Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlonishwa Njengomuntu—Ilungelo Elivame Ukunyathelwa Phansi

Ukuhlonishwa Njengomuntu—Ilungelo Elivame Ukunyathelwa Phansi

Ukuhlonishwa NjengomuntuIlungelo Elivame Ukunyathelwa Phansi

“Konke ukuphila kwasekamu kwakwehlisa isithunzi futhi kululaza.”—UMAGDALENA KUSSEROW REUTER, OWAYESEKAMU LOKUHLUSHWA LAMANAZI.

IZENZO zonya zasemakamu okuhlushwa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II zazizimbi kakhulu. Nokho, ukungahlonishwa kwabantu kwakungaqali futhi namanje kusekhona. Kungakhathaliseki ukuthi sihlola izinto ezénzeka kudala noma ezenzeka manje, iqiniso lisobala: Baningi abantu abaye ‘behliswa isithunzi futhi balulazwa.’

Nokho, ukungahlonishwa kwabantu akugcini kuphela ngezenzo zobulwane eziye zenziwa emlandweni wabantu. Kuyenzeka kakhulu nangezinye izindlela ezicashile. Cabanga ngengane egconwa igconiwe ngenxa yesici esithile enaso emzimbeni. Noma cabanga ngesifiki esidelelwayo ngenxa yamasiko aso “angajwayelekile.” Cabanga ngomuntu ocwaswa ngenxa yebala lakhe lesikhumba noma ubuzwe. Lezi zinto zingase zibe yihlaya nje kwabazenzayo, kodwa ubuhlungu nokululazeka okuzwiwa yilabo bantu abalulazwayo akuhlekisi neze.—IzAga 26:18, 19.

Okushiwo Ukuhlonishwa Njengomuntu

Isichaza-mazwi esithile sichaza igama elithi inhlonipho ngokuthi ‘imfanelo yokuba obalulekile, ophathwa kahle, noma owaziswayo.’ Ngakho, ukuhlonishwa njengomuntu kuhlanganisa indlela thina esizibheka ngayo nendlela abanye abasebenzelana ngayo nathi. Nakuba ziziningi izinto ezingathonya indlela esizizwa ngayo, indlela abanye abasibheka noma basiphathe ngayo inegalelo elikhulu endleleni esizibheka ngayo nokuthi sizibona sibaluleke yini ekuphileni kwansuku zonke.

Emphakathini ngamunye kuba khona abantu abampofu nabadinga ukuvikelwa. Nokho, lezo zimo azisho ukuthi labo bantu abakudingi ukuhlonishwa. Yisimo sengqondo nendlela abantu abenza ngayo okungabenza bazizwe bengahlonishwa. Iqiniso elibuhlungu ukuthi abantu abasezimweni ezingezinhle yibona ngokuvamile abathola leli lungelo lokuhlonishwa ngesilinganiso esincane noma abalimukwayo. Yeka indlela esivame ngayo ukuzwa izinkulumo ezinjengokuthi “abazinto zalutho,” “abahlonipheki” nezithi “abafanelwe yilutho” lapho abanye behlukumeza abantu asebekhulile, abampofu noma abagula ngengqondo noma abakhubazekile!

Kungani abantu belulazana? Kuyoke kwenzeke yini ukuba abantu bathole ilungelo eliyisisekelo lokuhlonishwa? Isihloko esilandelayo sizosinikeza impendulo eyanelisayo ephuma eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.