Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abamnene Bayokudla Ifa Lomhlaba

Abamnene Bayokudla Ifa Lomhlaba

Abamnene Bayokudla Ifa Lomhlaba

“Ngicabanga ukuthi imvelo iyoIungiswa futhi ibuyiselwe [esimweni esifanele]. . . . Hhayi kusasa ekuseni, kodwa esikhathini esikude esizayo, lapho kuyobe kunezulu elisha nomhlaba omusha.”—UJean-Marie Pelt, isazi semvelo esingumFulentshi.

BEPHETHWE kabi izimo zemvelo nezenhlalo lapha emhlabeni, abaningi bangathanda kakhulu ukubona iplanethi yethu iguqulwa iba ipharadesi. Nokho, lesi akusona isifiso esivela manje kuleli khulu leminyaka lama-21. IBhayibheli lakuthembisa kudala ukubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni. Amazwi kaJesu athi, “abamnene . . . bayakudla ifa lomhlaba,” nathi “mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini,” aphakathi kwamazwi aseBhayibhelini aziwa kakhulu. (Mathewu 5:5; 6:10, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Nokho, ababaningi namuhla abakholelwa emhlabeni oyipharadesi oyohlalwa abantu abamnene. Abantu abaningi abathi bangamaKristu bathi iPharadesi alinakuba khona.

Umagazini wesiFulentshi ophuma masonto onke i-Vie uchaza isizathu esiye senza abantu bayeka ukukholelwa epharadesi—kungakhathaliseki ukuthi ipharadesi lasemhlabeni noma lasezulwini—okungenani abeSonto LobuKatolika: “Ngemva kokuba nethonya elikhulu ezimfundisweni zobuKatolika okungenani amakhulu eminyaka angu-19, [indaba] yepharadesi ayisaphathwa nhlobo phakathi nezinkathi zokuzila ezikhethekile, ezinkonzweni zangeSonto, ezifundweni zemfundiso yenkolo nasemakilasini ekhathekizimu.” Kuthiwa leli gama “liyimpicabadala nendida.” Abanye abashumayeli baligwema ngamabomu ngoba “lidlulisela imiqondo eminingi kakhulu yenjabulo emhlabeni.”

KuFrédéric Lenoir, isazi sezokuhlalisana kwabantu esisebenza ngokukhethekile ngenkolo, ipharadesi seliyinto nje “evamile engasho lutho.” Ngokufanayo, uJean Delumeau, isazi-mlando nombhali wezincwadi eziningana eziphathelene nale ndaba, ucabanga ukuthi ngokuyinhloko ukugcwaliseka kwezithembiso zeBhayibheli kungokomfanekiso. Uyabhala: “Ngokuqondene nombuzo othi: ‘Yini esisayikholelwa ngePharadesi?’ inkolo yobuKristu iyaqhubeka iphendula ngokuthi: Ngenxa yokuvuswa koMsindisi, ngolunye usuku sonke siyobambana ngezandla futhi amathemba ethu ayofezeka.”

Kusasiza yini ukukhuluma ngomhlaba oyipharadesi? Kuyokwenzekani ngempela ngeplanethi yethu? Ingabe umbono ngekusasa ulufifi noma ungenziwa ukhanye? Isihloko esilandelayo sizophendula le mibuzo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

COVER: Emma Lee/​Life File/​Getty Images