Ihembe Loboya Nengokomoya
Ihembe Loboya Nengokomoya
INKOSI yaseFrance uLouis IX yayiligqoka. Lapho eseyinsizwa efundela ezomthetho, uSir Thomas More wayesebenzisa leli hembe ukuze azigcine engalele amahora angu-19 noma angu-20 ngosuku izinyanga ngezinyanga. Kuthiwa uMore waligqoka cishe konke ukuphila kwakhe. Futhi lapho uThomas Becket, uMbhishobhi Omkhulu WaseCanterbury, ebulawa eSontweni LaseCanterbury, kwatholakala eligqokile ngaphansi kwezingubo zakhe. Yini efanayo eyayenziwa yilaba bantu bakudala? Babezizwisa ubuhlungu ngaleli hembe loboya.
Ihembe loboya laliyisembatho esimaholo soboya bembuzi esasigqokwa ngaphansi ukuze sikhuhle inyama, uzwe ubuhlungu obukhulu. Kalula nje lesi sembatho sasiba nayikhaya lezintwala. Kuthiwa uThomas Becket wagqoka ihembe lakhe loboya nembilijisi, “laze lagcwala izintwala.” Ngemva kwekhulu leminyaka le-16, kwakubuye kusetshenziswe ucingo oluncane oluhlabayo esikhundleni soboya bembuzi. Ukulenza ngocingo kwakwenza umuntu oligqokile ezwe ubuhlungu nakakhulu.
Ngokusho kwenye incwadi, injongo yehembe loboya, njengezinye izinto zokuzizwisa ubuhlungu, “kwakuwukulawula inyama enezifiso zesono, ngaleyo ndlela umuntu abe nesimo sengqondo nokuphila okujabulisa uNkulunkulu.” Lesi sembatho sasingagqokwa abantu abazincishayo kuphela; sasigqokwa nangabantu abavamile nje, kuhlanganise nezikhulu zikahulumeni. Nanamuhla ezinye izinkolo zisanamathele kulo mkhuba.
Ingabe ukugqoka ihembe loboya noma ukuzizwisa ubuhlungu nokuzincisha ngandlela-thile kwenza umuntu abe umuntu ongokomoya? Cha, ingokomoya alixhomekile emikhubeni enjalo. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wakulahla “ukuphatha kabi umzimba.” (Kolose 2:23) * Umuntu uba umuntu ongokomoya lapho efuna ulwazi ngoNkulunkulu ngokutadisha iZwi lakhe ngenkuthalo nangokusebenzisa lolo lwazi ekuphileni kwakhe.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 5 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka i-Phaphama! ka-October 8, 1997, “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Ukuphila Ngokuzila Kuyisihluthulelo Sokuzuza Ukuhlakanipha?”
[Imithombo Yezithombe ekhasini 32]
King Louis IX, top: From the book Great Men and Famous Women; Thomas Becket, center: From the book Ridpath’s History of the World (Vol. IV); Thomas More, bottom: From the book Heroes of the Reformation, 1904