Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yesaba UJehova—Ujabule!

Yesaba UJehova—Ujabule!

Yesaba UJehova—Ujabule!

“Uyajabula umuntu owesaba uJehova.”—IHUBO 112:1.

1, 2. Ukwesaba uJehova kungaba namuphi umphumela?

 INJABULO ayitholakali kalula. Injabulo yangempela ixhomeke ekwenzeni izinqumo ezifanele, ekwenzeni okuhle nasekufulatheleni okubi. UMenzi wethu, uJehova, usinike iZwi lakhe, iBhayibheli, ukuze asifundise indlela engcono kakhulu yokuphila. Ngokufuna nokulandela isiqondiso sikaJehova, okuyinto ebonisa ukuthi siyamesaba, singaneliseka ngempela futhi sijabule.—IHubo 23:1; IzAga 14:26.

2 Kulesi sihloko sizocabangela izibonelo zezikhathi zeBhayibheli nezanamuhla ezibonisa indlela ukwesaba uNkulunkulu kweqiniso okumnika ngayo umuntu amandla okumelana nezingcindezi zokwenza okubi kanye nesibindi sokwenza okulungile. Sizobona ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kungasilethela injabulo ngokusishukumisela ukuba sishiye inkambo embi, njengoba kwadingeka iNkosi uDavide yenze kanjalo. Sizobona nokuthi ukwesaba uJehova kuyifa eliyigugu ngempela abazali abangalidlulisela ezinganeni zabo. Ngempela, iZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Uyajabula umuntu owesaba uJehova.”—IHubo 112:1.

Ukuthola Injabulo Ebisilahlekile

3. Yini eyasiza uDavide ukuba alulame ezonweni zakhe?

3 Njengoba kwadingidwa esihlokweni esandulele, kunezikhathi ezintathu eziphawulekayo uDavide ahluleka kuzo ukubonisa ukwesaba uNkulunkulu okufanele wabe esona. Nokho, indlela asabela ngayo lapho uJehova emyala yabonisa ukuthi empeleni wayengumuntu omesabayo uNkulunkulu. Inhlonipho yakhe ngoNkulunkulu yamshukumisela ukuba awavume amacala akhe, alungise inkambo yakhe, futhi avuselele ubuhlobo bakhe noJehova. Nakuba amaphutha akhe amlethela ukuhlupheka yena nabanye, ukuphenduka kwakhe ngobuqotho kwenza ukuba uJehova aqhubeke emsekela futhi embusisa. Ngempela, isibonelo sikaDavide singawanika isibindi amaKristu namuhla angase awele esonweni esingathí sina.

4. Ukwesaba uNkulunkulu kungamsiza kanjani umuntu ukuba aphinde athole injabulo?

4 Cabanga ngesibonelo sikaSonja. * Nakuba ayekhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, wazihlanganisa nabangane ababi, wahileleka ekuziphatheni okungamfanele umKristu, wayesesuswa ebandleni lobuKristu. Lapho esanguluka, uSonja wenza konke okwakudingeka ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, wabuyiselwa ebandleni. Kukho konke lokhu, uSonja akazange neze aphelelwe isifiso sokukhonza uJehova. Ekugcineni, waphinde wangenela inkonzo yamaphayona esikhathi esigcwele. Kamuva, washada nomKristu okahle ongumdala, futhi manje ujabulela ukukhonza kanye naye ebandleni. Nakuba uSonja ezisola ngokunhlanhlatha isikhashana endleleni yobuKristu, uyajabula ngokuthi ukwesaba kwakhe uNkulunkulu kwamsiza ukuba abuye.

Kungcono Ukuhlupheka Kunokona

5, 6. Chaza indlela uDavide akusindisa ngayo kabili ukuphila kukaSawule nesizathu salokho.

5 Yiqiniso, kungcono kakhulu lapho ukwesaba uNkulunkulu kusiza umuntu ukuba agweme ukona kwasekuqaleni. Lokhu kwenzeka kuDavide. Ngesinye isikhathi, lapho uSawule ejaha uDavide enamabutho ayizinkulungwane ezintathu wangena emhumeni—wona kanye uDavide namadoda akhe ababecashe kuwo. Amadoda kaDavide amgqugquzela ukuba ambulale uSawule. Akukhona yini ukuthi uJehova wayenikela lesi sitha sakhe esikhulu esandleni sakhe? UDavide wamnyonyobela uSawule wafike wasika umphetho wengubo yakhe. Ngenxa yokuthi uDavide wayemesaba uNkulunkulu, inhliziyo yakhe yamshaya ngisho nangalesi senzo esingamlimazanga uSawule. UDavide wahlakaza amadoda akhe ayethukuthele, wathi: “Kuyinto engacabangeki, ngami, emehlweni kaJehova, ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova.” *1 Samuweli 24:1-7.

6 Kamuva ngesinye isikhathi, uSawule wayekanisile ebusuku, futhi yena nawo wonke amadoda ayenawo behlelwa “ubuthongo obukhulu obuvela kuJehova.” UDavide nomshana wakhe ogagamelayo u-Abhishayi banyonyoba bafika khona kanye maphakathi nekamu bengama uSawule owayehuqa ubuthongo. U-Abhishayi wayefuna ukumjuqa kanye kube kuphela. UDavide wamenqabela u-Abhishayi, wambuza: “Ngubani oye welulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova kodwa wahlala emsulwa?”—1 Samuweli 26:9, 12.

7. Yini eyavimba uDavide ukuba angoni?

7 Kungani uDavide engazange ambulale uSawule lapho elithola kabili ithuba lokwenza kanjalo? Yingoba wayesaba uJehova ngaphezu kokwesaba uSawule. Ngenxa yokwesaba uNkulunkulu okufanele, uDavide wayekulungele ukuhlupheka uma kudingekile kunokuba one. (Hebheru 11:25) Wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyabanakekela abantu baKhe nokuthi wayemnakekela naye. UDavide wayazi ukuthi ukulalela nokuthembela kuNkulunkulu kwakuyoletha injabulo nezibusiso eziningi, kuyilapho ukungamnaki uNkulunkulu kwakuyokwenza ukuba alahlekelwe umusa waKhe. (IHubo 65:4) Wayazi nokuthi uNkulunkulu wayeyosigcwalisa isithembiso saKhe sokumbeka inkosi futhi wayeyomsusa uSawule ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe.—1 Samuweli 26:10.

Ukwesaba UNkulunkulu Kuletha Injabulo

8. Indlela uDavide aziphatha ngayo lapho ecindezelekile iyisibonelo kanjani?

8 NjengamaKristu, singakulindela ukuhlekwa usulu, ukushushiswa nokunye ukulingwa. (Mathewu 24:9; 2 Petru 3:3) Ngezinye izikhathi singaze ngisho sibhekane nobunzima obuhilela esikholwa nabo. Nokho, siyazi ukuthi uJehova ubona zonke izinto, uyayizwa imithandazo yethu futhi uyozilungisa izinto ngesikhathi esifanele ngokuvumelana nentando yakhe. (Roma 12:17-21; Hebheru 4:16) Ngakho-ke, esikhundleni sokwesaba abaphikisi bethu, sesaba uNkulunkulu futhi silindela yena ukuba asikhulule. NjengoDavide, asiziphindiseleli, futhi asiziyekethisi izimiso ezilungile ukuze sigweme ukuhlushwa. Lokhu ekugcineni kusilethela injabulo. Kanjani?

9. Nikeza isibonelo sendlela ukwesaba uNkulunkulu okungaphumela ngayo enjabulweni naphezu koshushiso.

9 Esinye isithunywa sevangeli esesikhonze isikhathi eside e-Afrika sithi: “Ngikhumbula umama othile nendodakazi yakhe eyeve eshumini nambili abenqaba ukuthenga amakhadi eqembu lezombangazwe ngenxa yokungathathi hlangothi kwabo njengamaKristu. Bahlaselwa ngonya isixuku samadoda base betshelwa ukuba bagoduke. Njengoba behamba, lo mama wazama ukududuza indodakazi yakhe eyayikhala, ingaqondi ukuthi kungani lokhu kwakubehlele. Babengajabuli ngaleso sikhathi, kodwa babenonembeza ohlanzekile. Kamuva bajabula kakhulu ngokuthi babelalele uNkulunkulu. Ukube bawathenga lawo makhadi ezombangazwe, isixuku ngabe sajabula kakhulu. La madoda ngabe abanika iziphuzo ezibandayo futhi agiya eceleni kwabo abaphelezela baze bafike ekhaya. Kodwa ukube babeyekethisile, kwakuyobenza babe abantu abangajabule neze ekuphileni.” Ukwesaba kwabo uNkulunkulu kwabavikela kulokho.

10, 11. Ukwesaba uNkulunkulu kowesifazane othile kwaba namiphi imiphumela emihle?

10 Ukubonisa ukwesaba uNkulunkulu kuphumela enjabulweni nalapho sibhekene nezimo ezivivinyayo eziphathelene nokuhlonipha ubungcwele bokuphila. Ngesikhathi uMary ekhulelwe ingane yakhe yesithathu, udokotela wamkhuthaza ukuba asikhiphe isisu. Wathi: “Isimo sakho sibucayi kakhulu. Ukuphila kwakho kungaba sengcupheni noma nini ufe kungakapheli nosuku. Uma kuba njalo nengane ingafa. Nangale kwalokho nje, asikho isiqinisekiso sokuthi le ngane izozalwa ingakhubazekile.” UMary wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova kodwa engakabhapathizwa. Uthi: “Noma kunjalo, ngase nginqume ukukhonza uJehova, futhi ngangizimisele ukuhlala ngimlalela, kungakhathaliseki ukuthi kuvelani.”—Eksodusi 21:22, 23.

11 Ngesikhathi ekhulelwe, uMary waqhubeka nokutadisha iBhayibheli nokunakekela umkhaya wakhe. Ekugcineni umntwana wazalwa. UMary uyalandisa: “Ngambeletha kabuhlungu uma ngiqhathanisa nabantwana bami ababili bokuqala, kodwa akuzange kube nezinkinga ezinkulu.” Ukwesaba uNkulunkulu kwasiza uMary ukuba aqhubeke enonembeza omuhle, futhi wabhapathizwa ngokushesha. Leyo ngane yakhula, nayo yafunda ukwesaba uJehova, futhi kumanje nje ikhonza kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova.

‘Ziqinise NgoJehova’

12. Ukwesaba uNkulunkulu kwamqinisa kanjani uDavide?

12 Ukwesaba kukaDavide uJehova akugcinanga nje ngokumvimbela ukuba angenzi okubi. Kwamqinisa ukuba athathe izinyathelo eziwujuqu nezihlakaniphile lapho ebhekene nezimo ezinzima. Ngesikhathi uDavide namadoda akhe bebalekela uSawule baphephela emaphandleni amaFilisti, eZikilagi, isikhathi esingangonyaka nezinyanga ezine. (1 Samuweli 27:5-7) Ngesinye isikhathi abesilisa besahambile, kwafika iqembu labaphangi abangama-Amaleki lashisa umuzi lathumba wonke amakhosikazi ala madoda, izingane nemihlambi. Lapho bebuya futhi bebona okwakwenzekile, uDavide namadoda akhe bakhala. Masinyane usizi lwaphenduka intukuthelo, futhi amadoda kaDavide athi makakhandwe ngamatshe. Nakuba ayecindezelekile, uDavide akazange aphelelwe ithemba. (IzAga 24:10) Ukwesaba kwakhe uNkulunkulu kwamshukumisela ukuba aphendukele kuJehova, futhi “waziqinisa ngoJehova.” Ngosizo lukaNkulunkulu, uDavide namadoda akhe bawafica ama-Amaleki futhi babuyisa konke okwakuthunjiwe.—1 Samuweli 30:1-20.

13, 14. Ukwesaba uNkulunkulu kwamsiza kanjani omunye umKristu ukuba enze izinqumo ezinhle?

13 Izinceku zikaNkulunkulu namuhla nazo zibhekana nezimo ezifuna ukuba zithembele kuJehova futhi zibe nesibindi sokuthatha isinyathelo esiwujuqu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoKristina. Lapho esemncane, uKristina wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kodwa wayefuna ukuba umdlali wopiyano emakhonsathini, futhi wathuthuka kakhulu kulo mkhakha. Ngaphezu kwalokho wayezinyeza ngokushumayela futhi esaba ukuthwala imithwalo yemfanelo eyayizohambisana nokubhapathizwa. Njengoba uKristina ayeqhubeka nokutadisha iZwi likaNkulunkulu, waqala ukuzwa amandla alo. Wayefunda ukwesaba uJehova, futhi waqaphela ukuthi uJehova wayelindele ukuba izinceku zakhe zimthande ngayo yonke inhliziyo, ingqondo, umphefumulo namandla azo. (Marku 12:30) Lokhu kwamshukumisela ukuba azinikezele kuJehova futhi abhapathizwe.

14 UKristina wacela uJehova ukuba amsize athuthuke ngokomoya. Uyachaza: “Ngangazi ukuthi ukuphila komdlali wopiyano emakhonsathini kuhilela ukuhamba kakhulu nezivumelwano zokudlala ezingase zifinyelele ku-400 ngonyaka. Ngakho nganquma ukuba uthisha ukuze ngikwazi ukuzondla futhi ngikhonze njengomshumayeli wesikhathi esigcwele.” Ngaleso sikhathi uKristina wayesehlelelwe ukuba adlale okokuqala ehholo lodumo lamakhonsathi ezweni lakubo. Uyalandisa: “Ngaqala futhi ngagcina ngalo lelo khonsathi lami lokuqala.” UKristina useshade nomKristu ongumdala. Bobabili manje bakhonza kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Uyajabula ngokuthi uJehova wamnika amandla okwenza izinqumo ezifanele nokuthi manje angakwazi ukusebenzisa isikhathi namandla akhe enkonzweni kaJehova.

Ifa Eliyigugu

15. Yini uDavide afuna ukuyidlulisela ezinganeni zakhe, futhi wakwenza kanjani lokhu?

15 UDavide wabhala: “Wozani, nina madodana, ngilaleleni; ngizonifundisa ukumesaba uJehova.” (IHubo 34:11) Njengobaba, uDavide wayezimisele ukudlulisela ezinganeni zakhe ifa eliyigugu—ukwesaba uJehova kweqiniso, okunempilo futhi okunokulinganisela. Ngamazwi nangezenzo, uDavide wachaza uJehova njengoBaba onothando, okhathalelayo futhi obathethelelayo abantwana baKhe basemhlabeni, hhayi olinde ukubabhozomela noma nini lapho bechezuka emithethweni yaKhe. UDavide wabuza: “Ubani ongabhala phansi zonke izinyathelo achezuka ngazo?” Khona-ke, ebonisa ukuthi wayeqiniseka ukuthi uJehova akahlali njalo ecusumbula iziphambeko zethu, wanezela: “Ngibheke njengongenacala ezintweni engingaziqaphelanga!” UDavide wayeqiniseka ukuthi uma enza konke okusemandleni akhe, amazwi nemicabango yakhe kungamukeleka kuJehova.—IHubo 19:12, 14, Byington.

16, 17. Abazali bangazifundisa kanjani izingane zabo ukwesaba uJehova?

16 UDavide uyisibonelo kubazali namuhla. URalph, okhonza nomfowabo kwelinye ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, uthi: “Abazali bethu basikhulisa ngendlela eyenza ukuba seqinisweni kwaba into ejabulisayo. Ngesikhathi sisebancane babesihilela ezingxoxweni zabo eziphathelene nemisebenzi yebandla, futhi lokho kwasenza salishisekela njengabo iqiniso. Basikhulisa ngendlela eyasenza sakukholelwa ukuthi singenza izinto ezinhle enkonzweni kaJehova. Empeleni, iminyaka eminingana umkhaya wakithi wahlala ezweni elalinendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso futhi wasiza ekumiseni amabandla amasha.

17 “Akuyona imithetho eminingi eqinile eyasigcina sisendleleni efanele, kodwa iqiniso lokuthi abazali bethu babebheka uJehova njengomuntu ongokoqobo, onomusa futhi omuhle kakhulu. Babefuna ukwazi uJehova kangcono futhi bamthokozise, futhi safunda ekumesabeni kwabo nasothandweni oluqotho ababemthanda ngalo. Ngisho nalapho senze into embi, abazali bethu babengasenzi sibe nomuzwa wokuthi uJehova akasasithandi; futhi babengasibekeli imigoqo ngamawala bethukuthele. Esikhathini esiningi, ukuze bafinyelele izinhliziyo zethu babemane bahlale phansi bakhulume nathi, umama ekhala izinyembezi ngezinye izikhathi. Futhi kwasebenza. Safunda ngamazwi nangezenzo zabazali bethu ukuthi ukwesaba uJehova kuyinto enhle nokuthi ukuba omunye woFakazi bakhe kuyinto ejabulisayo nemnandi, akuwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.

18. Siyotholani ngokwesaba uNkulunkulu weqiniso?

18 Phakathi ‘kwamazwi okugcina kaDavide,’ sifunda lokhu: “Lapho obusa phezu kwesintu elungile, ebusa ngokwesaba uNkulunkulu, khona-ke kunjengokukhanya kokusa, lapho ilanga liphuma.” (2 Samuweli 23:1, 3, 4) Kumelwe ukuba indodana kaDavide eyamlandela esikhundleni, uSolomoni, yalithola leli phuzu, ngoba yacela ukuba uJehova ayinike “inhliziyo elalelayo” nekhono lokuba “ihlukanise phakathi kokuhle nokubi.” (1 AmaKhosi 3:9) USolomoni waqaphela ukuthi ukwesaba uJehova kuyinkambo yokuhlakanipha nenjabulo. Kamuva, wafingqa incwadi yomShumayeli ngala mazwi: “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu. Ngoba uNkulunkulu weqiniso ngokwakhe uyoletha umsebenzi wazo zonke izinhlobo ekwahluleleni maqondana nayo yonke into efihliweyo, ukuthi yinhle yini noma yimbi.” (UmShumayeli 12:13, 14) Uma silalela leso seluleko, ngempela siyothola ukuthi “umphumela wokuthobeka nokwesaba uJehova” akubi ukuhlakanipha nenjabulo kuphela kodwa futhi kuba “ingcebo nodumo nokuphila.”—IzAga 22:4.

19. Yini eyosisiza ukuba sikuqonde “ukumesaba uJehova”?

19 Ezibonelweni eziseBhayibhelini nakokuhlangenwe nakho kwanamuhla, siyabona ukuthi ukwesaba uNkulunkulu okufanele kunendima enhle ekuphileni kwezinceku zikaJehova zeqiniso. Ukwesaba okunjalo ngeke kugcine ngokusivimbela ukuba senze izinto ezingamthokozisi uBaba wethu osezulwini, kodwa kungasinika nesibindi sokubhekana nezitha zethu namandla okukhuthazelela ukulingwa nobunzima esihlangabezana nabo. Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, masizikhandle ngenkuthalo ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu, sizindle ngalokho esikufundayo, futhi sisondele kuJehova ngokuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni. Ngokwenza kanjalo, ngeke nje sithole “ulwazi ngoNkulunkulu” kuphela, kodwa futhi siyokuqonda “ukumesaba uJehova.”—IzAga 2:1-5.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Amagama ashintshiwe.

^ par. 5 Kungenzeka ukuthi lesi esinye sezigigaba ezashukumisela uDavide ukuba alobe amaHubo 57 no-142.

Ungachaza?

Ukwesaba uNkulunkulu

• kungamsiza kanjani umuntu ukuba alulame esonweni esingathí sina?

• kungayiletha kanjani injabulo lapho umuntu ebhekene nokulingwa nokushushiswa?

• kungasiqinisa kanjani ukuba senze intando kaNkulunkulu?

• kungaba kanjani ifa eliyigugu ezinganeni zethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Ukwesaba uJehova kwavimbela uDavide ukuba abulale iNkosi uSawule

[Izithombe ekhasini 29]

Ukwesaba uNkulunkulu kuyifa eliyigugu abazali abangalidlulisela ezinganeni zabo