Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwesaba UNkulunkulu—“Kuyisiyalo Esiyisa Ekuhlakanipheni”

Ukwesaba UNkulunkulu—“Kuyisiyalo Esiyisa Ekuhlakanipheni”

Ukwesaba UNkulunkulu—“Kuyisiyalo Esiyisa Ekuhlakanipheni”

UKUHLAKANIPHA kweqiniso kwenze idili elikhulu. “Kuthumé izikhonzi zako zesifazane, ukuze kumemeze kuphezu kwezindawo eziphakeme zomzana, kuthi: ‘Noma ubani ongenalwazi, makaphambukele ngapha.’ Kunoma ubani oswele inhliziyo—kuthe: ‘Wozani, dlanini isinkwa sami nihlanganyele ekuphuzeni iwayini engilixubile. Shiyani abangenalwazi niqhubeke niphila, nihambe niqonde endleleni yokuqonda.’”—IzAga 9:1-6.

Ukuzitika etafuleni lokuhlakanipha akwenzeki kuholele emiphumeleni emibi noma elimazayo. Ukulalela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okutholakala ezageni eziphefumulelwe nokwamukela isiyalo sako kunemiphumela emihle yodwa. Kungokufanayo nangamazwi ahlakaniphile asencwadini yezAga 15:16-33. * Ukulalela iseluleko salezi zaga ezimfushane kungasisiza saneliswe okuncane esinakho, sithuthuke, futhi sijabulele ukuphila. Ukwenza kanjalo kungasisiza nokuba senze izinqumo ezihlakaniphile futhi sihlale sisendleleni eyisa ekuphileni.

Lapho Kungcono Ukuba Nokuncane

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, ithi: “Kungcono okuncane okuhambisana nokwesaba uJehova kunensada ehambisana nesiphithiphithi.” (IzAga 15:16) Kuwubuwula ukushaya uMdali indiva nokwenza ukuphishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo kube yiwona mgomo wethu ekuphileni. Ukuphila ngaleyo ndlela kuyakhathaza futhi kucindezela kakhulu. Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani ukuphaphama usugugile ubone ukuthi konke ukuphila kwakho bekuyize futhi kungenanjongo! Yebo, ukuqongelela ingcebo eningi kanye “nesiphithiphithi” kuwubuwula. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukufunda indlela yokuthola ukwaneliseka futhi uphile ngokwaneliseka! Ukwaneliseka kwangempela kutholakala ngokwesaba uJehova—ngokuba nobuhlobo naye—hhayi ngokuba nengcebo yezinto ezibonakalayo.—1 Thimothewu 6:6-8.

Ukuze agcizelele ukuthi ukuba nobuhlobo obuhle nabantu kuyigugu ukudlula ukuba nensada yezinto ezibonakalayo, uSolomoni uthi: “Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando kunenkunzi ekhuluphalisiweyo ehambisana nenzondo.” (IzAga 15:17) Yebo, kumnandi kakhulu ukuba sekhaya elinothando kunokuba nensada yezibiliboco. Ekhaya elinomzali oyedwa, imali ingase ingabi ningi. Kwamanye amazwe abantu baphila ngokudla okungatheni. Nokho, umkhaya ujabula lapho kunothando nokuzwana.

Nasemikhayeni enothando, zingase zibe khona izimo ezinzima. Omunye ekhaya angase asho noma enze into ephatha kabi omunye. Kufanele enzenjani lona ophathwe kabi? IzAga 15:18 zithi: “Umuntu ofuthelene ubhebhezela umbango, kodwa owephuza ukuthukuthela uyayiqeda ingxabano.” Impendulo emnene, hhayi egcwele intukuthelo, yenza kube nokuthula. Iseluleko salesi saga sisebenza ngendlela efanayo nakwezinye izici zokuphila, ezihlanganisa imisebenzi yebandla nenkonzo yasensimini.

Lapho ‘Indlela Yakhiwe’

Isaga esilandelayo siqokomisa umehluko phakathi komuntu ongakulaleli ukuhlakanipha nalabo abakulalelayo. Inkosi ehlakaniphile ithi: “Indlela yevila injengothango lobobe, kodwa indlela yabaqotho iyindlela eyakhiwe.”—IzAga 15:19.

Uthango lobobe lunameva. Umuntu oyivila ucabanga zonke izinhlobo zezithiyo abese ezisebenzisa njengezaba zokwehluleka kwakhe ukuqala umsebenzi othile. Ngakolunye uhlangothi, abaqotho abazikhathazi ngezithiyo ezingase zibavimbe. Bakhuthele futhi bayawenzisisa umsebenzi abawunikiwe. Ngakho bagwema izinkinga eziningi ezisameva abebengaba nazo ukube bebenganaki. Indlela yabo “yakhiwe,” okungukuthi, bayathuthuka. Abawesabi umsebenzi futhi bayajabula lapho kube nentuthuko.

Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yokuthola ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu nokuthuthukela ekuvuthweni. Lokhu kudinga umzamo. Kalula nje umuntu angabeka izaba ngemfundo engatheni anayo, ukungakwazi ukufunda kahle, noma ukukhohlwa, athi lezi yizinto ezimenza angakukhuthaleli ukutadisha iBhayibheli. Yeka indlela okuhle ngayo ukungabheki lezo zinto njengezithiyo zokuthola ulwazi! Ngisho noma sinamakhono alinganiselwe, singazikhandla sithuthukise amakhono ethu okufunda nokuqonda esikufundayo, mhlawumbe sisebenzise isichazamazwi lapho kudingeka. Ukuba nesimo sengqondo esiqondile kuyasisiza ukuba sithole ulwazi futhi sithuthuke ngokomoya.

Lapho ‘Ubaba Ejabula’

Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Yindodana ehlakaniphile eyenza uyise ajabule, kodwa umuntu oyisiphukuphuku udelela unina.” (IzAga 15:20) Abajabuli yini abazali lapho izingane zabo zenza izinto ngokuhlakanipha? Yebo, kudingeka abazali baqeqeshe futhi bayale izingane ukuze bathole imiphumela emihle kanjalo. (IzAga 22:6) Yeka indlela indodana ehlakaniphile ebajabulisa ngayo abazali bayo! Nokho, eyisiwula ibabangela usizi olungapheli.

Isebenzisa igama elithi ‘ukujabula’ komunye umongo, le nkosi ehlakaniphile ithi: “Ubuwula buyinjabulo kumuntu oswele inhliziyo, kodwa umuntu wokuqonda yilowo oqonda ngqo phambili.” (IzAga 15:21) Labo abaswele inhliziyo bajatshuliswa amahlaya nenjabulo ewubuwula engalethi kwaneliseka noma injabulo yangempela. Nokho, umuntu onokuqonda uyabubona ubulima ‘bokuthanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.’ (2 Thimothewu 3:1, 4) Ukunamathela ezimisweni zikaNkulunkulu kumsiza ukuba ahlale eqotho futhi agcine indlela yakhe iqondile.

Lapho “Kuba Khona Okufezwayo”

Ukuphila ngezimiso zikaNkulunkulu kuzuzisa nakwezinye izici zokuphila kwethu. IzAga 15:22 zithi: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.”

Inkulumo eyisifuba isho ukukhulumisana ngokukhululekile kwabantu bebodwa. Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “inkulumo eyisifuba” lihunyushwe ngokuthi ‘iqembu elisondelene’ kuyiHubo 89:7. Lokhu kusho ukuvulelana izifuba. Inkulumo eyisifuba ayikona nje ukuzixoxela, kodwa isho ukuvulelana izifuba nixoxe ngemibono nangemizwa yenu. Lapho amadoda namakhosikazi, abazali nezingane, bexoxa ngokukhululekile ngale ndlela, kuba khona ukuthula nobunye phakathi kwabo. Kodwa lapho ingekho inkulumo eyisifuba kuba khona ukukhungatheka nezinkinga emkhayeni.

Lapho senza izinqumo ezibalulekile, kuwukuhlakanipha ukulalela lesi seluleko: “Ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” Ngokwesibonelo, lapho sikhetha indlela yokwelashwa, akukhona yini ukuhlakanipha ukuthola imibono ehlukahlukene, ikakhulu uma kuhileleke izinto ezingathí sina?

Ukuba nabeluleki abaningi akuve kubalulekile endabeni yezinto ezingokomoya. Lapho abadala bexhumana baxoxisane futhi basebenzise ukuhlakanipha kwabo bebonke, “kuba khona okufezwayo.” Ngaphezu kwalokho, ababonisi abasanda kumiswa akufanele banqikaze ukucela iseluleko kubadala abadala nabanokuhlangenwe nakho okwengeziwe, ikakhulukazi uma indaba okubhekenwe nayo inzima.

Lapho ‘Impendulo Ijabulisa’

Yini enhle ngenkulumo enokuqonda? Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Umuntu uyajabula ngempendulo yomlomo wakhe, yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!” (IzAga 15:23) Asijabuli yini lapho impendulo noma iseluleko sethu silalelwa futhi siba nemiphumela emihle? Nokho, ukuze iseluleko sethu sisebenze, kunamaphuzu amabili okufanele acatshangelwe.

Okokuqala, kufanele iseluleko sisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHubo 119:105; 2 Thimothewu 3:16, 17) Okwesibili, kumelwe sikhishwe ngesikhathi esifanele. Amazwi akhulunywe ngesikhathi esingafanele angalimaza, ngisho noma engaba yiqiniso kanjani. Ngokwesibonelo, ukululeka umuntu ungakamuzwa nokuthi uthini kuwubuwula futhi akusizi. Yeka indlela okubaluleke ngayo ‘ukushesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma’!—Jakobe 1:19.

“Indlela Yokuphila Yenyukela Phezulu”

IzAga 15:24 zithi: “Indlela yokuphila yenyukela phezulu kowenza ngokuqondisisa, ukuze agweme iShiyoli ngaphansi.” Umuntu owenza izinto ngokuqondisisa akekho endleleni eyisa eShiyoli, ithuna elivamile labantu. Uyayigwema imikhuba elimazayo efana nokuziphatha okubi ngokobulili, ukudla izidakamizwa nokudakwa—futhi ngokwenza kanjalo ugwema ukufa kungakabi isikhathi. Indlela yakhe iholela ekuphileni.

Nokho, phawula ukuthi injani indlela yalabo abantula ukuqondisisa: “Indlu yabaziphakamisile uJehova uyoyidiliza, kodwa uyowumisa umngcele womfelokazi. Amacebo omubi ayinto enengekayo kuJehova, kodwa amazwi amnandi ahlanzekile. Owenza inzuzo engalungile ulethela indlu yakhe isigcwagcwa, kodwa ozizondayo izipho [izifumbathiso] nguye oyoqhubeka ephila.”IzAga 15:25-27.

Isibonisa indlela yokugwema ugibe oluvame ukubamba abantu, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule, kodwa umlomo wababi uphuphuma izinto ezimbi.” (IzAga 15:28) Yeka indlela esiwusizo ngayo iseluleko salesi saga! Izinto ezingenangqondo neziwubuwula abantu abazikhuluma bengacabanganga kuyaqabukela zifeza okuhle. Lapho sicabangela izici ezihlukahlukene zendaba, kuhlanganise nezimo nemizwa yabanye, ngokuvamile asizisho izinto esingase sizisole kamuva ngazo.

Ngakho-ke, kuzuzisa ngani ukwesaba uNkulunkulu nokwamukela isiyalo sakhe? Indoda ehlakaniphile iyaphendula: “UJehova ukude nababi, kodwa umthandazo wabalungileyo uyawuzwa.” (IzAga 15:29) UNkulunkulu weqiniso akasondelene nababi. IBhayibheli lithi: “Osusa indlebe yakhe ekuzweni umthetho—ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo.” (IzAga 28:9) Labo abesaba uNkulunkulu, bazame ukwenza okulungile emehlweni akhe bangasondela kuye ngokukhululeka, beqiniseka ngokuphelele ukuthi uyobezwa.

‘Okwenza Inhliziyo Ijabule’

Esebenzisa isiqhathaniso esisenza sicabange, uSolomoni uthi: “Ukukhanya kwamehlo kwenza inhliziyo ijabule; umbiko omuhle ukhuluphalisa amathambo.” (IzAga 15:30) Amathambo ‘ayakhuluphala’ lapho egcwele umnkantsha. Lokhu kuvuselela wonke umzimba futhi kwenza inhliziyo ijabule. Futhi injabulo esenhliziyweni ibonakala ngokukhanya kwamehlo. Yilokho okwenziwa umbiko omuhle!

Ayisikhuthazi yini imibiko yokuchuma kokukhulekelwa kukaJehova emhlabeni wonke? Ukufunda ngakho konke okufezwa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi kuyasivuselela ngempela kusenze sihlanganyele nakakhulu enkonzweni. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Okuhlangenwe nakho kwalabo abenza uJehova abe uNkulunkulu wabo, benze nesinqumo sokumkhonza kuyasijabulisa kakhulu. Njengoba “umbiko omuhle ovela ezweni elikude” unethonya elinamandla kangako, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sibike imibiko yethu yasenkonzweni ngendlela enembile nangokwethembeka!—IzAga 25:25.

“Ukuthobeka Kwandulela Inkazimulo”

Igcizelela ukubaluleka kokwamukela isiyalo esifika ngezindlela ezihlukahlukene, inkosi ehlakaniphile ithi: “Indlebe elalela ukusolwa kokuphila ihlala phakathi kwabantu abahlakaniphile. Noma ubani oxwaya isiyalo wala owakhe umphefumulo, kodwa olalela ukusolwa uzuza inhliziyo.” (IzAga 15:31, 32) Ukusolwa, noma ukuyalwa, kungena enhliziyweni yomuntu kuyilungise, kumenze acabangisise kahle. Akumangazi ukuthi “yinduku yesiyalo”—esusa ‘ubuwula obuboshelwe enhliziyweni yomntwana’! (IzAga 22:15) Olalela isiyalo uzuza nenhliziyo, okungukuthi, uba nezisusa ezinhle. Ngakolunye uhlangothi, ukwenqaba isiyalo kusho ukwenqaba ukuphila.

Yebo, kuyazuzisa ukusamukela ngokuthobeka isiyalo esinikezwa ukuhlakanipha. Ukwenza kanjalo akugcini ngokuletha umuzwa wokwaneliseka, wokuthuthuka, wenjabulo nokufeza okuthile, kodwa kuletha nodumo nokuphila. IzAga 15:33 ziyaphetha: “Ukwesaba uJehova kuyisiyalo esiyisa ekuhlakanipheni, futhi ukuthobeka kwandulela inkazimulo.”

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yezAga 15:1-15, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 2006, amakhasi 13-16.

[Isithombe ekhasini 17]

Kumnandi kakhulu ukuba sekhaya elinothando kunokuba nensada yezibiliboco

[Isithombe ekhasini 18]

Ngisho noma sinokulinganiselwa, ukuba nesimo sengqondo esiqondile kusisisiza ukuba sithole ulwazi

[Isithombe ekhasini 19]

Inkulumo eyisifuba isho ukuvulelana izifuba nixoxe ngemibono nangemizwa yenu

[Isithombe ekhasini 20]

Uyazi yini ukuthi ‘umbiko omuhle uwakhuluphalisa kanjani amathambo’?