Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Sazi kanjani ukuthi incazelo yokuhlakanipha kuzAga 8:22-31 ibhekisele kuJesu Kristu ngaphambi kokuba abe umuntu?

Incazelo ephefumulelwe yokuhlakanipha esencwadini yezAga ifundeka kanje: “UJehova wangenza ngingukuqala kwendlela yakhe, owokuqala kuyo yonke imisebenzi yakhe yakudala. . . . Zingakazinziswa izintaba, ngaphambi kwamagquma, ngazalwa njengokungathi ngemihelo . . . Lapho elungiselela amazulu ngangikhona; . . . khona-ke ngangiseceleni kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti, futhi wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi, . . . futhi izinto engangizithanda ezaziphathelene namadodana abantu.”

Akunakwenzeka ukuthi la mavesi akhuluma nje ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu noma ukuhlakanipha okuwukukhalipha kwengqondo. Ngani? Ngoba ukuhlakanipha okuchazwe lapha ‘kwenziwa,’ noma kwadalwa, kungukuqala kwendlela kaJehova. Selokhu kwathi nhlo uJehova uNkulunkulu ubelokhu ekhona futhi ehlakaniphile. (IHubo 90:1, 2) Ukuhlakanipha kwakhe akunasiqalo; akuzange kudalwe noma kwenziwe. Akuzange ‘kuzalwe njengokungathi ngemihelo.’ Ngaphezu kwalokho, kuthiwa lokhu kuhlakanipha kuyakhuluma futhi kuyenza, okubonisa ukuthi kuwumuntu.—IzAga 8:1.

Incwadi yezAga ithi endulo ukuhlakanipha kwakuseceleni kukaJehova, uMdali, ‘njengesisebenzi esiyingcweti.’ Ngokuqinisekile lokhu kubhekisela kuJesu. Kudala engakezi emhlabeni, uJesu wasebenza eduze kakhulu noJehova, futhi iZwi likaNkulunkulu lize lithi: “[INdodana kaNkulunkulu] ingaphambi kwazo zonke ezinye izinto futhi zonke ezinye izinto zenziwa zaba khona ngayo.”—Kolose 1:17; IsAmbulo 3:14.

Kuyafaneleka ukusebenzisa ukuhlakanipha ukuba kumelele iNdodana kaNkulunkulu ngoba yiyona eyembula izinjongo nemiyalo kaJehova ehlakaniphile. Engakabi umuntu, uJesu wayenguLizwi, noma uMkhulumeli kaNkulunkulu. (Johane 1:1) Uchazwa ngokuthi ‘ungamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 1:24, 30) Yeka indlela echazwe kahle ngayo iNdodana kaNkulunkulu, eyashukunyiswa uthando eyayinalo ngesintu ukuba inikele ngokuphila kwayo kube yisihlengo!—Johane 3:16.

[Isithombe ekhasini 31]

“Zingakazinziswa izintaba . . . ngazalwa”