Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yebo, Ungayithola Injabulo

Yebo, Ungayithola Injabulo

Yebo, Ungayithola Injabulo

KUNZIMA ngezinye izikhathi ukuthola injabulo yangempela nehlala njalo. Lokhu kubangelwa ngokukhethekile ukuthi abantu abaningi bayifuna endaweni engafanele. Ukube nje bebenomngane onokwethenjelwa nonolwazi ongabaqondisa endaweni efanele!

Leyo ndawo yiBhayibheli. Cabanga ngenye yezincwadi eziseBhayibhelini—amaHubo. Le ncwadi yakhiwa izingoma ezingcwele ezingu-150 zokudumisa uJehova uNkulunkulu. Cishe ingxenye yazo yabhalwa inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide. Kodwa ukwazi ukuthi le ncwadi yaphefumulelwa uMngane wabantu omkhulu kunabo bonke, uJehova, kubaluleke kakhulu kunokwazi ukuthi yabhalwa ubani. Ngakho, singaqiniseka ngokuthi iqukethe iziqondiso zaphezulu ezingasizuzisa nokuthi isibonisa indlela yokuthola injabulo.

Abalobi bamaHubo babeqiniseka ukuthi umuntu uthola injabulo ngokuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Umhubi wabhala: “Uyajabula umuntu owesaba uJehova.” (IHubo 112:1) Abantu bangabakha ubuhlobo nabanye abantu, babe nengcebo bafeze nemisebenzi emikhulu, kodwa konke lokho akunakuletha injabulo etholakala ngokuba omunye ‘wabantu abaNkulunkulu wabo nguJehova.’ (IHubo 144:15) Ukuphila kwezinceku zikaNkulunkulu eziningi zanamuhla kuyakufakazela lokhu.

USusanne osanda kweva eminyakeni engu-40, uyisibonelo salokhu. * Wathi: “Namuhla, abantu abaningi bajoyina amaqembu athile ukuze bafeze imigomo abanayo noma benze izinto abazijabulelayo. Kodwa kuyaqabukela bebhekana njengabangane. Kuhlukile ngabantu bakaJehova. Uthando esinalo ngoJehova lwenza sithandane. Uma siphakathi kwabantu bakaNkulunkulu, siyakhululeka, kungakhathaliseki ukuthi sisuke sikuphi ngaleso sikhathi. Lobu bunye benza ukuphila kwethu kucebe kakhulu. Ubani omunye ongalinga athi unabangane nabantu bamazinga enhlalo angefani, izizinda nobuzwe obungefani? Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi into eletha injabulo ukuba ngomunye wabantu bakaJehova.”

UMaree, owazalelwa eScotland, naye wathola ukuthi kubalulekile ukuba nobuhlobo obuhle noJehova uma ufuna ukuthola injabulo. Uyalandisa: “Ngaphambi kokufunda iqiniso leBhayibheli, ngangikuthanda ukubuka amafilimu ethusayo, bese kuba inkinga ukulala ebusuku ngaphandle kokuba ngiphathe isiphambano ngesandla ukuze ngixoshe izipoki nemikhovu eba kule nhlobo yamafilimu. Nokho, ngemva kokufunda iqiniso nokuyeka ukubuka la mafilimu, ubuhlobo bami noJehova benza ngakwazi ukulala ngingesabi, ngijabulele ukukhonza uNkulunkulu onamandla ukudlula amademoni noma imikhovu eyayisekhanda lami.”

Ukuthembela KuJehova Kuholela Enjabulweni

Asikho isizathu sokungabaza amandla nokuhlakanipha okungenamkhawulo koMdali wethu. Njengoba ayazi ukuthi angamethemba ngokuphelele uJehova nokuthi angaphephela kuye, uDavide wabhala: “Iyajabula indoda enamandla ebeké uJehova njengethemba layo.”—IHubo 40:4.

UMaria wathi: “Okuhlangenwe nakho kwami kwaseSpain nakwezinye izindawo kungifundise ukuthi sithola imiphumela emihle kakhulu uma senza izinto ngendlela kaJehova, ngisho noma imizwa nemizwelo yethu kungase kufune senze okuhlukile. Ukwenza kanjalo kusenza sijabule ngoba indlela kaJehova iyona engcono njalo.”

U-Andreas, umdala ongumKristu osekhonze emazweni amaningana eYurophu, naye uye wabona kokuhlangenwe nakho kwakhe ukuthi singathembela kuJehova. Wathi: “Umfowethu omdala, ongeyena uFakazi, wangithonya kakhulu ngesikhathi ngisakhula, engikhuthaza ukuba ngiphishekele umsebenzi oholela kakhulu. Wadumala kakhulu lapho ngithatha inkonzo yesikhathi esigcwele, ngingathembeli ekulondekeni-mbumbulu kwezimpesheni zezwe. Angikaze ngiswele phakathi nenkonzo yami yesikhathi esigcwele, futhi ngiye ngathola izibusiso abanye abagcina ngokuziphupha.”

Ngo-1993, uFelix wacelwa ukuba ayosiza ekunwetshweni kwezakhiwo zehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSelters, eJalimane. Lapho umsebenzi usuphelile, wacelwa ukuba abe yilungu lomkhaya waseBethel kulo lelo gatsha. Wasabela kanjani? Uthi: “Ngasamukela lesi simemo ngimathintanyawo. Kodwa sekuyiminyaka ecela eshumini ngilapha, futhi ngiyaqiniseka ukuthi uJehova wayiphendula imithandazo yami. Uyazi ukuthi yini engilungele. Ngokuthembela kuye ngokuphelele futhi ngimvumele angiqondise, ngimnikeza ithuba lokungibonisa ukuthi ufuna ngenzeni.”

USusanne, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayefuna ukuba yiphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele, kodwa wayengawutholi umsebenzi ayengasebenza kuwo izinsuku ezithile. Ngemva kokulinda unyaka wonke ethi hleze kuzovela okuthile, wanquma ukubonisa ukuthi uthembele kuJehova. Walandisa: “Ngafaka isicelo sokuba yiphayona elivamile. Ngangibeke imali eyanele yokukhokha izikweletu zami zenyanga, futhi leyo nyanga yaba inyanga ejabulisayo! Inkonzo yami yayingithokozisa kakhulu, kodwa ngangisabathe ngifuna itohwana, kube nhlanga zimuka nomoya. Nokho, njengoba uJehova ethembisa, akazange angishiye. Ngosuku lokugcina enyangeni, ngawuthola umsebenzi. Ngase ngazi ukuthi ngingathembela ngempela kuJehova! Okuhlangenwe nakho kwami kokuqala ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele kuye kwaba nomthelela ekuphileni kwami okuzuzisayo nokujabulisayo.”

Ukwamukela Iseluleko SikaNkulunkulu Kwenza Umuntu Ajabule Nakakhulu

INkosi uDavide yenza amaphutha amakhulu. Ngezinye izikhathi yayidinga iseluleko esihlakaniphile. Sisamukela kalula yini iseluleko nesiqondiso njengoDavide?

U-Aida ohlala eFrance waphawula ukuthi wayenze iphutha elikhulu. Uthi: “Into engangiyikhathalela kunazo zonke kwakuwukulungisa ubuhlobo bami noJehova. Ngangingenandaba nezinye izinto.” Waya kubadala bebandla wacela usizo. Njengoba esebe isikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kwengu-14, uthi: “Yeka indlela okwanelisa ngayo ukwazi ukuthi uJehova wangithethelela!”

Ukwamukela iseluleko esivela kuNkulunkulu kungasivikela, singaqali nokuqala ukwenza iphutha. UJudith wachaza: “Ngesikhathi ngineminyaka engu-20 ngathanda insizwa ethile engumJalimane engangisebenza nayo eyayizama ngazo zonke izindlela ukuzifaka enhliziyweni yami. Yayihlonishwa, isebenza kahle kakhulu, kodwa ishadile! Ngabona ukuthi kumelwe ngikhethe phakathi kokulalela imithetho kaJehova nokumlahla. Ngathulula isifuba sami kubazali bami. Ubaba akazange ananaze; wangikhumbuza lokho uJehova akulindele kimi. Akazange aye le nale—futhi yilokho kanye engangikudinga! Noma kunjalo, ngazama ukuthola izaba. Ngangixoxa nomama ubusuku bonke, amasonto ngamasonto, engitshela indlela imithetho kaNkulunkulu ebaluleke futhi evikela ngayo. Ngiyabonga ngokuthi kancane kancane inhliziyo yami yabuyela kuJehova. Ukuyalwa nokufundiswa nguye kuye kwangilethela injabulo enkulu—iminyaka eminingi ejabulisayo enkonzweni yesikhathi esigcwele nomyeni okahle kakhulu ongumKristu futhi ongithandayo nothanda uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.”

Ngokusobala, lezi zindaba zigcizelela amazwi kaDavide: “Uyajabula umuntu okuvukela kwakhe kuxolelwe, osono sakhe simboziwe. Uyajabula umuntu uJehova angambaleli siphambeko.”—IHubo 32:1, 2.

Ukuthola Injabulo Ngokucabangela Abanye

UDavide wabhala: “Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi.” Waqhubeka: “Ngosuku lwenhlekelele uJehova uyomenzela indlela yokuphunyuka. UJehova ngokwakhe uyomqapha futhi amlonde. Kuyothiwa uyajabula.” (IHubo 41:1, 2) UDavide wasinikeza isibonelo sesimo sengqondo esifanele kubantu abaphansi lapho ebonisa ukumcabangela uMefibosheti, indodana ekhubazekile kaJonathani, umngane wakhe.—2 Samuweli 9:1-13.

UMarlies, osebe isithunywa sevangeli iminyaka engu-47, unelungelo lokushumayeza abantu okwadingeka babaleke ezindaweni eziyingozi e-Afrika, e-Asia naseMpumalanga Yurophu. Wathi: “La bantu banezinkinga ezihlukahlukene futhi ngokuvamile banomuzwa wokuthi abanye abantu ababamukeli ngokugcwele. Empeleni banomuzwa wokuthi bayababandlulula. Ukusiza abantu abanjalo kuletha injabulo ngaso sonke isikhathi.”

UMarina, osanda kweva eminyakeni engu-40, wabhala: “Njengoba ngingashadile, ngazi kahle ukuthi kunjani ukusekelwa abanye. Lokhu kungishukumisela ukuba ngikhuthaze abantu ngokubashayela ucingo noma ngokubabhalela izincwadi. Abaningi baye bangitshela ukuthi bayakwazisa lokhu. Ukusiza abanye kungilethela injabulo.”

UDimitar, oseminyakeni yawo-20, wathi: “Ngakhuliswa umama kuphela. Ngesikhathi ngisakhula, ngangikujabulela ukuba senkonzweni nombonisi weSifundo Sencwadi Sebandla masonto onke, engiqeqesha. Namanje ngisakubonga ukungapheli kwakhe amandla. Ngiyazi ukuthi ngezinye izikhathi ngangingakhuthazeki.” Ngenxa yokuthi uyalwazisa usizo aluthola, manje uDimitar usiza abanye: “Ngiyazama ukuhamba nosemusha noma nosekhulile enkonzweni, okungenani kanye ngenyanga.”

Incwadi yamaHubo ibala nezinye izinto eziletha injabulo. Enye yazo ukuncika emandleni kaJehova kunokuncika kwawethu: “Bayajabula abantu abazikhwepha zabo [zikuJehova].”—IHubo 84:5.

UCorinna uyakwazi lokhu. Wathuthela ezweni elinendingeko enkulu yabashumayeli boMbuso. Uthi: “Ngathola ukuthi kuleyo ndawo kunolimi oluhlukile, amasiko ahlukile nendlela yokucabanga ehlukile. Kwakunjengokungathi ngikomunye umhlaba. Kwakungethusa ukushumayela endaweni engingayijwayele. Ngacela uJehova ukuba angisize, futhi ngamandla akhe ngakwazi ukushumayela usuku lonke kule nsimu ecezile. Ngokuhamba kwesikhathi, ngajwayela, ngaze ngakhohlwa nokuthi ngake ngaba nenkinga. Ngaqala izifundo zeBhayibheli eziningi, futhi okuhlangenwe nakho engakuthola lapho kusangisiza namanje. Ngafunda ukuthi ngamandla kaJehova, singanqoba ngisho nezithiyo ezibonakala zingenakunqobeka.”

Yebo, ziningana izici ezinomthelela enjabulweni yethu, njengokuhlakulela ubungane noNkulunkulu nabantu bakhe, ukuthembela ngokuphelele kuJehova, ukwamukela iseluleko sakhe kanye nokucabangela abanye. Singathola umusa kaJehova ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokulalela imithetho yakhe.—IHubo 89:15; 106:3; 112:1; 128:1, 2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 12]

UMaria

[Isithombe ekhasini 13]

UMaree

[Isithombe ekhasini 13]

USusanne no-Andreas

[Isithombe ekhasini 15]

UCorinna

[Isithombe ekhasini 15]

UDimitar