ukukhazinyuliswa kwegama likaNkulunkulu. (IHubo 18:1-6, 25-27, 30-32, 48-50; 57:1-11) UDavide wahlala eqotho kuJehova nakuba uSawule aqhubeka emphatha ngokungenabulungisa iminyaka eminingi. Nathi kufanele sihlale sithembekile kuJehova nasenhlanganweni yakhe kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nakuphi ukungabi nabulungisa noma ukuthi abanye benzani. Singaqiniseka ukuthi uJehova ukubona kahle okwenzekayo.—IHubo 86:2.

8. OFakazi BakaJehova eMozambique benze njani lapho ubuqotho babo kuJehova buvivinywa?

8 AmaKristu aseMozambique ayisibonelo sanamuhla sabantu abanamathela kuJehova ngobuqotho phakathi novivinyo. Ngo-1984 izindawo zawo zahlaselwa kaningi izidlamlilo zeqembu elilwa nohulumeni, ezaziphanga, zishisa izindlu futhi zibulala abantu. Kwakubonakala kungekho lutho olutheni la maKristu eqiniso ayengalwenza ukuze azivikele. Kwenziwa imizamo yokuphoqa izakhamuzi ukuba zijoyine leli qembu elihlomile noma zilisekele ngezinye izindlela. OFakazi BakaJehova babebheka ukwenza kanjalo njengokungqubuzana nokungathathi-hlangothi kwabo njengamaKristu. Lapho benqaba, izidlamlilo zawotha ubomvu. Kwabulawa oFakazi abangaba ngu-30 ngaleyo nkathi yezinxushunxushu, kodwa ngisho nokusongelwa ngokubulawa akukwazanga ukwephula ubuqotho babantu bakaNkulunkulu. * NjengoDavide, bakhuthazelela ukungabi nabulungisa kodwa ekugcineni banqoba.

Isikhumbuzo Esiyisixwayiso

9, 10. (a) Singazuza kanjani ezibonelweni ezithile ezisemiBhalweni? (b) Yini eyayingalungile ngalokho okwenziwa u-Ananiya noSafira?

9 Kwabanye babantu okukhulunywa ngabo emiBhalweni sithola izikhumbuzo eziyisixwayiso mayelana nokuziphatha okufanele sikugweme. Yebo, iBhayibheli linokulandisa okuningi kwabantu abona futhi babhekana nemiphumela, abanye babo ababeyizinceku zikaNkulunkulu imbala. (1 Korinte 10:11) Okunye ukulandisa okunjalo okuka-Ananiya noSafira, umbhangqwana oshadile owawungamalungu ebandla lobuKristu lekhulu lokuqala eJerusalema.

10 Ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., kwavela isidingo sokuba kunakekelwe ngokwezinto ezibonakalayo amakholwa amasha ayesale eJerusalema ukuze azuze ebudlelwaneni nabaphostoli. Amanye amalungu ebandla athengisa imihlaba ukuze aqiniseke ukuthi akubi namuntu oswele. (IzEnzo 2:41-45) U-Ananiya noSafira bathengisa insimu base beletha kubaphostoli ingxenye kuphela yemali ababeyitholile, bathi lesi sipho sabo yiyo yonke imali abayithole ngokuthengisa insimu. Yiqiniso, u-Ananiya noSafira babenelungelo lokunikela ngalokho ababefuna ukunikela ngakho kuphela, kodwa isisusa sabo sasisibi futhi benza isenzo sokungathembeki. Babefuna ukuzenza bahle, kube sengathi benze okukhulu kunalokho ababekwenzile ngempela. Ephefumulelwe umoya ongcwele, umphostoli uPetru wadalula ukungathembeki nobuzenzisi babo, uJehova wababhubhisa.—IzEnzo 5:1-10.

11, 12. (a) Iziphi ezinye zezinto okufanele sizikhumbule mayelana nokwethembeka? (b) Ukwethembeka kuletha ziphi izinzuzo?

11 Uma kungase kwenzeke silingeke ukuba sihlanekezele iqiniso ngoba sizama ukuzenza bahle kubantu, kwangathi indaba ka-Ananiya noSafira ingaba isikhumbuzo esisangulukisayo. Singase sikwazi ukukhohlisa abanye abantu, kodwa asinakumkhohlisa uJehova. (Hebheru 4:13) Ngokuphindaphindiwe, imiBhalo isinxusa ukuba sithembeke komunye nomunye, ngoba abaqambimanga ngeke baphile emhlabeni okhucululwe konke ukungalungi. (IzAga 14:2; IsAmbulo 21:8; 22:15) Isizathu salokho sisobala. Umgqugquzeli wawo wonke amanga nguSathane uDeveli uqobo lwakhe.—Johane 8:44.

12 Ukuphila ngokwethembeka kuletha izinzuzo eziningi. Ezinye zazo unembeza ohlanzekile nokwaneliseka kokwethenjwa abanye. Ezimweni eziningi, amaKristu aye athola umsebenzi, noma angaphelelwa umsebenzi, ngenxa yokwethembeka kwawo. Nokho, inzuzo ebaluleke kunazo zonke ukuthi ukwethembeka kusakhela ubungane noNkulunkulu onguMninimandla onke.—IHubo 15:1, 2.

Ukulondoloza Ubumsulwa

13. Isiphi isimo uJosefa azithola ekuso, futhi wasabela kanjani?

13 UJosefa, indodana yenzalamizi uJakobe, wathengiselwa ebugqilini eneminyaka engu-17 ubudala. Ekugcineni wazithola esendlini kaPotifari, isikhulu segceke saseGibhithe, lapho akhanga khona umkankosi yakhe. Le nkosikazi yafisa ukulala noJosefa, owayeyinsizwa ebukekayo, futhi yayimncenga usuku nosuku ithi: “Lala nami.” UJosefa wayekude nabakubo, esezweni ayengaziwa muntu kulo. Kwakungaba lula ukuba abe nobuhlobo bobulili nalona wesifazane kungazi muntu. Nokho, lapho ekugcineni umkaPotifari embamba, uJosefa wabaleka.—Genesise 37:2, 18-28; 39:1-12.

14, 15. (a) Kungani sinesithakazelo endabeni kaJosefa? (b) Kungani omunye wesifazane ongumKristu ejabula ngokuthi wazilalela izikhumbuzo zikaNkulunkulu?

14 UJosefa wayekhulele emkhayeni owesaba uNkulunkulu, futhi wayeqonda ukuthi ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu abangeyona indoda nenkosikazi buyinto engalungile. Wabuza: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” Cishe wacabanga kanjalo ngenxa yokwazi indinganiso kaNkulunkulu ngabantu eyayivezwe e-Edene, yokuthi umuntu kufanele abe nomngane womshado oyedwa kuphela. (Genesise 2:24) Abantu bakaNkulunkulu namuhla bangazuza ngokuzindla ngalokho uJosefa akwenza kuleso simo. Kwezinye izindawo, ubuhlobo bobulili buthathwa kalula kangangokuthi ontanga bayihleka usulu intsha eyenqaba ukuziphatha kabi. Kubantu abadala, ukushendeza kwandile. Ngakho, indaba kaJosefa iyisikhumbuzo esifanelekayo ezikhathini zethu. Indinganiso kaNkulunkulu isewukuthi ubufebe nokuphinga kuyizono. (Hebheru 13:4) Abaningi abaye bavumela ukucindezelwa ukuba bahlanganyele ubulili obungemthetho bayavuma ukuthi kunesizathu esinamandla sokubugwema. Eminye yemiphumela engathandeki kungase kube umuzwa wokululazeka, unembeza onecala, isikhwele, ukukhulelwa nesifo esidluliselwa ngobulili. Njengoba nje imiBhalo isikhumbuza, umuntu ofebayo “wona owakhe umzimba.”—1 Korinte 5:9-12; 6:18; IzAga 6:23-29, 32.

15 UJenny, * uFakazi kaJehova ongashadile, unesizathu esimenza azazise izikhumbuzo zikaNkulunkulu. Umlisa othile obukekayo ayesebenza naye wazidlisa satshanyana kuJenny. Lapho uJenny engabonisi sithakazelo, lo mlisa waqinisa imizamo yakhe. UJenny uyavuma: “Ngenxa yokuthi kumnandi ukuqashelwa umuntu wobulili obuhlukile, ngazithola ngizabalaza ukuze ngihlale ngimsulwa.” Nokho, wayazi ukuthi le ndoda yayimane nje izama ukumfaka ohlwini lwabesifazane eyake yalala nabo. Lapho uJenny ezizwa ethamba, wanxusa uJehova ukuba amsize ahlale ethembekile kuYe. UJenny wathola ukuthi izinto azifunda lapho ecwaninga eBhayibhelini nasezincwadini zamaKristu zazinjengezikhumbuzo ezazimphaphamisa ukuze ahlale eqaphile. Esinye salezo zikhumbuzo kwakuyindaba kaJosefa nomkaPotifari. Uyaphetha: “Uma nje ngisalokhu ngizikhumbuza ukuthi ngimthanda kangakanani uJehova, akudingeki ngesabe ukuthi ngizobenza lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuye.”

Zilalele Izikhumbuzo ZikaNkulunkulu!

16. Kungasizuzisa kanjani ukubukeza nokuzindla ngokuphila kwabantu abaseBhayibhelini?

16 Sonke singakhulisa ukwazisa kwethu izindinganiso zikaJehova ngokulwela ukuqonda ukuthi kungani enza ukuba sigcinelwe izindaba zabantu abathile emiBhalweni. Zisifundisani? Iziphi izimfanelo noma ukuthambekela okwaboniswa abantu abaseBhayibhelini okudingeka sikulingise noma sikugweme? IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngabantu abaningi kakhulu. Bonke abakuthandayo ukufundiswa uNkulunkulu benza kahle ukuhlakulela ukukuthanda ukuhlakanipha okunikeza ukuphila, kuhlanganise nezifundo esingazifunda ezibonelweni uJehova azigcine ngokucophelela. Sekukaningi kulo magazini kunyatheliswa izihloko ezikhuluma ngabantu abanjalo, esingafunda okuthile ezindabeni zabo. Kungani ungaziniki isikhathi sokuzibukeza?

17. Uzizwa kanjani ngezikhumbuzo zikaJehova, futhi kungani?

17 Yeka indlela esibonga ngayo ngokukhathalela kothando uJehova akubonisa labo abalwela ukwenza intando yakhe! Asiphelele neze, njengoba nje namadoda nabesifazane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babengaphelele. Nokho, umlando olotshiwe wezenzo zabo uwusizo olukhulu kithi. Ngokulalela izikhumbuzo zikaJehova, singagwema ukwenza amaphutha amakhulu, futhi singalingisa izibonelo ezinhle zalabo abahamba ezindleleni zokulunga. Uma senza kanjalo, siyokwazi ukuhlabelela kanye nomhubi: “Bayajabula abagcina izikhumbuzo [zikaJehova]; bayaqhubeka bemfuna ngayo yonke inhliziyo. Umphefumulo wami uzigcinile izikhumbuzo zakho, futhi ngizithanda ngokwedlulele.”—IHubo 119:2, 167.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1996, amakhasi 160-2.

^ par. 15 Igama lishintshiwe.

Ungaphendula Kanjani?

• Yini esingayifunda endleleni uDavide ayebheka ngayo uSawule?

• Indaba ka-Ananiya noSafira isifundisani?

• Kungani indaba yokuphila kukaJosefa isithinta ngokukhethekile namuhla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Kungani uDavide enqaba ukuba uSawule abulawe?

[Isithombe ekhasini 27]

Sifundani endabeni ka-Ananiya noSafira?

[Isithombe ekhasini 28]

Yini eyenza uJosefa wamelana nokunxenxelwa ukuba aziphathe kabi?