Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ekugcineni, Umkhaya Wethu Usumunye!

Ekugcineni, Umkhaya Wethu Usumunye!

Indaba Yokuphila

Ekugcineni, Umkhaya Wethu Usumunye!

ILANDISWA USUMIKO HIRANO

Ngase ngithole ukuphila okungcono kakhulu, futhi ngangifuna nomyeni wami akuthole. Kwathatha iminyaka engu-42 ukuba lokho kwenzeke.

MINA nomyeni wami sashada ngo-1951 ngineminyaka engu-21 ubudala. Phakathi neminyaka emine, sathola amadodana amabili, futhi ukuphila kwami kwakuhamba kahle ngazo zonke izindlela.

Langa limbe ngo-1957, udadewethu omdala wangitshela ukuthi kunesithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova esimvakashelayo. Nakuba ayengumBuddha, waqala ukutadisha iBhayibheli nalesi sithunywa sevangeli futhi wangikhuthaza ukuba nami ngitadishe iBhayibheli. Ngavuma. Ngangisonta esontweni lamaProthestani, futhi ngangicabanga ukuthi ngokufunda noFakazi BakaJehova ngangizokwazi ukubona amaphutha abo.

Kungakabiphi kwahlaluka ukuthi angilazi iBhayibheli. Kwadingeka ngibuze isithunywa sevangeli, “Ungubani uJehova?” Ngangingakaze ngilizwe lelo gama esontweni lami. Lesi sithunywa sevangeli, uDaphne Cooke (kamuva owaba owakwaPettitt), sathi mangifunde u-Isaya 42:8, osho ngokucacile ukuthi uJehova igama likaNkulunkulu uMninimandla onke. UDaphne wayiphendula yonke imibuzo yami esebenzisa iBhayibheli.

Ngabuza umfundisi wami imibuzo engangiyibuze uDaphne. Wathi: “Kuyisono ukubuza imibuzo. Mane ukholelwe lokho okutshelwayo.” Nakuba ngangingakholelwa ukuthi kuyisono ukubuza imibuzo, ezinyangeni eziyisithupha ezalandela ngaqhubeka ngiya esontweni njalo ngeSonto ekuseni, ntambama ngiye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova.

Indlela Ukufunda Okwawuthinta Ngayo Umshado Wami

Engangikufunda eBhayibhelini kwakungijabulisa futhi ngangikuxoxela umyeni wami, uKazuhiko. Ngemva kwesifundo nomhlangano ngamunye, ngangimxoxela ukuthi ngifundeni. Kodwa lokho kwabangela ukuqhelelana phakathi kwami naye. Wayengafuni ngibe omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ukufunda iBhayibheli kwakunganelisa kakhulu kangangokuthi ngaqhubeka nokufunda nokuhlanganyela noFakazi.

Ngaphambi kokuya emihlanganweni kusihlwa, ngangihamba ngimphekele ukudla akuthandayo, kodwa waqala ukuhamba ayodla ngaphandle. Kwakuthi uma ngibuya emihlanganweni ngimthole ecasukile engafuni nokukhuluma. Wayeba ngcono ngemva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu, kodwa kube sekuyisikhathi sokuya emihlanganweni futhi.

Phakathi nalesi sikhathi ngagula ngaphathwa isifo sofuba (i-TB), isifo esase sibulale abaningana emndenini womyeni wami. UKazuhiko wakhathazeka kakhulu wangitshela ukuthi lapho sengingcono ngingenza noma yini engiyithandayo. Ukuphela kwesicelo engaba naso ukuthi angangithukutheleli uma ngiya emihlanganweni yamasonto onke. Wavuma.

Kwathatha izinyanga eziyisithupha ukuba ngilulame, futhi phakathi naleso sikhathi ngangilitadishisisa iBhayibheli. Ngangicinga izinto ezingamaphutha ezimfundisweni zoFakazi, ngizitshela ukuthi uma ngingalithola elilodwa nje, ngizoshiya phansi. Angitholanga nelilodwa. Kunalokho, amaphutha eSonto LamaProthestani avele aba sobala. Ngafunda ngothando nangobulungisa bukaJehova futhi ngabona izinzuzo zokuphila ngokuvumelana nemithetho yakhe.

Ngemva kokululama, umyeni wami wasigcina isithembiso sakhe futhi akabange esamelana nokuya kwami emihlanganweni. Ngaqhubeka ngikhula ngokomoya, futhi ngo-May 1958, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngangingeve ngifisa ukuba umkhaya wami ukhulekele uNkulunkulu weqiniso kanye nami.

Ukusiza Izingane Zami Ngokomoya

Amadodana ami ayeba nami emihlanganweni nasemsebenzini wokushumayela, futhi kwenzeka izinto ezithile ezenza ngabona ukuthi ayekhula olwazini lweBhayibheli. Ngolunye usuku, uMasahiko, indodana yami eneminyaka eyisithupha, wayezidlalela ngaphandle. Ngezwa umsindo omkhulu ngezwa nomuntu ekhala ubumayemaye. Umakhelwane wagulukudela endlini ememeza ethi indodana yami ishayiswe imoto. Kazi usaphila yini? Ngaqunga isibindi ngaya ngaphandle. Kwabanda amathumbu lapho ngibona ibhayisikili lakhe lipoqoke liphelile, kodwa ngabe sengimbona eza nganeno, elimele kancane nje. Wangibamba wathi: “Ma, ngisizwe uJehova angithi?” Ukumbona ephila nokumuzwa esho lawo mazwi amnandi kwangikhalisa.

Ngelinye ilanga sisenkonzweni, sahlangana nekhehla elithile elangikhahla lathi: “Yini lena oyenzayo wehla wenyuka nengane? Ngaze ngayizwela.” Ngisathi ngiyaliphendula, uTomoyoshi owayeneminyaka engu-8 wathi: “Mkhulu, umama akangiphoqi ukuba ngishumayele. Ngishumayela ngoba ngifuna ukukhonza uJehova.” Inkukhu yavele yanqunywa umlomo kuleli khehla.

Amadodana ami ayengenayise ngomqondo ongokomoya. Yimina okwakufanele ngiwafundise amaqiniso eBhayibheli, nakuba nami kwakusekuningi okwakufanele ngikufunde. Ngakha kimina uthando, ukholo nentshiseko futhi ngazama ukuba isibonelo esihle. Njalo ngangithandaza ngibonge uJehova phambi kwawo. Ngangiwaxoxela ngezinto ezenzeke emsebenzini wokushumayela. Lokho kwawakhuthaza. Lapho kamuva ebuzwa isizathu esénza aba amaphayona, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova, aphendula: “Sasibona ukuthi umama wayejabula njengoba ayekhonza njengephayona, futhi nathi sasifuna ukujabula.”

Ngangiqikelela ukuthi angikhulumi kabi ngoyise noma nganoma ubani ebandleni. Ngabona ukuthi ukukhuluma izinto ezingakhi kungazilimaza izingane zami. Zazingase ziphelelwe inhlonipho ngalona okukhulunywa kabi ngaye, zibuye zingamhloniphi nalona okhulumayo.

Ukunqoba Izithiyo Ezazingivimbela Ukuba Ngithuthuke

Ngo-1963, sathuthela eTaiwan ngenxa yomsebenzi womyeni wami. Wangitshela ukuthi uma ngingashumayeza umphakathi walapho wamaJapane, ngangizozibangela amazinyo abushelelezi. Sasingabuyiselwa eJapane futhi lokho kwakungamfaka enkingeni emsebenzini. Wayefuna sihlukane noFakazi.

ETaiwan yonke imihlangano yayiqhutshwa ngesiShayina, futhi oFakazi basamukela ngezandla ezifudumele. Nganquma ukufunda isiShayina ukuze ngikwazi ukushumayeza abantu bendawo kunokushumayeza amaJapane. Ngaleyo ndlela, ngagwema izinkinga ezashiwo umyeni wami.

Ubungane bethu noFakazi baseTaiwan basiqinisa. Omunye umbhangqwana oyizithunywa zevangeli, uHarvey noKathy Logan, wasisiza kakhulu. UMfoweth’ uLogan waba ubaba ongokomoya wabafana bami. Wababonisa ukuthi ukukhonza uJehova akusho ukuphila ukuphila okungajabulisi. Ngikholelwa ukuthi amadodana ami enza isinqumo sokukhonza uJehova ngesikhathi sihlala eTaiwan.

UTomoyoshi noMasahiko babefunda ezikoleni zamaMelika, futhi bafunda isiNgisi nesiShayina. Leyo mfundo yabahlomisela ukuba babe izikhonzi zikaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Angive ngimbonga uJehova ngokwenza isikhathi esasingase sibe nzima kakhulu kithi sibe nezibusiso ezingapheli. Sabuyela eJapane ngemva kokuchitha iminyaka emithathu nengxenye ejabulisayo eTaiwan.

Abafana bethu base bevile eshumini nambili futhi sekukhona nokufuna ukuzimela. Ngangichitha amahora ngamahora ngibonisana nabo ngezimiso zemiBhalo, futhi uJehova wabasiza phakathi naleso sikhathi esinzima. UTomoyoshi waphayona lapho eqeda isikole. Wakwazi ukusiza abantu abane bazinikezela futhi babhapathizwa phakathi neminyaka yokuqala embalwa ephayona. UMasahiko walandela isibonelo somfowabo, waqala ukuphayona ngemva nje kokuqeda isikole. Wasiza abasha abane ukuba babe oFakazi eminyakeni yakhe emine yokuqala ephayona.

UJehova wabe esebabusisa nakakhulu. UTomoyoshi wafundela umyeni wowesifazane engangimsize ukuba afunde amaqiniso eBhayibheli. Amadodakazi abo amabili nawo aba oFakazi. Kamuva, uTomoyoshi washada indodakazi endala, uNobuko, futhi uMasahiko washada encane, uMasako. UTomoyoshi noNobuko manje bakhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. UMasahiko noMasako bayizithunywa zevangeli eParaguay.

Kancane Kancane Umyeni Wami Uyashintsha

Umyeni wami wayebonakala engenandaba nenkolo yethu ngaleyo minyaka, kodwa sabona izimpawu ezazibonisa ukuthi uyashintsha. Lapho abantu bengiphikisa, wayezilwela izinkolelo zami futhi empeleni asekele amaqiniso eBhayibheli enganakile. Wayesiza oFakazi ababehlupheka. Lapho sekuyisikhathi sokuba akhulume emshadweni wenye yamadodana ethu, wathi: “Awukho umsebenzi omuhle nonzima njengokufundisa abantu indlela efanele yokuphila. Amadodana ami namakhosikazi awo baye bakhetha le ndlela enzima kakhulu ukuba kube yiwona msebenzi wabo. Ngicela nibasize.” Konke lokhu kwakungenza ngicabange ukuthi nakanjani uyogcina ekhonza uJehova.

Ngangihlela ukuba sichithe isikhathi nabanye oFakazi emzini wethu. Ngangimmemela emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emikhulu naseSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Uma umsebenzi wakhe umvumela, wayeza, nakuba ayeba mathintanyawo. Kaningi ngangicabanga ukuthi uzokwamukela isifundo seBhayibheli, ngakho ngicele umdala ongumKristu ukuba eze ekhaya, kodwa asenqabe. Ngangizibuza ukuthi konakelephi.

Ngakhumbula amazwi omphostoli uPetru: “Bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:1, 2) Ngaqaphela ukuthi ngangingakwenzi njalo okushiwo yilesi seluleko. Ukuze ngikwenze ngokugcwele, kwakudingeka ngithuthukise ingokomoya lami.

Ngo-1970, ngaqala ukuphayona nginomgomo wokuba umuntu ongokomoya ngokwengeziwe. Kwadlula iminyaka eyishumi, kwadlula engu-20, lutho ushintsho kumyeni wami. Omunye engangimfundela iBhayibheli wake wathi: “Kumelwe ukuba kunzima ukusiza abanye abantu uma ungakwazi nokusiza owakho umyeni.” Lokho kwangidumaza, kodwa angizange ngiphele ithemba.

Ngasekupheleni kwawo-1980, abazali bethu base beguge kakhulu. Ukubanakekela nokwenza eminye imisebenzi yami kwakungiqeda amandla futhi kwakucindezela. Kwase kuyiminyaka bephikisa ukholo lwami kuJehova, kodwa ngazama ukubabonisa ukuthi ngiyabathanda. Ngaphambi nje kokuba ashone, umama wami owayeneminyaka engu-96 ubudala wathi kimi, “Sumiko, uma ngizovuswa, ngizojoyina inkolo yakho.” Ngabona ukuthi imizamo yami ayihambanga nomoya.

Umyeni wami wayekubona konke engangikwenzela abazali bethu. Ukuze abonise ukuthi uyakwazisa, waqala ukuya emihlanganweni njalo. Wakwenza lokhu iminyaka, kodwa akazange athuthuke ngempela ngokomoya. Ngaqhubeka ngizama ukumjabulisa. Ngangimema abangane bakhe ngisho nabantu bakwamanye amazwe asebenza nabo bazodla nathi ekhaya. Ngangichitha isikhathi ngizijabulisa naye. Lapho kuncishiswa amahora adingeka kumaphayona avamile eba ngu-70 ngenyanga, ngasichitha naye leso sikhathi esengeziwe engase nginaso.

Umhlalaphansi Uletha Izinguquko

Umyeni wami wathatha umhlalaphansi ngo-1993. Ngacabanga ukuthi cishe manje usezoba nesikhathi sokutadisha iBhayibheli. Kodwa wangitshela ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ngoba nje usunesikhathi esengeziwe kuwukuhlambalaza. Kunalokho, wathi uzokhonza uNkulunkulu uma inhliziyo yakhe isimshukumisela ukuba amkhonze, wathi ngingamfundekeli.

Ngolunye usuku uKazuhiko wangicela ukuba ngichithe konke ukuphila kwami ngiphilela yena. Sangilimaza leso sicelo sakhe ngoba selokhu sashada ngangimenzela konke engangingakwenza. Ngangizame ngawo wonke amandla ukumjabulisa, kodwa wayenomuzwa wokuthi ngangiphilela uJehova kakhulu kunaye. Ngemva kokucabanga ngakho isikhashana, ngamtshela ukuthi yilokho kuphela engangingamenzela khona. Kodwa uma ayengangijoyina enze lokho engikwenzayo sasingaqala ukuphila okusha nokumnandi ndawonye, hhayi iminyakana nje, kodwa phakade. Kwadlula izinsuku engangiphenduli. Ekugcineni wangibuza, “Ungakwazi yini ukungifundela?” Njalo uma ngicabanga lawo mazwi, inhliziyo yami ishaya ngamandla.

Ekuqaleni ngahlela ukuba afundelwe umdala, kodwa wathi kimi, “Angifuni ukufundelwa omunye umuntu, ngifuna ukufundelwa nguwe.” Ngakho ngaqala ukufunda naye iBhayibheli nsuku zonke. Njengoba ngisebandleni lesiShayina futhi umyeni wami elukhuluma kahle lolo limi, safunda ngaso. Safunda lonke iBhayibheli ndawonye isikhathi esingaphansi konyaka.

Phakathi nalesi sikhathi, umdala othile ebandleni lesiShayina, kanye nomkakhe, basondelana nathi. Nakuba bebancane kunezingane zethu, baba abangane bethu beqiniso. Nabanye oFakazi abaningi basondelana nomyeni wami. Babesimema emizini yabo baxoxe noKazuhiko njengokungathi unguyise. Kwakumjabulisa kakhulu lokho.

Ngolunye usuku sathola isimemo somshado esivela ebandleni, ngaphandle kubhalwe igama lomyeni wami. Lokho kuboniswa ukuthi bayamhlonipha njengenhloko kwamthinta kakhulu futhi wanquma ukuya. Ngokushesha waqala ukukhululeka lapho enoFakazi futhi waqala ukutadisha iBhayibheli nomdala othile. Isifundo sakhe seBhayibheli, ukuya emihlanganweni nokuthanda ibandla kwamsiza ukuba athuthuke kahle ngokomoya.

Umkhaya Onobunye Ekugcineni

Ngo-December 2000, umyeni wami wabhapathizwa ebonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova. Amadodana ethu nomkawo beza besuka kude bezobona lesi “simangaliso.” Kwathatha iminyaka engu-42 ukuba umkhaya wethu ube munye.

Manje njalo ekuseni sixoxa ngomBhalo wosuku sifunde neBhayibheli ndawonye. Nsuku zonke sixoxa ngezinto ezingokomoya futhi siye ensimini nasemihlanganweni. Manje umyeni wami uyinceku ekhonzayo ebandleni, futhi muva nje unikeze inkulumo yeningi yeBhayibheli ngesiShayina. Ngibonga uJehova ngokusenza sibe munye. Ngibheke phambili ekuphakamiseni igama nobukhosi bukaJehova phakade ngikanye nabantu engibathandayo.

[Ibalazwe ekhasini 13]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ICHINA

IDEMOCRATIC PEOPLE’S REPUBLIC OF KOREA

IREPUBLIC OF KOREA

ULwandle LwaseJapane

IJAPANE

ITokyo

ULwandle OluseMpumalanga yeChina

ITAIWAN

ITaipei

[Isithombe ekhasini 12]

Nginomkhaya wami ngo-1958, unyaka engabhapathizwa ngawo

[Izithombe ekhasini 13]

Saqiniswa ngokomoya abangane abafana noHarvey noKathy Logan ngesikhathi sithuthela eTaipei sisuka eTokyo

[Isithombe ekhasini 15]

Namuhla sonke simunye ekukhulekeleni kweqiniso