Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

• Njengoba kwabikezelwa kumaHubo 72:12, uJesu ‘uyomkhulula kanjani ompofu’?

Phakathi nokubusa kwakhe, bonke abantu bayophathwa ngobulungisa, ingabi khona inkohlakalo. Impi ivame ukubangela ubumpofu, kodwa uKristu uyoletha ukuthula okuphelele. Unozwela ngabantu, uyobenza babe munye, futhi uyoqinisekisa ukuthi bonke abantu banokudla okwanele. (IHubo 72:4-16)—5/1, ikhasi 7.

• NjengamaKristu singayibonisa kanjani ‘inkululeko yokukhuluma’? (1 Thimothewu 3:13; Filemoni 8; Hebheru 4:16)

Singayibonisa ngokushumayela kwabanye ngentshiseko nangesibindi, ngokufundisa nangokunikeza iseluleko esinenzuzo ngesikhathi esifanele nangokuthulula izinhliziyo zethu kuNkulunkulu ngomkhuleko, siqiniseka ukuthi uzowuzwa futhi awuphendule.—5/15, amakhasi 14-16.

• EMthethweni, kungani izinqubo ezithile ezingokwemvelo eziphathelene nobulili ‘zazingcolisa’ umuntu?

Imithetho ephathelene nokungcola okubangelwa ukuphuma kwesidoda, ukuya esikhathini nokuzala abantwana yayikhuthaza inhlanzeko nendlela yokuphila enempilo, igcizelela ubungcwele begazi futhi ibonisa nesidingo sokuhlawulelwa kwezono.—6/1, ikhasi 31.

• Uma umuntu efuna ukujabula, kungani kungamzuzisa ukucabanga ngencwadi yamaHubo?

Ababhali bamaHubo babazi ukuthi injabulo itholakala ngokuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. (IHubo 112:1) Bagcizelela ukuthi abantu bangabakha ubuhlobo nabanye abantu, babe nengcebo bafeze nemisebenzi emikhulu, kodwa konke lokho akunakuletha injabulo etholakala ngokuba omunye ‘wabantu abaNkulunkulu wabo nguJehova.’ (IHubo 144:15)—6/15, ikhasi 12.

• Ama-Israyeli asendulo ayenabuphi ubuhlobo obukhethekile noJehova?

Ngo-1513 B.C.E., uJehova wafaka ama-Israyeli ebuhlotsheni obusha naye, isivumelwano. (Eksodusi 19:5, 6; 24:7) Ngemva kwalokho, ama-Israyeli azalwa njengamalungu esizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe esizinikezele kuye. Noma kunjalo, ngamunye kwakufanele azenzele isinqumo sokukhonza uNkulunkulu.—7/1, amakhasi 21-2.

• Kungani kufanele senze zonke izinto “ngaphandle kokububula”? (Filipi 2:14)

Kunezibonelo eziningi emiBhalweni ezibonisa ukuthi ukububula kwabalimaza abantu bakaNkulunkulu. Kufanele sicabange ngokungathí sina ngethonya elibulalayo ukububula okungaba nalo namuhla. Abantu abangaphelele bathambekele ekukhonondeni, futhi kufanele siqaphe futhi sizihlole ukuthi asinazo yini izimpawu zakho bese siyakugwema.—7/15, amakhasi 16-17.

• Sazi kanjani ukuthi ukuhlakanipha okuchazwe encwadini yezAga 8:22-31 akukhona ukuhlakanipha okuwukukhalipha kwengqondo?

Lokho kuhlakanipha ‘kwenziwa,’ noma kwadalwa njengokuqala kwendlela kaJehova. Selokhu kwathi nhlo uNkulunkulu ubelokhu ekhona futhi ehlakaniphile; ukuhlakanipha kwakhe akuzange kudalwe. Ukuhlakanipha okusencwadini yezAga 8:22-31 kwakuseceleni kukaNkulunkulu ‘njengesisebenzi esiyingcweti,’ okubhekisele esidalweni somoya, uJesu, esasebenzelana eduze noNkulunkulu lapho edala. (Kolose 1:17; IsAmbulo 3:14)—8/1, ikhasi 31.