Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ngemva kovivinyo lokugcina ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, kuyoba yinto engenzeka yini ukuba abantu bone futhi bafe?

ImiBhalo emibili esencwadini yesAmbulo ikhuluma ngalokhu: “Ukufa neHayidesi kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kusho ukufa kwesibili, ichibi lomlilo.” (IsAmbulo 20:14) “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.

Phawula isikhathi okuyokwenzeka ngaso lokhu. “Ukufa neHayidesi” kuphonswa echibini lomlilo ngemva kokuba abasinde e-Armagedoni, abavuswe kwabafileyo, nanoma ibaphi abazalwe ngemva kwe-Armagedoni beye bahlulelwa ‘ngokwalezo zinto ezilotshwe emiqulwini,’ noma ngokwezimfuneko zikaJehova eziningiliziwe ngesintu phakathi neminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:12, 13) Umphostoli uJohane uloba omunye umbono, otholakala kusAmbulo isahluko 21, oyogcwaliseka phakathi nokuBusa kukaKristu Jesu KweMinyaka Eyinkulungwane. Nokho, ukugcwaliseka okuphelele kwalowo mbono kuyoba sekupheleni koSuku Lokwahlulela lweminyaka eyinkulungwane. Ngaleso sikhathi uJehova uyohlala nesintu ngomqondo ogcwele, engasekho umlamuleli futhi uJesu uyobe esewubuyisele kuYise uMbuso. UJehova uyohlala ‘nabantu bakhe’ ngokomoya unomphela nangokuqondile. “Ukufa ngeke kusaba khona” ngomqondo ophelele lapho isintu siyobe sesiphelele ngenxa yokusetshenziswa ngokugcwele kwezinzuzo zomhlatshelo wesihlengo sikaKristu.—IsAmbulo 21:3, 4.

Ngakho, ukufa okushiwo kule miBhalo ecashunwe ngenhla kuwukufa okwabangelwa u-Adamu, okuyoqedwa isihlengo sikaKristu. (Roma 5:12-21) Njengoba ukufa okwazuzwa ngofuzo kumuntu wokuqala kuyobe sekuqediwe, abantu bayofana ncamashí no-Adamu ngesikhathi edalwa. U-Adamu wayephelele, kodwa lokho kwakungasho ukuthi kwakungenakwenzeka ukuba afe. UJehova watshela u-Adamu ukuba angadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi’ futhi wathi: “Ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:17) Lokho kufa kwabangelwa ukona ngamabomu. Ngemva kovivinyo lokugcina ekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, abantu bayobe besenenkululeko yokuzikhethela. (IsAmbulo 20:7-10) Basayokwazi ukuzikhethela ukuthi bayaqhubeka yini nokukhonza uJehova noma cha. Akuqinisekwa ukuthi uyoba khona yini oyohlubuka kuNkulunkulu, njengoba kwenza u-Adamu.

Kuyokwenzekani kumuntu okhetha ukuhlubuka ngemva kovivinyo lokugcina lapho ukufa noma iHayidesi kuyobe kungasekho? Ngaleso sikhathi, ukufa okwabangelwa u-Adamu kuyobe kungasekho. IHayidesi, ithuna elivamile lesintu okukhona kulo ithemba lovuko, liyobe lingasekho. Noma kunjalo, uJehova angabhubhisa noma isiphi isihlubuki ngokusiphonsa echibini lomlilo, singaphinde sivuke. Lokho kufa kuyofana nokufa okwatholwa u-Adamu no-Eva, hhayi ukufa okwazuzwa isintu ku-Adamu.

Nokho, asinasizathu sokulindela ukuthi lokhu kuyokwenzeka. Labo abanqobayo ovivinyweni lokugcina bayobe behluke kakhulu ku-Adamu ngesizathu esisodwa esibalulekile. Bayobe bevivinywe ngokugcwele. Singaqiniseka ngokuthi uvivinyo lokugcina luyocwengisisa ngoba uJehova uyayazi indlela yokuhlola abantu ngokugcwele. Singaqiniseka ngokuthi uvivinyo lokugcina luyosusa noma imuphi umuntu oyoyisebenzisa kabi inkululeko yakhe yokuzikhethela. Nakuba kuyinto engenzeka ukuba labo abanqobayo ovivinyweni lokugcina bahlubuke kuNkulunkulu futhi babhujiswe, mancane kakhulu amathuba okuba kwenzeke into enjalo.

[Isithombe ekhasini 31]

Ngemva kovivinyo lokugcina, isintu siyobe sifana no-Adamu ngamuphi umqondo?