Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngeke Usiqongelele, Ngakho Sisebenzise Kahle

Ngeke Usiqongelele, Ngakho Sisebenzise Kahle

Ngeke Usiqongelele, Ngakho Sisebenzise Kahle

ISIKHATHI yimali. Isho kanjalo inkulumo evamile. Eqinisweni, isikhathi sihluke kakhulu emalini noma kwezinye izinto ezibonakalayo. Awunakusiqongelelela isikhathi esizayo ngendlela ongenza ngayo ngemali, ukudla, okokubasa, noma ezinye izinto eziningi. Kuwukudlala ukuzama ukuqongelela isikhathi ngokungasisebenzisi. Kwenzekani uma ulala amahora angu-8 bese uzama ukonga usuku lonke ngokungenzi lutho? Ekupheleni kosuku, lawo mahora angasetshenziswanga asuke esehambe unomphela.

Isikhathi singase sifaniswe nomfula omkhulu ogeleza ngejubane elikhulu. Ugeleza ugelezile. Awunakuwumisa futhi awunakuwasebenzisa wonke amanzi awo agelezayo. Emakhulwini eminyaka adlule, abantu baqala ukwakha amasondo okuphehla amandla ngamanzi osebeni lwemifula. Ngosizo lwala masondo babekwazi ukuthola amandla amanzi agelezayo ukuze basebenzise izimbokodo zabo, imishini yokusaha izingodo, amaphampu nezikhandelo. Ngokufanayo, isikhathi ungasisebenzisela ukufeza umsebenzi othile, kodwa ngeke usiqongelele. Nokho, ukuze ukwazi ukukwenza lokho kufanele ulwisane nezinto ezimbili ezidla isikhathi—umkhuba wokuhlehlisa izinto nokugcina amafuhlufuhlu. Ake sikhulume ngendaba yokuhlehlisa izinto.

Gwema Ukuhlehlisa Izinto

Kunesisho esithi, Ungayihlehliseli olwakusasa into ongayenza namuhla. Nokho, kukhona abantu abakhetha ngisho nokuyihlehlisela isonto elizayo into ababengayenza namuhla. Lapho bebhekwe umsebenzi othile onzinyana bavele bawuhlehlise bathi bazowenza ngesinye isikhathi. Ukuhlehlisa kusho ukungenzi into ethile ngamabomu noma ngenxa yesejwayezi; ukuzindela ngamabomu ukwenza okuthile okufanele kwenziwe. Ukuhlehlisa izinto kugcina sekumngene egazini umuntu owuthandayo lo mkhuba. Uma ezizwa ecindezeleka, uthola impumuzo ngokuhlehlisa umsebenzi okufanele awenze abese ejabulela leyo “nkululeko” entsha—kuze kube yilapho lowo msebenzi uphinda umbheka emehlweni.

Ngezinye izikhathi isimo sethu esingokomzimba noma ngokomzwelo singase sidinge ukuba sihlehlise umsebenzi othile, noma siwuhlehlise wonke. Kanti-ke nje sonke siyakudinga ukuphumula ezintweni esizenza nsuku zonke. NeNdodana kaNkulunkulu yayiphumula. UJesu wayehlala ematasa enkonzweni yakhe, kodwa yena nabafundi bakhe babezinika isikhathi sokuphumula. (Marku 6:31, 32) Lolu hlobo lwekhefu luhle. Ukuhlehlisa izinto kuhlukile; ngokuvamile kuyalimaza. Cabanga ngalesi sibonelo.

Nangu umfundi wesikole osalelwe amasonto amathathu ukufundela isivivinyo sezibalo. Kunendathane yezincwadi okufanele azifunde. Uzizwa ecindezeleka. Kuthi akawuhlehlise lo msebenzi abuye awubone ngesinye isikhathi, futhi nempela wenza kanjalo. Kunokuba ahlale phansi atadishe, ubukela ithelevishini. Ukuhlehlisa ekuhlehlisile okufanele akwenze ukuze aphumelele kulesi sivivinyo. Sekuthi ngobusuku bangaphambi kosuku lwesivivinyo aqale enze wonke lo msebenzi ngomzuzu wokugcina. Uhlala edeskini lakhe aqale ukutadisha.

Isikhathi siyahamba. Njengoba abanye ekhaya belele, yena uzama ukufaka engqondweni zonke izindlela nemithetho yokubala. Ngakusasa esikoleni, kuba umqansa ukuphendula imibuzo ngoba ingqondo ikhathele. Uthola amamaki aphansi futhi akaphumeleli. Kufanele aphinde atadishe, futhi kungenzeka angathuthukeli ebangeni elilandelayo.

Ukuhlehlisa izinto kumlimaze kakhulu lo mfundi. Kodwa kunesimiso seBhayibheli esingasiza abantu bagweme isimo esifana nesalo mfundi. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba.” (Efesu 5:15, 16) UPawulu wayenxusa amaKristu ukuba asisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sawo ukuze anake izinto ezingokomoya, kodwa lesi simiso singaba usizo nasezicini eziningi zokuphila ezibalulekile. Ngenxa yokuthi ngokuvamile siyakwazi ukunquma ukuthi into ethile sizoyenza nini, siyothola imiphumela emihle futhi siyokwazi ukuyiqeda ngokushesha leyo nto ngokukhetha ukuyiqala lapho isikhathi sivuma kahle. Lokho kusho ukuthi umuntu ‘ungohlakaniphileyo,’ njengoba umBhalo ubonisa.

Bekuyisiphi isikhathi esikahle sokuba loya mfundi atadishele isivivinyo sezibalo? Mhlawumbe njalo kusihlwa ubengasebenzisa imizuzu engaba ngu-15, atadishe kancane kancane. Ukube ubenze kanjalo, bekungeke kudingeke afunde izinto eziningi ngayizolo, ngesikhathi engabe ubelele ngaso. Ngakusasa, ubezozizwa eqabulekile futhi ekulungele kahle ukubhala futhi ubezothola amamaki amahle.

Ngakho lapho unikezwa umsebenzi, thola ukuthi isiphi isikhathi esikahle sokuwenza bese uyawenza. Ngaleyo ndlela uyogwema ugibe lokuhlehlisa izinto nemiphumela yako. Futhi uyothola ukwaneliseka ngomsebenzi owenze kahle. Lokhu kubaluleke ngokukhethekile uma umsebenzi uzothinta nabanye abantu, njengezabelo ebandleni lobuKristu.

Qeda Amafuhlufuhlu

Njengoba kushiwo ngaphambili, isici sesibili endabeni yokusebenzisa kahle isikhathi sethu esiyigugu ukugwema ukuba namafuhlufuhlu. Siyazi ukuthi kuthatha isikhathi ukulungisa izinto, ukuzihlela kahle, ukuzisebenzisa, ukuzihlanza, ukuzibeka endaweni yazo nokuzifuna. Lapho izinto ziziningi, siba siningi nesikhathi esidingekayo ukuze uzinakekele. Ukusebenza ekamelweni noma endlini egcwele amafuhlufuhlu kudla isikhathi esengeziwe futhi kuyakhungathekisa kunokusebenza endaweni eshaya umoya nengagcwele. Ngaphezu kwalokho, uma izinto ziqhubeka zinqwabelana, kuba umzukuzuku ukuthola into oyifunayo.

Izazi zokugcinwa kwamakhaya zithi cishe ingxenye yesikhathi abantu abayichitha behlanza ilahleka “beqoqa futhi besusa amafuhlufuhlu nodoti.” Cishe isimo siba njalo nakwezinye izici zokuphila. Ngakho uma ufisa ukusisebenzisa kangcono isikhathi sakho, bhekisisa kahle ukuthi kunjani lapho uhlala khona. Ingabe amafuhlufuhlu asegcwele kangangokuthi sekuminyene, futhi okubi nakakhulu, asekuchithela isikhathi? Uma kunjalo, waqede lawo mafuhlufuhlu.

Kungase kungabi lula ukuhlukana nezinto ezithile. Kungase kube buhlungu ukulahla izinto esizithandayo kodwa empeleni esingazidingi—kungacishe kufane nokulahlekelwa umngane. Ngakho unganquma kanjani ukuthi into ethile uyayigcina noma uyayilahla? Abanye basebenzisa umthetho wonyaka owodwa. Uma ungazange uyisebenzise into ethile kwaze kwaphela unyaka, yilahle. Wenzenjani uma usanqikaza ukuyilahla nangemva konyaka? Yibeke endaweni yokugcina izinto izinyanga eziyisithupha ezengeziwe. Uma uphinde uyibheka bese ubona ukuthi sekudlule unyaka nengxenye futhi awukaze uyisebenzise, kungase kube lula ukuhlukana nayo. Kunoma ikuphi, umgomo kufanele kube ukunciphisa amafuhlufuhlu—futhi usebenzise isikhathi sakho kangcono.

Yebo, amafuhlufuhlu awabi sekhaya kuphela noma emsebenzini. UJesu wakhuluma ‘ngezinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa,’ ‘okungaminyanisa izwi’ likaNkulunkulu kwenze umuntu “angatheli” ngokuqondene nezindaba ezinhle. (Mathewu 13:22) Ukuphila komuntu kungaminyana kakhulu kuze kube nzima ukuthola isikhathi sokwenza izinto ezingokomoya ezibaluleke kakhulu kanye nokulinganisela. Umphumela ungaba ukulimala ngokomoya futhi ekugcineni alahlekelwe ilungelo lokungena ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu lapho siyoba naso sonke isikhathi sokwenza izinto ezisinika ukwaneliseka nenjabulo yangempela.—Isaya 65:17-24; 2 Petru 3:13.

Ingabe njalo uzithola uzama ukumpintsha izinto onomuzwa wokuthi kumelwe uzenze ngesikhathi onaso—kungakhathaliseki ukuthi yizinto ezihlobene nomsebenzi, ikhaya, imoto, imisetshenzana yokuziqabula, ukuvakasha, ukuzivivinya umzimba, imicimbi noma ezinye izinto eziningi ozithandayo? Uma kunjalo, mhlawumbe manje yisikhathi sokuthola indlela ongazinciphisa ngayo lezo zinto, ukuze ube nesikhathi sezinto ezingokomoya.

Esinye isisho esaziwayo sithi, Isikhathi asilindi muntu. Yebo, isikhathi sihamba sihambile njengomfula. Asinakuhlehliswa noma siqongelelwe; uma silahlekile silahlekile. Nokho, ngokulandela izimiso ezilula zeBhayibheli nokuthatha izinyathelo ezimbalwa ezisebenzayo, singakwazi ukuba nesikhathi sokwenza ‘izinto ezibaluleke kakhulu’ ukuze sizuze phakade “kube udumo nenkazimulo kuNkulunkulu.”—Filipi 1:10, 11.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Njengomfula ogeleza ngejubane elikhulu, isikhathi singasetshenziselwa izinto ezinhle

[Isithombe ekhasini 9]

Isiphi isikhathi esikahle sokuba atadishele isivivinyo sakhe?

[Isithombe ekhasini 10]

Ukusebenza endaweni egcwele amafuhlufuhlu kudla isikhathi futhi kuyakhungathekisa