Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonke Abantu Bangahlonishwa

Bonke Abantu Bangahlonishwa

Bonke Abantu Bangahlonishwa

“Kumelwe sakhe izwe elisha—izwe elingcono kakhulu—lapho umuntu eyohlonishwa khona phakade.”—UMONGAMELI WASE-UNITED STATES, UHARRY TRUMAN, ESAN FRANCISCO, ECALIFORNIA, E-U.S.A., NGO-APRIL 25, 1945.

ABANTU abaningi abaphila eminyakeni yangemva kweMpi Yezwe II babenenkolelo efana nekaMongameli uTruman yokuthi abantu bangafunda ezintweni esezadlula futhi bakhe “izwe elisha” lapho wonke umuntu eyohlonishwa khona. Nokho, kuyadabukisa ukuthi nanamuhla akunjalo. ‘Ilungelo lokuhlonishwa phakade kwabantu’ lisaqhubeka linyathelwa phansi ngenxa yokuthi le nkinga ayibangelwa umuntu, kodwa ibangelwa isitha sabantu esikhulu.

Umsuka Wenkinga

IBhayibheli lithi lesi sitha nguSathane uDeveli, isidalwa somoya esibi. Kusukela ekuqaleni komlando wesintu, siye salibekela inselele ilungelo likaNkulunkulu lokubusa. Kusukela mhla uSathane ekhuluma no-Eva ensimini yase-Edene, umgomo wakhe ubulokhu uwukuyekisa abantu ukukhonza uMdali wabo. (Genesise 3:1-5) Cabanga ngemiphumela edabukisayo eyatholwa u-Adamu no-Eva lapho bevumela ukunxenxwa uDeveli! Umphumela owasheshe wabonakala wokungalaleli kwabo umthetho kaNkulunkulu ngokuqondene nesithelo esenqatshelwe waba ukuthi bobabili “bamcashela uJehova uNkulunkulu.” Kungani bacasha? U-Adamu wavuma: “Bengesaba ngoba bengihamba-ze ngakho ngacasha.” (Genesise 3:8-10) Ubuhlobo buka-Adamu noYise wasezulwini nendlela ayezibheka ngayo kwase kushintshile. Wayesenamahloni, engasakhululeki ukuba kanye noJehova.

Kungani uDeveli ayengafuna ukubona u-Adamu ephelelwa ukuzihlonipha? Kungenxa yokuthi umuntu wenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi uSathane ujabula afe lapho umuntu enza ngendlela ethunaza ukubonakalisa kwakhe inkazimulo kaNkulunkulu. (Genesise 1:27; Roma 3:23) Lokhu kusenza siqonde isizathu esiye senza abantu balulazana kangaka kuwo wonke umlando wesintu. Njengoba ‘engunkulunkulu walesi simiso sezinto,’ uSathane uye wabhebhethekisa lo moya “phakathi nesikhathi umuntu aye wabusa ngaso umuntu kwaba ukulimala kwakhe.” (2 Korinte 4:4; UmShumayeli 8:9; 1 Johane 5:19) Ingabe lokhu kusho ukuthi ukuhlonishwa kwabantu ngendlela efanele ngeke kuphinde kube khona?

UJehova Uyibonisa Inhlonipho Indalo Yakhe

Ake ucabange futhi ngezimo zasensimini yase-Edene ngaphambi kokona kuka-Adamu no-Eva. Babenenala yokudla, umsebenzi owanelisayo, ithuba lokujabulela impilo enhle nokuphila phakade, bona nenzalo yabo. (Genesise 1:28) Zonke izici zokuphila kwabo zaziyibonisa ngokucacile injongo kaNkulunkulu enothando nebonisa ukuthi uyasihlonipha isintu.

Ingabe umbono kaJehova ngokuhlonishwa kwabantu washintsha lapho u-Adamu no-Eva bona? Cha. Wabonisa ukubacabangela njengoba base benamahloni ngokuhamba ze. Ngothando, uNkulunkulu wabenzela “izembatho ezinde zesikhumba” ukuze bagqoke zona esikhundleni samaqabunga omkhiwane ababezithungele wona. (Genesise 3:7, 21) Kunokubayeka kanjalo benamahloni, uNkulunkulu wabaphatha ngenhlonipho.

Kamuva, lapho esebenzelana nesizwe sakwa-Israyeli, uJehova wabonisa ukuthi unozwela ngezintandane, abafelokazi nabafokazi—amalungu omphakathi avame ukuhlukunyezwa. (IHubo 72:13) Ngokwesibonelo, lapho ama-Israyeli evuna okusanhlamvu kwawo, umnqumo namagilebhisi, atshelwa ukuba angaphindeli emuva ayokhothoza. Kunalokho, uNkulunkulu wawayala wathi okusele ‘kufanele kusalele umfokazi, intandane nomfelokazi.’ (Duteronomi 24:19-21) Lapho ama-Israyeli elalela le mithetho sasingabi khona isidingo sokuba kube nabantu abanxibayo futhi lokhu kwakunikeza ngisho nabantu abampofu kakhulu umsebenzi onesithunzi.

UJesu Wayebabonisa Inhlonipho Abanye

Lapho iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, ilapha emhlabeni, yabonisa ukuthi iyakukhathalela ukuhlonishwa kwabantu. Ngokwesibonelo, lapho iseGalile, kwafika kuyo indoda eyayinochoko olwase lulubi kakhulu. NgokoMthetho KaMose, ukuze umuntu onochoko angabatheleli abanye, kwakudingeka amemeze ekude, athi: “Ngingcolile, ngingcolile!” (Levitikusi 13:45) Nokho, le ndoda ayizange imemeze lapho iya kuJesu. Kunalokho, yawa ngobuso yancenga uJesu: “Nkosi, uma nje uthanda, ungangenza ngihlambuluke.” (Luka 5:12) Wasabela kanjani uJesu? Akazange ayithethise le ndoda ngokwephula uMthetho, futhi akazange ashaye sengathi akayiboni noma ayigweme. Kunalokho, wayibonisa inhlonipho ngokuyithinta athi kuyo: “Ngiyathanda. Hlambuluka.”—Luka 5:13.

Ngezinye izikhathi, uJesu wabonisa amandla akhe okuphulukisa umuntu ngaphandle kokumthinta ngokoqobo—ngezinye izikhathi amphulukise ekude. Nokho, kulokhu, wakhetha ukuyithinta le ndoda. (Mathewu 15:21-28; Marku 10:51, 52; Luka 7:1-10) Ngenxa yokuthi le ndoda ‘yayigcwele uchoko,’ akungabazeki ukuthi kwase kuyiminyaka yagcina ukuthintwa umuntu. Yeka ukuthi kumelwe ukuba yaduduzeka kanjani lapho iphinda izwa ubumnandi bokuthintwa omunye umuntu! Ngokuqinisekile, ayikho enye into eyayifunwa yile ndoda ngaphandle kokuphulukiswa ochokweni lwayo. Noma kunjalo, akungabazeki ukuthi indlela uJesu ayiphulukisa ngayo yenza okwengeziwe—yabuyisela le ndoda isithunzi sayo. Kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi bangaba khona abantu ababonisa abanye inhlonipho ngale ndlela emphakathini wanamuhla? Uma kunjalo, bangayibonakalisa kanjani?

Umthetho Onika Abantu Isithunzi

UJesu washo amazwi abantu abaningi abacabanga ukuthi ayimfundiso edume kunazo zonke kwezake zaba khona ngokuqondene nokuphathana kwabantu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lo Mthetho Wegolide, njengoba uvame ukubizwa kanjalo, ushukumisa umuntu ukuba ahloniphe omunye umuntu, naye ethemba ukuthi uzothola inhlonipho efanayo.

Njengoba umlando ubonisa, ukusebenzisa lo mthetho akuzenzakaleli—ngokuvamile ukungawusebenzisi yikhona okuzenzakalelayo. Indoda esizoyibiza ngokuthi uHarold ithi: “Eqinisweni ngangithanda ukululaza abanye. Ngamazwi ambalwa nje, ngangibashiya bethunazekile, bephoxekile futhi ngezinye izikhathi bekhala.” Kodwa kukhona okwenzeka okwenza uHarold washintsha indlela abaphatha ngayo abanye. Uthi: “OFakazi BakaJehova abaningana baqala ukungivakashela. Uma ngibheka emuva, ngizizwa nginamahloni uma ngicabanga ezinye zezinto engangizisho kubo nangendlela engangibaphatha ngayo ngezinye izikhathi. Kodwa abazange baphele amandla, futhi kancane kancane amaqiniso eBhayibheli athinta inhliziyo yami, angishukumisela ukuba ngishintshe.” Namuhla, uHarold ungumdala ebandleni lobuKristu.

UHarold uwubufakazi bokuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) IZwi likaNkulunkulu linamandla okuthinta inhliziyo yomuntu, lishintshe indlela acabanga naziphatha ngayo. Nansi indlela yokubonisa abanye inhlonipho—ukuba nesifiso esisuka enhliziyweni sokufuna ukusiza kunokufuna ukulimaza, isifiso sokunika umuntu isithunzi kunokufuna ukumlulaza.—IzEnzo 20:35; Roma 12:10.

Ukubuyiselwa Kokuhlonishwa Kwabantu Okufanele

Yiso lesi sifiso esishukumisa oFakazi BakaJehova ukuba bakhulume nabanye ngethemba elihle kangaka eliseBhayibhelini. (IzEnzo 5:42) Ayikho indlela engcono yokubonisa umuntu inhlonipho nokumnika isithunzi kunokumazisa “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.” (Isaya 52:7) “Okuthile okungcono” kuhlanganisa ‘ukugqoka ubuntu obusha,’ obuyobulala “isifiso esilimazayo” sokululaza abanye abantu. (Kolose 3:5-10) Kuhlanganisa nenjongo kaJehova ezofezeka maduze yokususa izimo nokucabanga okwenza abantu bangaboniswa inhlonipho, kuhlanganise nomshoshozeli wako, uSathane uDeveli. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 20:1, 2, 10) Bonke abantu bayohlonishwa ngokuphelele kuphela lapho umhlaba ‘usugcwele ulwazi ngoJehova.’—Isaya 11:9.

Sikucela ukuba ufunde ngaleli themba elihle kangaka. Ngokuhlanganyela noFakazi BakaJehova, uzozitholela wena ngokwakho ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kunikeza abantu isithunzi. Futhi uzothola ulwazi ngokuqondene nendlela maduze uMbuso kaNkulunkulu ozoletha ngayo ‘izwe elisha nelingcono kakhulu,’ izwe lapho bonke abantu ‘beyohlala bejabulela ilungelo lokuhlonishwa,’ lingaphinde linyathelwe phansi.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Ukugcina Ubuqotho Kwalondoloza Isithunzi Sabo

Phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-2 000 bayiswa emakamu okuhlushwa amaNazi ngenxa yezinkolelo zabo. Echaza indlela ephawulekayo oFakazi ababonisa ngayo ubuqotho, owayekade eyisiboshwa ejele laseRavensbrück, uGemma La Guardia Gluck washo la mazwi encwadini yakhe ethi My Story: “Kwenzeka ngesinye isikhathi amaphoyisa eGestapo amemezela ukuthi noma imuphi uMfundi WeBhayibheli olahla izinkolelo zakhe, asayine isitatimende esasisho kanjalo, wayezokhululwa angabe esashushiswa.” Ngokuqondene nalabo abenqaba ukusayina leso sitatimende, uthi: “Bancamela ukuqhubeka behlushwa, balulinde ngesineke usuku lokukhululwa.” Kungani bakhetha ukwenza lokhu? Njengoba manje eseseminyakeni yawo-80, uMagdalena, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwesihloko esandulele, uyachaza: “Ukuhlala sithembekile kuJehova kwakubaluleke ngaphezu kokwenza noma yini engasindisa ukuphila kwethu. Ukulondoloza isithunzi sethu kwakusho ukulondoloza ubuqotho bethu.” *

[Umbhalo waphansi]

^ par. 23 Ukuze uthole endaba eningiliziwe ngomkhaya wakwaKusserow, bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1985, amakhasi 10-15.

[Isithombe ekhasini 5]

UJesu wayebabonisa inhlonipho abantu ayebaphulukisa

[Isithombe ekhasini 7]

OFakazi BakaJehova babonisa ukuthi bayabahlonipha abanye njengabantu ngokubazisa “izindaba ezinhle zokuthile okungcono”