Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ujabule Kangakanani?

Ujabule Kangakanani?

Ujabule Kangakanani?

YEBO, ungazibuza kufanele, ‘Ngijabule kangakanani?’ Izazi zokuhlalisana kwabantu zizama ukuthola ukuthi wena noma abanye bangawuphendula kanjani lo mbuzo, kodwa lo msebenzi wabo awulula. Ukulinganisa injabulo yabantu kungase kufaniswe nokuzama ukulinganisa ubungako bothando indoda enalo ngomkayo noma ubungako bobuhlungu obubangelwa ukushona kothile emkhayeni. Akulula ukulinganisa imizwelo. Nokho, izazi ziyalivuma leli qiniso eliyisisekelo: Bonke abantu bangakwazi ukujabula.

Naphezu kokuthi sazalwa singabantu abangase bakwazi ukujabula, izinkinga ezinkulu ziye zenza abantu ukuba bangajabuli. Cabanga ngalesi sibonelo: Kwamanye amadolobha, amangcwaba agcwele abantu ababulawa ingculaza. Iziphathimandla zigubha amangcwaba amadala ukuze kungcwatshwe abasanda kushona. Ezindaweni ezithile e-Afrika, ukwenza amabhokisi omngcwabo umsebenzi abantu abaningi abaziphilisa ngawo. Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, uye wabona ukuthi abantu abagulela ukufa nabashonelwe izihlobo nabangane abajabuli neze.

Kuthiwani ngezindawo ezithe ukuceba? Ukushintsha kwezimo zomnotho kungazuma abantu kubashiye bephanza. E-United States, abantu abaningi asebethathe umhlalaphansi kuye kwadingeka babuyele emsebenzini ngenxa yokucwila kwezimpesheni zabo. Ngokuvamile, izindleko zokwelashwa zithatha yonke imali umkhaya onayo. Umeluleki othile wezomthetho uthi: “Kufika abantu lapha bezofuna usizo ngoba benezikweletu ezinkulu nezinkinga zempilo ezinkulu futhi akuve kudabukisa. Ezikhathini eziningi kudingeka ubatshele ukuthi bazodlelwa umuzi.” Kodwa kuthiwani ngalabo abangenazo izinkinga zemali? Ingabe nabo bangase bangajabuli?

Abanye banjengomqambi wezingoma odumile uRichard Rodgers. Naku okwashiwo ngaye: “Bambalwa abajabulise abantu abaningi ngale ndlela.” Nakuba izingoma zakhe zabajabulisa abantu, yena wayehlushwa isifo sokucindezeleka okungamahlalakhona. Wakwazi ukuthola izinto ezimbili abantu abaningi abazifisayo—imali nodumo—kodwa kuthiwani ngenjabulo? Omunye umbhali wemilando yokuphila kwabantu wathi: “[URodgers] waphumelela ngendlela emangalisayo emsebenzini wakhe, waphila ukuphila okuntofontofo wathola neMiklomelo KaPulitzer emibili. Kodwa wayehlala edumazekile futhi ecindezelekile.”

Cishe nawe uphawulile ukuthi ngokuvamile kuwukuzikhohlisa ukulindela ukuba ukuceba kwenze umuntu ajabule. Intatheli yezokutshalwa kwezimali ye-Globe and Mail yaseToronto, eCanada, yachaza ukuthi abantu abaningi abacebile bahlushwa “isizungu nokuzizwa bengenanjongo.” Umeluleki wezezimali othile wathi lapho abazali abadla izambane likapondo benikeza izingane zabo imali eningi kanye nazo zonke izinto ezithengwa ngemali, “ngokuvamile basuke betshala imbewu eyoqhuma ibe usizi kamuva.”

Sikhona Yini Isizathu Esizwakalayo Sokujabula?

Ukuze imbali ikhule kahle, kudingeka itshalwe emhlabathini omuhle, iniselwe futhi ibe sesimweni sezulu esikahle. Ngokufanayo, abacwaningi bayazi ukuthi izinto ezithile ziba nomthelela enjabulweni yomuntu. Lezi zinto zihlanganisa impilo enhle ngokomzimba; umsebenzi omuhle; ukudla okwanele, indawo yokuhlala nezingubo zokugqoka; ukwaneliswa kwezifiso zokusungula izinto; nabangane beqiniso.

Cishe nawe uyavuma ukuthi lezi zinto ziyayithinta injabulo yomuntu. Kodwa kunesinye isici esibaluleke nakakhulu. Leso sici ulwazi ‘ngoNkulunkulu ojabulayo,’ ogama lakhe linguJehova. (1 Thimothewu 1:11) Lusiza ngani lolo lwazi? UJehova unguMdali wethu, futhi wasidala ngendlela yokuba sikwazi ukujabula. Kunengqondo-ke ukulindela ukuba kube nguye ongaba nolwazi lokuthi yini engasenza sijabule ngempela. Isihloko esilandelayo sichaza indlela aqondisa ngayo abantu ukuze bathole injabulo kungakhathaliseki ukuthi bakusiphi isimo.

[Isithombe ekhasini 4]

Njengembali, umuntu udinga izinto ezithile ezifanele ukuze aqhubeke ejabula

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

© Gideon Mendel/CORBIS