Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwanda Phakathi Kwabantu Base-Uganda Abangefani

Ukwanda Phakathi Kwabantu Base-Uganda Abangefani

Ukwanda Phakathi Kwabantu Base-Uganda Abangefani

I-UGANDA iphakathi kweGreat Rift Valley eseMpumalanga Afrika ngenhla nangezansi kwenkabazwe futhi yinhle ngendlela emangalisayo. Ikhwebuzela uhlaza futhi inezilwane ezithakazelisayo. Ngenxa yokuthi isenkangala esendaweni ephakeme e-Afrika, inesimo sezulu esihle futhi kunamagquma amaningi.

Ambalwa amazwe aba neqhwa abuye ashise kakhulu, kodwa i-Uganda injalo. Entshonalanga, kunezintaba eziba neqhwa, iziNtaba ZaseNyangeni neziNtaba ZaseRuwenzori, bese empumalanga kuba nezindawo ezingayitholi njalo imvula. Emathafeni akhona kunezindlovu, izinyathi namabhubesi. Izintaba namahlathi aminyene ahlala ama-gorilla ama-chimpanzee nezinhlobonhlobo ezingaphezu kwenkulungwane zezinyoni. Ingxenye enkulu yezwekazi lase-Afrika ihlushwa isomiso nendlala, kodwa i-Uganda ibusiswe ngemifula namachibi, njengeLake Victoria eyichibi elinamanzi angenasawoti elingelesibili ngobukhulu emhlabeni. Enyakatho, iLake Victoria ithela eMfuleni iNayile. Yingakho nje uWinston Churchill abiza leli zwe ngokuthi “iparele lase-Afrika”!

“Iparele” Liyabenyezela Namuhla

Nokho, isici esikhanga kakhulu nge-Uganda abantu bakhona—abanobungane, umoya wokwamukela izihambi nabangefani. Leli zwe elinezinkolo “zobuKristu” ngokuyinhloko, linabantu bezizwe nezinkambiso eziningi. Nanamuhla, laba bantu abangefani ungabahlukanisa ngamasiko nangendlela yabo yokugqoka.

Muva nje, inani elandayo labantu base-Uganda lamukela izindaba ezinhle eziseBhayibhelini ezikhuluma ngesikhathi lapho kuyoba khona ukuthula okuhlala njalo emhlabeni wonke. (IHubo 37:11; IsAmbulo 21:4) Kuyinselele nokho ukuhambisela bonke abantu lo myalezo, ngoba leli zwe licishe lilingane neGreat Britain ngobukhulu.

Kusukela esiqalweni esiphansi lapho kubhapathizwa isakhamuzi sokuqala siba ngomunye woFakazi BakaJehova abazinikezele eLake Victoria ngo-1955, “omncane” wagcina ebe yinkulungwane ngo-1992. Kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwaba nokwanda kuleli zwe. Lokhu kuvumelana namazwi kaNkulunkulu aqinisekisayo: “Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.”—Isaya 60:22.

Ukunqoba Izithiyo Zolimi

IsiNgisi ulimi olusemthethweni futhi sisetshenziswa kabanzi, ikakhulukazi kwezemfundo, kodwa asilona ulimi lwabaningi babantu base-Uganda. Ngakho, oFakazi BakaJehova bayazicabangela nezinye izilimi eziyinhloko njengoba bezama ukufinyelela abantu ngezindaba ezinhle. Lokhu kuyadingeka ngempela ngoba amaphesenti angaphezu kwangu-80 abantu bakuleli zwe abayizigidi ezingu-25 bahlala emaphandleni noma emadolobheni amancane lapho abantu besebenzisa khona ulimi abaluncela. Kudinga umzamo omkhulu ukufinyelela laba bantu abakhuluma lezi zilimi futhi basizwe banelise izidingo zabo ezingokomoya.

Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova baye bazama ukukwenza lokhu ngokushumayeza abantu ngolimi lwabo nangokulungiselela ukuba kube nezincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezihlukahlukene. Ehhovisi legatsha elisenhloko-dolobha, eKampala, amaqembu abahumushi ahumusha izilimi ezine: isi-Acholi, isiLhukonzo, isiLuganda nesiRunyankore. Ngaphezu kwalokho, kuye kwaba nabantu ababaphinda kabili oFakazi BakaJehova bendawo emihlanganweni emikhulu yobuKristu eqhutshwa ngezilimi ezihlukahlukene ezweni lonkana. Lokhu kubonisa kahle ukuthi imizamo yokufinyelela abantu abakhuluma izilimi ezihlukahlukene yenza kube nokwanda okukhulu ngokomoya. Kodwa akupheleli lapho.

Amaphayona Ayahola Emsebenzini

Amabandla ayisekela ngenjabulo imikhankaso yaminyaka yonke yokuhlala izinyanga ezintathu ezindaweni ezicezile ukuze kufundiswe abantu bakhona. (IzEnzo 16:9) Inani elandayo lamaphayona asemasha ashisekayo, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, liyahola kulo msebenzi. Liya ezindaweni ezicezile, lapho ngezinye izikhathi uthola ukuthi abantu bakhona abakaze bazizwe izindaba ezinhle.

OFakazi ababili babelwa ukuba bayoba amaphayona akhethekile izinyanga ezintathu eBushenyi, idolobha elincane entshonalanga ye-Uganda. Basebenza nokuphela kukaFakazi kaJehova okhona endaweni bahlela nemihlangano yobuKristu. Kwathi ingakapheli nenyanga, la maphayona amabili ayesexoxa njalo ngeBhayibheli nabantu abangu-40, futhi abangu-17 kubo baqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Naku okushiwo yila maphayona: “Abanye esasibashiyele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? * beza lapho sasihlala khona ngemva kwezinsukwana, bephethe amaphepha amaningana ababebhale kuwo izimpendulo zemibuzo ekule ncwajana. Babefuna ukwazi ukuthi izimpendulo zabo zazinembile yini.” Namuhla, kulelo dolobha kunebandla elineHholo lalo LoMbuso.

Amaphayona amabili aya esifundeni esisentshonalanga ye-Uganda okuyindawo eyayingakaze ithole izindaba ezinhle. Abhala: “Abantu balomele ngempela iqiniso leBhayibheli. Njengoba sesihlale lapha izinyanga ezintathu, siye sakwazi ukuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-86.” Akuthathanga sikhathi, kwase kuneqembu loFakazi elimisiwe kuleyo ndawo.

Ezinye Izisebenzi Ezishisekayo Ensimini

Phakathi kwamaphayona ashisekayo, kukhona abathile abaye bakhonza iminyaka eminingi. Ngaphambi kokuba abe omunye woFakazi BakaJehova, uPatrick wayedlala igekle eqenjini lomculo lebutho elihamba ngezindiza lombusi wase-Uganda u-Idi Amin. UPatrick wabhapathizwa ngo-1983 futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha ebhapathiziwe waba yisikhonzi sesikhathi esigcwele. Namuhla ungumbonisi ojikelezayo, uvakashela futhi akhuthaze amabandla.

UMargaret wabhapathizwa ngo-1962. Nakuba esezohlanganisa iminyaka engu-80 futhi ehlushwa inqulu eyenza angakwazi ukuhamba kahle, wenza amahora angaba ngu-70 ngenyanga enkonzweni exoxela omakhelwane bakhe ngethemba elisekelwe eBhayibhelini. Ubeka izincwadi ebhentshini ngaphandle kwakwakhe abese eqala ingxoxo nanoma ubani odlulayo ongathanda ukuzwa izindaba ezinhle eziphathelene nezwe elisha elinokuthula.

USimon, umlimi wasempumalanga ye-Uganda, wayesefune iqiniso iminyaka engu-16 lapho ekugcineni ngo-1995 ethola izincwadi ezithile ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Akufunda kuzo kwenza wafuna ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nangenjongo enhle kakhulu kaJehova ngomhlaba. Babengekho oFakazi eKamuli lapho ayehlala khona. Ngakho uSimon wahamba amakhilomitha angaba ngu-140 waya eKampala eyobafuna. Namuhla kunebandla endaweni yakubo.

“Asiyi Ndawo”

Njengakwezinye izindawo e-Afrika, abantu abaningi balindela ukuba iqembu lenkolo libe nendawo yokukhulekela efanelekayo. Lokhu kwakuthanda ukuba inkinga enkulu ngamanye amabandla oFakazi BakaJehova ngoba ayengenayo imali yokwakha amaHholo OMbuso afanelekayo. Kunzima ukuchaza indlela abazalwane abajabula ngayo lapho ngasekupheleni kuka-1999, kumiswa emhlabeni wonke isimiso esasizosheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Phakathi neminyaka emihlanu eyalandela, kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-40 e-Uganda. Namuhla, cishe wonke amabandla anamaHholo awo OMbuso angadle ngabukhazikhazi, kodwa afanelekayo. Into eshiwo yilo msebenzi wokwakha kubantu bendawo ukuthi, “Asiyi ndawo.” Lokhu kuye kwaba negalelo ekwandeni.

Ibandla elithile elincane enyakatho ye-Uganda laliqhubela imihlangano ngaphansi kwezihlahla zikamango eziminyene. Lapho kutholakala isiza ekugcineni, umsebenzi wokwakha washesha. Abazalwane abaseqenjini lokwakha, bekanye noFakazi bendawo, baqala ukwakha iHholo LoMbuso. Owayekade eyisikhulu esivelele sezombusazwe endaweni wahlabeka umxhwele. Wathi kungasetshenziswa igalaji lakwakhe, kuqhutshelwe kulo imihlangano kuze kuphele iHholo LoMbuso. Wamukela nesifundo seBhayibheli ayesiqhutshelwa esinye sezisebenzi. Manje ungummemezeli obhapathiziwe oshisekayo futhi uyajabula ngokuthi ukhulekela uJehova kuleli Hholo LoMbuso elisha elihle.

Lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso engxenyeni eseningizimu-mpumalanga yezwe, umeselane wendawo wahlatshwa umxhwele ubungane, uthando nokubambisana ayekubona phakathi kwabazalwane waze wavolontiya ukusiza. Lapho umsebenzi wokwakha usuya ngasemaphethelweni, wasebenza ubusuku bonke ukuze iHholo LoMbuso liphele, abazalwane bakwazi ukulinikezela ngakusasa ekuseni. Wathi: “Yinina kuphela enithandana ngempela, anigcini ngokusho ngomlomo ukuthi niyathandana.”

Inhlansana Yethemba Lokwanda Naphezu Kwezinkinga

Njengoba kushunyayelwa emasimini amasha e-Uganda, liyanda inani loFakazi futhi abaningi abathakazelayo bahlanganyela namabandla. Nokho, into ethanda ukukhathaza yinani elikhulu lababaleki elithuthelekele e-Uganda. Impi yombango emazweni angomakhelwane iye yabathinta nabantu bakaJehova. OFakazi abasemakamu ababaleki baye babonisa ngendlela emangalisayo ukuthi bayamethemba uJehova. Owayekade eyisikhulu esiphakeme ezweni elingumakhelwane, futhi owayeke washushisa oFakazi ngesikhathi bevinjelwe kulelo zwe, ukhumbula ukuphila okuntofontofo ayekuphila. Ngemva kokutadisha iBhayibheli kwelinye lamakamu ababaleki futhi waba uFakazi, wathi: “Ukuceba nokuba nesikhundla esiphezulu kuleli zwe akulutho. Nakuba manje ngimpofu futhi ngigula, ukuphila kwami kungcono kakhulu kunangaphambili. Ngiyamazi uJehova, futhi ngiyalazisa ilungelo lomkhuleko. Nginethemba eliqinile ngekusasa, futhi ngiyazi ukuthi kungani sinezinkinga kangaka namuhla. Ngakho, manje nginokuthula kwangaphakathi engangingenako ngaphambili.”

Kuthiwa uma ungahloma induku emhlabathini wase-Uganda ovundile, ngakusasa ungayifica isinezimpande. Ukwanda okuhlobene nezinto ezingokomoya kuleli zwe kubonisa ukuthi nomhlabathi ongokomoya uvundile impela. Siyambonga uJehova uNkulunkulu ngokuba nesineke ukuze abantu base-Uganda abangefani bafunde ngoMbuso wakhe. UJesu wafanisa ukuba yigugu kwalo Mbuso ‘neparele lenani eliphakeme.’ Abantu abaningi base-Uganda sebeyakuqonda lokho.—Mathewu 13:45, 46.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amabalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ISUDAN

I-UGANDA

UMfula INayile

IKamuli

ITororo

IKampala

IBushenyi

ILake Victoria

IRWANDA

IKENYA

ITANZANIA

[Izithombe ekhasini 9]

Izikhonzi ezintathu ezingamaphayona kweziningi ezishisekayo

[Isithombe ekhasini 10]

UPatrick

[Isithombe ekhasini 10]

UMargaret

[Isithombe ekhasini 10]

USimon

[Isithombe ekhasini 10]

Umhlangano wesigodi eTororo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Background: © Uganda Tourist Board